‘Yimuphi-ke Umphathi Othembekileyo Noqondileyo?’
“[Yi]muphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo?”—Luka 12:42.
1. Mdala kangakanani umbuzo ophambi kwethu, futhi yini labo abangayitholi impendulo abehluleka ukuyithola?
LOMBUZO manje usungaphezu kweminyaka eyi-1 900 ubudala. Amakhulu ezinkulungwane amaningi namuhla acabanga ukuthi ayitholile impendulo. Abangayitholi impendulo bayahluleka ukuthola izinzuzo ezithinta isikhathi sabo esizayo saphakade. Umbuzo uthi: “[Yi]muphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?”—Luka 12:42.
2. (a) Umbuzo waphakanyiswa nini okokuqala, uphakanyiswa ubani? (b) Lombuzo kumelwe ukuba unenselele, kobani futhi ngani?
2 Umbuzo waphakanyiswa okokuqala ezweni eliseMpumalanga Ephakathi kwaIsrayeli. Isikhathi kwakungonyaka ka-32 weSikhathi sethu Esivamile, phakathi komkhosi wamadokodo wakwaIsrayeli ekwindla nomkhosi wokuvulwa kwethempeli labo elalakhiwe kabusha eJerusalema ekuqaleni kobusika. Umuntu ophakamisa lombuzo kuye kwaphikiswana ngaye ezweni kabanzi. Igama lakhe uJesu Kristu. Umbuzo wakhe kufanele ukuba unenselele ekhethekile kweLobukholwa, njengoba likhuluma ngaye njenge“Nkosi” futhi lithi ligcwele abafundi bakhe.
3, 4. (a) Izilaleli zikaJesu zazinesithakazelo kukuphi, futhi ngalokho yini azitshela ukuba zingayesabi? (b) Imiphi imifanekiso emibili uJesu ayinikeza ngokuqondene nesidingo sokuba bahlale belindile?
3 Ngokulandisa kweBhayibheli, umbuzo ohlolayo waphakanyiswa ekuphenduleni omunye umbuzo futhi waqondiswa kubantu ababenesithakazelo kuhulumeni omkhulu kunabo bonke abake babakhona emhlabeni, umbuso woMdali wezulu nomhlaba, “umbuso kaNkulunkulu.” Kungakho uJesu Kristu athi ngaphambili ezilalelini zakhe ezingamaIsrayeli: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso. Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli-sela, kungoni-nundu khona. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, lapho iyakuba-khona nenhliziyo yenu.
4 “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. Nani yibani-njengabantu ababheké inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. Zibusisiwe lezozinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze. Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo. Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe. Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”—Luka 12:32-40.
5. (a) UPetru wawabiza ngokuthini amazwi kaJesu entshumayelo, futhi impendulo kaJesu singayibiza ngokuthi iyini? (b) Umbuzo kaPetru ngokuqondene nokusebenza kwamazwi kaJesu uphakamisa muphi umbuzo ngokuqondene nendlela amazwi kaJesu ayimpendulo asebenza ngayo?
5 Lokho iNkosi uJesu Kristu eyakusho lapho umphostoli uPetru wakubiza ngokuthi u“mfanekiso,” ngoba ukulandisa kukaLuka kuqhubeka kuthi: “UPetru wayesethi kuye: Nkosi uwutshela thina lomfanekiso [parabolé] noma bonke na?” (Luka 12:41, Revised Standard Version nezinye izinguqulo) Ngakho, ngokunengqondo, uJesu akusho ekuphenduleni kuyocatshangelwa njengomfanekiso, owawufanekisela noma uchaza izinto ezithile ezingokoqobo ezaziyokuba khona esikhathini esizayo. Okungukuthi, impendulo kaJesu kuLuka 12:42-44 yayiyokuba ingxenye yomfanekiso wo“mphathi othembekile nohlakaniphileyo.” (RSV) Njengoba manje sihlola umfanekiso, kumelwe sigcine engqondweni umbuzo kaPetru, okusebenza kwawo kuqhubekela kulomfanekiso olandelayo, othi, “Nkosi uwutshela thina lomfanekiso, noma wonke umuntu na?” (Luka 12:41, New International Version; The Living Bible) Ngakho-ke, siyabuza, Ingabe lomfanekiso wo“mphathi” usebenza esigabeni, isigaba esiwu“thina,” abaphostoli abayi-12 bakaJesu Kristu, noma kuwo wonke umuntu owayelalele uJesu, futhi namuhla, kunoma ubani ofunda umfanekiso kaJesu kungakhathaliseki uhlobo lwenkolo yakhe ngaphakathi noma ngaphandle kweLobukholwa? Ingabe umfanekiso uyindaba yesigaba noma yomuntu oyedwa?
“INKOSI YAKHE”
6. UJesu wawuphendula ngamuphi umfanekiso umbuzo kaPetru?
6 UJesu akawuphendulanga ngokuqondile umbuzo kaPetru ngokuqondene no“mfanekiso” ongaphambili, kodwa wanikeza omunye umfanekiso ekuphenduleni, ethi: “[Yi]muphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho? Ibusisiwe leyonceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo. Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.”—Luka 12:42-44.
7. Inkosi yo“mphathi” ifanekisela bani, futhi ngalokho isiphi isimo abahlangene naleyo“nkosi” okumelwe babe naso phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto’?
7 Akekho ongangabaza ukuthi “inkosi” yomphathi othembekileyo ifanekisela umlandisi womfanekiso ngokwakhe, iNkosi uJesu Kristu. Emfanekisweni owaphakamisa umbuzo kaPetru uJesu uzifanisa nomyeni, lowo, ngenxa yezimo ezithile zomcimbi womshado, obuya ekhaya ngehora elingaziwa ebusuku noma ekuthatheni kokusa. (Luka 12:35-40) Khona-ke, ngokuqinisekile, abahilelekile ekugcwalisekeni komfanekiso kaJesu kumelwe bahlale belindile, ikakhulukazi phakathi ‘nesiphelo salesisimiso sezinto.’—Math. 24:3.
8. UJesu Kristu uye waba “inkosi” phezu “kwabendlu” kusukela nini, futhi isAmbulo 7:1-8 sibachaza kanjani?
8 Endabeni yomfanekiso womphathi, inkosi ina“bendlu,” umphathi ngokwakhe angomunye wabo. Lokhu kuvumelana neqiniso lokuthi umlandisi womfanekiso, iNkosi uJesu Kristu, unabendlu ngengqondo engokomoya. Ngokuqondene nalokho, kulotshiwe kumaHeberu 3:4-6: “Kepha owakha konke uNkulunkulu. UMose kambe wayethembekile endlini yaKhe yonke njengenceku, kuze kube-ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, kepha uKristu uthembekile njengeNdodana phezu kwendlu yakhe.” Umprofethi uMose wayephezu kwendlu yezizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli ekuqaleni kwalesosizwe. UJesu Kristu, njengoMose Omkhulu, uye waba phezu kwendlu kaIsrayeli ongokomoya kusukela ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. kwehle kuze kube manje. IsAmbulo 7:1-8 sembula ukuthi “indlu” yakhiwa uIsrayeli ongokomoya oyizi-144 000, owehlukaniswe ngezizwe eziyi-12 isizwe ngasinye sinezi-12 000. Lena “indlu” eyakhiwe abantwana bakaNkulunkulu abangokomoya, njengeNhloko yabo uJesu Kristu uqobo. Laba behlangene bakha “umhlambi omncane,” uJesu athi kuwo, uJehova uNkulunkulu uBaba wasezulwini uthandile ukuninika umbuso wezulu.—Dut. 18:15-18; Luka 12:32; IzE. 3:19-23.
9. Uma kuphikiswana ngokuthi “umphathi” ufanekisela umuntu oyedwa ongumKristu, owamiswa ekhulwini lokuqala C.E., ibuphi ubunzima okuhlangatshezwana nabo ngokuqondene nokunquma isikhathi sokufika kwenkosi?
9 Ngakho abantwana bakaNkulunkulu abangokomoya abayizi-144 000 bakha “abendlu” labo iNkosi uJesu Kristu, emisa “umphathi” phezu kwabo emfanekisweni. Uqobo lo“mphathi” ongokomfanekiso (oikonómos, ngesiGreki; so·khenʹ, ngesiHeberu—inguqulo yeDelitsch) useyindaba yokuphikisana phakathi kwabaningi abathi bangamaKristu. Uma sithi “umphathi” ufanekisela umuntu oyedwa ongumKristu, singena ebunzimeni obuxakile. Ngokwesibonelo, umfanekiso ubonisa ukuthi inkosi yomphathi ithatha uhambo oluthile, futhi ngemva kwesikhathi esingamisiwe ingekho, iyabuya ekhaya ngehora elingashiwongo. Ekhulwini lokuqala C.E. ihora eliqondile lalingenakunqunywa, ngoba ngalesosikhathi isintu sasingenazo izinto ezisizayo zamanje njengezingcingo, ukukhulumisana ngemisakazo nezinto ezihamba ngesivinini ngesikhathi esimisiwe.
10. Ibuphi ubunzima obuphakamayo ngokuqondene nobude bobudala bomuntu oyedwa ongumKristu esikhathini sokufika kwe“nkosi”?
10 Ngokwamazwi kaJesu, “umphathi” wabekwa phezu “kwabendlu” ngaphambi kokuba inkosi yakhe ithathe uhambo. Ngakho-ke, njengoba inkosi yomphathi ifanekisela iNkosi uJesu Kristu, “umphathi” wakhe wamiswa ngaphambi kohambo lokwenyukela kwakhe emuva ezulwini ezinsukwini eziyi-10 ngaphambi komkhosi wamaJuda wePentekoste lika-33 C.E. “Umphathi” kwakufanele abe ophapheme nothembekile emthwalweni wakhe wemfanelo abekwe kuwo ngesikhathi sokubuya kwenkosi yakhe. Manje sekuyiminyaka engamakhulu ayi-19 selokhu iNkosi uJesu Kristu yabuyela ekhaya likayise wasezulwini. Ngakho-ke, uma noma ubani ephika inkani yokuthi “umphathi” ongokomfanekiso ufanekisela umuntu oyedwa owumKristu ebandleni lobuKristu beqiniso, ubengaphila kanjani kuze kube namuhla ngemva kokumiswa uJesu Kristu ngo-33 wekhulu lethu lokuqala C.E.? Akekho umuntu owake waphila isikhathi eside kangako, ngisho noMetushela odumile akazange.—Gen. 5:27.
11. Ngakho, esikhundleni somuntu oyedwa ongumKristu, “umphathi” ufanekiselani, futhi ikuphi ukusekela okungokomBhalo okukhona ngokuqondene nalombono?
11 Ukucabangisisa, okusekelwe izibonelo ezifanayo ezingokomBhalo, kwenza kucace ukuthi “umphathi” (oikonómos) ufanekisela isigaba, indikimba ehlangene, okuhambelana nomuntu womthetho, umuntu womthetho njengenhlangano esemthethweni eqashelwa umthetho wezwe. Ngokwesibonelo, uJehova uNkulunkulu ubiza sonke isizwe sakwaIsrayeli ngokuthi “inceku yami engiyikhethileyo.” (Isaya 43:10) Ngendlela efanayo, “umphathi” ufanekisela “umhlambi omncane” kaIsrayeli ongokomoya, indikimba yonke yabafundi abazinikezele, ababhapathiziwe be“nkosi,” uJesu Kristu, abazelwe ngomoya kaNkulunkulu ukuba badle ifa lasezulwini ne“nkosi” yabo, uJesu okhazinyulisiwe. Lo“mphathi” ohlangene wayephapheme futhi elungele ukubekwa yiNkosi eyayihamba, futhi insali yalesosigaba so“mphathi” isemhlabeni namuhla futhi ibonakalisa ukwethembeka eNkosini uJesu Kristu. Njengoba ilungu ngalinye lithembekile futhi liqondile, isigaba sonke sinjalo?
12. Yayiyini injongo yokumisa “umphathi” phezu “kwabendlu,” futhi ingabe amaqiniso ayabonisa noma lenjongo iye yafezwa isigaba so“mphathi”?
12 Emfanekisweni “umphathi” wabekwa phezu “kwabendlu” benkosi yakhe ukuze “abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho.” (Luka 12:42) Ngesigaba so“mphathi” ohlangene lenjongo iye yagcwaliswa kwaze kwaba manje. Phakathi nekhulu lokuqala C.E. kwakunjalo, phakathi nezinsuku zabaphostoli abayi-12 bakaJesu Kristu kwehle kuze kube sekufeni komphostoli wokugcina owayesasele, uJohane, owenza ukunikela kwakhe kokugcina emiBhalweni eNgcwele ngonyaka ka-98 C.E. (Joh. 21:20-23) Manje, phakathi ‘nesiphelo salesimiso sezinto’ esaqala ngonyaka wenhlekelele ka-1914, kwakunge“sikhathi sakho” ngokukhethekile ukuba “isabelo sabo sokudla” sinikezwe “kwabendlu,” futhi kuye kwabonakala kunjalo. Insali yesigaba so“mphathi” iye yabonakalisa ukwethembeka kulokho.—Math. 24:3-14.
13. INkosi uJesu Kristu yabuya inamuphi umbono ngokuqondene nesigaba so“mphathi,” futhi yini isigaba ebesiyenza kuze kube ileso sikhathi?
13 Lokhu kuyavumelana neqiniso lokuthi iNkosi uJesu Kristu yangena emandleni oMbuso noYise wasezulwini ekupheleni kweZikhathi Zabezizwe ngo-1914 futhi kanjalo ekugcineni yathola eyayikuhambele. (Luka 19:12) Kanjalo yabuya ngokungabonakali isesimweni esingokomoya, inombono wokuba “umphathi” wayo alandise. Kuze kube sekulandiseni ukwaba “isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho” bekungumsebenzi ongemncane neze. Kodwa amalungu esigaba so“mphathi” aye asebenza ngobunye ekwabeni “ukudla” okungokomoya komunye nomunye ngokuqhubekayo njengoba uJehova uNkulunkulu abiza abanye ukuba babe izindlalifa zoMbuso, amalungu “omhlambi omncane.”
UBEKWE “PHEZU KWAKHO KONKE ENAKHO”
14. Kungani kwakuzoba isikhathi sokujabula ngo“mphathi” uma inkosi yakhe ibuya futhi imthola enza umsebenzi wakhe njengenceku?
14 Emfanekisweni wakhe wo“mphathi” othembekileyo noqondileyo, iNkosi uJesu Kristu, wakhuluma ngaye njenge“nceku” futhi wathi: “Ibusisiwe leyonceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo.” Ngani? uJesu uthi: “Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.”—Luka 12:43, 44.
15. Kungani ukumiswa ko“mphathi” phezu “kwakho konke” inkosi yakhe “enakho” kungokujabulisayo kuye?
15 Lokhu kusho ukuthi, njengomvuzo wokubonisa kwayo ukwethembeka nokuqonda nokuhlala kwayo iphapheme ekulindeleni ukubuya kwenkosi yayo, “inceku” inikezwe umthwalo wemfanelo omkhulu njengo“mphathi.” Lokhu kwakungenzeka. Kungani kunjalo? Ngoba inkosi iye yathola okuthile ngokuphumelelayo ohambweni lwayo futhi yabuya isinokuningi kunalokho eyayinakho ihamba. Kuye kwengezelwa kwe“nakho” futhi kanjalo kwase kunokuningi eyayingamisa phezu kwakho “umphathi” wayo othembekile. Ukuqhubeka kwakhe esikhundleni ‘sobuphathi’ kwakuyobonisa ukukhonza kwakhe esikhundleni esandisiwe. Inkosi yakhe uqobo iye yabuya isesikhundleni esiphakeme kunaleso eyayikuso lapho iphuma uhambo lwayo oluthile. Kulokhu kugcwaliseka komfanekiso kwanamuhla kuye kwaba yiqiniso ngokuqondene nensali yesigaba so“mphathi” neNkosi yakhe, uJesu Kristu okhazinyulisiwe.
16. Imaphi amazwi kaJesu, akhulunywa ngemva komfanekiso, abonisa ukuthi wayenikeza umfanekiso wo“mphathi” esikhathini esinjengomlilo?
16 Nokho, singaqinisa kanjani ukuthi lesi kuye kwaba isikhathi esifanele ngesigaba sensali yo“mphathi” ukuba imiswe phezu ‘kwenakho’ okwandisiwe noma izithakazelo zeNkosi? Yebo, ngemva kwamavesi amaningana ngemva komfanekiso, uJesu wathi: “Ngizé ukuphonsa umlilo emhlabeni; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe.” (Luka 12:49) Lenkulumo engokomfanekiso ihambisana nalokho uJohane uMbhapathizi akubikezela ngokuqondene noJesu ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuba uJesu aqale inkonzo yakhe. Phakathi kwezinye izinto, uJohane wathi: “Yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo, ombenge yakhe yokwela [yokwehlukanisa amabele emakhobeni] isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”—Math. 3:11, 12.
17. Obani osukwini lukaJesu ababeyoba nokuhlangenwe nakho okunjengomlilo, kanye nayiphi inhlekelele ewumvuthwandaba?
17 Lawomazwi angokwesiprofetho abonisa ukuthi ukuphela okunjengokushiswa umlilo kwesimiso sezinto samaJuda kwase kufikile. Njengamakhoba, amaJuda angewona amaKristu ayezoba nokuhlangenwe nakho okunjengomlilo. Lokhu kwaphetha ngokubhujiswa kweJerusalema nangokuchithwa kwamaJuda ePalestina lonke. Amabutho amaRoma akwenza lokhu ngo-70 C.E.
18, 19. (a) Esiprofethweni sikaJesu nge“sibonakaliso” ‘sesiphelo sesimiso sezinto,’ imuphi umfanekiso awunikeza ohambisana nomfanekiso wo“mphathi”? (b) Ingabe amalungu alesosigaba abonisa ukuthembeka nokuqonda phakathi nesiphelo sesimiso sobuJuda ePalestina, futhi insali yalesosigaba iye yenza kanjani phakathi ne‘siphelo sesimiso sezinto’?
18 Eminyakeni engamashumi amathathu nesikhombisa ngaphambi kokushisa “amakhoba” angokomfanekiso ngo“mlilo” ongacimekiyo ngo-70 C.E., uJesu Kristu wanikeza isiprofetho sakhe esibonisa “isibonakaliso” sesiphelo sesimiso sezinto esinjengomlilo emhlabeni wonke nesibonakaliso so‘kuba khona’ kwakhe okungabonakali emoyeni. Phakathi nesiprofetho wabhekisela ‘encekwini ethembekileyo neqondayo’ eyayizobe isebenza emhlabeni lapho isimiso sezinto sezwe sisondela ekupheleni kwaso. Amazwi kaJesu ngokuqondene ne“nceku” afana kakhulu nalawo aqondene no“mphathi othembekileyo noqondileyo.” Ngokusobala asebenza esigabeni esifanayo, kodwa igama elithi “umphathi” likhethekile ngokuqondene nohlobo lomsebenzi owenziwa “inceku.”
19 Phawula ukufanekisa kukaJesu: “Pho, ubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na? Ibusisiwe leyonceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho.” (Math. 24:45-47) Amalungu esigaba se“nceku ethembekileyo neqondayo,” isigaba so“mphathi,” akhonza ngenkuthalo kwaze kwaba sekupheleni kwesimiso sezinto samaJuda ngo-70 C.E. Amalungu asele esigaba se“nceku,” isigaba so“mphathi,” abezibonakalisa ethembekile futhi eqondile phakathi ne‘siphelo salesimiso sezinto’ sanamuhla kusukela ngonyaka ka-1914 C.E.
20. Labo abakha insali yesigaba so“mphathi” namuhla, babonakala kalula ngoba bahambisana namaphi amazwi kaJesu ngaphambi kokwenyukela kwakhe ezulwini eseNtabeni yemiNqumo?
20 Insali yalesigaba so“mphathi” ibonakala kalula namuhla, ngoba ivumelana nalokho uJesu Kristu, iNkosi, akusho kulabo ababeyokwenza ingxenye yokuqala yesigaba so“mphathi.” Ngaphambi nje kokwenyukela kwakhe emuva ezulwini eseNtabeni yemiNqumo, uJesu wathi kubo: “Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.” (IzE. 1:8) Ekubeni oFakazi beNkosi uJesu Kristu labobafundi abangamaJuda kwakumelwe ngesikhathi esifanayo babe ofakazi bakaNkulunkulu wakhe noYise, uJehova. Abayekanga ukuba ofakazi bakaJehova!
21. Ngokuzalwa okungokwemvelo labobafundi abangamaJuda babengofakazi bakabani, futhi kunini lapho baba amalungu okuqala o“mphathi” ohlangene?
21 Labobafundi abangamaJuda babezoba ofakazi bakaJehova, ngoba ngokuzalwa babengabesizwe uNkulunkulu ayethe kokhokho baso: “Ningofakazi bami, usho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo . . . yebo, ningofakazi bami, usho uJehova, mina nginguNkulunkulu.” (Isaya 43:10-12) Kanjalo labofakazi abangamaJuda manje base bezoba ofakazi futhi beNdodana yakhe uJesu Kristu. Ngosuku lwePentekoste, izinsuku eziyishumi ngemva kokwenyukela kwakhe emuva ezulwini, babhapathizwa ngomoya ongcwele futhi ngaleyondlela bagunyazwa iNkosi yabo ekhazinyulisiwe uJesu Kristu ukuba babe phezu “kwabendlu,” ukuba banikeze ukudla okungokomoya. Kungaleyondlela ababa ngayo amalungu okuqala o“mphathi” ohlangene. Baba nesiqalo esihle kulesisigaba.
22. Isigaba so“mphathi” ngokukhethekile singabantu begama likabani, futhi leliqiniso lagcizelelwa kanjani emhlanganweni okhethekile eJerusalema esikhathini esithile ngemva kuka-36 C.E.
22 Lesisigaba so“mphathi” singabantu begama likaJehova. Leliqiniso lagcizelelwa esikhathini esithile ngemva konyaka ka-36 C.E., emhlanganweni okhethekile wabaphostoli nabadala bebandla laseJerusalema. Lapho, uJakobe umfowabo kaJesu ngamzali munye, wathi: “USimiyoni [okungukuthi, umphostoli uSimon Petru] uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe [abeZizwe abangasokiwe].”—IzE. 15:1-14.
23. Kule‘siphelo sesimiso sezinto’ insali yesigaba so“mphathi” ayinakukubalekela ukuba ofakazi bakabani nokubizwa ngegama likabani?
23 Abanjalo abangewona amaJuda baba ingxenye yesigaba so“mphathi” wekhulu lokuqala. Ngenxa yalokho, lesisigaba sasingabantu abagcotshiwe begama likaNkulunkulu, leligama uJehova. Babizwa ngegama likaNkulunkulu, uJehova. Babengenakukubalekela ukuba ofakazi bakhe. Lokhu kufanele futhi kube kanjalo ngensali egcotshiwe yesigaba so“mphathi” namuhla, lapho “isibonakaliso” esabonakala kusukela ngo-1914 sibonisa ukuthi inkosi ebuyile yesigaba so“mphathi” isikhona nokuthi ‘isiphelo sesimiso sezinto’ sesizofinyelela umvuthwandaba waso eHar-Magedoni.—Math. 24:3.
Ekubukezeni lesihloko esikhuluma ngo“Mphathi Othembekileyo,” ubungayiphendula kanjani lemibuzo?—
◼ Ubani “inkosi” emfanekisweni kaJesu wo“mphathi othembekileyo”?
◼ Ubani “umphathi othembekileyo”?
◼ Obani “abendlu”?
◼ KumaHeberu 3:6, iyini “indlu” uKristu abekwe phezu kwayo?
◼ Kungani “umphathi othembekileyo” engenakuba umuntu oyedwa?
◼ Ingabe “umphathi othembekileyo” usafana ne“nceku ethembekileyo neqondayo”?
◼ Imuphi umsebenzi isigaba so“mphathi othembekileyo” esiwenzayo ngokuyinhloko owenza kube lula ukubona lesisigaba namuhla?
[Isithombe ekhasini 20]
“UPetru wayesethi kuye: Nkosi, usilandisa thina lomfanekiso nokuba bonke na? Yayisithi iNkosi: [Yi]muphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo?”—Luka 12:41, 42a.