-
Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
-
-
6, 7. UJesu unamuphi umlando omude wokusebenza kanzima?
6 UJesu unomlando omude wokusebenza kanzima. Engakabi umuntu, wakhonza ‘njengesisebenzi esiyingcweti’ sikaNkulunkulu ekudalweni kwazo zonke izinto “emazulwini nasemhlabeni.” (IzAga 8:22-31; Kolose 1:15-17) Lapho esemhlabeni, uJesu waqhubeka esebenza kanzima. Esemusha, wafunda ikhono lokwakha, waze waziwa ngokuthi “umbazi.”a (Marku 6:3) Lo msebenzi uhilela ukusebenza kanzima namakhono ahlukahlukene—kwakunjalo ikakhulukazi ngenkathi zingakabi khona izindawo zokusaha amapulangwe, izitolo zokuthenga amathuluzi, nemishini kagesi. Ungambona ngeso lengqondo uJesu eyozifunela izingodo—mhlawumbe aze agawule imithi ayihudulele lapho ayesebenzela khona? Uyambona akha izindlu—esaha futhi efaka amapulangwe ophahla, akha izicabha, noma enza ngisho nefenisha? Ngokungangabazeki uJesu wayekwazi ukwaneliseka oba nakho ngokwenza umsebenzi onzima ngobunyoninco.
-
-
Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
-
-
a Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umbazi” kuthiwa “liyigama elivamile elibhekisela kumuntu osebenza ngokhuni, kungakhathaliseki ukuthi wakha izindlu noma ifenisha nanoma yiluphi olunye uhlobo lwento ebazwayo.”
-