Ingabe Unawo Umqondo KaKristu?
“Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe-nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.”—ROMA 15:5.
1. Uma umuntu ezibiza ngomKristu, imiphi imibuzo edinga impendulo?
ABANTU abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane emhlabeni wonke kuthiwa bangamaKristu. Lokhu kusho ukuthini? Ukuthi, okungenani ngokokuzisholo, bayakholelwa kuJesu Kristu futhi bathi bangabalandeli, noma abafundi bakhe. (Mathewu 10:24, 25) Kodwa yini edingekayo ukuze ulandele isibonelo sikaKristu, noma indlela yakhe yokuphila? Ngokusobala, kumelwe umazi. Ingabe ungumuntu omazi ngempela uJesu waseNazaretha? Ingabe unawo umqondo okhanyayo wohlobo lomuntu ayeyilo lapho esemhlabeni? Noma indlela asabela ngayo kubantu ababesezimweni ezihlukahlukene? Ingabe unawo “umqondo kaKristu”?—1 Korinte 2:16; Efesu 4:13.
2, 3. Singawazi kanjani umqondo kaKristu?
2 Singamazi kanjani umuntu owaphila cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule nokuphila kwakhe kwasobala kwathatha cishe iminyaka emithathu nengxenye kuphela? Endabeni kaJesu kunemibhalo emine egciniwe ethembekile yokuphila kwakhe esisiza ukuba sakhe engqondweni umbono wohlobo lomuntu ayeyilo. Ngokufunda ngokunakekela lokho kulandisa kwamaVangeli amane, singaqonda futhi indlela yokucabanga eyashukumisa izenzo zakhe. Ngakho-ke, yini edingekayo ukuze ube umKristu weqiniso kunokuba ube ngowokuzisholo? UJesu wakubeka ngalendlela: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3; 2 Petru 3:18.
3 Ngakho, wonke umKristu kumelwe abe nolwazi nokuqonda okujulile ngoBaba, uJehova, nangokuphila kanye nezimfundiso zeNdodana, uKristu Jesu. Akwanele ngomuntu ukuzibiza ngofakazi kaJehova ongumKristu. Ukuze sibe nomqondo kaKristu, kumelwe sigcwalise njalo izingqondo zethu ngokuqonda ukuphila nesibonelo sikaJesu. Lokho kusho ukuthi sidinga ukuyitadisha njalo futhi ngenkuthalo imiBhalo kanye nezincwadi zokutadisha iBhayibheli ezisiza ukucacisa incazelo nomongo. Kudinga futhi isimo sengqondo esifanele ukuze siqonde futhi samukele indima kaKristu ezinjongweni zikaNkulunkulu.—Johane 5:39-47; Mathewu 24:45-47.
Indoda Eyayinemizwa
4. UJesu wayeluhlobo luni lwendoda?
4 UJesu, indoda ekhuthele enempilo, wenza inkonzo yakhe lapho esanda kuba neminyaka engama-30. (Luka 3:23) Kodwa wayeluhlobo luni lwendoda? Ingabe wayengesiye umuntu ngempela futhi engunkom’ idla yodwa? Ngokuphambene, njengoba ayengumJuda waseMpumalanga ePhakathi, wayenobuntu. Wayengazigodlile futhi engesiso isithulu. Wabonisa obala izinhlobo eziningi zemizwelo yomuntu kusukela ekudabukeni nozwela kuya ekucasukeni okufanele nentukuthelo.—Marku 6:34; Mathewu 23:13-36.
5. UJesu wasabela kanjani lapho ezwa ngokufa kukaLazaru?
5 Ngokwesibonelo, uJesu wasabela kanjani lapho ethola uMarta noMariya bekhala ngenxa yokulahlekelwa umfowabo uLazaru? Ukulandisa kukaJohane kuyasitshela: “Wayethinteke ngokujulile nangokubonakalayo, futhi ecindezelekile emoyeni,” futhi “wadazuluka ngezinyembezi.” (Johane 11:33-36, The New Testament, ngoWilliam Barclay) Wahlanganyela imizwa yakhe nalabangane abaseduze. Wayengenamahloni okukhala nabo. Nakuba ‘ayeyiNdodana kaNkulunkulu,’ waveza imizwelo yobuntu bangempela. (Johane 1:34) Yeka indlela lokho okumelwe ukuba kwabathinta ngayo imizwelo oMarta noMariya!—Qhathanisa noLuka 19:41-44.
6. Kungani kungekhona ukuthi uJesu wayetetema ngoba akhala?
6 Nokho, abanye namuhla bangafinyelela esiphethweni sokuthi uJesu wayetetema ngoba wakhala obala nalabo besifazane. Eqinisweni, umlobi ongumKatolika uHilaire Belloc wabiza uJesu ngokuthi “umnqolo.” Ingabe lokho kuyiqiniso? Ingabe uJesu wayewuhlobo olutetemayo ngokuvamile oluboniswa ezithombeni zeLobukholwa? Cha, izinyembezi ngokwazo azisona isibonakaliso sobuthakathaka. Njengoba elinye iphephabhuku lezokwelapha lakubeka: “Ukuvimbela ukubonakaliswa okufanelekile kwemizwelo akufanelekile futhi kuyalimaza . . . Ukubonakaliswa kwemizwelo, ikakhulukazi ukukhala, kungenye imfanelo ewubuntu ngokuvelele.”—Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 13:36-38; Johane 11:35.
7. Kungaziphi izindlela isibonelo sikaJesu sezimfanelo zobuntu esingasisiza ngazo namuhla?
7 Ukusabela kukaJesu ekuhluphekeni kwakungubuntu futhi kunezimfanelo zobuntu bangempela. Kusisiza ukuba sizifanelanise naye nomqondo wakhe. Asilandeli umuntu othile wasenganekwaneni ongeyena ongokoqobo kodwa kunalokho isibonelo esiphelele somuntu owathunywa evela kuNkulunkulu “iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” (Mathewu 16:16; Johane 3:16, 17; 6:68, 69) Yeka isibonelo ngawo wonke amaKristu namuhla, ikakhulukazi abadala abangamaKristu, ngokuvamile okumelwe banikeze induduzo futhi babonise uzwela ngezikhathi zokulahlekelwa nokucindezeleka! Yebo, ukuba nomqondo nenhliziyo kaKristu ngezikhathi ezinjalo kungenza umehluko omkhulu.—1 Thesalonika 2:7, 8.
Indoda Eyayinezenzo Zesibindi
8. UJesu wasibonisa kanjani isibindi?
8 UJesu futhi waziveza njengendoda eyayinesibindi nezenzo zamandla. Ngokwesibonelo, ezikhathini ezimbili waxosha ababehwebelana ngezilwane nababeshintsha imali ethempelini. (Marku 11:15-17; Johane 2:13-17) Futhi akazange ayeke ukudalula obala ubuzenzisi bababhali nabaFarisi ababembuluza. Ekubalahleni kwakhe ngesibindi, waxwayisa: “Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!” Ngokuqinisekile, babungekho ubuthakathaka kulokhu!—Mathewu 23:27, 28; Luka 13:14-17.
9, 10. (a) Kungani uJesu engonanga ngokubonisa ukucasuka? (b) Isibonelo sikaKristu kumelwe simthinte kanjani umdala ongumKristu?
9 Ingabe ukucasuka kukaJesu kwakuwubufakazi bokuntula ukuzithiba? UPetru, umngane kaJesu oseduze phakathi nenkonzo yakhe, uthi: “Ongenzanga isono.” (1 Petru 2:22) Umphostoli uPawulu waloba: “Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.” (Heberu 4:15) Kukhona umehluko phakathi kokucasuka okufanele okulawulwayo nentukuthelo engalawulwa.—Qhathanisa nezAga 14:17; Efesu 4:26.
10 Ngakho-ke, ngokwesibonelo, nakuba umdala ongumKristu engenakuba “yisififane,” ngokuqinisekile kumelwe abe namandla afanele okukwazi “ukwahlula abaphikayo,” ngisho “nangokunamandla” uma kudingekile. Kumelwe afanelekele ‘ukusola, ukukhuza nokuyala.’ (Thithu 1:7-13, qhathanisa neNW; 2 Thimothewu 4:1, 2) Ezinye izimo zingase futhi zivuse intukuthelo yakhe efanele, ikakhulukazi uma ebona okuthile okusongela ngokusobala ubunye bebandla, isimo salo esingokomoya, noma ukuhlanzeka okungokokuziphatha. Njengoba uPawulu asho, ngezinye izikhathi “bamelwe ukuthuliswa” “abakhuluma ize . . . nabakhohlisayo” “abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.” Ezimweni ezinjalo, ukuba nomqondo kaKristu kuyosiza abadala ukuba babe nesibindi, babe ngabalinganiselayo, futhi babe ngabanganqikazi.—Bheka eyoku-1 Korinte 5:1-5; IsAmbulo 2:20-23; 3:19.
11. Imiphi imibuzo ethinta indlela okumelwe silingise ngayo uKristu?
11 Phakathi nokuhambela kwakhe lonke elaseGalile, elaseSamariya, nelaseJudiya, uJesu wahlangana nazo zonke izinhlobo zabantu—amadoda, abesifazane, abantwana, abagulayo, nalabo ababembheka njengesitha sabo esikhulu. Wabaphatha kanjani? Ingabe wayeqhosha futhi engunkom’ idla yodwa, noma wayengeneka? Ingabe wayeziqonda izinkinga nezilingo zabantu? Ingabe wayengathetheleli noma wayenomusa? Izimpendulo kulemibuzo ziyayithinta indlela okumelwe silingise ngayo uKristu ezenzweni nasekusabeleni kwethu kwansuku zonke.—Roma 15:5; Filipi 2:5.
UJesu Wasabela Kanjani Kubantwana?
12. Ngesinye isikhathi abafundi kanye noJesu basabela kanjani kubantwana?
12 KuMarku isahluko 10, amavesi 13-16 sithola ukulandisa okuhle kakhulu ngendlela uJesu asabela ngayo kubantwana. Ufundeka kanje: “Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza.” Ukuthi kungani abafundi benza ngalendlela indaba ayisho. Kwakungonyaka ka-33 C.E., futhi uJesu wayesuka eGalile edlula ePereya eya kulokho okwakuzoba inkonzo yakhe yokugcina yasobala eJerusalema nasezindaweni ezilizungezile. Mhlawumbe babecabanga ukuthi ngalesosikhathi uJesu wayebaluleke kakhulu noma ematasa kakhulu ukuba akhathalele abantwana. Nokho, ingabe yena ngokwakhe wabonisa ukuthi wayematasa kakhulu? “UJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo [abafundi]: Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. . . . Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.”
13. Abantu basabela kanjani kuJesu?
13 Manje yini enye lokhu okusifundisa yona ngomqondo kaKristu? Kubonisa ukuba kwakhe ngoqinile kubafundi bakhe abenza amaphutha nesimo sakhe sezimfanelo zobuntu kwabancane. Wakuqonda okwakushukumise abazali ukuba balethe abantababo kuye. Babefuna ukuba athinte futhi abusise abantababo. Futhi lokho kusitshelani ngoJesu? Ukuthi abantu babengamesabi. Wayedlelana nabo, futhi abantu babefuna ukuba naye. Ngisho nabantwana babekhululeka lapho ekhona—futhi wayekhululeka lapho kukhona abantwana. Ingabe abantu, kuhlanganise nabantwana, bayajabula lapho ukhona?—Marku 1:40-42; Mathewu 20:29-34.
14. Ngokuqondene nokungeneka, obani ngokukhethekile okumelwe balandele isibonelo sikaJesu?
14 UJesu wabonisa uthando olufudumele nomusa. (Marku 9:36, 37) Wayengeneka. Njengomlandeli kaKristu, ingabe unawo umqondo wakhe kulesosici? Ababonisi abangamaKristu ezigodini, ezifundeni, emabandleni, nasemahhovisi egatsha eWatch Tower Society emhlabeni wonke benza kahle ukuzibuza: Ingabe ngiyashiqela futhi angizithobi? Noma ingabe ngenza abanye, ngisho nabantwana, bazizwe bekhululekile uma benami? Ingabe ngiyangeneka ngempela?—IzAga 12:18; UmShumayeli 7:8.
Ukusebenzelana KukaJesu Nabesifazane
15, 16. UJesu wayehluke kanjani kwamanye amaJuda ekusebenzelaneni kwakhe nabesifazane?
15 Njengabadala, izinceku, nabazalwane ebandleni lobuKristu, ingabe sinawo umqondo kaKristu lapho sisebenzelana nodadewethu abangamaKristu nabesifazane bebonke? UKristu, owayengashadile, wayesabela kanjani ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene njengoba ayehlangana nabesifazane bosuku lwakhe?
16 Kulowomphakathi wamaJuda owawubuswa abesilisa, uJesu wayengumfundisi ongajwayelekile ngokuthi wayezimisele ukuxoxa nabesifazane, ngisho nabesifazane abangemaJuda. (Johane 4:7-30) Ngokwesibonelo, lapho evakashele ikhaya elalisendaweni yabeZizwe yaseTire naseSidoni, owesifazane ongumGreki wamcela ukuba asize indodakazi yakhe eyayikhwelwe ngamademoni. Ngokuvamile, umJuda wangempela wayengenakuzihlanganisa naye. Kodwa uJesu walalela futhi wahlola ukholo lwakhe, ethi: “Ake kusuthe abantwana [abangamaJuda] kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni [ezingabeZizwe].” Ingabe isimo sezwi likaJesu savele sayiqeda indaba? Ingabe wavele waqeda ingxoxo ngokungenakuphikiswa? Ngokusobala akunjalo, ngoba owesifazane waphendula ngokuhlakanipha: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.” UJesu wahlabeka umxhwele, futhi waphulukisa indodakazi yakhe.—Marku 7:24-30.
17. Yini esingayifunda endleleni uJesu asebenzelana ngayo nowesifazane othile owayeyisoni?
17 UJesu wazigcina enomqondo ovulekile ngabesifazane futhi akazange ahlulele ngokubonakala kwangaphandle. (Mathewu 22:16) Kwesinye isenzakalo, lapho edla endlini yomFarisi, wavumela isoni esaziwayo, ngokunokwenzeka isifebe, ukuba sigeze izinyawo zakhe futhi sizigcobe ngamafutha. Ngezenzo zaso sabonisa isimo sokuphenduka enkambweni yaso yesono. (Luka 7:36-50) UJesu akazange asikhohlwe futhi asilahle ngesahlulelo esigubuzela konke ngoba sasinokuziphatha okubi. (Bheka futhi uJohane 4:7-30.) Wasithethelela ‘ngokuba sithandile kakhulu.’ Ingabe lokho kubonisani ngomqondo kaKristu? Wayenozwela futhi emqonda owesifazane. Asinakwenza yini okufanayo nathi ebandleni nasenkonzweni yethu?—Luka 19:1-10; Roma 14:10-13; 1 Korinte 6:9-11.
Ukusebenzelana KukaJesu Nabafundi Bakhe
18. (a) Abanye basabela kanjani kulabo abasebenza ngaphansi kwabo? (b) UJesu wabaphatha kanjani abafundi bakhe nabanye? (Marku 6:54-56)
18 Ngezinye izikhathi abantu abanegunya bazizwa besongelwa yilabo abangaphansi kwabo. Bavimbela lokho abacabanga nje ukuthi kuwukuncintisana. Ukuqhosha bese kuvelela. Bayashesha ukugxeka kodwa bayephuza ukutusa labo abasebenza ngaphansi kwabo. Amazwi abo abonisa ukunengwa ayehluleka ukuhlonipha isithunzi sabanye. Kodwa kuthiwani ngoJesu—wabathatha kanjani labo ababengaphansi kwakhe, abafundi bakhe? Ingabe babenziwa bazizwe bephansi, bengafaneleki, noma beyiziphukuphuku? Noma, kunalokho, ingabe babezizwa bekhululekile ngokusebenza noJesu?—Qhathanisa noMathewu 11:28-30; 25:14-23.
19. Yini uJohane 13:1-17 asifundisa yona ngoJesu?
19 Kulokhu, esinye sezifundo ezivelele uJesu asifundisa abafundi bakhe sitholakala kuJohane isahluko 13. Sisikisela ukuba ufunde Joh 13 amavesi 1 kuya ku-17. Ngalezozinsuku imigwaqo yayinothuli futhi kwakuwumkhuba ukuba inceku igeze izinyawo zezivakashi. UJesu wawuthwala yena lowomsebenzi wenceku. Iyiphi imfanelo ayiqokomisa ngokugeza izinyawo zabafundi bakhe? Wabanikeza isifundo esingokoqobo sokuthobeka. Sifundani kulokhu ngomqondo kaKristu? Amazwi kaJesu anikeza impendulo: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo. Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.”—Johane 13:16, 17.
20. Ikuphi ukuzihlola okumelwe sikwenze ukuze sibone ukuthi sinawo yini umqondo kaKristu?
20 Ingabe sinawo umqondo kaKristu kulokhu? Ingabe sizimisele ukwenza imisebenzi ephansi, yezinceku ekhaya nasebandleni? Noma ingabe sifuna ukwenza lezozinto kuphela ezibonakala “zibalulekile” noma lezo ezizosenza sibonakale “sikhethekile”? Ingabe sizimisele ukuhlanganyela mhlawumbe emsebenzini ophansi wokushumayela izindaba ezinhle endlini ngendlu? Noma ingabe sifuna kuphela izabelo eplatfomu eHholo LoMbuso? Ngempela, ukuba nomqondo kaKristu kuyosigcina sithobekile futhi singeneka, njengoba uJesu ayenjalo.—Roma 12:3.
21. UJesu wakubonisa kanjani ukuzwelana nabaphostoli bakhe? Nesixuku?
21 Ngesinye isikhathi, ngemva komkhankaso ekhethekile wokushumayela, uJesu wabonisa ukubacabangela okukhulu abaphostoli. Nakuba ayephelele, uJesu wayengalindeli ukuphelela kwabanye. Ekupheleni komkhankaso wokushumayela, akazange aphikelele ukuba abaphostoli baphindele ngokushesha ekushumayeleni kwabo futhi benze okungcono ngisho nangokwengeziwe. Wayesicabangela isidingo sabo sokuphumula futhi wabayisa endaweni eyihlane ukuze babe bodwa. Kodwa lapho izixuku zibalandela, ingabe uJesu wacasuka futhi waphelelwa yisineke? Cha, ngoba ukulandisa kusitshela ukuthi, “waba-nesihe ngabantu.”—Marku 6:30-34.
22. Yini ezosisiza ngokwengeziwe ukuba siqonde umqondo kaKristu?
22 Njengoba babenesibonelo esihle kanjalo, ingabe kuyamangalisa ukuthi abaningi babaphostoli babengabalandeli abathembekile bakaKristu? Ngokuqinisekile uPetru wahlabeka umxhwele ngezinto ayezifunde ngokuba nobungane obuseduze noJesu. Ngokunokwenzeka wanikeza uMarku ukwaziswa okuningi ngokulandisa kwakhe kwamaVangeli. Futhi kancane kancane kodwa ngokuqinisekile uPetru wazifanelanisa nomqondo kaKristu. Ukuhlola incwadi yakhe yokuqala kuyosisiza ukuba silandele isibonelo sikaKristu ngokuseduze ngokwengeziwe.—Mathewu 16:15-17, 21-23.
Uyakhumbula?
◻ Singaba kanjani nomqondo kaKristu?
◻ UJesu wayeluhlobo luni lwendoda?
◻ UJesu wasabela kanjani kubantwana? Kwabesifazane?
◻ Yini esiyifundayo endleleni uJesu asebenzelana ngayo nabafundi bakhe?
[Isithombe ekhasini 10]
UJesu wayenozwela futhi akazange ayifihle imizwa yakhe
[Isithombe ekhasini 12]
UJesu wayeyindoda yezenzo zesibindi
[Isithombe ekhasini 15]
UJesu wabeka isibonelo esivelele sokuthobeka