Ingabe Uzibonisa Unokubonga?
Ekhaya lezithunywa zevangeli entshonalanga ye-Afrika, kwake kwafuywa inja okuthiwa uTeddy. Kwakuthi uma uTeddy ephonselwa iqatha lenyama, aligwinye ngokushesha, anganambithi, angahlafuni. Ehefuzela elangeni lakule ndawo eshisayo, wayelindela elinye iqatha elizophonswa kuye. Lapho inyama ingasekho, wayephenduka azihambele.
UTeddy wayengabonisi nokuncane ukubonga ngalokho ayekuthola. akekho owayelindele ukuba akubonise. kakade, wayemane eyinja nje.
MAYELANA nokubonga, ngokuvamile silindela okwengeziwe kubantu esiphila nabo kunalokho esikulindela ezilwaneni. Ngokuvamile siyadumala. Abantu abaningi bagxavula lokho abangakuthola ekuphileni bese befuna okwengeziwe. Nalokhu akumangazi. IBhayibheli labikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina abantu babeyoba abangabongiyo.—2 Thimothewu 3:1, 2.
Nokho, izinceku zikaNkulunkulu zinomoya ohlukile. Zilalela iseluleko somphostoli uPawulu, owayala amakholwa ayekanye naye: “Ziboniseni ninokubonga.”—Kolose 3:15.
UJehova Uzibonisa Enokubonga
UJehova uNkulunkulu ubeka isibonelo esiphelele ekuboniseni ukwazisa. Cabanga ngendlela abheka ngayo izinceku zakhe ezithembekile. Ephefumulelwe, uPawulu wabhalela amaKristu angamaHeberu: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—Heberu 6:10.
Ziningi izibonelo ezibonisa ukuthi uJehova uyazazisa izinceku zakhe. Wabusisa u-Abrahama ngokwandisa inzalo yakhe, kangangokuthi yaba “ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle.” (Genesise 22:17) Ebonisa ukuthi uyakwazisa ukwethembeka kukaJobe lapho elingwa, uJehova akagcinanga ngokubuyisela ingcebo enkulu kaJobe kodwa futhi wamnika “ngokukuphinda kabili.” (Jobe 42:10) Indlela uJehova aye wasebenzelana ngayo nabantu phakathi nezinkulungwane zeminyaka iye yabonisa ukuthi ayiqiniso la mazwi: “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.
Ukwazisa kukaNkulunkulu labo abafuna ukwenza intando yakhe nokufuna kwakhe ukubavuza kuyizici eziyinhloko zobuntu bakhe. Ukuqaphela lokhu kuwumgogodla wokholo lwamaKristu. UPawulu wabhala: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa kahle ngoba lowo osondela kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi . . . uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Heberu 11:6.
Ukube esikhundleni salokhu, uJehova ubonisa umoya wokhahlo nokugxeka, sonke besingaba abalahliwe. Umhubi waliveza kudala leli phuzu, ethi: “Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?” (IHubo 130:3) UJehova akayena umuntu ongazisi noma ogxekayo. Uyabazisa labo abamkhonzayo. Uzibonisa enokubonga.
UJesu—Umuntu Onokwazisa Okujulile
Ebonisa izimfanelo zikaYise wasezulwini ngokuphelele, uJesu Kristu wazibonisa enokubonga mayelana nezinto ezazenziwa abanye ngokholo. Cabanga ngalokho okwake kwenzeka ethempelini eJerusalema: “Manje njengoba [uJesu] ayephakamisa amehlo wabona abacebile bekhalakathelisela izipho zabo emabhokisini omcebo. Khona-ke wabona umfelokazi othile osweleyo ekhalakathelisela lapho izinhlamvu zemali ezimbili ezincane zenani elincane kakhulu, futhi wathi: ‘Nginitshela iqiniso, Lomfelokazi, nakuba empofu, ukhalakathelisele okungaphezulu kunokuba bonke benzile. Ngoba bonke laba bakhalakathelisele izipho ezivela ensaleleni yabo, kodwa lona wesifazane ekusweleni kwakhe ukhalakathelisele konke abenakho abeziphilisa ngakho.’”—Luka 21:1-4.
Ngokwenani lemali, lo mnikelo wawumncane, ikakhulu uma uqhathaniswa neyabantu abacebile. Abaningi balabo ababelapho cishe babengeke bamqaphele. Kodwa uJesu wambona lowo mfelokazi. Waziqonda izimo zakhe. UJesu wambona futhi wamazisa.
Esinye isenzakalo sasihilela owesifazane ocebile, uMariya. Lapho uJesu ehlezi ekudleni, uMariya wathela izinyawo zikaJesu nekhandla lakhe ngamafutha anamakha abiza kakhulu. Abanye basigxeka isenzo sakhe, becabanga ukuthi ngabe la mafutha ayethengisiwe futhi imali yasetshenziselwa ukusiza abampofu. Wasabela kanjani uJesu? Wathi: “Myekeni. Kungani nizama ukumkhathaza? Wenze isenzo esihle kimi. Ngiqinisile ngithi kini, Nomaphi lapho izindaba ezinhle zishunyayelwa khona ezweni lonke, lokho lona wesifazane akwenzile nakho kuzokhulunywa ngakho njengesikhumbuzo sakhe.”—Marku 14:3-6, 9; Johane 12:3.
UJesu akazange agxeke, ekhonondela ukuthi la mafutha abizayo awasetshenziswanga ngenye indlela. Wasazisa isenzo somusa sikaMariya esasibonisa uthando nokholo. Lesi senzakalo silotshwe eBhayibhelini njengesikhumbuzo sesenzo sakhe esihle. Lezi zindaba nezinye zibonisa ukuthi uJesu wayengumuntu onokwazisa okujulile.
Uma uyinceku kaNkulunkulu, ungaqiniseka ukuthi bobabili uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bayazisa ngokujulile imizamo yakho yokuthuthukisa ukukhulekela okuhlanzekile. Ulwazi olunjalo lusisondeza kubo futhi lusishukumisele ukuba sibalingise ngokuzibonisa sinokubonga.
Umoya KaSathane Wokugxeka
Manje ake sibheke isibonelo somuntu ongazibonisi enokubonga—uSathane uDeveli. Ukuntula kukaSathane ukwazisa kwaba nengxenye ekuholeni kwakhe ekuhlubukeni kuNkulunkulu okwaphumela enhlekeleleni.
Njengoba ayefukamele umoya wokugxeka nokunganeliseki, uSathane waqala ukuwutshala kwabanye. Cabanga ngezenzakalo zasensimini yase-Edene. UJehova wayedale indoda nowesifazane bokuqala, wababeka ensimini eyipharadesi, futhi wabatshela ukuthi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho.” Kwakunomthetho owodwa kuphela owumngcele. UNkulunkulu wathi: “Ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”—Genesise 2:16, 17.
Nokho, ngokushesha uSathane wakubekela inselele ukwethenjelwa kukaJehova. Ngokwengxenye, wafuna ukwenza u-Eva abe ongabongi kuJehova kuze kube sezingeni lokuba ashukumiseleke ukuhlubuka kuye, njengoba nje naye uSathane ayesehlubukile. USathane wabuza: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?” (Genesise 3:1) Wagigiyela ngokucacile ukuthi uNkulunkulu wayegodlela u-Eva okuthile okuyigugu, okuthile okwakuyovula amehlo akhe kumenze afane noNkulunkulu uqobo. Kunokuba azibonise enokubonga mayelana nezibusiso eziningi uJehova ayemthululele zona, u-Eva waqala ukufisa lokho okwakwenqatshelwe.—Genesise 3:5, 6.
Imiphumela eyinhlekelele yalokho yaziwa kahle. Nakuba ayethiwe igama elithi Eva “ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo,” ngomunye umqondo waba ngunina wabo bonke abafayo. Bonke abantu baye bazuza isono esibangela ukufa ku-Adamu.—Genesise 3:20; Roma 5:12.
Lingisa UNkulunkulu NoKristu
Cabanga ngomehluko ophakathi kukaSathane noJesu. USathane uchazwa ngokuthi “obeka abafowethu icala . . . , obabeka icala imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu.” (IsAmbulo 12:10) UJesu “uyakwazi futhi ukusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuba abancengele.”—Heberu 7:25.
USathane ubeka izinceku zikaNkulunkulu icala. UJesu uyazazisa futhi uyazincengela lezi zinceku. Njengabalingisi bakaKristu, amaKristu kufanele azame ukubheka okuhle komunye nomunye, azisane. Ngokwenza kanjalo, azibonisa enokubonga kulowo obeka isibonelo esizidlula zonke sokwazisa, uJehova uNkulunkulu.—1 Korinte 11:1.
[Isithombe ekhasini 17]
UJesu wabonisa ukwazisa ngesenzo esihle sikaMariya