-
Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
“Umuntu othile wayenza isidlo esikhulu sakusihlwa, wamema abantu abaningi. Wathumela inceku yakhe . . . ukuba ithi kwabamenyiwe, ‘Wozani, ngoba konke sekulungile.’ Kodwa bonke benza into efanayo, baqala ukwenza izaba. Owokuqala wathi kuyo, ‘Ngithenge insimu futhi kudingeka ngiphume ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolele.’ Omunye wathi, ‘Ngithenge izinkomo eziyishumi, ngisayozihlola; ngiyakucela, ngixolele.’ Nomunye futhi wathi, ‘Ngisanda kushada, ngenxa yalesi sizathu angikwazi ukuza.’”—Luka 14:16-20.
Lezo izaba nje ezingathi shu! Umuntu ngokuvamile uhlola insimu ngaphambi kokuba ayithenge, ngakho akuphuthumi ukuba ayihlole uma eseyithengile. Le ndoda yesithathu ayilungiseleli umshado. Isishadile vele, ngakho lokhu akudingeki ukuba kuyivimbe ukuba yamukele isimemo esibalulekile. Lapho izwa lezi zaba, inkosi iyathukuthela bese ithi encekwini yayo:
-
-
Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
Lokhu uJesu asanda kukusho, kuyifanekisela kahle indlela uJehova uNkulunkulu asebenzise ngayo uJesu Kristu ekudluliseleni isimemo kubantu abazoba seMbusweni wasezulwini. AmaJuda yiwo amenywa kuqala, ikakhulukazi abaholi benkolo. Abaningi basenqaba isimemo abasithola lapho uJesu eshumayela. Kodwa isimemo sasizodluliselwa nakwabanye. Ngokusobala uJesu uqonde ukuthi esikhathini esizayo isimemo sesibili sasiyodluliselwa kubantukazana abangamaJuda namaproselithe. Ngemva kwalokho, kuzobe sekuba khona isimemo sesithathu okungesokugcina, esiya kubantu amaJuda ababheka njengabangafaneleki phambi kukaNkulunkulu.—IzEnzo 10:28-48.
-