-
“NguJehova! NguNkulunkulu Ogcwele Isihe, Onomusa”INqabayokulinda—1998 | Okthoba 1
-
-
12, 13. Yiziphi izici eziye zasiza abathile namuhla ukuba basanguluke? (Bheka ibhokisi.)
12 “Lapho isanguluka, yathi, ‘Yeka ukuthi baningi kangakanani abaqashwa bakababa abanesinkwa esiningi, kuyilapho mina ngibhubha lapha indlala! Ngizosuka futhi ngiye kubaba ngithi kuye: “Baba, ngonile kulo izulu nakuwe. Angisakufanelekeli ukubizwa ngokuthi ngiyindodana yakho. Ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.”’ Ngakho yasuka yaya kuyise.”—Luka 15:17-20.
-
-
“NguJehova! NguNkulunkulu Ogcwele Isihe, Onomusa”INqabayokulinda—1998 | Okthoba 1
-
-
14. Yisiphi isinqumo esathathwa yindodana esaphazayo, futhi yakubonisa kanjani ukuthobeka ngokwenza kanjalo?
14 Kodwa yini labo abaye baphambuka abangayenza ngesimo sabo? Emzekelisweni kaJesu, indodana esaphazayo yanquma ukuthatha uhambo lokubuyela ekhaya iyoncenga uyise ukuba ayithethelele. Yanquma ukufika ithi: “Ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.” Inceku eqashiwe yayiyisisebenzi sosuku esasingase sixoshwe ngalo lolo suku. Lesi kwakuyisimo esiphansi ngisho nakwesesigqila, esasinjengelungu lomkhaya ngomqondo othile. Ngakho le ndodana esaphazayo yayingacabangi ukucela ukuba ibuyiselwe esimweni sayo sangaphambili sokuba yindodana. Yayizimisele ukwamukela isikhundla esiphansi kunazo zonke, ukuze ibonise ukwethembeka kwayo okuvuselelwe kuyise usuku nosuku. Nokho, le ndodana esaphazayo yayizothola isimanga.
-