UJesu Kristu
Incazelo: INdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, ukuphela kweNdodana eyadalwa uNkulunkulu yedwa. LeNdodana iyizibulo layo yonke indalo. Zonke ezinye izinto ezulwini nasemhlabeni zadalwa ngayo. Ungumuntu wesibili ngobukhulu endaweni yonke. IleNdodana uJehova ayithumela emhlabeni ukuba izonikela ngokuphila kwayo njengesihlengo sesintu, ngalokho wavula indlela yokuphila okuphakade ngalabo benzalo ka-Adamu abebeyoba nokholo. Yona leNdodana efanayo, eyabuyiselwa enkazimulweni yasezulwini, manje ibusa njengeNkosi, inegunya lokubhubhisa bonke ababi nokuba ifeze injongo kaYise yasekuqaleni ngomhlaba. Isimo sesiHeberu saleligama elithi Jesu sisho ukuthi “UJehova Uyinsindiso”; elithi Kristu lifana nelesiHeberu elithi Ma·shiʹach (UMesiya), okusho “Ogcotshiweyo.”
Ingabe uJesu Kristu wayengumuntu woqobo, ongokomlando?
IBhayibheli ngokwalo liwubufakazi obuyinhloko bokuthi uJesu Kristu ungumuntu ongokomlando. Umbhalo osemaVangelini awukhona ukulandisa okungacacile ngezenzakalo zangesikhathi esithile esingaqondakali nasendaweni engaziwa. Usisho ngokukhanyayo isikhathi nendawo ngemininingwane. Ngokwesibonelo, bheka uLuka 3:1, 2, 21-23.
Isazi-mlando esingumJuda sekhulu lokuqala uJosephus sabhekisela ekukhandweni “kukaJakobe, umfowabo kaJesu owayebizwa ngokuthi uKristu.” (The Jewish Antiquities, kaJosephus, iNcwadi XX, ingx. 200) Ukubhekisela okuqondile nokuhle kuJesu, okutholakala eNcwadini XVIII, izingxenye 63, 64, kuye kwabekelwa inselele ngabathile abathi kumelwe ukuba kwanezelwa kamuva noma kwahlotshiswa ngamaKristu; kodwa kuyavunywa ukuthi indlela yolimi neyokubhala ngokuyisisekelo yileyo kaJosephus, futhi lengxenye itholakala kuyo yonke imibhalo emidala ekhona.
UTacitus, isazi-mlando esingumRoma esaphila engxenyeni yokugcina yekhulu lokuqala C.E., wabhala: “UChristus [“uKristu” ngesiLatini], lowo igama elithi [umKristu] elivela kuye, wabhekana nokuhlushwa okubuhlungu ngesikhathi sokubusa kukaTiberiyu ezandleni zomunye wabaphathi bethu, uPontiyu Pilatu.”—The Complete Works of Tacitus (New York, 1942), “Imilando,” iNcwadi 15, isig. 44.
Ngokuqondene nezincwadi ezindala zomlando ezingebona ubuKristu mayelana noJesu, iThe New Encyclopædia Britannica ithi: “Lemilando ekhululekile ibonisa ukuthi ezikhathini zasendulo ngisho nababemelene nobuKristu abakaze bakungabaze ukuba ngokomlando kukaJesu, okwaphikiswa ngokokuqala ngaphandle kwezizathu ezizwakalayo ngabalobi abahlukahlukene ekupheleni kwekhulu le-18, phakathi nele-19, nasekuqaleni kwelama-20.”—(1976), Macropædia, Umq. 10, k. 145.
Ingabe uJesu Kristu wayemane nje engumuntu olungileyo?
Ngokuthakazelisayo, uJesu wakhuza indoda eyambiza ngokuthi “Mfundisi omuhle,” ngoba uJesu wayengaziqapheli yena njengoyindinganiso yokulunga kodwa eqaphela uYise. (Marku 10:17, 18) Nokho, ukuze afanelekele lokho abantu ngokuvamile abakushoyo uma bethi othile ulungile, uJesu ngokuqinisekile kumelwe ukuba wayeneqiniso. Ngempela, ngisho nezitha zakhe zavuma ukuthi wayenalo. (Marku 12:14) Yena ngokwakhe wathi, wayephila ngaphambi kokuba umuntu, nokuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu engefaniswe, nokuthi wayenguMesiya, lowo ukuza kwakhe kwakubikezelwe kuyo yonke imiBhalo yesiHeberu. Kuphakathi kokuthi wayeyilokho athi uyikho noma wayengumkhohlisi omkhulu, kodwa noma ikuphi kwalokhu akuwuvumeli umbono wokuthi wayemane nje eyindoda elungile.—Joh. 3:13; 10:36; 4:25, 26; Luka 24:44-48.
Ingabe uJesu wayemane nje engumprofethi onegunya elifana nalelo likaMose, uBuddha, uMuhammad, nabanye abaholi benkolo?
UJesu ngokwakhe wafundisa ukuthi wayeyiNdodana kaNkulunkulu engefaniswe (Joh. 10:36; Math. 16:15-17), uMesiya owayebikezelwe (Marku 14:61, 62), ukuthi wayephila ezulwini ngaphambi kokuba umuntu (Joh. 6:38; 8:23, 58), nokuthi wayezobulawa abese evuselwa ekuphileni ngosuku lwesithathu kuthi ngemva kwalokho abuyele emazulwini. (Math. 16:21; Joh. 14:2, 3) Ingabe konke lokhu kwakuyiqiniso, futhi ngalokho ingabe ngempela wehlukile kubo bonke abanye abaprofethi bakaNkulunkulu beqiniso futhi wehluke ngokuphelele kubo bonke abaholi benkolo bokuzisholo? Iqiniso lalendaba laliyocaca ngosuku lwesithathu kusukela ekufeni kwakhe. Ingabe uNkulunkulu wamvusa ngalesosikhathi kwabafileyo, ngaleyondlela eqinisekisa ukuthi uJesu Kristu wayekhulume iqiniso nokuthi ngempela wayeyiNdodana kaNkulunkulu engefaniswe? (Roma 1:3, 4) Ofakazi abangaphezu kwama-500 bambona ngokoqobo uJesu ephila ngemva kokuvuswa kwakhe, futhi abaphostoli bakhe abathembekile babengofakazi bokuzibonela njengoba eqala enyukela emuva ezulwini wabe esenyamalala efwini phambi kwamehlo abo. (1 Kor. 15:3-8; IzE. 1:2, 3, 9) Babeqiniseke ngokuphelele ukuthi wayevusiwe kwabafileyo kangangokuthi abaningi babo bafaka ukuphila kwabo engozini betshela abanye ngakho.—IzE. 4:18-33.
Kungani iningi lamaJuda lingazange limamukele uJesu njengoMesiya?
IEncyclopaedia Judaica ithi: “AmaJuda esikhathi samaRoma ayekholelwa ukuthi [uMesiya] wayezovuswa uNkulunkulu ukuba aphule ijoka lobuhedeni futhi abuse phezu kombuso obuyiselwe kaIsrayeli.” (Jerusalem, 1971, Umq. 11, uhl. 1407) Ayefuna ukukhululwa ejokeni lamaRoma. Umlando wamaJuda ufakazela ukuthi ngesisekelo sesiprofetho esimayelana noMesiya esibhalwe kuDaniyeli 9:24-27 kunamaJuda ayelindele uMesiya phakathi nekhulu lokuqala leminyaka C.E. (Luka 3:15) Kodwa lesosiprofetho futhi sahlanganisa ukuza kwakhe “nokukhawula izono,” futhi uIsaya isahluko 53 wabonisa ukuthi uMesiya ngokwakhe wayezokufa ukuze kwenzeke lokhu. Nokho, iningi lamaJuda alisibonanga isidingo sokuba noma ubani afele izono zawo. Ayekholelwa ukuthi ayenokuma okulungileyo noNkulunkulu ngesisekelo sokuba kwawo inzalo ka-Abrahama. IA Rabbinic Anthology ithi, “[Ukufaneleka] kuka-Abrahama kukhulu kangangokuthi angahlawulela bonke ubuze obenziwayo namanga aqanjwa ngamaIsrayeli kulelizwe.” (London, 1938, C. Montefiore noH. Loewe, k. 676) Ngokwenqaba kwawo uJesu njengoMesiya, amaJuda agcwalisa isiprofetho esasibikezele ngokuqondene naye: “Yeyiswa, asiyishayanga-nto yalutho.”—Isaya 53:3, JP.
Ngaphambi kokufa kwakhe, uMose wabikezela ukuthi isizwe sasiyofulathela ukukhulekela kweqiniso nokuthi, ngenxa yalokho, sasiyofikelwa inhlekelele. (Funda uDuteronomi 31:27-29.) Incwadi yabAhluleli ifakazela ukuthi lokhu kwenzeka ngokuphindaphindiwe. Ngezinsuku zomprofethi uJeremiya, ukungathembeki kwesizwe kwaholela ekubeni isizwe sithunjelwe eBabiloni. Kungani uNkulunkulu avumela futhi amaRoma ukuba abhubhise iJerusalema nethempeli lawo ngo-70 C.E.? Yikuphi ukungathembeki lesizwe esasinecala lakho okwenza uNkulunkulu angasivikeli njengoba ayenzile lapho sisathembele kuye? Kwakungaphambidlana kancane nje kwalokhu lapho senqaba uJesu njengoMesiya.
Ingabe uJesu Kristu eqinisweni unguNkulunkulu?
Joh. 17:3, RS: “[UJesu wathandaza kuYise:] Ukuphila okuphakade yilokhu, ukuba bazi wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso [“wena wedwa onguNkulunkulu ngempela,” NE], noJesu Kristu oye wamthuma.” (Phawula ukuthi uJesu akabhekiselanga kuye ngokwakhe kodwa kuYise osezulwini ngokuthi “owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.”)
Joh. 20:17: “UJesu wathi kuye [uMariya Magdalena]: Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” (Ngakho-ke kuJesu ovusiwe, uYise kwakunguNkulunkulu, njengoba nje lowoBaba wayenguNkulunkulu kaMariya Magdalena. Ngokuthakazelisayo, akwenzeki nakanye emBhalweni sithole uBaba ebhekisela eNdodaneni ngokuthi “Nkulunkulu wami.”)
Bheka futhi amakhasi 422, 423, 427-429, ngaphansi kwesihloko esithi “UZiqu-zintathu.”
Ingabe uJohane 1:1 ufakazela ukuthi uJesu unguNkulunkulu?
Joh. 1:1: “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu [bheka neKJ, JB, Dy, Kx, NAB].” INE ithi, “lokho uNkulunkulu ayeyikho, uLizwi wayeyikho.” IMo ithi “uLogos wayengowaphezulu.” IAT neSd zisitshela ukuthi “uLizwi wayengowaphezulu.” Ukuhumusha kwezwi nezwi kwe-ED kuthi “unkulunkulu wayenguLizwi.” INW ithi “ULizwi wayewunkulunkulu”; iNTIV isebenzisa amazwi afanayo.
Yini lena labahumushi abayibonayo embhalweni wesiGreki eshukumisela abanye babo ukuba bakubalekele ukuthi “uLizwi wayenguNkulunkulu”? Igama lesiGreki eliwumunci (ho) livela phambi kwelithi the·osʹ (uNkulunkulu) lapho livela khona okokuqala kodwa alikho phambi kwelesibili. Indlela yokwakheka kwebizo (lapho kunaleligama eliwumunci) ikhomba kumuntu othile, ubuntu, kanti ibizo elingumenzi elisebunyeni elingenalo (leligamana eliwumunci) phambi kwesenzo (njengoba umusho wakhiwa kanjalo ngesiGreki) likhomba emfanelweni ethile ngomuntu othile. Ngakho lombhalo awusho ukuthi uLizwi (uJesu) wayenguye lowoNkulunkulu ayekanye naye, kodwa kunalokho, uthi uLizwi wayenjengoNkulunkulu, engowaphezulu, ewunkulunkulu. (Bheka iNW ka-1984 eneZikhombo, k. 1579.)
Wayesho ukuthini umphostoli uJohane uma ebhala uJohane 1:1? Ingabe wayesho ukuthi uJesu ngokwakhe unguNkulunkulu noma mhlawumbe ukuthi uJesu unguNkulunkulu oyedwa noYise? Esahlukweni esifanayo, evesini le-18, uJohane wabhala: “Akakho [“akukho-muntu,” KJ, Dy] oké wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa [“ukuphela kukankulunkulu owazalwa,” NW] esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.” (RS) Ingabe bakhona abantu abake babona uJesu Kristu, iNdodana? Yebo! Ngakho-ke, ingabe uJohane wayethi uJesu unguNkulunkulu? Ngokusobala akunjalo. Ngasekupheleni kweVangeli lakhe, uJohane wafushanisa indaba ethi: “Lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, [hhayi uNkulunkulu, kodwa] iNdodana kaNkulunkulu.”—Joh. 20:31.
Ingabe ukubabaza kukaTomase kuJohane 20:28 kubonisa ukuthi uJesu ngempela unguNkulunkulu?
UJohane 20:28 uthi: “UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”
Akunandaba ukubhekisela kuJesu ngokuthi “Nkulunkulu,” uma kuyilokho uTomase ayenakho engqondweni. Lokho kungavumelana nokucaphuna kukaJesu ngokwakhe kumaHubo lapho amadoda anamandla, abahluleli, ebizwa ngokuthi “onkulunkulu.” (Joh. 10:34, 35; IHu. 82:1-6) Yebo, uKristu usesikhundleni esiphakeme kakhulu kunamadoda anjalo. Ngenxa yokuvelela kwesikhundla sakhe ngakuJehova, kuJohane 1:18 (NW) uJesu kubhekiselwa kuye ngokuthi “ukuphela kukankulunkulu owazalwa.” (Bheka futhi iRo, By.) UIsaya 9:6 ngokufanayo uchaza uJesu ngokwesiprofetho ngokuthi “uNkulunkulu onamandla,” kodwa hhayi njengoNkulunkulu uMninimandla onke. Konke lokhu kuyavumelana nokuchazwa kukaJesu ngokuthi “uwunkulunkulu” noma “ungowaphezulu,” kuJohane 1:1. (NW, AT).
Umongo wendaba usisiza ukuba sifinyelele esiphethweni esiyiso kulokhu. Kafushane nje ngaphambi kokufa kukaJesu, uTomase wayezwe uJesu ethandaza lapho abhekisela kuYise ngokuthi “ukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Joh. 17:3, RS) Ngemva kokuvuka kukaJesu, uJesu wayethume isigijimi kubaphostoli bakhe, kuhlanganise noTomase, lapho ayethé khona: “Ngenyukela . . . kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” (Joh. 20:17) Ngemva kokuloba lokho okwashiwo uTomase lapho embona ngokoqobo futhi emthinta uKristu ovusiwe, umphostoli uJohane wathi: “Lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe-nokuphila egameni lakhe.” (Joh. 20:31) Ngakho-ke, uma noma ubani eye waphetha ngokuthi uJesu ngokwakhe “uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso,” ngokwesibabazo sikaTomase noma ukuthi uJesu uyingxenye kaZiqu-zintathu “uNkulunkulu iNdodana,” kudingeka abuye abheke lokho uJesu ngokwakhe akusho (vs. 17) nasesiphethweni esiphawulwa ngumphostoli uJohane ngokukhanyayo (vs. 31).
Ingabe uMathewu 1:23 ubonisa ukuthi lapho uJesu esemhlabeni wayenguNkulunkulu?
Math. 1:23: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi uEmanuweli okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi.”
Ekumemezeleni ukuzalwa kukaJesu okwakuza, ingabe ingelosi kaJehova yathi lomntwana wayezoba uNkulunkulu ngokwakhe? Cha, isimemezelo sasiwukuthi: “Yena uyakuba-mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke.” (Luka 1:32, 35; omalukeke banezelwe.) Futhi noJesu ngokwakhe akabonaze athi unguNkulunkulu, kodwa kunalokho, wathi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu.’ (Joh. 10:36; omalukeke banezelwe) UJesu wathunyelwa uNkulunkulu emhlabeni; ngakho-ke ngaleNdodana ezelwe yodwa, uNkulunkulu wayekanye nesintu.—Joh. 3:17; 17:8.
Kwakungekhona okungavamile ngamagama esiHeberu ukuhlanganisa igama elimelele uNkulunkulu kuwona noma ngisho nesifushaniso segama likaNkulunkulu uqobo. Ngokwesibonelo, elithi Eliyatha lisho ukuthi “UNkulunkulu Ufikile”; elithi Jehu lisho ukuthi “UJehova Unguye”; elithi Eliya lisho ukuthi “UNkulunkulu Wami NguJehova.” Kodwa alikho kulamagama elalisikisela ukuthi umnikazi walo wayenguNkulunkulu ngokwakhe.
Usho ukuthini uJohane 5:18?
Joh. 5:18: “Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.”
KwakungamaJuda angakholwa acabanga ukuthi uJesu wayezama ukuzenza olingana noNkulunkulu ngokuba athi uNkulunkulu unguYise. Nakuba abhekisela kuNkulunkulu ngokufanelekile njengoYise, uJesu akakaze athi uyalingana noNkulunkulu. Wawaphendula ngokuqondile amaJuda: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza.” (Joh. 5:19; bheka futhi uJohane 14:28; Joh. 10:36.) Kwakuyiwo lawomaJuda angakholwa futhi, athi uJesu wephula iSabatha, kodwa ayenephutha futhi nakulokho. UJesu wawugcina ngokuphelele uMthetho, futhi wathi: “Kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”—Math. 12:10-12.
Ingabe iqiniso lokuthi uJesu uyakhulekelwa libonisa ukuthi unguNkulunkulu?
KumaHeberu 1:6, izingelosi ziyalwa ukuba “zikhuleke” kuJesu, ngokuhumusha kweRS, TEV, KJ, JB, neNAB. INW ithi “zizithobe ku-.” KuMathewu 14:33, abafundi bakaJesu kuthiwa “bakhuleka” kuye, ngokweRS, TEV, KJ; ezinye izinguqulo zithi “bambonisa inhlonipho” (NAB), “bakhothama phambi kwakhe” (JB), “bawa ezinyaweni zakhe” (NE), “bazithoba kuye” (NW).
Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukukhuleka” ngelithi pro·sky·neʹo, lelo iA Greek-English Lexicon of the New Testament and Other Early Christian Literature ethi lalisetshenziswa futhi “ekubizeni isiko lokukhothama phambi komuntu nokuqabula izinyawo zakhe, umphetho wengubo yakhe, nomhlabathi.” (Chicago, 1979, Bauer, Arndt, Gingrich, Danker; uhlelo lwesibili lwesiNgisi; k. 716) Leli igama elisetshenziswe kuMathewu 14:33 ekuvezeni lokho abafundi abakwenza kuJesu; kumaHeberu 1:6 ukubonisa lokho izingelosi okumelwe zikwenze kuJesu; kuGenesise 22:5 kuyiSeptuagint yesiGreki ekuchazeni lokho uAbrahama akwenza kuJehova kanti kuGenesise 23:7 ekuchazeni lokho uAbrahama akwenza, ngokuvumelana nesiko langalesosikhathi, kubantu ayesebenzelana nabo ngokwebhizinisi; kweyoku-1 AmaKhosi 1:23 kuyiSeptuagint ekuchazeni isenzo sikamprofethi uNathani lapho eya eNkosini uDavide.
KuMathewu 4:10, uJesu wathi: “Wokhuleka [elivela kwelithi pro·sky·neʹo] eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” (KuDuteronomi 6:13, lapho uJesu ngokusobala ecaphuna khona, kuvela igama likaNkulunkulu siqu, iTetragrammaton.) Ngokuvumelana nalokho, kumelwe siqonde ukuthi ipro·sky·neʹo enesimo esithile senhliziyo nengqondo okumelwe iqondiswe kuNkulunkulu kuphela.
Ingabe izimangaliso ezenziwa uJesu zifakazela ukuthi unguNkulunkulu?
IzE. 10:34, 38: “UPetru wavula umlomo, wathi: . . . UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.” (Ngakho uPetru akaphethanga ngokuthi uJesu wayenguNkulunkulu ngenxa yezimangaliso azibona, kodwa kunalokho, waphetha ngokuthi uNkulunkulu wayenaye uJesu. Qhathanisa noMathewu 16:16, 17.)
Joh. 20:30, 31: “Izibonakaliso [“izimangaliso,” TEV, Kx] ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kulencwadi. Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe-nokuphila egameni lakhe.” (Ngakho-ke isiphetho okumelwe sifinyelele kuso ngokufanelekile ngezibonakaliso siwukuthi uJesu “unguKristu,” uMesiya, “iNdodana kaNkulunkulu.” Inkulumo ethi “iNdodana kaNkulunkulu” ihluke kakhulu kwethi “uNkulunkulu iNdodana.”)
Abaprofethi besikhathi sangaphambi kobuKristu njengoEliya noElisha benza izimangaliso ezifanayo nalezo zikaJesu. Kodwa lokho ngokuqinisekile akufakazeli ukuthi babenguNkulunkulu.
Ingabe uJesu uyefana noJehova “eTestamenteni Elidala”?
Bheka amakhasi 246, 247, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “UJehova.”
Ingabe ukukholelwa kuJesu Kristu ikhona kuphela okufunekayo ukuze usindiswe?
IzE. 16:30-32: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na? Bona [oPawulu noSila] bathi: Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho. Base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu, yena nabo bonke ababesendlini yakhe.” (Ingabe ‘ukukholelwa kwaleyondoda eNkosini uJesu’ kwakuyindaba nje yokusho ngobuqotho ukuthi iyakholwa? UPawulu wabonisa ukuthi kwakudingeka okwengeziwe—okungukuthi, ulwazi nokwamukela iZwi likaNkulunkulu, njengoba uPawulu noSila manje baqhubeka belishumayela kumgcini-ziboshwa. Ingabe ukukholelwa komuntu kuJesu bekuyoba okuqotho uma engakhulekeli uNkulunkulu lowo uJesu ayemkhulekela, uma engasebenzisi lokho uJesu akufundisa ngokuqondene nohlobo lwabantu abafundi bakhe okwakumelwe babe yilo, noma uma engawenzi umsebenzi uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bawenze? Asinakuzenza sifanelekele insindiso; kungenzeka kuphela ngesisekelo sokukholwa enanini lomhlatshelo wokuphila kukaJesu kobuntu. Kodwa ukuphila kwethu kumelwe kuvumelane nokholo esithi sinalo, ngisho noma lokho kungase kuhilele ubunzima. KuMathewu 10:22 uJesu wathi: “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni lowo uyakusindiswa.”)
Ingabe uJesu wake waphila ezulwini ngaphambi kokuba abe ngumuntu?
Kol. 1:15-17: “Yona [iNdodana uJesu] ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke . . . konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; yona ingaphambi kwakho konke.”
Joh. 17:5: “[Lapho ethandaza, uJesu wathi:] Ngikhazimulise wena-Baba kuwe uqobo ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.” (NoJohane 8:23)
Ingabe uJesu unomzimba wakhe wenyama ezulwini?
1 Kor. 15:42-50: “Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola; . . . kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. . . . Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala uAdamu waba-ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina [uJesu Kristu, owayengumuntu ophelele njengoba uAdamu ayenjalo ekuqaleni] waba-ngumoya ophilisayo. . . . Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama nagazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.” (Omalukeke banezelwe.)
1 Pet. 3:18: “Naye uKristu wahlupheka kwaba-kanye ngezono, . . . ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni [“emoyeni,” NE, AT, JB, Dy].” (Bheka ikhasi 409, 410.)
Umfanekiso: Uma umuntu ekhokhela umngane isikweleti esithile kodwa abese ekuthatha ngokushesha lokho okukhokhiwe, ngokusobala isikweleti siyaqhubeka. Ngokufanayo, uma, lapho evuswa, uJesu wayebuye wathatha umzimba wakhe wobuntu wenyama negazi, owawusunikelwe njengomhlatshelo wokukhokha inani lesihlengo, imuphi umphumela lokho okwakuyoba nawo elungiselelweni ayelenzela ukukhulula abantu abathembekile esikweletini sesono?
Kuyiqiniso ukuthi uJesu wabonakala ngomzimba wenyama kubafundi bakhe ngemva kokuvuswa kwakhe. Kodwa ngezinye izikhathi, kungani babehluleka ukumbona okokuqala? (Luka 24:15-32; Joh. 20:14-16) Ngesinye isikhathi, ukuze kusizakale uTomase, uJesu wabonakala enobufakazi obubonakalayo bamanxeba ezipikili ezandleni zakhe nenxeba lomkhonto ohlangothini. Kodwa kwenzeka kanjani ngalesosikhathi ukuba abonakale ngokushesha nje phakathi kwabo nakuba iminyango yayikhiyiwe? (Joh. 20:26, 27) Ngokusobala uJesu wayembatha imizimba yenyama ngalezozikhathi, njengoba izingelosi zazenzile esikhathini esidlule uma zibonakala kubantu. Ukususa umzimba kaJesu wenyama ngesikhathi sokuvuka kwakhe kwakungeyona inkinga kuNkulunkulu. Ngokuthakazelisayo, nakuba uNkulunkulu engawushiyanga ethuneni umzimba wenyama (ngokusobala ukuze aqinise ukukholwa kwabafundi bakhe ukuthi uJesu wayevuke ngempela), izindwangu owawusongwe ngazo zazishiywe lapho; kodwa, uJesu ovusiwe njalo wayebonakala egqoke ngokuphelele.—Joh. 20:6, 7.
Ingabe uJesu Kristu ungumuntu ofanayo noMikayeli ingelosi enkulu?
Igama laloMikayeli livela kahlanu kuphela eBhayibhelini. Umuntu womoya okhazimulayo onaleligama kubhekiselwa kuye ngokuthi “omunye wezikhulu zokuqala,” “isikhulu esiqhamileyo esimela abantwana babantu bakho [bakaDaniyeli],” nangokuthi “ingelosi enkulu.” (Dan. 10:13; 12:1; Juda 9) Elithi Mikayeli lisho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?” Leligama ngokusobala libonakalisa uMikayeli njengoholayo ekusekeleni ubukhosi bukaJehova nasekubhubhiseni izitha zikaNkulunkulu.
Kweyoku-1 Thesalonika 4:16, umyalo kaJesu Kristu wokuba kuqale uvuko uchazwa ngokuthi ‘iphimbo lengelosi enkulu,’ futhi uJuda 9 uthi lengelosi enkulu inguMikayeli. Bekungaba okufanelekile yini ukufanisa lelophimbo likaJesu eliyalayo nelothile onegunya elincane? Khona-ke, ngokufanelekile ingelosi enkulu uMikayeli inguJesu Kristu. (Ngokuthakazelisayo, inkulumo ethi “ingelosi enkulu” ayitholakali isebuningini emiBhalweni, ngaleyondlela ibonisa ukuthi kuneyodwa kuphela.)
IsAmbulo 12:7-12 sithi uMikayeli nezingelosi zakhe babeyokulwa noSathane bamkhiphe ezulwini nezingelosi zakhe ezimbi ngenxa yokunikwa kwegunya lobukhosi kuKristu. Kamuva uJesu ukhulunyelwa njengohola amabutho asezulwini ukuyolwa nezizwe zomhlaba. (IsAm. 19:11-16) Akukhona yini okunengqondo ukuthi uJesu kwakuyoba nguye futhi othatha isinyathelo kulowo amchaza ngokuthi “umbusi walelizwe,” uSathane uDeveli? (Joh. 12:31) UDaniyeli 12:1 uhlanganisa ‘ukuvela kukaMikayeli’ ukuba enze ngegunya ‘nesikhathi sokuhlupheka esingazange sibe-khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube-yilesosikhathi.’ Lokho ngokuqinisekile kuyohambisana nalokho izizwe eziyobhekana nakho lapho uKristu njengomahluleli wasezulwini ethatha isinyathelo sokumelana nazo. Ngakho ubufakazi bubonisa ukuthi iNdodana kaNkulunkulu yayaziwa njengoMikayeli ngaphambi kokuba ize emhlabeni futhi yaziwa ngalelogama kusukela ekubuyeleni kwayo ezulwini lapho ihlala khona njengeNdodana kaNkulunkulu yomoya ekhazinyulisiwe.
Uma Umuntu Ethi—
‘Anikholelwa kuJesu’
Ungase uphendule: ‘Ngokusobala wena ungumuntu okholelwayo kuJesu. Nami ngokufanayo; ngaphandle kwalokho bengingeke ngibe lapha emzini wakho namuhla.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Eqinisweni, ukubaluleka kokukholwa kuJesu kuvezwe ngokuyinhloko ezincwadini zethu. (Vula isahluko esifanelekile kunoma iyiphi incwadi oyihambisayo usebenzise sona njengesisekelo sengxoxo, uqokomisa indima yakhe njengeNkosi. Noma funda okuphawulwe ekhasini 2 leNqabayokulinda, ngokuqondene nenjongo yalomagazini.)’
Noma ungase uthi: ‘Ngingakubuza yini ukuthi kungani uzizwa ngaleyondlela?’
Okunye ongakusho: ‘Ngokusobala ukhona oye wakutshela lokho, kodwa ngicela ukukwazisa ukuthi lokho akunjalo neze, ngoba sinokholo oluqinile kuJesu Kristu.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Kodwa asikukholwa konke okushiwo ngabantu ngoJesu. Ngokwesibonelo, abanye bathi wayemane eyindoda elungile nje, engeyona iNdodana kaNkulunkulu. Asikukholelwa thina lokho, uyakukholelwa wena? . . . Akukhona lokho iBhayibheli elikufundisayo.’ (2) ‘Futhi asizikholelwa izimfundiso zamaqembu aphikisa lokho uJesu ngokwakhe akusho ngobuhlobo bakhe noYise. (Joh. 14:28) UYise uye wamnika igunya lokubusa elithinta ukuphila kwethu sonke namuhla. (Dan. 7:13, 14)’
‘Uyamamukela uJesu njengoMsindisi wakho siqu?’
Ungase uphendule: ‘IBhayibheli lisho ngokukhanyayo ukuthi . . . (caphuna izEnzo 4:12). Ngiyakukholelwa lokho. Kodwa ngiye ngafunda futhi ukuthi kunomthwalo wemfanelo ongathi sína ohambisana nakho. Kanjani? Nokho, uma ngikholelwa ngempela kuJesu, khona-ke anginakukholelwa kuyena kuphela nje uma kubonakala kuvumelana nami.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Ukuphila kwakhe okuphelele okwanikelwa njengomhlatshelo kwenza kube nokwenzeka ngathi ukuba sithethelelwe izono. Kodwa ngiyazi futhi ukuthi kubalulekile ukunakekela iziyalezo zakhe ngokuqondene nomthwalo wethu njengamaKristu. (IzE. 1:8; Math. 28:19, 20)’
Noma ungase uthi: ‘(Ngemva kokuqinisekisa ukuthi uyakholelwa kuJesu njengoMsindisi, hhayi owakho kuphela, kodwa owabo bonke abanokholo kuye . . . ) Kubalulekile ukuba singasabeli ngokwazisa kulokho kuphela akwenza esikhathini esidlule kodwa nakulokho akwenzayo kwamanje. (Math. 25:31-33)’
‘Ngiye ngamamukela uJesu njengoMsindisi wami siqu’
Ungase uphendule: ‘Ngiyajabula ukuzwa ukuthi uyakholelwa kuJesu, ngoba kunabantu abaningi kakhulu namuhla abangakucabangeli kwanhlobo lokho uJesu asenzela khona. Ngokungangabazeki uwazi kahle umbhalo kaJohane 3:16, akunjalo? . . . Kodwa abanjalo kukuphi lapho beyohlala khona phakade? Abanye bayoba noKristu ezulwini. Kodwa ingabe iBhayibheli libonisa ukuthi bonke abantu abalungileyo baya lapho? (Math. 6:10; 5:5)’