“Inhliziyo Yenu Mayingakhathazeki”
“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.”—JOHANE 14:1.
1. Kungani amazwi kaJesu akuJohane 14:1 ashiwo ngesikhathi impela?
KWAKUNGONISAN 14 ngonyaka ka-33 C.E. Iqembu elincane lamadoda lalihlangene ekamelweni eliphezulu eJerusalema ngemva kokushona kwelanga. UMholi walo wayelinikeza iseluleko nesikhuthazo sokuvalelisa. Ngokwengxenye wathi: “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki.” (Johane 14:1) Amazwi akhe ayeshiwo ngesikhathi impela, ngoba ngokushesha kwakuzokwenzeka izenzakalo ezishaqisayo. Ngalobobusuku wabanjwa, waquliswa icala, futhi wagwetshelwa ukufa.
2. Kungani lolosuku lwalubaluleke kangaka, futhi yini eyasiza abafundi?
2 Unesizathu esihle sokubheka lolosuku njengolubaluleke kakhulu emlandweni, oluthinta lonke ikusasa lesintu. Ukufa komhlatshelo koMholi, uJesu, kwagcwalisa iziprofetho eziningi zamandulo futhi kwanikeza isisekelo sokuphila okuphakade kulabo abakholwa nguye. (Isaya 53:5-7; Johane 3:16) Kodwa abaphostoli, beshaqekile futhi bedidwe yizenzakalo ezithusayo zalobobusuku, bakhungatheka futhi besaba okwesikhashana. UPetru waze ngisho wamphika uJesu. (Mathewu 26:69-75) Nokho, ngemva kokuba abaphostoli bemukele umsizi othenjisiwe, umoya ongcwele, baba nesibindi futhi bangakhathazeka. (Johane 14:16, 17) Ngakho, lapho uPetru noJohane behlangabezana nokuphikiswa okunzima futhi beboshwa, bathandaza kuNkulunkulu becela usizo lokukhuluma izwi lakhe “ngaso sonke isibindi.” Umthandazo wabo waphendulwa.—IzEnzo 4:1-3, 29-31.
3. Kungani abantu abaningi bekhathazeke ngokujulile namuhla?
3 Namuhla, siphila ezweni elingene shí ezinkathazweni. Isiphelo salesimiso sezinto esidala sisondela ngokushesha. (2 Thimothewu 3:1-5) Izigidi zithinteka ngokomuntu siqu noma ziphazanyiswe ngokujulile ukuwohloka okungathi sína kokuphila komkhaya nokwezindinganiso zokuziphatha, ukwanda okwesabisayo kwezifo ezingajwayelekile, ukuntengantenga kwezombangazwe, ukuswelakala kwemisebenzi, ukuswelakala kokudla, ubuphekula, nokusongela kwempi yenuzi. Izinhliziyo eziningi zikhathazwa ukwesaba okukhulayo ngekusasa. Njengoba uJesu abikezela, “usizi luyakwehlela izizwe, . . . abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.”—Luka 21:25, 26.
4. Yiziphi izici ezingabangela amaKristu ukuba acindezeleke?
4 Ngisho namaKristu angathintwa ngokungathi sína yizici ezinjalo ezicindezelayo. Angase futhi abhekane nokucindezeleka ngenxa yobandlululo olungokwenkolo noma ukuphikiswa yizihlobo, omakhelwane, abasebenza nabo, abafunda nabo, neziphathi-mandla zikahulumeni. (Mathewu 24:9) Ngakho singazigcina kanjani sinokuthula, singakhathazekile kulezikhathi ezinzima? Singakugcina kanjani ukuthula kwengqondo lapho izimo ziya ziba nzima? Singabhekana kanjani nekusasa ngethemba? Yini ezosisiza ukuba sinqobe ukukhathazeka okujulile okuqhubeka kwanda? Sisenkathini uJesu anikeza ngayo iseluleko esikuJohane 14:1, ngakho-ke masisibhekisise leseluleko.
Singakunqoba Kanjani Ukukhathazeka?
5. Yiziphi izikhuthazo ezikhuthazayo imiBhalo esinikeza zona?
5 Esenikeze isikhuthazo sothando ‘sokuba izinhliziyo zabo zingakhathazeki,’ uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.” (Johane 14:1) ImiBhalo ephefumlelwe isinikeza izikhuthazo eziningi ezifanayo: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa.” “Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.” (IHubo 55:22; 37:5) UPawulu wanika abaseFilipi leseluleko esibalulekile: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu.”—Filipi 4:6, 7.
6, 7. (a) Iyiphi enye indlela yokunciphisa ukucindezeleka? (b) Singabuhlakulela kanjani ubuhlobo obuseduze noJehova?
6 Ngezinye izikhathi ukukhathazeka noma ukukhathalela okubangelwa yizinkinga nomthwalo wemfanelo onzima kungathinta impilo yethu kuhlanganise nomoya wethu. Nokho, isazi sezokwelapha, encwadini iDon’t Panic, sithi: “Uma abantu bekwazi ukuxoxa ngezinkinga zabo nothile abamhloniphayo . . . , izinga lokucindezeleka ngokuvamile lincipha kakhulu.” Uma lokho kunjalo mayelana nengxoxo nomunye umuntu, yeka ukuthi lukhulu kangakanani usizo oluyotholakala ngokukhuluma noNkulunkulu. Ubani esingamhlonipha kakhulu kunoJehova?
7 Kungalesosizathu ubuhlobo bomuntu siqu obuseduze naye bubaluleke kangaka ngamaKristu namuhla. Izinceku zikaJehova ezivuthiwe zikwazi kahle lokhu, ngakho zinakekela ukuba zigweme uhlobo lobungane nabantu bezwe noma uhlobo lokuchitha isizungu olungase lwenze lobo buhlobo bube buthakathaka. (1 Korinte 15:33) Bayaqaphela futhi ukuthi kubaluleke kangakanani ukukhuluma noJehova ngomthandazo, hhayi kanye noma kabili kuphela ngosuku, kodwa kaningi. Intsha noma amaKristu asemasha akudinga ngokukhethekile ukubuhlakulela lobuhlobo obuseduze noJehova ngesifundo sasikhathi sonke nangokuzindla ngeZwi lakhe nangokuhlangana kobuKristu nenkonzo. Siyakhuthazwa: “Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina.”—Jakobe 4:8.
Iseluleko UJesu Asinikeza
8, 9. Singasebenzisa siphi iseluleko esiqondile mayelana nezinkinga zezomnotho?
8 Emazweni amaningi, ukuswelakala komsebenzi nokwehla kwezomnotho kuyizimbangela ezingathi sína zokukhathazeka. UJesu wanikeza iseluleko esiqonde kakhulu ngalokhu kukhathazeka: “Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?” (Mathewu 6:25) Yebo, ukuphila nomzimba, noma umuntu ewonke, kubaluleke kakhulu kunokudla nezambatho. Izinceku zikaJehova zingaqiniseka ngokuthi uyozisiza ukuba zithole izidingo zazo eziyisisekelo. UJesu wasinika lesibonelo: “Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?” (Mathewu 6:26) Kungokungenangqondo ukuthi uNkulunkulu angondla izidalwa ezinezinsiba nokho ayekelele izinceku zakhe ezingabantu, eziyigugu kakhulu kuye nalezo uKristu abeka phansi ukuphila kwakhe ngenxa yazo.
9 UJesu wabe esegxilisa lokhu ngokubhekisela kuminduze yasendle engakhandleki noma iphothe, nokho “noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.” Ukubusa kweNkosi uSolomoni kwakuphawuleka ngobucwazicwazi bakho. UJesu wayesebabuza ngokubaduduza: “Akayikunembathisa kakhulu [uNkulunkulu] nina . . . na?”—Mathewu 6:28-32; IsiHlabelelo SeziHlabelelo 3:9, 10.
10. (a) Amazwi enduduzo kaJesu abhekiswe kobani? (b) Yisiphi iseluleko asinikeza mayelana nekusasa?
10 Nokho, uJesu uqhubeka ebonisa ukuthi lokhu kungokwalabo ‘abafuna kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe’ kuphela. Emhlabeni wonke, amaKristu eqiniso anjalo aqaphela lokho uMbuso kaNkulunkulu oyikho ngempela futhi awubeke kuqala ekuphileni kwawo. Iseluleko sikaJesu sisebenza kuwo: “Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.” (Mathewu 6:33, 34) Ngamanye amazwi, singatha inkinga ngayinye njengoba iphakama, futhi ungakhathazeki ngokungafanele ngekusasa.
11, 12. Amanye amaKristu akuzwa kanjani ukuthi uJehova uwasizile ekuphenduleni imithandazo yawo?
11 Nokho, abantu abaningi bathambekele ekukhathazekeni ngekusasa, ikakhulukazi lapho izinto zonakala. Kodwa amaKristu angaphendukela futhi kufanele aphendukele kuJehova ngokholo. Cabangela lendaba kaEleanor. Umyeni wakhe wayegula kakhulu, futhi wayengakwazi ukusebenza unyaka wonke. Wayenabantwana ababili abasebancane noyise osegugile okwakumelwe abanakekele, ngakho wayengakwazi ukusebenza isikhathi esigcwele ngaphezu kwalokhu. Bacela uJehova ukuba abasize. Ngolunye usuku ekuseni, ngokushesha ngemva kwalokhu, bathola imvilophu ngaphansi kwesicabha. Yayinesamba esikhulu semali—eyanele ukubagcina bephila kuze kube yilapho umyeni wakhe ekwazi ukusebenza futhi. Babonga kakhulu ngalolusizo olufike ngesikhathi. Asikho isisekelo esingokweBhayibheli sokulindela ukuba kwenzeke okufanayo kumKristu ngamunye osweleyo, kodwa singaqiniseka ukuthi uJehova uyokuzwa ukukhala kwethu nokuthi unekhono lokusisiza ngezindlela ezihlukahlukene.
12 Umfelokazi ongumKristu Afrika eseningizimu kwakumelwe afune umsebenzi ukuze ondle abantwana bakhe ababili abasebancane. Kodwa wayefisa ngokunamandla ukuba asebenze ingxenye yosuku kuphela ukuze akwazi ukuchitha isikhathi nabo. Ngemva kokuthola umsebenzi, waphoqeleka ukuba awuyeke lapho imenenja inquma ukuthi idinga unobhala wesikhathi esigcwele. Ephelelwe umsebenzi futhi, lodade wathandaza ngobuqotho kuJehova ukuba amsize. Emasontweni amathathu kamuva, imenenja yakhe yangaphambili yamcela ukuba abuyele futhi asebenze njalo ingxenye yosuku. Yeka ukuthi wajabula kanjani! Waba nomuzwa wokuthi uJehova uyiphendulile imithandazo yakhe.
Nxusa UJehova
13. (a) Yini eshiwo “ukunxusa”? (b) Sinaziphi izibonelo zokunxusa ezingokomBhalo?
13 Siza uphawule ukuthi ngemva kokweluleka, “Ningakhathazeki ngalutho,” uPawulu uyanezela, “kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6) Kungani ephawula “ukunxusa”? Leligama lisho “ukukhala ngobuqotho,” noma ‘umthandazo wokuncenga.’ Kuhlanganisa nokucelisisa uNkulunkulu kakhulu ngobuqotho, njengasesikhathini sokucindezeleka okukhulu noma sengozi. Lapho eyisiboshwa, uPawulu wacela amaKristu ayekanye nawo ukuba amnxusele ukuba akwazi ukushumayela ngokungesabi ‘ivangeli, ayeyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga.’ (Efesu 6:18-20) Induna yempi engumRoma uKorneliyu nayo “[yayinxusa] uNkulunkulu njalonjalo.” Yeka ukuthi kufanele ukuba yajabula kanjani lapho ingelosi ithi: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba-yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu”! Futhi yeka ilungelo eyanikezwa lona lokuba ibe phakathi kwabokuqala kwabeZizwe abagcotshwa ngomoya ongcwele!—IzEnzo 10:1-4, 24, 44-48, NW.
14. Singazi kanjani ukuthi ukuncenga uJehova ngobuqotho kumelwe kwenziwe kanye kuphela yini?
14 Kumelwe kuphawulwe ukuthi ukuncenga uJehova okunjalo ngobuqotho akwenziwa kanye nje kuphela. UJesu wafundisa eNtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni: “Qhubekani nicela, khona niyophiwa; qhubekani nifuna, khona niyofumana; qhubekani ningqongqotha, khona niyovulelwa.” (Mathewu 7:7, NW) Izinguqulo eziningi zeBhayibheli zikuhumushe ngalendlela: “Celani . . . funani . . . ngqongqothani.” Kodwa inguqulo yokuqala yesiGreki inikeza umqondo wesenzo esiqhubekayo.a
15. (a) Kungani uNehemiya wayenyukubele lapho enikeza iNkosi uAritahishashita iwayini? (b) UNehemiya wakwenza kanjani okwengeziwe kunokwenza umthandazo omfushane?
15 Lapho uNehemiya ekhonza inkosi uAritahishashita wasePheresiya njengomphathi-zitsha, inkosi yambuza ukuthi kungani ayenyukubele kangaka. UNehemiya wathi kwakungenxa yokuthi wayezwe ukuthi iJerusalema lisesimweni sencithakalo. Inkosi yabe isibuza: “Ukhala ngani?” Khona manjalo uNehemiya wacela usizo kuJehova ngokungangabazeki kafuphi, buthule. Wabe esecela imvume yokubuyela eJerusalema ukuyovusa umuzi wakubo othandekayo. Isicelo sakhe savunywa. (Nehemiya 2:1-6) Nokho, ngaphambi kwalengxoxo ebalulekile, uNehemiya wayeqede izinsuku eziningi encenga, enxusa uJehova ukuba amsize. (Nehemiya 1:4-11) Ingabe uyasithola isifundo kulokhu?
UJehova Uyaphendula
16. (a) Iliphi ilungelo elikhethekile uAbrahama alijabulela? (b) Yiluphi usizo olunamandla esinalo olungahlanganiswa ezimpendulweni zemithandazo yethu?
16 Ngesinye isikhathi, uAbrahama wajabulela ilungelo lokukhuluma noJehova ngezingelosi. (Genesise 22:11-18; 18:1-33) Nakuba lokho kungenzeki namuhla, sibusiswe ngosizo olunamandla uAbrahama ayengenalo. Olunye lwalo iBhayibheli eliphelele—umthombo onganqamuki wesiqondiso nenduduzo. (IHubo 119:105; Roma 15:4) Kaningi, iBhayibheli lingasinika isiqondiso noma isikhuthazo esisidingayo, uJehova esisiza ukuba sikhumbule izahluko esizifunayo. Ezikhathini eziningi, iconcordance noma enye yezincwadi eziningi zeBhayibheli uNkulunkulu azilungiselele ngenhlangano yakhe ingasinikeza impendulo. Isithasiselo esiningiliziwe nesizuzisayo salezincwadi singelinye futhi ithuluzi eliyigugu kakhulu ekutholeni ukwaziswa okudingekayo.
17. Kungaziphi ezinye izindlela uJehova angaphendula ngazo imithandazo yethu, futhi amaKristu anomusa, nozwela angasiza kanjani?
17 Uma sikhathazwa inkinga ethile noma sizizwa sidabukile noma sidangele, izimpendulo zemithandazo yethu zingeza ngezinye izindlela futhi. Ngokwesibonelo, inkulumo yeBhayibheli ebandleni noma emhlanganweni woFakazi BakaJehova ingaba equkethe lona kanye “ikhambi” esilidingayo. Ngezinye izikhathi, ingxoxo nomunye umKristu iyosinika lokho esikudingayo. Ezikhathini eziningi abadala bebandla banganikeza isikhuthazo noma iseluleko. Ngisho nje nokuthulula okusezinhliziyweni zethu kumKristu ovuthiwe, onomusa, nonozwela oyisilaleli esihle ngezikhathi eziningi kungasenza sizizwe singcono kakhulu. Kunjalo ikakhulukazi uma lomngane esisiza ukuba sizindle ngemiqondo yeBhayibheli. Ingxoxo enjalo ingasethula umthwalo osindayo osezingqondweni nasezinhliziyweni zethu.—IzAga 12:25; 1 Thesalonika 5:14.
18. Yimuphi umsebenzi okhethekile ongasiza amaKristu ukuba anqobe izikhathi zokudangala, futhi lokhu kwalisiza kanjani iphayona eliselisha?
18 Izinhlobo ezihlukahlukene zesimo sokucindezeleka zivamile phakathi ‘nalezikhathi ezinzima.’ (2 Thimothewu 3:1) Abantu baba abadangele nabadumele ngezizathu ezihlukahlukene. Lokhu kungenzeka nakumaKristu futhi, futhi kungaba okuhlangenwe nakho okungajabulisi neze. Nokho, abaningi baye bathola ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle kuye kwabasiza ukuba baphume esimweni sokudangala kwesikhashana.b Ingabe uke wakuzama lokho? Uma uzizwa uphansi, zama ukuhlanganyela ohlotsheni oluthile lwenkonzo yoMbuso. Ukukhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu ngokuvamile kuyokusiza ukuba uguqule isimo sakho sengqondo esiphambene sibe esiqondile. Ukukhuluma ngoJehova nokusebenzisa iZwi lakhe kungakunikeza injabulo—isithelo somoya wakhe—futhi kukwenze uzizwe ngokuhlukile. (Galathiya 5:22) Iphayona eliselisha lathola futhi ukuthi ukuzigcina limatasa emsebenzini woMbuso kwalenza laqaphela ukuthi “lapho ziqhathaniswa nezabanye izinkinga, [ezalo] zazizincane kakhulu futhi zingezesikhashana.”
19. UmKristu onempilo ebuthaka wayinqoba kanjani imicabango ephambene?
19 Ngezinye izikhathi, isimo somzimba esiphansi, mhlawumbe sihlangene nezinkathazo noma izinkinga, singaholela esimweni sokucindezeleka. Lokhu kungabangela ukuba umuntu avuke ebusuku ekhathazekile, njengoba kwenzeka ngezinye izikhathi kumKristu oseqinile onempilo ebuthaka. Kodwa wathola ukuthi umthandazo osuka enhliziyweni wawuwusizo lwangempela. Noma nini lapho evuka ezizwa edangele, wayethandaza ngesizotha kuJehova. Lokhu ngokushesha kwakumenza azizwe engcono. Wakuthola kududuza futhi ukuba aphinde ngekhanda izahluko zeBhayibheli eziduduzayo, njengeHubo 23. Ngaso sonke isikhathi, umoya kaJehova, osebenza ekusabeleni emthandazweni noma ngeZwi lakhe, uyasiza ekubuyiseleni isimo sengqondo esijabulisayo endaweni yesokudangala ngesijabulisayo. Kamuva, lendoda yakwazi ukucabanga ngezinkinga zayo ngokulinganisela nesizotha, ibona indlela engazinqoba ngayo noma izizwa iqinisiwe ukuba izithwale.
20. Kungani ngezinye izikhathi impendulo emthandazweni ingabonakala yephuza?
20 Lesi isibonelo sendlela umthandazo ongaletha ngayo impendulo. Kodwa ngezinye izikhathi kubonakala sengathi ikhambi liyephuza ukutholakala. Ngani? Mhlawumbe impendulo kumelwe ilindele isikhathi sikaJehova esifaneleyo. Kubonakala sengathi kwezinye izimo uNkulunkulu uvumela abamcelayo ukuba babonise ukujula kokukhathazeka kwabo, ukuqina kwesifiso sabo, ubuqotho bokuzinikela kwabo. Omunye wabahubi waba nokuhlangenwe nakho okunjalo!—IHubo 88:13, 14; qhathanisa neyesi-2 Korinte 12:7-10.
21. Kungani kuyilungelo elikhulu ukuba omunye woFakazi BakaJehova namuhla, futhi singakubonisa kanjani ukwazisa?
21 Nakuba kunjalo, ukukhuluma noNkulunkulu uMninimandla onke ngomthandazo kungokuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo okungasisusa esimweni sokuphelelwa yithemba sibe ngabanethemba. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uyezwa futhi asabele! Njengoba uPawulu abhalela ibandla laseFilipi, kufanele sinikele imithandazo yethu nokunxusa “kanye nokubonga.” (Filipi 4:6) Yebo, nsuku zonke kufanele sivule izinhliziyo zethu sibonge uJehova futhi ‘kukho konke sibonge.’ (1 Thesalonika 5:18) Lokhu kuyoholela ebuhlotsheni obuseduze, obufudumele futhi kusilethele ukuthula. Isihloko esilandelayo sibonisa ukuthi lokhu kubaluleke kangakanani ngezinceku zikaJehova kulezikhathi zenkathazo, neziyingozi.
[Imibhalo yaphansi]
a Ekuvumelaneni nokushaya emhloleni kweNew World Translation of the Holy Scriptures, uCharles B. Williams uhumusha lelivesi kanje: “Qhubekani nicela . . . qhubekani nifuna . . . qhubekani ningqongqotha, khona umnyango uyakunivulekela”—The New Testament: A Translation in the Language of the People.
b Isimo sokudabuka kwesikhashana sihlukile ekucindezelekeni okukhulu, okuthatha isikhathi eside, okungokungathi sína ngokwengeziwe futhi okuyisimo esingokomzwelo noma sengqondo esiyinkimbinkimbi. Bheka iPhaphama! kaNovember 8, 1987, amakhasi 17-30.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yiziphi izici ezingabangela amaKristu ukuba akhathazeke?
◻ Yini engasisiza ukuba sinqobe ukukhathazeka?
◻ Kungani amaKristu engaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyowasiza ngezidingo zawo eziyisisekelo?
◻ Kusho ukuthini “ukunxusa,” futhi izibonelo zesikhathi esidlule ziyibonisa kanjani indlela uJehova asabela ngayo?
◻ Kungaziphi izindlela ezihlukahlukene uJehova angaphendula ngazo imithandazo yethu?
[Isithombe ekhasini 12]
‘Uyihlo wasezulwini wondla izinyoni. Ingabe nina anibalulekile kakhulu kunazo?’