Lapho Izinhliziyo Zethu Zisishukumisela Ukwenza Konke Esingakwenza
NGUNISAN 12, 33 C.E. UJesu Kristu ujabulela ukudla nabanye endlini kaSimon onochoko eBethaniya, eduze naseJerusalema. Phakathi kwalabo abakhona umfundi othembekile othiwa uMariya. Uvula ibhokisi lomfuma we-alabastu futhi uthela amafutha enani elikhulu ekhanda likaJesu.
‘Kwenzelwani lokhu kusaphaza na?’ abanye bayakhonona. ‘Ngokuba lokho nga kuthengisiwe ngokukhulu, kwaphiwa abampofu!’ Kodwa uJesu uyaphendula: ‘Nimhluphelani owesifazane na? Ngokuba abampofu ninabo njalo, ningabenzela okuhle; mina aninami njalo Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.’—Mathewu 26:6-13; Marku 14:3-9; Johane 12:1-8.
UMariya waseBethaniya wayengenakwenza lutho lokudambisa ukuhlupheka kukaJesu lapho ebethelwa ezinsukwini ezimbili kamuva—ngoNisan 14, 33 C.E. Kodwa manje wayengamgcoba ngamafutha anenani elikhulu. Ngakho, njengoba uJesu asho: “Wenzile abengakwenza.” (Marku 14:8) Ngempela, inhliziyo kaMariya yamshukumisela ukuba enze konke abengakwenza.
Ukushukunyiselwa Ukwenza Okusemandleni Ethu
NjengoFakazi kaJehova, noma njengabantu ngabanye abafunda iqiniso likaNkulunkulu, singashisekela ukusakaza izindaba ezilungileyo zoMbuso kule“zinsuku zokugcina.” (Mathewu 24:14; 2 Thimothewu 3:1-5) Eqinisweni, kungenzeka sihlanganyela kahle kulowomsebenzi.
Nokho, imithwalo yemfanelo yomkhaya, izinkinga zempilo nezinye izinto zingase zingasivumeli ukuba sikhonze njengesithunywa sevangeli ezweni elikude. Singase singakwazi ukuba amalungu endlunkulu yeWatch Tower Society noma amalungu ehhovisi legatsha. Singase singakwazi ukuba sikhonze njengababonisi abajikelezayo noma okufanayo. Noma kunjalo, ngeke sivinjelwe ukuba sisebenzise esinakho ngendlela ezothuthukisa izithakazelo zoMbuso. (Mathewu 6:33) Kungenzeka ngempela ukuba sikwazi uku‘dumisa uJehova ngempahla yethu.’ Kulokho kuyoba nesibusiso, ngoba ‘izinqolobane zethu zizogcwala okuningi.’—IzAga 3:9, 10.
Benza Okusemandleni Abo
Yebo, umoya wethu ungafana nalowo kaMariya waseBethaniya nabanye abantu ababesaba uNkulunkulu bakudala. Ngokwesibonelo: amaIsrayeli osuku lukaMose anikwa ilungelo lokudumisa uJehova lapho kwakhiwa itabernakele lokumkhulekela. Akubona bonke ababengenza izinto ezifanayo, kodwa izinhliziyo zabo zabashukumisela ukuba benze okusemandleni abo. Ngokwesibonelo, abanye abesifazane baphotha uboya bezimbuzi obabusetshenziswa. Abanye abesilisa bakhonza njengezingcweti ekwenzeni izinhlobo eziningi zemisebenzi. Futhi abanye abantu benzani? Nokho, badumisa uJehova ngokunikela ngegolide, isiliva, ithusi, uvolo, ilineni nezinye izinto ukuze itabernakele liqedwe. Ababenezinhliziyo ezivumayo benza ‘lokhukunikela kuJehova, futhi ‘kwakuwukunikela ngesihle.’ (Eksodusi 35:4-35) Banikela kangakanani? Phela, okwakunikelwe “kwakwanele wonke umsebenzi obuyakwenziwa, futhi kwasala”! (Eksodusi 36:4-7) Yebo, benza lokho ababengakwenza.
Eminyakeni eminingi kamuva iNkosi uDavide yanikela kakhulu emsebenzini ethempelini elalizokwakhiwa indodana yakhe uSolomoni. UDavide waze wanikela ‘ngempahla yakhe ekhethekile’ yegolide nesiliva ngaleyonjongo. Khona wabuza abantu bakwaIsrayeli: “Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?” Khona-ke, amakhosi namakhosana anikela, futhi “ababenamatshe bawanikela engcebeni yendlu kaJehova.” Lokhu kwakungenziwa ngokukhonona, ngokuba siyatshelwa: “Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu.” (1 IziKronike 29:3-9) Bonke benza lokho ababengakwenza.
Njengabantu ngabanye, amaKristu amaningi akuqala anikela ekuthuthukiseni ukumenyezelwa koMbuso. Ngokwesibonelo, umphostoli uJohane owayesemdala wabonisa ukuthi amalungu ebandla lobuKristu ayebophekile ukusiza ababonisi abajikelezayo ababethunyelwe, “ukuze sibe-yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.” UJohane futhi watusa uGayu ngokungenisa “izihambi” okungukuthi, labo uGayu ayengabazi ngaphambili kodwa abaphatha ngokufudumele ngenxa yenkonzo ababeyenza ebandleni. (3 Johane 5-8) Ofakazi bakaJehova abaningi endaweni ethile babengakwazi ukuhamba amabanga amade ukuze basakaze “izindaba ezinhle,” kodwa benza lokho ababengakwenza.
Amabandla amaningi asebenzisa futhi izimali zawo ukuze athuthukise umsebenzi woMbuso. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wayengatshela abakholwayo baseFilipi: “Ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina.” (Filipi 4:15-17) Ibandla lonke lalingeke lihambe nomphostoli, kodwa lenza lokho elalingakwenza.
Indlela Abanye Abaye Bazizwa Ngayo
UJesu Kristu wathi: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” Ngakho akumangalisi ukuthi abantu bakaNkulunkulu bajabula kakhulu “ngokunikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova” ngosuku lweNkosi uDavide. (1 IziKronike 29:9; IzEnzo 20:35) Umoya ofanayo ukhona nanamuhla.
Omunye ufakazi kaJehova wabhalela iWatch Tower Society, ethi: “Ngineminyaka engama-81 ubudala futhi angisakwazi ukwenza okuningi enkonzweni [enkonzweni yasensimini] ngenxa yesifo esiqaqambisa amalungu omzimba, kodwa ngingathanda ukwenza okuthile ekuqhubeni inkonzo. Ngizonithumelela umnikelo inyanga ngayinye uma nje ngisakwazi futhi ngokukhethekile ngingathanda ukusiza labo abathole iziqu [zeWatch Tower Bible School of Gilead] abaya kwamanye amazwe.” Lowesifazane ogugile wayengeke akwazi ukukhonza njengesithunywa sevangeli ngokwakhe, kodwa inhliziyo yakhe yamshukumisela ukuba enze lokho angakwenza.
Yonke imikhaya iye yabambisana ukuze ihlanganyele ekunikeleni okuthile ngezidingo zokunyathelisa nohlelo lokwandisa izakhiwo lweNhlangano. Omunye umkhaya wabhala: “Sazizwa sishukunyiswa njengomkhaya ukuba sihlanganyele kulokho. . . . kwasijabulisa kakhulu ukubona amadodana ethu amabili eve eshumini nambili ekhuluma nathi futhi ebonisa isifiso sawo sokuba ahlanganyele emnikelweni womkhaya wethu eNhlanganweni. Umnikelo wabo uyingxenye yemali abayithola ngokusebenza amatoho. Siye sajabula kakhulu ngezincwadi eziningi ezinhle nenala yokudla okungokomoya lokho esikunikezwayo ngaso sonke isikhathi kuvela etafuleni likaJehova.”
Indlela Okungenzeka Ngayo
Bambalwa phakathi koFakazi BakaJehova abacebile ngokwezinto ezibonakalayo, futhi abaningi kumelwe babhekane nezinkinga zezimali namuhla. Nokho lapho benikela imali efanelekile ukuze kwandiswe izithakazelo zoMbuso akumelwe bazizwe sengathi umnikelo wabo uyize. Lapho uJesu ebona umfelokazi ebeka izinhlamvu ezimbili zemali encane emphongolweni womnikelo, akazange ambhekele phansi. Kodwa, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lomfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke. Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo kepha yena ebumpofwini bakhe ubeke konke abephila ngakho.” (Luka 21:1-4) Nakuba isipho sakhe sasisincane ngobungako benani, wenza lokho abengakwenza.
Ukuze kube nokuthile kokunikela, ngokuvamile kumelwe kubekhona ukuhlela, mhlawumbe kubantu ngabanye noma imikhaya noma emabandleni. Ngakho, lapho isidingo siphakama phakathi kwamaKristu eJudiya, abakholwayo baseKorinte ababefuna ukubasiza bathola ukusikisela okuwusizo kumphostoli uPawulu. Wabhala: “Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani. Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi-yikhathi kwenziwa umnikelo.”—1 Korinte 16:1, 2.
Njengoba nje umuntu angalondoloza imali ngenxa yezinto eziphuthumayo, ngokufanayo oFakazi ngabanye, imikhaya noma amabandla angabeka njalo okuthile eceleni kokunikela ukuze kuthuthukiswe ukukhulekela kweqiniso. Eqinisweni, onke amabandla ezikhathini eziningi anikela ngemali eseleyo ukuze kuthuthukiswe umsebenzi woMbuso. Enza kanjalo ngokulungiselela nokwenza isinqumo kulokho. Abantu abanezinhliziyo ezivumayo bayaphumelela ukuhlanganyela ekusekeleni imisebenzi yobuKristu yokushumayela kuwo wonke umhlaba ngokwenza iminikelo yomuntu siqu ngaleyonjongo. Lokhukupha okufanelekile kwandisa injabulo yabo futhi kubanika ukweneliseka kokwazi ukuthi benza lokho abangakwenza.
Iminikelo emukelwa iWatch Tower Society ibongwa ngencwadi. Abantu ngabanye, imikhaya noma amabandla afisela ukwenza iminikelo enjalo angayithumela eWatch Tower Society of Pennsylvania, 25 Columbia Heights, eBrooklyn, eNew York 11201, noma ehhovisi legatsha leNhlangano eliseduze.
Yonke iminikelo eyamukelwa iNhlangano yaziswa kakhulu futhi isetshenziselwa ukusakaza izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngeminikelo enjalo kusekelwa amakhaya ezithunywa zevangeli nemisebenzi yenkonzo emazweni amaningi. Futhi, izakhiwo zokunyathelisa, ezibalulekile ekusakazeni izincwadi ZeBhayibheli zigcinwa zisebenza noma zandiswe lapho kudingeka. Ngenxa yeminikelo enjalo ababonisi abajikelezayo bezifunda nezigodi bayakwazi ukuhambela amabandla kuwo wonke umhlaba futhi banike abakholwayo usizo olungokomoya. (Roma 1:11, 12) Abanye abasemsebenzini wenkonzo yesikhathi esigcwele ngokufanayo bayasizwa ngendlela enjalo.
Abamemezeli bakuqala bokukhulekela kweqiniso bathola isibusiso sasezulwini ngoba badumisa uJehova ngezinto zabo eziyigugu. Futhi yeka ukuthi babejabula kanjani! Njengoba nathi ngokufanayo sisekela izithakazelo zoMbuso namuhla, nathi, ngokufanayo, sibusiswa ngokucebile. Ngakho-ke, sengathi ukusabela kwethu kungaba okuvumayo lapho izinhliziyo zethu zisishukumisela ukuba senze konke esingakwenza.