-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1990 | Mashi 15
-
-
Imibuzo Evela Kubafundi
◼ NgokukaMathewu 7:13, 14 noLuka 13:24 ingabe kumelwe siphethe ngokuthi ngisho nasovukweni, abantu abaningi bayokwenqaba ukukhulekela kweqiniso?
Cha, lamavesi awasikiseli lesiphetho. Kunalokho, abhekisela ngokukhethekile ekuzuzeni ukuphila eMbusweni wasezulwini.
-
-
Imibuzo Evela KubafundiINqabayokulinda—1990 | Mashi 15
-
-
Incazelo kaLuka 13:24 iyafana, njengoba kuboniswa umongo. UJesu wanikeza imifanekiso emibili ‘ngoMbuso kaNkulunkulu.’ Kamuva, wabuzwa: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” UJesu waphendula: “Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.” “Abaningi” babhekisela kubantu ababecela ukungeniswa emva kokuba umnyango usuvaliwe futhi wahluthulelwa. Laba ‘babengabasebenzi bokungalungi’ ababengakufanelekeli ukuba ‘noAbrahama, noIsaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu.’ Laba “abaningi” babecabanga ukuthi bazoba ngabokuqala “embusweni kaNkulunkulu,” kodwa empeleni babezoba abokugcina, ngokuqinisekile okusho ukuthi babengeke babekhona kuwo ngokuphelele.—Luka 13:18-30.
Umongo ubonisa ukuthi uJesu wayekhuluma ngokungena eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. Emuva ngalesosikhathi abaholi abangamaJuda kwase kukudala bejabulela isikhundla esikhethekile, benenkululeko yokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Babecabanga ukuthi bacebile ngokomoya futhi balungile emehlweni kaNkulunkulu, ngokuphambene nabantu abavamile, labo ababebabhekela phansi. (Johane 9:24-34) Nokho, uJesu wathi abathelisi nezifebe ezamukela isigijimi sakhe futhi zaphenduka zaziyothola ukuvunyelwa uNkulunkulu.—Qhathanisa uMathewu 21:23-32; Luka 16:14-31.
Abantu abavamile ababa abafundi bakaJesu babesesimweni sokwamukelwa njengamadodana omoya lapho ubizo lwasezulwini luqalisa ngePentekoste lika-33 C.E. (Heberu 10:19, 20) Nakuba izixuku eziningi zamuzwa uJesu, labo abamamukela futhi kamuva bathola ithemba lasezulwini babembalwa. Kodwa umhlambi omncane wabantu abazelwe ngomoya abamukela lesosipho bangafaniswa noJakobe ehleli etafuleni ezulwini noJehova (uAbrahama oMkhulu) neNdodana yakhe (efanekiselwa uIsaka). Ngokuqinisekile lokho kwakufanelwe umzamo wentshiseko, kodwa abaningi abezwa uJesu abazange bawenze.
Ngakho-ke, singabona ngokwalomongo ukuthi kuzo zombili izindawo inkulumo kaJesu (ekhuluma ngabayingcosana abasendleleni eyingcingo eyisa ekuphileni futhi abasindiswayo) yayibhekisele ngokuyinhloko ekutholeni ukuvunyelwa uNkulunkulu ngalesosikhathi lapho enikeza amathemba okuphila kwasezulwini. Ngokuqhathanisa bambalwa kulabo abezwa isigijimi seqiniso futhi bafunda lokho okwakufuneka abasabela futhi bazibonakalisa bethembekile.—Mathewu 22:14; 24:13; Johane 6:60-66.
-