Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu Uphindela EJerusalema
NGOKUSHESHA uJesu uphinde athathe uhambo, efundisa imizi ngemizi nasemizaneni. Ngokusobala usesifundeni sasePhereya, ngaphesheya koMfula iJordani evela eJudiya. Kodwa ulibangise eJerusalema.
Ifilosofi yamaJuda yokuthi inani elilinganiselwe kuphela eliyothola insindiso mhlawumbe yiyo ebangela enye indoda ukuba ibuze: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” Ngempendulo yakhe, uJesu wenza abantu bacabange ngokuthi yini edingekile ukuba umuntu asindiswe: “Phikelelani [okungukuthi, zabalazelani, noma lwelani] ukungena ngomnyango omncinyane.”
Umzamo onjalo wentshiseko uyaphuthuma ngoba “abaningi,” kuqhubeka uJesu, “bayakufuna ukungena, bahluleke.” Kungani beyohluleka? Uchaza ukuthi ‘nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, abantu baqale ukuma ngaphandle, bangqongqothe emnyango, bathi: ‘Nkosi, sivulele, uyakuphendula, athi: Anginazi lapho nivela khona. Sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi!’
Labo abavalelwa ngaphandle ngokusobala bafika ngesikhathi ababona silungele bona kuphela. Kodwa ngalesosikhathi umnyango wethuba uvaliwe futhi uhluthulelwe. Ukuze bangene bekufanele bafike kusenesikhathi, ngisho nakuba kungenzeka ukuba bekunzima ukwenza kanjalo. Ngempela, umphumela odabukisayo ulindele labo abayeka ukwenza ukukhulekelwa kukaJehova umgomo wabo omkhulu ekuphileni!
AmaJuda uJesu athunyelwa ukuwakhonza, ngokwengxenye enkulu, ahluleka ukusebenzisa ithuba lawo elihle lokwamukela ilungiselelo likaNkulunkulu lokusinda. Ngakho uJesu uthi ayokhala futhi agedlise amazinyo awo lapho elahlelwa ngaphandle. Ngakolunye uhlangothi, abantu abavela “empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu,” yebo, abavela kuzo zonke izizwe, ‘bayohlala ekudleni embusweni kaNkulunkulu.’
Ngakho-ke, njengoba uJesu eqhubeka: “Bakhona abokugcina [ababukelwa phansi abangemaJuda, kanye namaJuda acindezelwe] abayakuba-ngabokuqala; bakhona abokuqala [amaJuda athandwa ngezinto ezibonakalayo nangokwenkolo] abayakuba-ngabokugcina.” Ukuba abokugcina kusho ukuthi abantu abanjalo abangamavila, abangabongi ngeke babe seMbusweni kaNkulunkulu.
AbaFarisi manje beza kuJesu futhi bathi: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode [Antipase] ufuna ukukubulala.” Kungase kube ukuthi uHerode ngokwakhe owaqala lamahemuhemu ukuze enze uJesu abaleke kulesifunda. Kungenzeka uHerode wayesaba ukuhileleka ekubulaweni komunye umprofethi kaNkulunkulu njengoba ayehilelekile ekubulaweni kukaJohane uMbhapathizi. Kodwa uJesu utshela abaFarisi: “Hambani nithi kuleyompungushe: Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.”
Ngemva kokuba eqede umsebenzi wakhe lapho, uJesu uqhubeka nohambo lwakhe eqonde eJerusalema ngoba, njengoba echaza,”akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.” Kungani kufanele kulindelwe ukuthi uJesu wayeyobulawelwa eJerusalema? Ngoba iJerusalema liyinhlokodolobha, lapho kukhona inkantolo ephakeme yeSanhedrin enamalungu angama-71 nalapho kunikelwa khona imihlatshelo yezilwane. Ngakho-ke, kwakuyoba okungavumelekile ‘ngeWundlu likaNkulunkulu’ ukuba libulawelwe nomaphi ngaphandle kwaseJerusalema.
“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe,” kukhala uJesu, “bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini.” Isizwe siyalahlwa ngenxa yokwenqaba iNdodana kaNkulunkulu!
Njengoba uJesu eqhubeka eqonde eJerusalema, umenyelwa endlini yombusi wabaFarisi. YiSabatha, futhi abantu bayambukisisa, njengoba kukhona umuntu ophethwe isifo samanzi, ukugcwala amanzi ngokunokwenzeka ezingalweni zakhe nasemilenzeni. UJesu ukhuluma nabaFarisi nezazi zoMthetho ezikhona, ebuza: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”
Akekho ophendulayo. Ngakho uJesu uphilisa lendoda futhi ayimukise. Khona-ke uyabuza: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?” Nalombuzo akekho owuphendulayo. Luka 13:22–14:6; Johane 1:29.
◆ Yini uJesu abonisa ukuthi idingekile ukuze umuntu asindiswe, futhi kungani abaningi bevalelwa ngaphandle?
◆ Obani “abokugcina” ababa abokuqala, ‘nabokuqala’ ababa abokugcina?
◆ Ngokunokwenzeka kungani kwathiwa uHerode wayefuna ukubulala uJesu?
◆ Kungani kungavumelekile ngomprofethi ukuba abulawelwe ngaphandle kwaseJerusalema?