Ukunakekela OkungokweNkosi
1 Ezikhathini zeBhayibheli umphathi wayenesikhundla esiphakeme sokwethenjelwa. U-Abrahama wanikeza umphathi wakhe umsebenzi wokutholela indodana yakhe u-Isaka, inkosikazi. (Gen. 24:1-4) Empeleni, umphathi wayenomthwalo wemfanelo wokuqikelela ukuba luqhubeke uhlu lozalo luka-Abrahama. Yeka ukuthi kwakuwumthwalo wemfanelo onzima kangakanani! Yingakho umphostoli uPawulu athi: “Okufunekayo kubaphathi ukuba umuntu atholakale ekholekile”!—1 Kor. 4:2.
Ubuphathi BobuKristu
2 Ezinye izici zenkonzo yobuKristu iBhayibheli lizichaza ngokuthi ubuphathi. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wakhuluma nabase-Efesu ‘ngobuphathi bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu ayenikwe bona ngokwenzuzo yabo.’ (Efe. 3:2; Kol. 1:25) Wabheka ukuthunywa kwakhe kokuyisa izindaba ezinhle kwabezizwe njengobuphathi okwakufanele abunakekele ngokukholeka. (IzE. 9:15; 22:21) Umphostoli uPetru wabhalela abafowabo abagcotshiwe: “Ngenisanani ngaphandle kokukhonona. Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene.” (1 Pet. 4:9, 10; Heb. 13:16) Noma yini lawo maKristu ekhulu lokuqala ayenayo ngokwezinto ezibonakalayo yayingenxa yomusa ongafanelwe kaJehova. Ngakho-ke, ayengabaphathi balezo zinto futhi kwakufanele azisebenzise ngendlela yobuKristu.
3 Namuhla, oFakazi BakaJehova babheka izinto ngombono ofanayo. Baye bazinikezela kuJehova uNkulunkulu futhi babheka konke abanakho—ukuphila kwabo, amandla abo, izinto ezibonakalayo abanazo—njengezithelo ‘zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene.’ Njengabaphathi abahle, banomuzwa wokuthi kufanele balandise kuJehova uNkulunkulu ngendlela abazisebenzisa ngayo lezi zinto. Ngaphezu kwalokho, baye banikezwa ulwazi lwezindaba ezinhle. Nalo luyinto abayiphathisiwe abanesifiso sokuyisebenzisa kahle ngangokusemandleni: ukuba badumise igama likaJehova futhi basize abanye bafinyelele olwazini lweqiniso.—Math. 28:19, 20; 1 Thim. 2:3, 4; 2 Thim. 1:13, 14.
4 OFakazi BakaJehova bayinakekela kanjani imithwalo yabo yemfanelo njengabaphathi? Umbiko wonyaka ubonisa ukuthi ngonyaka odlule kuphela, emhlabeni wonke bachitha amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane beshumayela ‘izindaba ezinhle zombuso’ futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nabantu abathakazelayo ezingaphezu kuka-4500 000. (Math. 24:14) Ukukholeka kwabo njengabaphathi bakaJehova kwabonakala nangokunikela kwabo ngokungagodli emsebenzini womhlaba wonke nasekusekeleni amaHholo OMbuso endawo, ngokubonisa umoya wokungenisa izihambi kubabonisi abajikelezayo nakwabanye, nangomusa wabo omkhulu kulabo abaswele—njengezisulu zezimpi. Njengeqembu, amaKristu eqiniso akunakekela kahle okweNkosi.
‘Umphathi Okholekile, Oqondayo’
5 Ubuphathi abunikezwa umuntu oyedwa nje kuphela kodwa futhi bunganikezwa nenhlangano. UJesu wabiza ibandla lamaKristu agcotshiwe elisemhlabeni ngokuthi ‘umphathi okholekile, oqondayo.’ (Luka 12:42) Umthwalo wemfanelo walo ‘mphathi okholekile’ uwukulungiselela ‘ukudla’ nokuhola ekushumayeleni izindaba ezinhle emhlabeni wonke. (IsAm. 12:17) Ngokuphathelene nalokhu, isigaba somphathi okholekile, esimelelwa iNdikimba Ebusayo, sinomthwalo wemfanelo esiwunikezwe uNkulunkulu wokuphatha kahle “amatalenta” aso ayizinto ezibonakalayo nezingokomoya. (Math. 25:15) Elingisa isibonelo ‘somphathi okholekile,’ amagatsha ngamanye enza wonke umzamo wokungazisaphazi izimali eziwumnikelo, ukuze aqhubekisele phambili izithakazelo zoMbuso. Yonke leyo minikelo inikelwa ngenxa yokubethemba, futhi ‘umphathi okholekile, oqondayo’ unomthwalo wemfanelo wokuqikelela ukuba isetshenziselwe injongo yayo futhi iphathwe ngokuhlakanipha, yongiwe, futhi isetshenziswe kahle.
6 Isibonelo sokusetshenziswa ngokuhlakanipha kwezimali ezinikelwe sibonakala ngokwanda komsebenzi wokunyathelisa woFakazi BakaJehova phakathi nekhulu lama-20. Ukusakazwa kwamaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli—omagazini, izincwadi, izincwajana ezingangomagazini, izincwajana ezincane, amapheshana kanye ne-Kingdom News—kuye kwafeza indima enkulu ekusakazeni “izindaba ezinhle” kulezi ‘zinsuku zokugcina.’ (Marku 13:10; 2 Thim. 3:1) Futhi umagazini INqabayokulinda ubulokhu uyithuluzi eliyinhloko lokulungiselela ‘amalungu endlu kaNkulunkulu’ kanye nabangane bawo, “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’—Math. 24:45; Efe. 2:19; IsAm. 7:9; Joh. 10:16.
7 Ekuqaleni, zonke izincwadi zoFakazi BakaJehova zazinyatheliswa izinkampani zezwe. Kodwa ngawo-1920, kwanqunywa ukuthi kwakungaphumelela kahle futhi kuzuzise ngokomoya uma izinceku zikaJehova zizinyathelisela. Umsebenzi wokunyathelisa awuzange uqale ngomfutho ngo-1920, wakhula kancane kancane eBrooklyn, eNew York, kwaze kwaba yilapho usumkhulu kakhulu. Ngo-1967 umsebenzi wokunyathelisa wase wenzelwa ezakhiweni ezine ezinkulu zalelo dolobha. Ukunyathelisa kwase kwenziwa nakwamanye amazwe, kodwa kwamaningi awo, kwaphazanyiswa iMpi Yezwe II.
8 Kungakhathaliseki ukuthi wawukhula kangakanani umsebenzi wokunyathelisa e-United States, wawungenakukwazi ukwanelisa izidingo zomhlaba wonke. Khona-ke, eminyakeni yangemva kwempi, umsebenzi wokunyathelisa waqalwa noma wawusuqaliwe kakade kwamanye amazwe amaningi, kuhlanganise iCanada, iDenmark, iGreece, iNgilandi, iNingizimu Afrika, iNtshonalanga Jalimane neSwitzerland. Ngasekuqaleni kwawo-1970, i-Australia, iBrazil, iFinland, iGhana, iJapane, iNigeria kanye nePhilippines nawo aqala ukunyathelisa. Amanye alawa mazwe ayenyathelisa nezincwadi ezinoqwembe oluqinile. Futhi ekuqaleni kwawo-1970, izithunywa zevangeli zaseGileyadi zaqeqeshelwa ukuba nobuchwepheshe bokunyathelisa zase zithunyelwa kwamanye alawa mazwe ukuze ziyosiza abazalwane bendawo ngomsebenzi wokunyathelisa.
9 Phakathi nawo-1980, inani lamazwe okwakunyatheliswa kuwo omagazini lafinyelela inani eliphakeme elingu-51.a Yeka ukuthi konke lokhu kwaba ukusetshenziswa kahle kanjani kwezinto zeNkosi! Yeka ukuthi kwakuwubufakazi obunamandla kangakanani bokukhula komsebenzi woMbuso! Futhi yeka ubufakazi obunamandla bokusekela ngeminikelo kwezigidi zoFakazi BakaJehova ‘abadumisa uJehova ngempahla yabo’! (IzAga 3:9) Ngaleyo ndlela, bazibonakalisa bengabaphathi abahle balokho uJehova ayebabusise ngakho ngezindlela ezihlukahlukene.
Ukugxila Kokunye Okuhlukile
10 Ngawo-1970 nangasekuqaleni kwawo-1980, kwaba khona intuthuko enkulu kwezobuchwepheshe bokunyathelisa, futhi oFakazi BakaJehova bashintshela kulezi zindlela ezintsha zokunyathelisa. Ngaphambili babesebenzisa indlela endala yokunyathelisa nge-letterpress. Lokhu kwashintsha kancane kancane njengoba base beqala ukusebenzisa imishini yamuva yokunyathelisa ye-offset. Ngenxa yalokho, sekunyatheliswa izincwadi ezinhle ezinezithombe ezinemibala egqamile, esikhundleni sezithombe zemibala emibili (omnyama kanye nomunye nje umbala) ezazenziwa umshini omdala we-letterpress. Ngaphezu kwalokho, ubuchwepheshe bama-computer bashintsha wonke umsebenzi owawenziwa ngaphambi kokunyathelisa. OFakazi BakaJehova benza i-Multilanguage Electronic Phototypesetting System (MEPS), isimiso se-computer manje esinyathelisa ngezilimi ezihlukahlukene ezingaphezu kuka-370. Asikho isimiso sezinkampani zezwe esinobuchwepheshe obufana nobe-MEPS bokusebenza ngezilimi eziningi kangaka.
11 Ngenxa yobuchwepheshe bama-computer e-MEPS nokusetshenziswa kwezinto ezintsha njengokuthunyelwa kwemiyalezo ngama-computer, kwenziwa intuthuko enkulu ekukhiqizeni ukudla ngesikhathi esifanele. Ngaphambili, kusetshenziswa ubuchwepheshe obudala, omagazini bezilimi ezingesona isiNgisi babequkatha ukwaziswa osekunezinyanga noma unyaka kwaphuma ngesiNgisi. Manje, INqabayokulinda iphuma kanye kanye ngezilimi ezihlukahlukene ezingu-115, kanti i-Phaphama! ngezingu-62. Lokhu kusho ukuthi emhlabeni wonke amaphesenti angaphezu kuka-95 alabo ababakhona eSifundweni Se-Nqabayokulinda soFakazi BakaJehova bafunda ukwaziswa okufanayo ngesikhathi esifanayo. Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani lokhu! Ngempela kwakuwukuzisebenzisa kahle izinto zeNkosi ukuthola zonke lezo zinto ezintsha zobuchwepheshe!
Izidingo Ezihlukahlukene Zokuhlelwa Komsebenzi
12 Lezi zimiso ezintsha zashintsha izidingo zokuhlelwa komsebenzi wokunyathelisa womhlaba wonke woFakazi BakaJehova. Imishini eyi-web offset iyashesha kakhulu kuneye-letterpress yakudala, kodwa futhi ibiza kakhulu. Ama-computer afeza umsebenzi ohambisana nokunyathelisa onjengokubhala, ukuhumusha, ukufaka izithombe, kuyilapho efeza okwengeziwe kunezimiso ezindala, nawo abiza kakhulu. Ngokushesha kwabonakala ukuthi kwakungasayongi imali ukunyathelisa omagazini emazweni ahlukahlukene angu-51. Ngakho, ngawo-1990 ‘umphathi okholekile’ waphinde wabhekisisa izinto. Wanqumani?
13 Ukuhlola kwabonisa ukuthi “izinto eziyigugu,” (NW) ezinikelwa oFakazi BakaJehova nabangane babo zazingase zisetshenziswa kangcono uma umsebenzi wokunyathelisa uhlanganiswa. Ngakho inani lamagatsha anyathelisayo lancishiswa kancane kancane. IJalimane isinyathelisa omagazini nezincwadi zamazwe amaningi aseMpumalanga naseNtshonalanga Yurophu, kuhlanganise nezamanye amazwe abezinyathelisela. I-Italy inyathelisela izingxenye ezithile zase-Afrika naseningizimu-mpumalanga yeYurophu omagazini nezincwadi, inyathelisela neGreece kanye ne-Albania. E-Afrika, umagazini unyatheliswa eNigeria naseNingizimu Afrika kuphela. Ukuhlanganiswa komsebenzi okufanayo kwenziwa kuwo wonke umhlaba.
Izici Zokucatshangelwa
14 Ngo-July 1998, omagazini bayobe bengasanyatheliswa emazweni amaningana aseYurophu, ahlanganisa i-Austria, iDenmark, iFrance, iGreece, iNetherlands neSwitzerland. Umsebenzi wokunyathelisa eYurophu uzokwenziwa eBrithani, eFinland, e-Italy, eJalimane, eSpain naseSweden. Ngale ndlela, kuzogwenywa izindleko ezingadingekile futhi iminikelo isetshenziswe kangcono emsebenzini owenziwa emhlabeni wonke. Kwanqunywa kanjani ukuthi yimaphi amazwe azoqhubeka nokunyathelisa nokuthi yimaphi angeke esanyathelisa? Ngokuvumelana nomyalo wokunakekela okweNkosi ngokuhlakanipha, ‘umphathi okholekile’ wahlola ngokucophelela izindawo okwakungaba yinzuzo ukunyathelisa kuzo.
15 Isizathu esikhulu esabangela ukuba kungabe kusanyatheliswa kwamanye amazwe futhi kuhlanganiswe umsebenzi sasiwukuthi kwakuzuzisa. Ukuba nezwe elilodwa elinyathelisa izincwadi zamazwe amaningana kulula futhi imishini ebizayo isetshenziswa kangcono. Ukunyathelisa manje kwenziwa ezindaweni okungabizi kakhulu kuzo, okutholakala kalula kuzo izinto nalapho kulula khona ukuthumela kwezinye izindawo. Ngakho-ke, izinto zeNkosi zisetshenziswa kahle. Yiqiniso, ukuyeka ukunyathelisa ezweni elithile akusho ukuthi umsebenzi wokushumayela kulelo lizwe uzokuma. Zisazokuba khona izincwadi eziningi, futhi amakhulu ezinkulungwane zoFakazi BakaJehova kulawo mazwe azoqhubeka etshela omakhelwane bawo ngentshiseko ‘ngezindaba ezinhle zokuthula.’ (Efe. 2:17) Ngaphezu kwalokho, lokhu kuhlela kabusha kuye kwaba nezinye izinzuzo.
16 Enye yazo iwukuthi imishini eminingi yesimanje yaseDenmark, eGreece, eNetherlands naseSwitzerland yathunyelwa eNigeria nasePhilippines. Izisebenzi ezingochwepheshe zasemazweni aseYurophu zasamukela isimemo sokuhamba nemishini ukuze ziyoqeqesha abantu bendawo ngokuthi isetshenziswa kanjani. Ngakho, lawo mazwe manje athola omagazini abasezingeni eliphakeme ngendlela efanayo nelamanye amazwe.
17 Cabangela enye inzuzo: Izindleko zokunyathelisa omagazini manje zithwelwe amazwe ambalwa okunyatheliswa kuwo. Ngenxa yalokho, emazweni angasanyathelisi, izimali manje sezisetshenziselwa ezinye izinjongo, njengokwakha amaHholo OMbuso nokusiza ekunakekeleni izidingo zabafowethu abasemazweni ampofu. Ngakho, ukusebenzisa izinto zeNkosi ngokucophelela kusho ukuthi amazwi uPawulu awabhalela abaseKorinte angasetshenziswa kahle kakhulu emhlabeni wonke: “Angiqondile ukuba kube lula kwabanye, kodwa kube nzima kini; kodwa ukuba ngokulinganisa, insalela yenu njengamanje iqede ukuntula kwabo . . . ukuze kube khona ukulingana.”—2 Kor. 8:13, 14.
18 Ngenxa yalokhu kuhlanganiswa komsebenzi, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke benziwa basondelane ngokuseduze kakhulu kunanini ngaphambili. Akuyona inkinga ngoFakazi eDenmark ukuba omagazini babo banyatheliswe eJalimane, nakuba bebezinyathelisela bona. Bayayijabulela inkonzo abayenzelwa abafowabo baseJalimane. Ingabe oFakazi BakaJehova eJalimane bayacasuka ngokuthi iminikelo yabo isetshenziselwa ukunyathelisela iDenmark izincwadi zeBhayibheli—noma iRussia, i-Ukraine namanye amazwe? Akunjalo neze! Bayajabula ukwazi ukuthi iminikelo yabafowabo kulawo mazwe isisetshenziselwa ezinye izinjongo ezibalulekile.
Ukunakekela Izinto ZeNkosi
19 EHholo LoMbuso ngalinye loFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, kunamabhokisi omnikelo ongafaka kuwo umnikelo wakho. Iminikelo okungakhankaswa ukuba bayifake kulawo mabhokisi isetshenziswa noma kuphi lapho kunendingeko khona. Ukuthi le minikelo isetshenziswa kanjani kunqunywa ‘umphathi okholekile’ kanye namagatsha ngamanye. Ngakho, uma umthetho ukuvumela, imali efakwa ebhokisini lomnikelo ezweni elithile ingase isekele imisebenzi yoFakazi BakaJehova kwelinye izwe eliqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha. Kwamanye amazwe iminikelo iye yasetshenziselwa ukunikeza usizo oluphuthumayo kwesikholwa nabo abasebunzimeni ngenxa yezinto ezinjengeziphepho, ukuzamazama komhlaba nezimpi zombango. Futhi iminikelo enjalo isetshenziselwa ukusekela izithunywa zevangeli emazweni angaphezu kwangu-200.
20 Emabandleni oFakazi BakaJehova, ngokuvamile kukhulunywa ngezindaba zemali kanye ngenyanga—futhi imizuzu embalwa kuphela. Azikho izitsha zenkongozelo ezidluliswayo emaHholo OMbuso noma emihlanganweni emikhulu. Akukho zicelo zokukhankasela izimali ezithunyelelwa abantu. Akukho baqoqi bezimali abaqashwayo. Ngokuvamile, INqabayokulinda iba nesihloko esisodwa kuphela ngonyaka esichaza indlela labo abanesifiso sokunikela e-Watch Tower Bible and Tract Society abangakwenza ngayo ukuze basekele umsebenzi womhlaba wonke. Akukhulunywa njalo ngezimali zeNhlangano kuyi-Phaphama! Khona-ke, ufezwa kanjani umsebenzi omkhulu kangaka womhlaba wonke wokushumayela izindaba ezinhle, wokwakha amaHholo OMbuso adingekayo, wokunakekela labo abasenkonzweni ekhethekile yesikhathi esigcwele nowokusiza amaKristu aswele? UJehova uye wabusisa abantu bakhe ngendlela emangalisayo ngomoya wokupha. (2 Kor. 8:2) Sisebenzisa leli thuba ukuba sibonge bonke abaye bahlanganyela ‘ekudumiseni uJehova ngezinto zabo eziyigugu’ (NW). Bangaqiniseka ukuthi “umphathi okholekile” uyoqhubeka enakekela okweNkosi. Futhi sithandazela ukuba uJehova aqhubeke ebusisa wonke amalungiselelo enzelwa ukwandisa umsebenzi emhlabeni wonke.
[Imibhalo yaphansi]
a Kwangu-7 alawa mazwe, umsebenzi wokunyathelisa wawenziwa izinkampani zezwe.