Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Obani Abayokwamukelwa UJehova?
    INqabayokulinda—1988 | Novemba 15
    • 5. (a) Kubonakala kanjani ukuthi abantu abangaphelele bangemukelwa uNkulunkulu? (b) Obani ‘abantu abathakazelelayo’?

      5 Kungenzeka yini nangabantu abangaphelele njengathi ukuba bazuze ukwamukelwa uNkulunkulu? Ngokujabulisayo, impendulo inguyebo. Lapho uJesu ezalwa, izingelosi zamemezela: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu [abathakazelelayo] [eu·do·kiʹas].” (Luka 2:14, qhathanisa neNW.) NgesiGreki esiqondile, izingelosi zazihlabelela ngesibusiso esasiza ‘kubantu abanokuma okuhle naye’ noma “abantu abemukelwa uNkulunkulu.”a UProfesa Hans Bietenhard ubhala ngalokusetshenziswa kwamazwi athi en an·throʹpois eu·do·kiʹas: “Lamazwi abhekisela kubantu abathokozelwa uNkulunkulu . . . Ngakho-ke, lapha asikhulumi ngokuthakazelelwa ngabantu . . . Sikhuluma ngobukhosi bukaNkulunkulu nentando yomusa wakhe, okuzikhethela ngokwakho abantu abazosindiswa.” Ngakho, njengoba oFakazi BakaJehova beye bachaza esikhathini eside esidlule, uLuka 2:14 ubonisa ukuthi ngokuzinikezela nobhapathizo, kungenzeka ngabantu abangaphelele ukuba babe abantu abathakazelelwa futhi bamukelwe uNkulunkulu!b

  • Obani Abayokwamukelwa UJehova?
    INqabayokulinda—1988 | Novemba 15
    • a Qhathanisa namazwi athi “abantu abemukelayo,” kuyiNew Testament, kaGeorge Swann; “abantu abathokozelayo,” The Revised Standard Version.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela