Isifundo 8
Usizo Lokulungiselela
1-5. Ukulungiselela kusiza bani, futhi kungani na?
1 UPawulu, umphostoli kwabezizwe, wancengisisa isikhonzi esikanye naye uThithu uku‘bakhumbuza [amaKristu] ukuba . . . balungele imisebenzi yonke emihle.’ (Thithu 3:1) Lokho kwasho ukuthi bamelwe babengabalungele engqondweni nasesimweni esivamile sengqondo isenzo esithile sesikhathi esizayo.
2 Ukulungiselela kunosizo ngempela kunoma yiluphi uhlobo lomzamo ongokwasezulwini. Phela, lapho uhlanganyela okokuqala emsebenzini othile, kubizela ukulungiselela okwengeziwe ngokuba indima yintsha kuwe. Kepha njengoba umtapo wakho wolwazi wanda, uthola ukuthi uyakwazi ukutapa ekufundeni okwenzile ngezikhathi ezedlule, kanye nasebungcwetini obutholile. Nokho, kungakhathaleki ukuthi uhlobo oluthile lwesabelo uluphathe kangaki, ukulungiselela kuyasiza ngaso sonke isikhathi.
3 Ukulungiselela kuyadingeka, hayi kwalabo kuphela abathole isabelo senkulumo, kepha kwabo bonke abafuna ukuba-yizikhonzi ezifundiswe kahle zezindaba ezilungileyo. Ngemuva kokuba uhlanganyele emsebenzini wendlu ngendlu izinyanga noma iminyaka, uthola ukuthi awudingi isikhathi esiningi kangako sokulungiselela ngesinye nesinye isikhathi ngaphambi kokuba uphume. Nokho, uma ulungiselela ngaso sonke isikhathi uyoba-nempumelelo ngaphezulu. Kunjalo, nangokuphatha isifundo seBhayibheli. Isifundo seBhayibheli sokuqala owasiphatha sadinga ukulungiselela okukhulu kakhulu. Kepha kungakhathaleki ukuthi uyifunde kangaki leyondaba ethile, uyokwenza kangcono ekusiphatheni isifundo uma uyibukeza futhi ucabanga ngomfundi wakho othile. Kunjalo nalapho ukhuluma endaweni yesikhulumi. Ulwazi oluthole ngokuhamba kweminyaka lusiza kakhulu. Kepha lapho uthole isaziso kusengaphambili sokuthi uyonikela inkulumo, musa nanini ukuzama ukukwenza ngaphandle kokulungiselela.
4 Maqondana Nesikole Senkonzo esingokwaseZulwini, ukulungiselela kusiza kakhulu kithi sonke. Omunye nomunye umfundi unesiboniselo sesimiso sesikole futhi angaqaphela kuso izahluko zeBhayibheli noma enye indaba eyoboniswa nganoma yiluphi usuku olushiwo. Lapho ulungiselela ngaphezulu, yilapho uyothola okungaphezulu esikolweni. Ukwahluleka ukubona usizo lokulungiselela ngaphambili kungakwaphuca eziningi izinzuzo zangempela.
5 Kuthatha isikhathi ukulungiselela, kepha imiphumela iwufanele ngakhona umzamo. Ukulungiselela akwenzi kube-nokwenzeka kuphela ukuhlanganyela ngokunosizo ekubukezeni komlomo, kepha kuyakusiza ukuthola ingqondo kaJehova futhi wenze kube-ngcono ukuqonda kwakho “ulimi oluhlanzekile” lweqiniso. (Zef. 3:9, NW) Ukwenza ukulungiselelwa kwesikole ngaphambili injwayelo, ubungahle ulungiselele ukuthi okunjalo ukufunda kwenziwe namalunga omkhaya wakho noma kanye nabahlobo. Phela, bonke ababhalise esikolweni banamathuba okunikela izinkulumo, nokusikisela okuthile ngendlela yokuzilungiselela kuyosiza.
6. Sifanele sisilungiselele kanjani isabelo sokufunda esikolweni senkonzo na?
6 Izabelo zokufunda. Ngezinye izikhathi izabelo zokufunda zingahle zihlelwe njengengxenye yesimiso Sesikole Senkonzo esingokwaseZulwini. Ukulungiselela isabelo esinjalo, fundisisa indaba. Jwayelana nokuphinyiselwa kwamagama namazwi alukhuni. Zijwayeze ngezwi elikhulu ukufinyelela ekunikeleni okunjengengxoxo, okuqephuzayo kwendaba ngaphandle kokukhukhuza noma amaphutha. Futhi hlolisisa ukuqiniseka ukuthi indaba inganikezwa ngesikhathi esabelwe.
7-11. Ekuthuthukiseni inkulumo ethathwe endatshaneni ekhishiwe, yikuphi ukucabangela okuyosiza ekukhetheni indaba eqondene-ngqo yokusetshenziswa na?
7 Ukuthuthukisa inkulumo endatshaneni ekhishiwe. Into yokuqala yokwenziwa ngaloluhlobo lwenkulumo wukufundisisa indaba eyabelwe. Dwebela ngaphansi amaphuzu amakhulu noma loba uhlaka lwenkulumo olufushane lwamaphuzu amakhulu epheshaneni. Thola umbono okhanyayo wemiqondo eyinhloko ethuthukisiwe. Manje, iyiphi indaba oyoyikhetha, njengoba kukhona engaphezulu kunongayisebenzisa ngesikhathi esabelwe na? Izinto ezithile bezingahle ziphathe ngokunosizo ukukhethwa kwendaba: (1) Izilaleli zakho nokuhlelwa—uma ukuhlelwa kuyosiza ukubonisa indlela indaba engasetshenziswa ngayo ngendlela eyenzekayo, nokwe(2) isihloko sakho nokusetshenziswa okuqondene-ngqo kwendaba okumelwe kwenziwe.
8 Ucabangela izilaleli zakho, uyothanda ukukhetha indaba endatshaneni ekhishiwe eziyoyifumana ithakazelisa futhi inosizo. Uma ezinye izigaba zendaba ekhishiwe zingathi zinzima ezilalelini ezithile, cabangisisa-ke ngezinye izigaba. Nemibhalo embalwa ekhethiwe iyokhanyisa isizathu sezinto ozishoyo. Uma ucabangela izilaleli zakho, awunakuzama ukuhlanganisa indaba eningi ngokweqile, ngokuba, uma uyisheshisa, oluningi usizo lwayo luyolahleka. Njalo kungcono ukuhlanganisa amaphuzu ambalwa kahle.
9 Ngeziningi izinkulumo zabafundi, kunosizo ukuba-nokuhlelwa okuqondene-ngqo kokunikela kwakho. Ubungahle unikele indaba yakho sengathi ubukhuluma nothile emsebenzini wendlu ngendlu; noma bekungahle kube-wukuphendula umbuzo empindelweni; noma mhlawumbe ukwenziwa kokufakaza kokwethukela. Ubungahle ngisho ukunikeze sengathi ubuchazela omunye wabantwana bakho indaba. Kukhona okuningi okunye ukuhlelwa obekungasetshenziswa. Into ebalulekile lapho ukuhlelwa kusetshenziswa wukuthi kube-ngokukhona ngempela ngangokunokwenzeka. Njalo cabangisisa ngendaba yokuhlelwa. Yixoxe nabanye abamemezeli futhi, ngokuba bangahle babe-nokuthile ukusikisela okuhle.
10 Yisiphi isihloko osikhethile futhi yikuphi ukusetshenziswa oyokwenza kwendaba na? Khetha indaba endatshaneni ekhishiwe evumelanayo. Khipha amaphuzu anganikeli ngempela esihlokweni sakho nomgomo wenkulumo yakho. Ngokuvamile, imiqondo efanele ihlanganiswe ikhona lapho endatshaneni, njalo kungcono ukucabangisisa ngaleyo kunokuzama ukungenisa eningi kakhulu indaba engaphandle. Lokhu akusho, phela, ukuthi umfanekiso ofanele ubungenakungeniswa, noma elinye iphuzu elithile eliyosiza izilaleli zakho ukwazisa ukuba-nosizo kwendaba eyabelwe. Lapho kunokwenzeka khona, qiniseka ukusebenzisa indaba yakho ezilalelini zakho ukuze zonke zithole inzuzo enkulu kakhulu.
11 Ngemuva kokukhetha isihloko sakho nokuhlelwa, ungahle ufumane ukuthi ezinye izigaba zendatshana ekhishiwe azithi khaxa kahle enkulumweni yakho. Akudingeki usebenzise imiqondo yazo zonke izigaba. Kepha yenza lokhu: Zama ukukhetha isihloko nokuhlelwa okuyokuvumela ukusebenzisa indaba eningi ngangoba kunengqondo.
12. Besingaqhubeka kanjani nokuthuthukisa olwabiwe uhlu lwemibhalo lube-yinkulumo na?
12 Ukuthuthukisa uhlu lwemibhalo lube-yinkulumo. Ngezikhathi ubungahle wabelwe oluthile uhlu lwemibhalo, mhlawumbe ethathwe encwajaneni IZihloko ZeBhayibheli Zengxoxo noma encwadini Ukubonisana NgemiBhalo uma itholakala ngolimi lwakho. Umgomo wakho-ke wukuthuthukisela lemibhalo enkulumweni evamile noma ekunikeleni okunjengokunikezwa enkonzweni yasensimini. Uma ohlwini kukhona imibhalo engaphezu kongayihlanganisa ngesikhathi esabelwe, khetha leyo ofuna ukuyisebenzisa. Kuhle kakhulu ukungazami ukusebenzisa ngaphezu kongakuhlanganisa ngokuphumelelayo ngesikhathi esitholakalayo. Bese uhlaziya omunye nomunye umbhalo oyowusebenzisa. Nquma isizathu sakho sokuwusebenzisa. Lungiselela ukunikela ngendlela yokuthi ukwethula kwakho omunye nomunye umbhalo kukhombe esizathwini sakho sokuwusebenzisa. Nendlela ofunda ngayo umbhalo ifanele igcizelele ingxenye eyisihluthulelo yawo. Ekugcineni, ukuwusebenzisa kwakho kuyongenisa umcabango omkhulu.
13-15. Yiziphi izinyathelo ebezingahle zithathwe ngokunosizo ekuthuthukiseni inkulumo ngesihloko esabiwe lapho kungekho-ndaba ekhishiwe eqondene-ngqo ekhonjiwe njengesisekelo saleyonkulumo na?
13 Lapho wabelwe khona isihloko kuphela. Kuyokuba nezikhathi, noma Kusesikolweni Senkonzo esingokwaseZulwini, umhlangano womsebenzi noma ezinye izimiso, lapho ungahle ucelwe khona ukunikela inkulumo wabelwe isihloko kuphela. Akukho-ndaba eqondene-ngqo onikezwa yona ukuyisebenzisa njengesisekelo sokunikela kwayo. Ezindabeni ezinjalo nansi inqubo etuswayo: Funa engqondweni yakho futhi ulobalobe amaphuzu okholwa wukuthi ayofanela ukuthuthukiswa. Lesosinyathelo sokuqala sibalulekile. Lokhu yilokho okungahle kunqume noma inkulumo yakho iyoqabula ekuthuthukisweni kwayo, noma ibe-nje yimpinda yemicabango yabanye abantu. Ingahle futhi ivimbele okuthile okuyize ukufuna nokufunda, ngokuba iyobe inciphise indawo yokucwaninga kwakho. Ngaphezu kwalokho, kuyokwenzeka ngaphezulu iphumele enkulumweni eshiwo ngendlela yakho yenkulumo kunangendlela engesibo ubuntu bakho. Kungahle kusize nokuxoxa ngesihloko sakho nabantu abavuthiwe. Bangahle babe-nemicabango emihle ngendlela isihloko ebesingahle sithuthukiswe ngayo.
14 Ngemuva kwalokho usulungele ukwengeza kweyakho indaba ngokucwaninga eBhayibhelini nakwezinye izincwadi ngosizo lwenkomba yeBhayibheli nezinkomba zeSociety. Ngokuvamile ungathola okuningi kunoma iyiphi incwadi oyisebenzisela ukucwaninga ngokuhlola uhlu lokuqukethwe kuqala. Bese uhlola inkomba ukubona lapho indaba eyokusiza kakhulu ifunyanwa khona. Ukuba-ngokhethayo kuyokongela isikhathi esiningi. Ekufundeni kwakho kukhona ingozi yokuphambukiswa ngamanye amaphuzu athakazelisayo ohlangana nawo lawo, nokho, angahlangene nesihloko sakho sangalesosikhathi. Xwaya lokhu ngokufunda indaba ngokushwaphuluza, uphawula kuphela lezozingxenye ongazisebenzisa. Kaningi omelwe ukwenze nje wukuloba umusho oyisihloko wesinye nesinye isigaba bese ufunda lezozigaba kuphela esengathi zifanele kakhulu ukusetshenziswa nguwe.
15 Ngemiqondo yakho naleyo ekhethwe kweminye imithombo, manje usulungele ukukhetha amaphuzu amahle kakhulu angathuthukiswa ngesikhathi owabelwe sona. Ekukhetheni kulendaba eningi, zibuze imibuzo enjengalena: Inosizo na? Iyathakazelisa na? Iyosiqokomisa isihloko sami na?
16, 17. Yikuphi ukusikisela okunikezwayo ngokuloba na?
16 Ukuloba. Ekulungiseleleni nasekucwaningeni noma yisiphi isabelo sokukhuluma kudingeka indlela yokwazi okwenzayo ngemiqondo eminingi ethuthukayo. Abanye abafundi bakufumane kunosizo ukusebenzisa amakhajana amancane noma amapheshana, beloba kwelinye nelinye othile umqondo omkhulu omelwe usetshenziswe enkulumweni.
17 Okulotshiweyo kungahle kube-kufushane kakhulu, ngokuvamile kwanele nje ukukukhumbuza ngomqondo. Usizo lwalokhu wukuthi okulotshiweyo okufushane kufanelana nokunikela okungahloswanga, kunokubambelela ngokuqinile emishwanweni nasemishweni etshelekwe komunye. Loba umthombo wemiqondo yakho ukuze ukwazi ukuthola ikhasi nesigaba futhi, uma kudingekile. Omunye nomunye umbhalo omkhulu okuyokwencika kuwo njengegunya nawo ufanele ulotshwe. Olunye usizo ekusetshenzisweni kwamakhadi noma amapheshana wukuthi emisha ingengezwa neminye ikhishwe phakathi nokulungiselelwa kwenkulumo, ngaphandle kwendingeko yokuloba futhi okuningi.
18. Kungani sifanele sifune ukuba-ngabantu abalungiselele na?
18 Abantu abalungiselele. Uma kungake kube-khona isijwayezi sokudebesela umsebenzi wasekhaya ngokuhlangene nanoma yisiphi isabelo esingokwasezulwini, ubuyokwenza kahle ukuzindla ngokubaluleka kokuba-ngolungiselele kwalabo abebeyothola ukuvunyelwa kukaJehova. Khumbula, ngokwesibonelo, ukuthi uJohane uMbhapathizi wayethunywe “ukulungisela iNkosi [uJehova] isizwe esilungiselweyo.” (Luka 1:17) LawomaIsrayeli aye‘lungiselele’ kwakungabantu ababevume ukuthonywa ngokunosizo wukusebenzelana kwabo noJehova ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi ayebacabangela wona. Kunjalo nangathi: Ngokusizakala ngokugcwele Ngesikole Senkonzo esingokwaseZulwini nokulungiselela kahle esinye nesinye isabelo, sivumela ukuba sithonywe yilesisimiso semfundo uJehova asilungiselele. Ngalendlela nathi sibangabahlonyiselwe inkonzo ephumelelayo njengezikhonzi zikaNkulunkulu.