Basha, ‘Niyovuna Enikuhlwanyelayo’
KWAKUYISEHLAKALO esibuhlungu. UJesu wayazi ukuthi inkonzo yakhe yasemhlabeni yayifinyelela esiphethweni. Ngokushesha wayezongena eJerusalema, lapho ukufa okubuhlungu kwakumlindele khona.
UJesu wayefundisa “izixuku ezinkulu,” esindisa abantu ngokuyisimangaliso futhi eyala abafundi bakhe lapho esenesikhathi. (Mathewu 19:2-12) Isimiso esimatasa impela! Mhlawumbe abafundi bakhe baba nomuzwa wokuthi wayematasa kakhulu ukuba ahlushwe ngabantwana “nje,” ababelethwe “ukuba ababeke izandla, akhuleke.” (Mathewu 19:13) Nokho, “babakhuza” abazali babantwana ababenenhloso enhle ngabo.—Luka 18:15.
Kodwa wasabela kanjani uJesu? ‘UJesu ekubona wabathukuthelela [abafundi bakhe] wathi kubo: Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo. Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.’ (Marku 10:13-16) Yeka injabulo abazali nabantwana okungenzeka baba nayo!
Lesisehlakalo sibonisa ukukhathalela kothando uJesu Kristu ayenakho ngabantwana. Ngokufanayo, ukukhathalela kukaJesu kubonakalisa ngokuphelele isimo sikaJehova uNkulunkulu. NguJehova owabonisa uthando ngokufaka emyalweni wakhe isithembiso sokwanda kwezinsuku zabantwana abazisa abazali babo. (Eksodusi 20:12; Efesu 6:1-4) Ngaphezu kwalokho, eMthethweni kaMose uJesu wenza ilungiselelo elikhethekile lokuqeqeshwa kwabantwana ngokomoya. (Duteronomi 6:6, 7) Ingabe ungumzali? Khona-ke, imizwelo yothando onayo ngabantwana bakho imane nje iyisibonakaliso esingaphelele semizwelo eyaboniswa “uNkulunkulu uBaba wethu owasithanda.”—2 Thesalonika 2:16; Genesise 1:26.
Isixwayiso Esingathi Sína
Kodwa uthando uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abanalo ngabantu akulona oluqhutshwa umzwelo. Alukushalazeleli okubi. (IzAga 15:3) Isimiso esithi “Akuhlwanyelayo umuntu [noma omusha], lokho wokuvuna” ngeke salulazwa uthando lwemizwelo. Abasha kanye nabazali kufanele bakuqaphele lokhu.—Galathiya 6:7, 8.
Ngenxa yokukhathalela kukaJehova abasha, wafaka eZwini lakhe izixwayiso eziqondene nabo. Ngokwesibonelo, isaga esiphefumlelwe sithi: “Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.” Yebo, ukungahloniphi okungathi sína kwabasha nokungalaleli kwabasha kwakungabalahlekisela ukuphila kwabo!—IzAga 30:17; qhathanisa noEksodusi 21:15, 17.
UJehova wazi kahle ukuthi abasha bayathanda ‘ukuzihlanganisa neqembu.’ Uma ungomusha, ungase ukufakazele ukuthi kunokucindezela okunzima okuzwayo kokukhuluma, ukugqoka nokwenza njengontanga yakho. Uma abangane bakho bebahle, khona-ke lelithonya lontanga lingaba inzuzo. Kodwa uma uzungezwe amathonya amabi, umphumela ungaba oyingozi ngempela. (IzAga 13:20) Kwakuyinjongo yokuvikela abasha—eqinisweni, bonke abantu bakwaIsrayeli—ekonakalisweni amathonya amabi, nawokuhlubuka okwenza uMthetho kaMose wabeka isijeziso sokufa ezimweni ezingathi sína. Yebo, indodana enenkani futhi elimbuka yayibulawa ukuze ‘kukhishwe ububi phakathi kwabo.’ (Duteronomi 21:18-21) Abazali abangamaIsrayeli ababefuna ukuvikela abantwana babo kubangane ababi ngokungangabazeki bawazisa lowomthetho.
IBhayibheli libonisa indlela ububi obungaqala ngayo lapho abasha behlangene ngaphandle kokuqondiswa. Umprofethi othembekile kaNkulunkulu uElisha wahlangana neviyo lentsha edelelayo njengoba ayesuka eJeriko eya eBethele. Bamhleka usulu, bekhombisa ukungahloniphi okukhulu ngaye nokuba kwakhe umprofethi. Bamemeza bathi, “Yenyuka wena-mpandlandini! Yenyuka wena-mpandlandini!” (2 AmaKhosi 2:23) Ngalokhu, kunokwenzeka ukuthi babeqonde ukuthi enyukele ezulwini njengoba babecabanga ukuthi uEliya owayengumprofethi ngaphambi kwakhe wayenze njalo. Eqinisweni, babengamfuni ummeleli kaNkulunkulu kuleyondawo.
UElisha wakubekezelela isikhashana ukugcona nokubhinqa kwabo. “Ekugcineni,” umlando uthi, “wabheka emva kwakhe, wabona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.” Yeka indlela abazali balabobantwana okumelwe ukuba bazizwa ngayo uma becabanga ukuthi ngabe babaqeqesha futhi babafundisa ukuhlonipha abantu abadala kunabo! (2 AmaKhosi 2:24; Levitikusi 19:32) Kodwa manje kwase kuphuze kakhulu! Bavuna isivuno sokunganaki kwabo.
Intsha yezwe namuhla inomkhuba wokuhleka othisha, abazali noma ubani nje ophethe. Ngokuvamile, ababhali bemidlalo yethelevishini bakhokhelwa izizumbulu zemali ngokubonisa abantwana njengabahlakaniphile nabadala njengeziwula. Intsha engamaKristu izungezwe abantu abangahloniphi nabangane abangaba amathonya amabi. Ngokudabukisayo abanye baye bahileleka kukho konke lokhu. Kodwa lokhu akufanele kwenzeke kuwe. Hlakulela inhlonipho eqotho ngabantu abadala futhi ikakhulukazi ngabazali bakho.
Ukwaziswa Okubhekiselwe Kubazali
Uma ungumzali, isimo nokuziphatha komntanakho kufanele kukhathalelwe kakhulu, ngoba ngokuqinisekile uthanda umntanakho ‘ahlwanyelele umoya.’ Ngakho bazali, abantwana benu baziphatha kanjani emihlanganweni yoFakazi BakaJehova? Ingabe babonisa inhlonipho efanele ngabanye? Basabela kanjani lapho bekhulunyiswa abadala kunabo? Ingabe baziphatha kahle lapho imihlangano isiphumile, noma ingabe bagijima bazungeze iHholo LoMbuso? Usabela kanjani lapho umlindi ekutshela ukuthi abantwana bakho bebephazamisa noma bedala isimo esingaba yingozi? Uyaqaphela yini ukuthi imbewu yokungahloniphi nokushinga, ongayixolela manje ngoba ucabanga ukuthi abantwana bakho ‘basebancane kakhulu ukuba bazi kangcono,’ kamuva ingaholela esivunweni esibuhlungu sokuhlubuka ngokuqondile?
Imibuzo efana nalena ngokuqinisekile ingenza abazali abangamaKristu bazindle. Ngakho-ke, ngezwi nangesibonelo, kufanele basize abantwana babo ukuba ‘bahlwanyelele umoya.’
Isidingo Sesixwayiso
Uma ungomusha, udinga ukwenza umzamo wakho siqu ‘wokuhlwanyelela umoya.’ Lokhu kudinga ukusebenzisa isixwayiso nomqondo ohluzekile ezintweni eziningi, kuhlanganise nokuzijabulisa.
Ngokwesibonelo abanye abasha asebekhulile baye bathonywa abantu ababi abababona emidlalweni ewuchungechunge yethelevishini. Lezinhlelo zifana nesifundo sokucabanga ngokwenyama nokuhlakulela izifiso ezingafanele. Nakuba lemidlalo esikhathini esithile yayenzelwe amakhosikazi anesithukuthezi, manje ngokukhulayo itshekele kwabasha. Ngakho, basha, zibuzeni: Kungenzeka yini ukuba nibuke lemidlalo futhi nibe nisaqhubeka neseluleko seBhayibheli, “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni”? Khumbulani ukuthi umphostoli uJohane waqhubeka wathi: “Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise kodwa kuvela ezweni.” Futhi ningakhohlwa ukuthi “izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo.” Uma nifuna ukuphila phakade, khona-ke, hlukanani nezifiso zezwe.—1 Johane 2:15-17.
Uma uthanda imidlalo ewuchungechunge, yeTV, ingabe kungenxa yokuthi uzonda izwe futhi awufuni ukuba yingxenye yalo? Noma kuwukuthi ukulangazelela ngomshoshaphansi ukuphila okunjalo? Omunye umKristu osemusha, isikhonzi sesikhathi esigcwele, wayebukela lezizinhlelo futhi wacabanga, ‘Ngakho, uma ngingenakuzenza lezizinto, okungenani ngingabukela lapho abanye bezenza.’ Ingabe lokhu kuye kwenzeka kuwe? Uma kunjalo, hlobo luni lwembewu ehlwanyelwa enhliziyweni yakho? Yini ongalindela ukuyivuna ngesikhathi sobuthakathaka noma sesilingo?
‘Hlwanyelelani Umoya’
Basha, izwe likwenza kube lula kakhulu ‘ukuhlwanyelela inyama.’ Kukhona impi eqhubekayo yokuthiba inhliziyo yakho, futhi umzabalazo wakho ofihlekile awanele. Njengoba umphostoli uPawulu asho: “Ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.”—Galathiya 6:8.
Kunesaga esidala sesiNgisi esithi ‘ukuzivikela okungcono kakhulu kuwukuhlasela okuhle.’ Uma ufuna ukumelana ‘nenkanuko yenyama’ kulezinsuku ezimbi, hlala uhlomile! Hlwanyela unombono wezinto ezingokomoya. Gcwalisa inhliziyo yakho ngokuchichimayo ngamathemba angokomoya, imicabango nezifiso kangangokuthi izifiso zenyama zingabi nandawo.
Ingabe ukhona umehluko phakathi kwemigomo yakho neyalabo ofunda nabo ekilasini abangabezwe? Kufanele ube khona, uma ukuthatha ngokungathi sína “ukuhlwanyelela umoya.” Kungenzeka, abafundi abaningi okanye nabo bahlela ukuthi uma sebeqedile esikoleni, bathole umsebenzi, futhi bathole imali eningi. Kodwa kuthiwani ngawe? Unombono wezinto ezingokomoya, kungani ungahleli ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele, mhlawumbe unethemba lokukhonza ngesikhathi esizayo ekhaya laseBethel noma njengombonisi ojikelezayo noma isithunywa sevangeli?
Ungabi ngowaneliswa nje ukuhambisana nabantu, ulandele umbono wezwe wokuthi ‘ungaba nayo inkolo yakho, kodwa yigcine endaweni yayo, futhi ungaba nawo nomsebenzi wakho wokuziphilisa owufundele. Ngokuthi ‘endaweni yayo,’ izwe lisho ukuthi kube yinto yokugcina ekuphileni kwakho. Uma wemukela lombono, ngokushesha uyoba ngozama ukukhonza amakhosi amabili, futhi uJesu usitshela ukuthi akekho ongaphumelela esimweni esinjalo.—Mathewu 6:24.
Mhlawumbe kusazophela iminyaka ngaphambi kokuba uqede esikoleni. Kodwa akusho ukuthi usasalelwe isikhathi ukuqalisa ukuhlwanyela imbewu yomoya ekuphileni kwakho. Izifundo ozenzayo manje esikoleni zingakusiza kamuva enkonzweni yakho yesikhathi esigcwele esikhathini esizayo uma zingakuhlomisela ukuba uthole amatoho kamuva.
Okwamanje gxila ekuhlanganyeleni ngokoqobo emizamweni yomkhaya wakini yokukhonza uJehova ndawonye. Bonisa ukuthi uyakushisekela ukulungiselela imihlangano yobuKristu nokuba khona kuyo. Gxila kulokho okushiwoyo emihlanganweni futhi uxoxe nabazali bakho ngalamaphuzu emva kwesikhathi. Hlanganyela njalo enkonzweni yasensimini nangentshiseko. Zibekele imigomo yakho siqu enkonzweni yakho, njengokuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya noma ubuphayona obusizayo phakathi nezinyanga zasehlobo. Sabela ngokushesha emizamweni yabazali bakho yokukuqeqesha.
Basha, ingabe benihlwanyelela inyama noma umoya? Ningazikhohlisi. Yibani nemigomo engokomoya futhi ‘nihlwanyelele umoya’ manje. Yenzani kanjalo lapho nisenesikhathi sokuvuna ukuphila okuphakade!