-
‘Bonisa Ubulungisa’ Ekuhambeni NoNkulunkuluSondela KuJehova
-
-
13 Uma sisiqonda isihe sobulungisa bukaNkulunkulu, ngeke sigijimele ukwahlulela abanye ezindabeni ezingasithinti ngempela noma ezingabalulekile. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu waxwayisa: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.” (Mathewu 7:1) Ngokwalokho okwabhalwa uLuka, uJesu wanezela: “Yekani ukulahla, nani anisoze nalahlwa.”a (Luka 6:37) UJesu wabonisa ukuthi uyazi ukuthi abantu abanesono bathanda ukwahlulela abanye. Noma ibaphi ezilalelini zakhe ababenomkhuba wokwahlulela kabi abanye kwakumele bayeke.
14. Kungani kumele ‘siyeke ukwahlulela’ abanye?
14 Kungani kumele ‘siyeke ukwahlulela’ abanye? Okokuqala, kungoba igunya lethu lilinganiselwe. Umfundi uJakobe uyasikhumbuza: “Munye kuphela onguMniki-mthetho noMahluleli”—uJehova. UJakobe ube esebuza engagwegwesi: “Ungubani ukuba wahlulele umakhelwane wakho?” (Jakobe 4:12; Roma 14:1-4) Okunye futhi ukuthi isimo sethu sokuba nesono singenza kube lula ukuba izahlulelo zethu zingabi nabulungisa. Ziningi izimo zengqondo nezisusa ezingathuntubeza indlela esibheka ngayo abanye abantu—ezihlanganisa ubandlululo, ukuzazisa, umona, nokuzibona komuntu elungile. Kukhona nokunye esilinganiselwe kukho, futhi ukucabangisisa ngakho kufanele kusivimbe singagijimeli ukuthola amaphutha kwabanye. Asikwazi ukufunda izinhliziyo; singeke futhi sazazi zonke izimo zabantu. Singobani-ke pho thina ukuba sithi esikholwa nabo banezisusa ezimbi noma sigxeke imizamo yabo enkonzweni kaNkulunkulu? Yeka ukuthi kungcono kanjani ukulingisa uJehova ngokucinga okuhle kubafowethu nodadewethu kunokuba sigxile emaphutheni abo!
15. Yimaphi amazwi nempatho engavunyelwe kubakhulekeli bakaNkulunkulu, futhi kungani?
15 Kuthiwani ngamalungu emindeni yethu? Ngokudabukisayo, ezweni namuhla ukwahlulela okungenamusa kwenzeka endaweni okufanele ngabe iyisidleke sokuthula—ekhaya. Kuvamile ukuzwa ngabayeni, amakhosikazi, noma abazali abahlukumezayo abajezisa amalungu emindeni yabo ngokuwajikijela njalo ngamazwi abuhlungu noma ngokuwahlukumeza ngamazwi noma ngokuwashaya. Kodwa amazwi ahlabayo, ukubhuqa okulimazayo, nokuhlukumeza akuvunyelwe kubakhulekeli bakaNkulunkulu. (Efesu 4:29, 31; 5:33; 6:4) Iseluleko sikaJesu sokuba ‘siyeke ukwahlulela’ futhi ‘siyeke ukulahla’ asiyeki ukusebenza uma sisekhaya. Khumbula ukuthi ukubonisa ubulungisa kuhilela nokuphatha abanye ngendlela uJehova asiphatha ngayo. Futhi uNkulunkulu wethu akalokothi asikhakhabise noma asiphathe ngokhahlo. Kunalokho, ‘uyabathanda kakhulu’ labo abamthandayo. (Jakobe 5:11) Yeka isibonelo esihle sokuba sisilingise!
-
-
‘Bonisa Ubulungisa’ Ekuhambeni NoNkulunkuluSondela KuJehova
-
-
a Ezinye izinguqulo zithi “ungahluleli” futhi “ungalahli.” Leyo ndlela yokuhumusha isho ukuthi “ungaqali ukwahlulela” futhi “ungaqali ukulahla.” Kodwa abalobi beBhayibheli lapha basebenzisa amagama akhuzayo asenkathini yamanje (eqhubekayo). Ngakho izenzo okwakukhulunywa ngazo zazenziwa ngaleso sikhathi kodwa kwadingeka ziyekwe.
-