-
UJesu Uphendula Insizwa Ecebile EngumbusiUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
UJesu uyanezela: “Kodwa abaningi abangabokuqala bayoba ngabokugcina nabokugcina babe ngabokuqala.” (Mathewu 19:30) Usho ukuthini?
Insizwa ecebile iphakathi ‘kwabokuqala’ njengoba ingomunye wabaholi bamaJuda. Njengoba yayiyigcina imiyalo kaNkulunkulu, yayibukeka ithembisa futhi kukuningi okwakulindelekile kuyo. Kunokulandela uJesu, into ehamba phambili kule ndoda, ingcebo yayo nempahla yayo. Ngokuhlukile kunale nsizwa, abantu abavamile bendawo babona izimfundiso zikaJesu ziyiqiniso futhi ziyindlela yokuphila. ‘Bebengabokugcina’ emehlweni abaholi benkolo, kodwa manje ‘sebengabokuqala.’ Bangakulangazelela ukuhlala ezihlalweni zobukhosi ezulwini noJesu futhi babuse umhlaba oyiPharadesi.
-
-
Umfanekiso Wezisebenzi Zasensimini YamagilebhisiUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
UJesu usanda kutshela abebemlalele ePhereya ukuthi “abaningi abangabokuqala bayoba ngabokugcina nabokugcina babe ngabokuqala.” (Mathewu 19:30) Ugcizelela lokho akushoyo ngokwenza umfanekiso wezisebenzi zasensimini yamagilebhisi, uthi:
-