“Lapho Kuhlwa Emini”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBENIN
“WEWU! Izigidi Zimangazwa Ukusitheka Kwelanga,” kusho isihloko esikhulu sephephandaba laseGhana i-Daily Graphic osukwini olungemva kokusitheka kwelanga ngokuphelele ngo-March 29, 2006. Lesi senzakalo, esaqala ukubonwa ngasempumalanga yeBrazil, sadlulela ngalé kwe-Atlantic ngesivinini esingaba amakhilomitha angu-1 600 ngehora, saze safinyelela emazweni angasogwini eGhana, eTogo naseBenin kusukela cishe ngo-8:00 ekuseni. Babengalindelani abaseNtshonalanga Afrika?
Mhla ilanga ligcina ukusitheka ngokuphelele eGhana kwakungo-1947. UTheodore, ngaleso sikhathi owayeneminyaka engu-27, uyakhumbula: “Abaningi ngaleso sikhathi babengakaze babone ilanga lisitheka, ngakho babengazi ngempela ukuthi kwenzekani. Ngenxa yalokhu, abantu bachaza lesi senzakalo ngokuthi ‘lapho kuhlwa emini.’”
Imikhankaso Yokuxwayisa Umphakathi
Iziphathimandla zasungula imikhankaso emikhulu yokuxwayisa umphakathi ngezingozi zokubheka ilanga ngokuqondile lapho lisitheka. ETogo kwakunezikhangiso ezithi: “Vikela amehlo akho! Usengozini yokuba impumputhe!”
Izikhulu zikahulumeni zazigcizelela izinto ezimbili abantu abangazenza. Okokuqala, ukuhlala endlini ubukele lesi senzakalo esiwumbukwane kuthelevishini. Okwesibili, uma ungaphandle, gqoka izibuko ezikhethekile zokuvikela amehlo. Izigidi zazigqolozele ithelevishini nama-computer ukuze zibone le mifanekiso ehlaba umxhwele. Kodwa kokubili ithelevishini nama-computer kwakungenakuwudlulisela umuzwa wesasasa owawudalwe ilukuluku kanye nesidumo ngaphambi kokusitheka kwelanga nalapho selisithekile. Ake sibuyele kuleso senzakalo.
Ukulangazela Okukhulayo
Uma kubhekwa konke kwakubonakala kuzoba usuku nje oluvamile eNtshonalanga Afrika—lalishisa futhi libalele. Ingabe lalizositheka ngempela ilanga? Njengoba kusondela isikhathi esasimenyezelwe, ababengaphandle bafaka izibuko zabo base bebheka emkhathini. Abanye babekhuluma ngocingo nabangane kwezinye izindawo, bebabuza ukuthi babonani.
Inyanga, engamakhilomitha angaphezu kuka-350 000 phezulu, nakuba yayingabonakali ekuqaleni, yayilokhu isondela endaweni eyayizoqondana kuyo nelanga. Kungazelelwe, yabonakala njengendilinga emnyama, yaqala ukusitha ilanga. Kwaba nelikhulu isasasa lapho abantu abahlukahlukene beyibona.
Phakathi nehora lokuqala, ababebukele ababonanga shintsho endaweni ebazungezile. Kodwa njengoba inyanga iqhubeka isitha ilanga, isimo sashintsha. Isibhakabhaka esiluhlaza saqala ukuba mnyama. Izinga lokushisa laqala ukwehla. Kwakhanya izibani zasemgwaqweni njengoba kuhlwa ekuseni. Imigwaqo yasala ingenamuntu. Kwavalwa izitolo. Izinyoni zayeka ukutshiyoza, nezilwane zafuna indawo yokukhosela zahlala phansi. Yonke indawo yaqala ukuba mnyama. Ilanga labe selisitheka ngokuphelele, kwathula kwathi du.
Ukusitheka Kwelanga Ngokuphelele Kwakungalibaleki
Izinkanyezi zaqala ukubenyezela. Ingaphandle lelanga elikhazimulayo lalifana nomqhele okhazimulayo ozungeze inyanga emnyama. Izingxenye ezinokukhanya, ezibizwa ngokuthi i-Baily’s Beads,a zazicwazimula emaphethelweni enyanga njengoba ilanga likhanyisa izigodi namagquma asenyangeni. Lokhu kukhanya okunjengendandatho yedayimane kwakukhazimula. Kwakucwazimula imibala ebomvana ngasemaphethelweni elanga. Othile owayebukele wathi: “Lona kwakuwumbukwane omangalisa kunayo yonke engake ngayibona—ubuhle obuyisimanga.”
Ilanga lisitheka ngokuphelele cishe imizuzu emithathu. Khona-ke ilanga labe seliqala ukuvela futhi. Abaningi ababebukele bashaya ihlombe. Isibhakabhaka sakhanya, nezinkanyezi zanyamalala. Lesi simo esiyinqaba sadlula njengenkungu yasekuseni.
Inyanga ‘ingufakazi othembekile esibhakabhakeni.’ Ngakho, ukusitheka kwelanga kungabalwa kusasele amakhulu eminyaka. (IHubo 89:37) AbaseNtshonalanga Afrika kwadingeka ukuba balinde iminyaka engaba ngu-60 ukuze bakubone lokhu. Okulandelayo okuyobonakala eNtshonalanga Afrika kuyoba ngonyaka ka-2081. Mhlawumbe uyoba nethuba lokubona ukusitheka kwelanga ngokuphelele endaweni yakini maduzane.
[Umbhalo waphansi]
a Zethiwa ngesazi sezinkanyezi saseBrithani uFrancis Baily, ongowokuqala ukubika ngokuvela kwazo lapho kusitheka ilanga ngo-1836.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 29]
Ingabe Ilanga Lasitheka Lapho UJesu Efa?
UMarku 15:33 uthi: “Lapho kuba yihora lesithupha, izwe lonke lehlelwa ubumnyama kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.” Lobu bumnyama obathatha amahora amathathu kusukela cishe emini bebade kwaze kwaba ihora lesithathu ntambama babuyisimangaliso. Akunakwenzeka ukuthi kwakuwukusitheka kwelanga. Okokuqala, isikhathi eside sokusitheka kwelanga nomaphi emhlabeni singaba yimizuzu engu-7 nesigamu. Okwesibili, uJesu wafa ngomhla ka-14 enyangeni kaNisani. Usuku lokuqala lukaNisani njalo luwukwethwasa kwenyanga, ngaleso sikhathi iba phakathi komhlaba nelanga futhi ingase ilisithe. Lapho kufika umhla ka-14 kuNisani, inyanga isuke isiqede isigamu somjikelezo wayo. Umhlaba usuke usuphakathi kwelanga nenyanga, okwenza ilanga libonakale ngokuphelele, esikhundleni sokuba lisitheke. Ngakho, sibona inyanga egcwele, okuyisimo esihle kakhulu sokwenza iSikhumbuzo sokufa kukaJesu.
[Isithombe]
UNisani 14 njalo ufika lapho inyanga igcwele
[Umdwebo/Ibalazwe ekhasini 28, 29]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Umzila wokusitheka kwelanga
●
⇧
●
⇧
●
⇧ AFRICA
BENIN ●
⇧
TOGO ●
⇧
GHANA ●
⇧
●
⇧
●
⇧
●
⇧
●
⇧
●
[Umthombo]
Map: Based on NASA/Visible Earth imagery
[Isithombe ekhasini 28]
Ukusitheka kwelanga ngokuphelele kwango-March 29, 2006
[Isithombe ekhasini 28]
Izibuko ezikhethekile eziyisivikelo zasiza abantu ukuba bazibonele ngawabo ilanga lisitheka