Ukuphila Kwamakristu Ekhulu Lokuqala
“Umbazi”
“Lo akayona yini indodana yombazi?”—Mathewu 13:55.
UJESU wayengaziwa kuphela ‘njengendodana yombazi,’ kodwa wayaziwa ‘nanjengombazi.’ (Marku 6:3) Cishe lo msebenzi wezandla wawufunda kusingayise, uJosefa.
Imaphi amakhono namathuluzi uJesu ayewadinga ukuze abe umbazi oyingcweti? Yiziphi izimpahla noma izinkonzo okungenzeka wayezenzela izakhamuzi zaseNazaretha? Ukuqeqeshwa akuthola esemncane njengombazi kwamthonya kanjani kamuva ekuphileni?
Ibhizinisi Lasekhaya Isithombe esingezansi sibonisa ubaba efundisa indodana yakhe endala indlela yokusebenzisa ithuluzi lokubhoboza izimbobo ngaphandle kokuzilimaza. Indodana encane ilalele futhi ibheke ngokukhulu ukuzimisela.
Ngokuvamile, abafana babeqala ukufundela imisebenzi yezandla lapho beneminyaka engaba ngu-12 kuya kwengu-15 futhi babefundiswa oyise. Ukuqeqeshwa kwakuthatha iminyaka eminingi, futhi kwakudingeka bazimisele ngempela uma befuna ukuba namakhono adingekayo njengezingcweti zababazi. Cabanga ngesikhathi esiningi esiyigugu okumelwe ukuba uJosefa wasichitha noJesu—esebenza naye, exoxa naye, emcobelela ulwazi ayenalo. Yeka indlela okumelwe ukuba uJosefa waziqhenya ngayo lapho uJesu esewuqweqwe lombazi!
Kwakudingeka Ulwazi, Amandla Nekhono Umbazi kwakudingeka alwazi ukhuni ayesebenza ngalo. Wayengakhetha ukusebenza ngokhuni olwaluvamile endaweni njengomsayipuresi, i-oki, umsedari, umsikhamori nomnqumo. Nokho, ekhulwini lokuqala zazingekho izitolo umbazi ayengaya kuzo afike athenge izingodo noma izinkuni ezisahwe zaba ubukhulu abufunayo. Kunalokho, wayeya ehlathini, akhethe imithi efanelekayo, ayigawule, bese eyidonsa aye nayo endaweni asebenzela kuyo.
Yini umbazi ayeyenza ngemithi ayigawulile? Wayengase achithe isikhathi esiningi esiza ekwakheni izindlu. Wayengase akhe imishayo yophahla, izitebhisi zangaphakathi endlini, enze izicabha, amafasitela nohlaka lwezindonga.
Umbazi wayengase enze nempahla yasendlini. Ngezansi kuboniswe izimpahla zendlu ezazenziwa umbazi—amakhabethe (1); izigqiki (2), izihlalo (3) namatafula (4) anhlobonhlobo kanye nemibhede yezinsana. Ukuze ahlobise impahla yasendlini eyakhiwe ngokhuni wayengase ayiqophe. Wayengase ayigcobe ngengcina noma ngamafutha ukuze ihlale isikhathi eside futhi ibukeke kahle.
Umbazi wayekhandela nabalimi bendawo izinto zokulima—amajoka (5) enziwe ngokhuni oluqinile, izimfologo, amahhala namafosholo (6). Amageja (7) ayewenza kwakumelwe aqine ngoba amazinyo awo ensimbi ayevula imisele emhlabathini onamatshe. Wayenza izinqola zokhuni (8) enze namasondo aqinile alezo zinqola. Umsebenzi wakhe wawungase uhlanganise nokulungisa impahla yasendlini, amathuluzi nezinqola ayezikhandile.
Ucabanga ukuthi umsebenzi kaJesu njengombazi wawumenza abukeke kanjani? Mhlawumbe isikhumba sakhe sasishiswa ilanga laseMpumalanga Ephakathi, imisipha yakhe iqiniswe ukusebenza ngezandla kanzima iminyaka, nesikhumba sezandla zakhe siqiniswe ukubamba izingodo ezihwayayo nokusebenzisa izimbazo, izando namasaha.
Umthombo Wemifanekiso Ukuze afundise amaqiniso angokomoya ajulile, uJesu wayekhuluma nabantu ngezinto abazijwayele. Ingabe ukuba kwakhe umbazi kwamsiza emifanekisweni ethile? Cabangela lena elandelayo. Wathi kwesinye isixuku: “Kungani ubheka umucwana osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngogongolo olukwelakho iso?” Umbazi wayazi kahle ukuthi ugongolo lukhulu kangakanani. (Mathewu 7:3) Kamuva, uJesu watshela elinye iqembu: “Akukho muntu othi esebeké isandla sakhe egejeni abuye abheke izinto ezingemuva owufanelekela kahle umbuso kaNkulunkulu.” Kungenzeka ukuthi maningi impela amageja awakhanda. (Luka 9:62) Lapho enxusa abantu ngomusa, uJesu wakhuluma ngelinye lamathuluzi elalikhandwa umbazi. Wathi: “Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi. Ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:29, 30) Akungabazeki ukuthi wayekwazi ukukhanda ijoka elalingakhuhli isikhumba, kodwa ‘elalimnene,’ noma elalilingene kahle.
Lapho abaphikisi bakhe bembiza ‘ngendodana yombazi’ kungenzeka ukuthi babehlose ukumdelela. Noma kunjalo, njengasekhulwini lokuqala, amaKristu namuhla akubheka njengelungelo ukulandela le ndoda ethobekile eyayingumbazi.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 26]
Ibhokisi Lombazi Lamathuluzi
Umbazi wangekhulu lokuqala onjengoJesu kwakudingeka azi indlela yokusebenzisa amathuluzi aboniswe lapha. Isaha lakhe (1) lalakhelwa okhunini, amazinyo abheke ngaphandle. Wayesebenzisa ithuluzi lokuqinisekisa ukuthi amakhona aqondile (2) asebenzise nethuluzi elibizwa ngokuthi i-plumb (3) ukuze aqiniseke ukuthi akukho okutshekile. Ebhokisini lakhe lamathuluzi kwakuba khona ithuluzi elibizwa ngokuthi i-level (4), induku yokuqondisa (5), ithuluzi lokuphala elaliba nensingo ebukhali yokwenza ukhuni lushelele (6) nembazo (7) yokugawula imithi.
Ithuluzi lokwenza ukhuni lube yindilinga (8) nethuluzi lokugweda (9) ayesetshenziselwa ukusika nokwakha uthi lokuphotha. Esivalweni sebhokisi lamathuluzi, kunesando sokhuni (10) esasisetshenziselwa ukushayelela izikhonkwane zokhuni. Okunye okubonisiwe lapha isaha lesandla (11), ummese wokubaza (12) kanye nezipikili (13). Phambi kwebhokisi lamathuluzi kunesando sensimbi (14) nezembe (15) lokwenza ukhuni lube maholo. Phezu kwesivalo sebhokisi kunommese (16) kanye namashizolo (17) anobubanzi obungefani. Ithuluzi lokubhobhoza izimbobo (18) lona lincikiswe ebhokisini lamathuluzi.