Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi ngedemoni: “Loluhlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla”?
Indoda endodana yayo yayibanjwe ngu“moya oyisimungulu” yacela uJesu ukuba axoshe umoya omubi ngoba abafundi bahluleka ukwenza kanjalo. UJesu, ngokusekelwa okunamandla nguNkulunkulu, walixosha idemoni. Kamuva abafundi babuza: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Ngokomlando kaMarku, uKristu waphendula: “Loluhlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla.” (Marku 9:14-29) Emlandweni wakhe ofanayo, uMathewu uveza impendulo kaJesu ngalendlela: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane.”—Mathewu 17:14-20.
Kungani agcizelela ukholo nomthandazo? Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi amademoni awanaso wonke isithakazelo noma amandla afanayo. Ngokwesibonelo, amanye abonakala egxile ekuhambeleni futhi ahlale ezindlini, kulapho eminye imimoya emibi igxila ekukhathazeni abantu noma ingene kubo. Futhi ngokwempendulo kaJesu singaphetha ngokuthi amanye amademoni anamandla kakhulu.—Efesu 6:12.
Ngenkathi uJesu esemhlabeni, uNkulunkulu wenza ukuba ezinye zezinceku zakhe zikwazi ukukhipha imimoya emibi eyayingene kubantu ababenaleloshwa. Abaphostoli abayishumi nambili nabafundi abangamashumi ayisikhombisa banikwa amandla okwenza kanjalo. (Mathewu 10:8; Luka 10:17) Kodwa labobaphostoli ababehileleke endabeni elandiswe kuMathewu 17:14-20 noMarku 9:14-29 abakwazanga ukuxosha idemoni. Kungani? Yini eyayintuleka? Ngokusobala kwakuwukulungiselela okwakudingeka ukuze babhekane nohlobo lwedemoni elalihilelekile kulendaba. Ukholo oluqinile lwaludingekile kanye nomthandazo kusengaphambili, bacele usizo lukaNkulunkulu olunika amandla. Nakuba imilando ingasho ukuthi uJesu wathandaza umthandazo oqondile kuleyondaba, kungenzeka wenza kanjalo. Khona-ke waphumelela ekukhipheni idemoni elinamandla.