Umbono WeBhayibheli
Ukuqamba Amanga—Ingabe Kungathethelelwa?
“AMANGA NJE AMANCANE NGEZINYE IZIKHATHI AKUSIZA UKUBA UNGALOKHU UCHAZA IZINTO EZININGI.”
LA MAZWI achaza indlela abantu abaningi abazizwa ngayo ngokuqamba amanga. Bathi ukuqamba amanga akukubi uma kungalimazi muntu. Izifundiswa zinegama elichaza ukucabanga okunjalo—isimiso sokuziphatha esahlulela ngokwesimo, esichaza ukuthi ukuphela komthetho okumelwe uwusebenzise yilowo obizwa ngokuthi umthetho wothando. Umlobi uDiane Komp uchaza ukuthi ngamanye amazwi, “uma isisusa sakho sisihle (khona-ke) ukuthi uqambe amanga . . . akuyona into ebalulekile.”
Umbono onjalo uvamile ezweni lanamuhla. Amahlazo ahilela ukuqamba amanga ezazi zezombangazwe ezivelele nabanye abaholi bezwe aye awushaqisa umphakathi. Bethonywa yilesi simo, abantu abaningi baye bakubheka njengento engasho lutho ukukhuluma iqiniso. Kwezinye izindawo ukuqamba amanga sekubhekwa njengento eyamukelekayo. “Ngiyaholelwa ukuze ngiqambe amanga. Ngiwina imincintiswano njengomthengisi futhi ngikhulunyelwe kahle embikweni wonyaka uma ngiqambe amanga. . . . Lokhu kubonakala kuyindlela yokuqeqesha abathengisi kuyo yonke indawo,” kukhononda esinye isisebenzi esingumthengisi. Abaningi bakholelwa ukuthi ayikho ingozi kulokho okuthiwa amanga amahle. Ingabe lokhu kuyiqiniso? Ingabe zikhona izikhathi lapho amaKristu engathethelelwa khona uma eqamba amanga?
Indinganiso YeBhayibheli Ephakeme
IBhayibheli likulahla ngokuqondile konke ukuqamba amanga. “[UNkulunkulu] uyabhubhisa abakhuluma amanga,” kusho umhubi. (IHubo 5:6; bheka IsAmbulo 22:15.) KuyizAga 6:16-19, iBhayibheli libala izinto eziyisikhombisa eziyisinengiso kuJehova. ‘Ulimi lwamanga’ kanye “nofakazi wamanga ophafuza inkohliso” kwenziwe kwavelela kulolu hla. Ngani? Ngoba uJehova uyawuzonda umonakalo obangelwa ukukhohlisa. Kungaleso sizathu uJesu abiza uSathane ngokuthi umqambimanga nombulali wabantu. Amanga akhe afaka isintu osizini nasekufeni.—Genesise 3:4, 5; Johane 8:44; Roma 5:12.
Ukuthi uJehova ukubheka njengento engathi sína kangakanani ukuqamba amanga kubonakala kulokho okwenzeka ku-Ananiya noSafira. Ngamabomu baqamba amanga kubaphostoli ukuze babonakale bephana kunokuba babenjalo ngempela. Lokhu babekwenze ngamabomu futhi bekucabangele kahle. Ngakho umphostoli uPetru wabatshela: “A[ni]khohlisanga abantu, kodwa uNkulunkulu.” Ngenxa yalokhu, uNkulunkulu wababulala bobabili.—IzEnzo 5:1-10.
Iminyaka eminingi ngemva kwalokho umphostoli uPawulu wayala amaKristu: “Ningaqambi amanga omunye komunye.” (Kolose 3:9) Lesi sikhuthazo sibaluleke kakhulu ebandleni lobuKristu. UJesu wathi uthando olunezimiso luyoba uphawu oluhlukanisa abalandeli bakhe beqiniso. (Johane 13:34, 35) Uthando olunjalo olungenakuzenzisa lungakhula futhi luchume uma kunokwethembeka nokwethembana ngokuphelele. Kunzima ukuthanda othile uma singaqiniseki ukuthi uyositshela iqiniso ngaso sonke isikhathi yini.
Nakuba konke ukuqamba amanga kungekuhle, amanye amanga mabi kakhulu kunamanye. Ngokwesibonelo, umuntu angase aqambe amanga ngoba esaba ihlazo noma enovalo. Ngenxa yenhliziyo embi omunye angase akwenze umkhuba ukuqamba amanga ngenjongo yokulimaza. Ngenxa yezisusa zakhe ezimbi, umuntu onjalo oqamba amanga ngamabomu uyingozi kwabanye futhi angasuswa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu uma engaphenduki. Njengoba kungewona wonke amanga anezisusa ezimbi, lapho othile eye waqamba amanga kumelwe siqaphe, singasheshi simlahle ngecala ngokungenasidingo kodwa siqiniseke ukuthi sikwazi konke obekuhilelekile. Kumelwe kubhekwe izisusa nezimo ezenza kube nokubonelela.—Jakobe 2:13.
“Niqaphile Njengezinyoka”
Yiqiniso, ukuba neqiniso akusho ukuthi siphoqekile ukuba sembule konke ukwaziswa kunoma ubani okufunayo. KuMathewu 7:6, uJesu waxwayisa: ‘Ningaziniki izinja lokho okungcwele, futhi ningawaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, ukuze zingalokothi . . . ziphenduke ziniklebhule.’ Ngokwesibonelo, abantu abanezinhloso ezimbi bangase bangabi nelungelo lokwazi izinto ezithile. AmaKristu ayazi ukuthi aphila ezweni elinobutha. Ngakho, uJesu weluleka abafundi bakhe ukuba ‘baqaphe njengezinyoka’ kodwa ngesikhathi esifanayo ‘babe msulwa njengamajuba.’ (Mathewu 10:16; Johane 15:19) UJesu wayengalikhiphi iqiniso eliphelele ngaso sonke isikhathi, ikakhulukazi uma ukuveza wonke amaqiniso kwakungabangela ukuba yena noma abafundi bakhe balimale ngokungadingekile. Ngisho nasezimweni ezinjalo, akazange awaqambe amanga. Kunalokho, wayekhetha ukuthula noma akhulume ngendaba ehlukile.—Mathewu 15:1-6; 21:23-27; Johane 7:3-10.
Amadoda nabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini, abanjengo-Abrahama, u-Isaka, uRahabi noDavide, nabo babesebenzisa ubuhlakani nokuqapha uma bebhekene nezitha ezingaba yingozi. (Genesise 20:11-13; 26:9; Joshuwa 2:1-6; 1 Samuweli 21:10-14) IBhayibheli lichaza amadoda nabesifazane abanjalo njengabakhulekeli abathembekile ababelalela. Bafanelwe ukulingiswa.—Roma 15:4; Heberu 11:8-10, 20, 31, 32-39.
Kungase kube nezikhathi lapho ukuqamba amanga kungase kubonakale kuyisixazululo. Kodwa amaKristu namuhla ayobe enza kahle uma elingisa inkambo kaJesu futhi elandela onembeza bawo abaqeqeshwe ngeBhayibheli lapho ebhekene nezimo ezinzima.—Heberu 5:14.
IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sikhulume iqiniso futhi sithembeke. Ukuqamba amanga kubi, futhi kufanele silandele iseluleko seBhayibheli: “Khulumani iqiniso lowo nalowo kini kumakhelwane wakhe.” (Efesu 4:25) Ngokwenza kanjalo, siyozigcina sinonembeza ohlanzekile, sikhuthaze ukuthula nothando ebandleni, futhi siqhubeke sidumisa ‘uNkulunkulu weqiniso.’—IHubo 31:5; Heberu 13:18.
[Isithombe ekhasini 20]
U-Ananiya noSafira balahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yokuqamba amanga