Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukuphulukiswa Komfana Onamademoni
NGESIKHATHI uJesu, uPetru, uJakobe, noJohane bengekho, ngokunokwenzeka besenhlonhlweni yeNtaba iHermoni, abanye abafundi bangena enkingeni. Ekubuyeni kwakhe, masinyane uJesu uyabona ukuthi kukhona okonakele. Sekunesixuku esihaqe abafundi bakhe, futhi ababhali bephikisana nabo. Lapho bebona uJesu, abantu bamangala kakhulu futhi bagijimela kuye beyombingelela. “Nibuzana nabo ngantoni na?” uyabuza.
Umuntu osuka esixukwini uguqa ngamadolo phambi kukaJesu futhi uyachaza: “Mfundisi, ngilethé kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu. Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulumé nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
Ngokusobala ababhali bayasizakala ngokuhluleka kwabafundi ukuphulukisa umfana, mhlawumbe beyihleka usulu imizamo yabo. Ngawo kanye lomzuzu obucayi, uJesu uyafika. Uthi, “O sizukulwane esingakholwayo; koze kube-nini nginani na? Koze kube-nini nginibekezelela na?”
Kubonakala sengathi uJesu ubhekisa amazwi akhe kubo bonke abakhona, kodwa ngokungangabazeki aqondiswe kubabhali ngokukhethekile; abebekade behlupha abafundi bakhe. Ngokulandelayo, uJesu uthi ngomfana: ‘Mletheni kimi.’ Kodwa njengoba umfana eza kuJesu, idemoni elikuye limlahla phansi futhi liyamhlukumeza. Umfana uyazigingqa akhihlize amagwebu.
‘Isikhathi esingakanani ifikelwa yilokhu na?’ uJesu uyabuza.
“Kwasebuntwaneni,” kuphendula uyise. ‘Liyiphonsile [idemoni] kaningi emlilweni nasemanzini ukuba liyibhubhise.’ Khona-ke uyise uyanxusa: “Uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.”
Mhlawumbe besekuneminyaka uyise efuna usizo. Futhi manje, ngokuhluleka kwabafundi bakaJesu, ukulahlekelwa kwakhe yithemba kuba kukhulu. Ezwa ukunxusa kokuphelelwa yithemba kwalendoda, uJesu uthi ngokukhuthazayo: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
Uyise uyamemeza masinyane uthi: “Ngiyakholwa!” kodwa uyacela: “Siza ukungakholwa kwami.”
UJesu ebona ukuthi sonke isixuku sigijimela kubo, uyalikhuza idemoni: “Wena-moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena.” Njengoba idemoni liphuma, liyaphinda futhi libangela umfana ukuba amemeze futhi liyamhlukumeza. Ngakho umfana ulala emhlabathini anganyakazi, kangangokuthi abantu abaningi baqala ukuthi: “Usefile.” Kodwa uJesu ubamba umfana ngesandla, uyamvusa.
Ngaphambili, lapho abafundi babethunywe ukuyoshumayela, babekhiphé amademoni. Ngakho manje, lapho bengena endlini, babuza uJesu ngasese: “Thina besingemkhiphe ngani na?”
Ebonisa ukuthi kungenxa yokuntula kwabo ukholo, uJesu uyabaphendula: “Loluhlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka.” Ngokusobala kwakudingeka ukulungiselela ukuze kuxoshwe lelidemoni elinamandla ngokukhethekile elihilelekile kulendaba. Kwakudingeka ukholo oluqinile oluhambisana nomthandazo wokucela usizo lwamandla kaNkulunkulu.
Ngakho uJesu uyanezela: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa okungangembewu yesinaphi, niyakuthi kulentaba: Suka lapha uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.”
Yeka ukuthi ukholo lungaba namandla kanjani! Izithiyo nobunzima obuvimbela intuthuko enkonzweni kaJehova kungase kubonakale kungenakuhlulwa futhi kungenakugudluzwa njengentaba enkulu engokoqobo. Nokho, uJesu ubonisa ukuthi uma sihlakulela ukholo ezinhliziyweni zethu, silunisela futhi silukhuthaza ukuba lukhule, luyofinyelela ekuvuthweni futhi lusenze sikwazi ukubhekana nezithiyo nobunzima obunjengezintaba. Marku 9:14-29; Mathewu 17:19, 20; Luka 9:37-43.
◆ Sasiyini isimo uJesu asifica ngenkathi evela eNtabeni iHermoni?
◆ Yisiphi isikhuthazo uJesu asinikeza uyise womfana onedemoni?
◆ Kungani abafundi behluleka ukukhipha idemoni?
◆ UJesu uthi ukholo lungaba namandla kangakanani?