Ingabe Okuhlelayo Kuvumelana Nenjongo KaNkulunkulu?
INYONI okuthiwa i-Clark’s nutcracker iyinyoni empungana ecula kamnandi engabonakala ilokhu igxumagxuma emahlathini entshonalanga yeNyakatho Melika. Iqoqa futhi igqibe izinhlamvu ezingaba ngu-33 000 ngonyaka, izibeke ezindaweni ezihlukene ezingaba ngu-2 500 ilungiselela izinyanga ezibandayo zasebusika. Ngempela, le nyoni ‘ihlakaniphe ngokomzwelo wemvelo’ ngendlela elungiselela ngayo isikhathi esizayo.—IzAga 30:24.
Abantu banekhono elimangalisa ngisho nakakhulu. Phakathi kwazo zonke izinto ezisemhlabeni uJehova azidalile, abantu banekhono elingeqhathaniswe lokufunda ezintweni ezidlule nokuvumela lezo zifundo ukuba zithonye abakuhlelela isikhathi esizayo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Maningi amacebo asenhliziyweni yomuntu.”—IzAga 19:21.
Noma kunjalo, ngokuvamile abantu bayophoqeleka ukuba basekele abakuhlelayo emibonweni engaqinisekisiwe ngekusasa. Ngokwesibonelo, uhlela izinto ozozenza kusasa uzitshela ukuthi ilanga lizophuma futhi uzobe usaphila. Umbono wokuqala uqinisekisiwe; owesibili uwukuqagela. Ebhekana neqiniso, umlobi weBhayibheli uJakobe wathi: ‘Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.’—Jakobe 4:13, 14.
UJehova uNkulunkulu akanakho ukulinganiselwa okunjalo. Wazi “isiphetho kwasekuqaleni.” Injongo yakhe ayivezile iyogcwaliseka nakanjani. Uthi: “Injongo yami iyokuma, futhi ngizokwenza konke okungijabulisayo.” (Isaya 46:10) Kodwa kwenzekani lapho amacebo esintu engqubuzana nenjongo kaNkulunkulu?
Lapho Amacebo Abantu Ephikisana Nenjongo KaNkulunkulu
Eminyakeni engaba ngu-4 000 edlule, abakhi boMbhoshongo waseBhabhele baceba ukuvimbela ukusabalala kwesintu. Bathi, “Wozani! Masizakheleni umuzi kanye nombhoshongo onesiqongo esisemazulwini, sizenzele igama lodumo, funa sihlakazeke phezu kwawo wonke umhlaba.”—Genesise 11:4.
Kodwa, injongo kaNkulunkulu ngomhlaba yayihluke kakhulu. Wayeyale uNowa namadodana akhe: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.” (Genesise 9:1) UNkulunkulu wabhekana kanjani nemigomo yabantu baseBhabhele abavukelayo? Waphithanisa ulimi lwabo bangabe besakwazi ukukhulumisana. Waba yini umphumela? “Ngakho ukusuka lapho uJehova wabahlakazela phezu kwawo wonke umhlaba.” (Genesise 11:5-8) Abakhi baseBhabhele baphoqeleka ukuba bafunde isifundo esibalulekile. Lapho amacebo abantu nenjongo kaNkulunkulu kungafani, “yinjongo kaJehova eyokuma.” (IzAga 19:21) Ingabe uyazivumela izifundo ezinjalo zangesikhathi esidlule ukuba zithonye ukuphila kwakho?
Ubuwula Bendoda Ecebile
Ungase ungahleli ukwakha umbhoshongo, kodwa abantu abaningi namuhla bahlela ukuqongelela imali eningi ebhange nezinto ezibonakalayo ukuze baphile kamnandi lapho sebethathe umhlalaphansi. Kungokwemvelo ukuba umuntu afune ukujabulela izithelo zezithukuthuku zakhe. USolomoni wabhala: “Wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima.”—UmShumayeli 3:13.
Siyolandisa kuJehova ngendlela esisisebenzisa ngayo lesi sipho. Cishe eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, uJesu wagcizelela leli phuzu kubalandeli bakhe ngokwenza umfanekiso. Wathi: “Izwe lomuntu othile ocebile lakhiqiza kahle. Ngenxa yalokho wazindla ngaphakathi kuye, ethi, ‘Ngizokwenzenjani njengoba ngingasenandawo yokubuthela izilimo zami?’ Ngakho wathi, ‘Ngizokwenza lokhu: Ngizodiliza izinqolobane zami ngakhe ezinkulu kunazo, ngibuthele khona ukudla kwami nazo zonke izinto zami ezinhle; futhi ngizothi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, unezinto eziningi ezinhle ezibekelelwe iminyaka eminingi; khululeka, udle, uphuze, uzijabulise.”’” (Luka 12:16-19) Umgomo wale ndoda ecebile uzwakala unengqondo, akunjalo? Njengaleya nyoni okukhulunywe ngayo ekuqaleni, i-Clark’s nutcracker, indoda esemfanekisweni kwabonakala ilungiselela izidingo zayo zesikhathi esizayo.
Kodwa ukucabanga kwale ndoda kwakunephutha. UJesu waqhubeka: “Kodwa uNkulunkulu wathi kuye, ‘Muntu ongenangqondo, ngalobu busuku bayawufuna umphefumulo wakho kuwe. Khona-ke, ubani ozothola izinto ozibekelele?’” (Luka 12:20) Ingabe uJesu wayephikisa amazwi kaSolomoni athi ukusebenza nezinto ezinhle okuzilethayo kuyizipho ezivela kuNkulunkulu? Cha. Wayeqonde ukuthini uJesu? Wathi: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:21.
UJesu wayefundisa izilaleli zakhe ukuthi uJehova ufuna simhilele kulokho esikuhlelayo. Indoda ecebile yayingaba ecebile kuNkulunkulu ngokufuna izindlela zokuthuthuka ekuzinikeleni kuYe, ekuhlakanipheni nasothandweni. Amazwi aleyo ndoda ayebonisa ukuthi yayingenandaba nezinto ezinjalo, ngisho nokushiya izilimo ezithile ukuze abampofu bakhothoze, nokunikela iminikelo yesipho kuJehova. Ukuphishekela izinto ezinjalo ezingokomoya nezenzo zokuzidela kwakungeyona ingxenye yokuphila kwale ndoda ecebile. Eyayikuhlela kwakuphathelene nezifiso nokunethezeka kwayo kuphela.
Uke waphawula yini ukuthi abantu abaningi namuhla banemigomo ekuphileni efana neyendoda ecebile eyachazwa uJesu? Kungakhathaliseki ukuthi sicebile noma simpofu, kulula kakhulu ukuba nesimo sengqondo sokuthanda izinto ezibonakalayo, sivumele izidingo nezifiso zansuku zonke ukuba zichilize izidingo ezingokomoya. Yini ongayenza ukuze ugweme lolo gibe?
Ukuhlela Ukuphila “Okuvamile”
Ngokungafani nendoda ecebile esemfanekisweni kaJesu, kungenzeka ukuthi udonsa kanzima ngokwezimali. Noma kunjalo, uma ushadile, akungabazeki ukuthi uhlela ukunakekela izidingo zomkhaya wakho, futhi uma kungenzeka, unikeze izingane zakho imfundo enhle eyisisekelo. Uma ungashadile, kungenzeka ukuthi izinhlelo zakho zihlanganisa ukuthola umsebenzi noma ukulondoloza lowo onawo, ukuze ungabi umthwalo kwabanye. Lena imigomo emihle.—2 Thesalonika 3:10-12; 1 Thimothewu 5:8.
Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi ukusebenza, ukudla nokuphuza—ukuphila ngendlela ebhekwa njengevamile—kwenze umuntu angavumelani nentando kaNkulunkulu. Kanjani? UJesu wathi: “Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu. Ngoba njengoba babenjalo ngalezo zinsuku zangaphambi kukazamcolo, bedla, bephuza, amadoda eshada nabesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi benganakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:37-39.
Ngaphambi kukaZamcolo, abantu ngokuvamile babejabulela lokho okungenzeka babekubheka njengokuphila okuvamile. Kodwa, inkinga yabo kwakuwukuthi ‘abayinakanga’ injongo kaNkulunkulu yokukhukhula lelo zwe elibi ngozamcolo womhlaba wonke. Akungabazeki ukuthi babecabanga ukuthi indlela yokuphila kaNowa yayingavamile. Kodwa, lapho kufika uZamcolo, yindlela yokuphila kaNowa nomkhaya wakhe eyabonakala ihlakaniphe ngempela.
Namuhla, bonke ubufakazi obukhona bubonisa ukuthi siphila esikhathini sokuphela. (Mathewu 24:3-12; 2 Thimothewu 3:1-5) Maduze, uMbuso kaNkulunkulu ‘uzochoboza uqede’ isimiso samanje sezinto. (Daniyeli 2:44) Ngaphansi kwalowo Mbuso, umhlaba uyoguqulwa ube yipharadesi. Lo Mbuso uyoqeda ukugula nokufa. (Isaya 33:24; IsAmbulo 21:3-5) Zonke izidalwa zasemhlabeni ziyophila ngobunye ngaphandle kwendlala.—IHubo 72:16; Isaya 11:6-9.
Kodwa ngaphambi kokuba athathe isinyathelo, uJehova uhlose ukuba izindaba ezinhle zoMbuso wakhe ‘zishunyayelwe emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’ (Mathewu 24:14) Ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova abangaba yizigidi ezingu-7 bashumayela lezi zindaba ezinhle emazweni angu-236 ngezilimi ezingaphezu kwamakhulu amane.
Kubantu baleli zwe, indlela yokuphila yoFakazi BakaJehova ingase ibonakale ingavamile ngezindlela ezithile—mhlawumbe iwubuphukuphuku. (2 Petru 3:3, 4) Njengabantu abaphila ngaphambi kukaZamcolo, abaningi namuhla bamatasa ngenqubo yokuphila yansuku zonke. Noma ubani owenqabayo ukuphila ngendlela umphakathi oyibheka njengevamile bangase bambheke njengomuntu ongaphilile kahle. Kodwa ngokombono walabo abanokholo kuNkulunkulu, ukuphila okugxile ekukhonzeni uNkulunkulu yikona kuphila kwangempela.
Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma umpofu noma uphakathi nendawo, kuwukuhlakanipha ukude ubukeza izinhlelo zakho ngekusasa eliseduze. Njengoba wenza kanjalo, zibuze, ‘Ingabe engikuhlelayo kuyavumelana nenjongo kaNkulunkulu?’
[Isithombe ekhasini 11]
Lapho amacebo esintu nenjongo kaNkulunkulu kungqubuzana, yinjongo kaJehova eyokuma
[Isithombe ekhasini 12]
Lapho iceba amacebo ayo, indoda ecebile esemfanekisweni kaJesu yehluleka ukugxila enjongweni kaNkulunkulu