Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Hlalani Nilindile!
NGEMVA kokuxwayisa izixuku ngokuhaha, nokuxwayisa abafundi bakhe ngokunaka izinto ezibonakalayo ngokweqile, uJesu uyakhuthaza: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.” Ngaleyondlela wembula ukuthi inani elincane ngokuqhathaniswa elaphawulwa kamuva njengeliyizi-144 000 kuphela eliyoba seMbusweni wasezulwini. Iningi lalabo abamukela ukuphila okuphakade liyoba izikhonzi zasemhlabeni zoMbuso.
Yeka isipho esimangalisayo, “umbuso”! Echaza ukusabela okufanelekile okufanele abafundi babe nakho lapho besithola, uJesu uyabanxusa: “Thengisani ngeninakho, niphe abampofu.” Yebo, kufanele basebenzise imicebo yabo ekuzuziseni abanye ngokomoya futhi ngaleyondlela bazibekele “ingcebo engapheliyo ezulwini.”
Ngokulandelayo uJesu uyala abafundi bakhe ukuba bahlale bekulindele ukubuya kwakhe. Uthi: “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. Zibusisiwe lezozinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: lyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.”
Kulomfanekiso, ukuhlala kwezinceku zilindile ekubuyeni kwenkosi yazo kuboniswa ngokukhuphula kwazo izingubo zazo ezinde futhi zizibophe ezinkalweni zazo futhi ziqhubeka zinakekela izabelo zazo ubusuku bonke zikhanyiselwe izibani ezigcwaliswe kahle ngamafutha. UJesu uyachaza: ‘Noma inkosi ifika ngomlindo wesibili [kusukela ngehora lesishiyagalolunye kusihlwa ukuya phakathi kwamabili] noma ngowesithathu [kusukela phakathi kwamabili ukuya cishe ehoreni lesithathu ekuseni], izifumane zilindile, zibusisiwe zona lezo!’
Inkosi ivuza izinceku zayo ngendlela engavamile. Izihlalisa etafuleni bese iqala ukuzikhonza. Ayiziphathi njengezigqila, kodwa njengabangane abathembekile. Yeka umvuzo omuhle wokuqhubeka kwazo zisebenzela inkosi yazo ubusuku bonke zisalindele ukubuya kwayo! UJesu uyaphetha: “Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”
Manje uPetru uyabuza: “Nkosi, usilandisa thina lomfanekiso nokuba bonke na?”
Kunokuba aphendule ngokuqondile, uJesu unikeza omunye umfanekiso. “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo,” ebuza, “inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho? Ibusisiwe leyonceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo. Impela ngithi kini: lyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.”
Ngokusobala “inkosi” inguJesu Kristu. “Umphathi” ufanekisela ‘umhlambi omncane’ wabafundi njengendikimba ehlangene, futhi ‘abendlu’ babhekisela kuleliqembu elifanayo labayizi-144 000 abamukela uMbuso wasezulwini, kodwa kuqokomisa umsebenzi wabo njengabantu ngabanye. ‘Lokho [inkosi] enakho’ umphathi othembekileyo amiswe ukuba akunakekele kuyizithakazelo zasebukhosini zenkosi ezisemhlabeni, ezihlanganisa nezikhonzi zoMbuso zasemhlabeni.
Eqhuba lomfanekiso, uJesu ukhomba ekubeni nokwenzeka kokuthi akuwona wonke amalungu alesosigaba somphathi noma senceku, ayothembeka, uyachaza: “Uma leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika, iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe, inkosi yaleyonceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo . . . , iyakushaywa imivimbo eminingi.”
UJesu uyaqhubeka ephawula ukuthi ukufika kwakhe kuye kwalethela amaJuda isikhathi esinjengomlilo, njengoba abanye bezamukela futhi abanye bezenqaba izimfundiso zakhe. Eminyakeni engaphezu kwemithathu ngaphambiii, wabhapathizwa emanzini, kodwa manje ubhapathizo lwakhe lwasekufeni lulokhu lusondela esiphelweni, futhi njengoba esho: ‘Ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke!’
Ngemva kokuqondisa lamazwi kubafundi bakhe, uJesu uphinde akhulume nezixuku. Uyadabuka ngokwenqaba kwazo kwenkani ukwamukela ubufakazi obucacile bokuthi ungubani nokubaluleka kwabo. “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga,” uyaphawula, “masinyane nithi: Iyeza imvula, kube-njalo. Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: Lizakubalela, kubenjalo. Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesisikhathi na?” Luka 12:32-59.
◆ Bangaki abakha ‘umhlambi omncane,’ futhi bamukelani?
◆ UJesu usigcizelela kanjani isidingo sokuba izinceku zakhe zihlale zilindile?
◆ Emfanekisweni kaJesu, ingubani “inkosi,” “umphathi,” “abendlu,” nalokho ‘[inkosi] enakho’?