Ukuzihlanganisa Nabagcina Ubuqotho BakaJehova
“Kepha mina ngihamba ekulungeni [“ebuqothweni,” NW] kwami; . . . ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.”—IHUBO 26:11, 12.
1, 2. (a) Izinkolo ezithile zeLobukholwa ziye zakuthola kanjani ukulandelwa? (b) Iyiphi indlela yokufundisa uJesu ayisebenzisa? (Mathewu 11:28-30)
NGO-1985, kwakunabantu abayizi-189 800 ababhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwabo ukukhonza uJehova njengofakazi bakhe abangamaKristu. Lokho kuyisilinganiso sabangama-520 ngosuku. Bonke labantu basenza kanjani isinqumo sokubhapathizwa? Ingabe babehamba imibuthano yeningi, babelalela umshumayeli ovukwe amadlingozi, bese benza isinqumo sokuphamazela okungokomzwelo ngoKristu? Kungaleyondlela izinkolo ezithile zobuProthestani nezobuVangeli ezisebenza ngayo. Kodwa ingabe yileyondlela uKristu athola ngayo ukulandelwa?
2 Lapho sihlola ngokunakekela ukushumayela kukaJesu obala, asimtholi ebonakalisa ukuvukwa amadlingozi. Ngokwesibonelo, ingabe wayekhanga izilaleli zakhe ngabahlabeleli nangomculo? Noma ingabe wasebenzisa ukuhlakanipha kwengqondo ukuze akhe umuzwa wokuba necala ezilalelini zakhe khona-ke abese ezibangela ukuba zikhokhe imali? Ngokuphambene, indlela yakhe yokufundisa yabangela abantu ukuba bacabange futhi bazindle. Njengoba izilaleli zakhe eziningi zazingamaJuda, zase zinaso kakade isisekelo semiBhalo yesiHeberu. Wayengazenza zizindle ngesisekelo solwazi lwazo lwesikhathi esidlule ukuze zimqaphele njengoMesiya.—Mathewu, izahluko 5-7; Luka 13:10-21.
3. Sazi kanjani ukuthi uPawulu wayengavusi nje amadlingozi ngokufundisa kwakhe?
3 Ngokufanayo, uPawulu, nakuba abanye babembheka njengowayengenalo ikhono lokukhuluma, wasebenzisa ikhono lokwenza abantu bazindle. (IzEnzo 20:7-9; 2 Korinte 10:10; 11:6) Wabhala: “Ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda; . . . niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu [“ukuze sonke isimo sengqondo yenu siguqulwe,” Phillips], ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.”—Roma 12:1, 2.
4. Ngaphambi kokuba umuntu abhapathizwe njengomunye woFakazi BakaJehova, yiziphi izinyathelo okumelwe azithathe?
4 Ngokufanayo namuhla, labo ababhapathizwayo ngabantu abaye bafunda imiBhalo futhi bazindla ngokunakekela ngayo ngaphambi kokuba bathathe isinyathelo esingathi sína sokubhapathizwa, noma ukucwiliswa ngokuphelele emanzini. (IzEnzo 17:11, 12) Esabo isinqumo sasingesona esokuphamazela, esokuvukwa yimizwelo. Ngokuphambene, ngaphambi kokuba bamukelwe njengabazobhapathizwa, baye baba khona njalo emihlanganweni yobuKristu ngombono wokuzuza ulwazi oluqondile ngoJehova uNkulunkulu nangezinjongo zakhe ngoKristu Jesu. (Heberu 10:25) Baye futhi bahlanganyela njalo enkonzweni yobuKristu, behlanganyela nabanye izindaba ezinhle zoMbuso. (IzEnzo 5:42; 1 Korinte 9:16) Khona-ke, emasontweni okugcina ngaphambi kokubhapathizwa kwabo, baye babuyekeza ngokunakekela nabadala abehlukahlukene bebandla imibuzo engaphezu kweyi-120 ngemfundo nokuziphatha kobuKristu, futhi bacabangela amakhulu ezingcaphuno zeBhayibheli ezisekelayo—konke lokhu kwenziwa ukuze babe abagcina ubuqotho abavunyelwe ngaphambi kokuba babhapathizwe.—IzEnzo 8:34-36.a
Umehluko Owenziwa Ubhapathizo
5. Ubhapathizo lumletha kuyiphi inkambo umuntu?
5 Yini umuntu ayifezayo ngokubhapathizwa? Okokuqala, uzihlanganisa nomgcini wobuqotho omkhulu kakhulu owake wahamba emhlabeni—uKristu Jesu. Yena ngokwakhe wabeka isibonelo ngokuba abhapathizwe eneminyaka engama-30. (Luka 3:21-23) Kamuva watshela abalandeli bakhe ukuba bafundise futhi babhapathize emhlabeni wonke. (Mathewu 28:19, 20) Kodwa ingabe wayesho ukuthi abafundi bakhe kumelwe babhapathize abantu ngokungakhethi, ngaphandle kokubheka ukuziphatha kwabo kwamanje?
6, 7. (a) Yini edingekayo ngomlandeli weqiniso kaKristu? (b) Kusho ukuthini ukuba ngcwele?
6 Umphostoli uPetru uveza umbono ofanele lapho ebhala: “Manibe-ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Manibe-ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.” (1 Petru 1:15, 16) Manje, ngomKristu ozinikezele, kusho ukuthini ukuba “ngcwele”?
7 Ngokwe-Expository Dictionary of New Testament Words kaW. E. Vine, igama lesiGreki elithi haʹgi·os (elihunyushwe ngokuthi “ngcwele”) “ngokuyisisekelo lisho okwehlukanisiwe . . . ngakho-ke futhi, emBhalweni lapho libhekisela kokungokokuziphatha nokokungokomoya, lisho okwehlukaniswe esonweni futhi ngalokho ongcwele kuNkulunkulu.” Esinye isazi esingumGreki sithi “isimo sokuba njengoNkulunkulu.” Lokhu kuqonda kubeka indinganiso ephakeme kulabo abayobhapathizwa njengamaKristu eqiniso. Kuyindinganiso yobuqotho, futhi ubuqotho ‘buwukunamathela okuqinile emthethweni wezindinganiso zokuziphatha’—endabeni yomKristu, ezindinganisweni zikaKristu.—Johane 17:17-19; 18:36, 37.
8. (a) Yiziphi izindinganiso zokuziphatha ezazivamile ebandleni lamaKristu akuqala? (b) Ingabe eLobukholwa liye lazilandela lezo zindinganiso? Nikeza izibonelo zezenzakalo zasendaweni yakini.
8 Ngaso sonke isikhathi ibandla lamaKristu eqiniso liye laphikelela ebuqothweni, lilondoloza inhlangano ehlanzekile. Ngakho uPawulu wayala amaKristu akuqala ukuba ‘angahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo. . . . Xoshani omubi phakathi kwenu.’ (1 Korinte 5:9-13; 2 Johane 10, 11) Ingabe abefundisi beLobukholwa baye bayisebenzisa leyondinganiso ephakeme yobuqotho emihlanjini yabo? ELobukholwa lamukela—bengamalungu apholile noma ashisekayo—abantu abahlala benza zonke izinhlobo zesono nobugebengu obungathi sína. Izimiso zeBhayibheli azikuvumeli ukuyekelela okunjalo.—Qhathanisa noJeremiya 8:5, 6, 10.
9. Yini edonsela abantu abaningi ekubeni bazinikezele futhi babhapathizwe?
9 Ngokuqinisekile ngenxa yalendinganiso ephakeme phakathi koFakazi BakaJehova, labo abathanda iqiniso nobuqotho badonselwa ekubeni bazinikezele eNkosini ePhakeme yendawo yonke, uJehova uNkulunkulu. (Habakuki 3:18, 19) Babona umehluko osobala phakathi kokuziphatha kwezinkolo zezwe nokoFakazi BakaJehova. Yiqiniso, iningi labantu liyakwedelela ukukhulekela okumsulwa. (1 Petru 4:3, 4) Nokho izinkulungwane zabathandi bobuqotho ziphendukela eqinisweni. Zibonisa uthando lwazo ngoJehova nezindinganiso zakhe lapho zizithoba obhapathizweni lwamanzi.—Qhathanisa noMarku 1:10; Johane 3:23; IzEnzo 8:36.
Ubuqotho Obusekelwe Othandweni Nasekukhuthazeleni
10. Yini edingekayo ngomKristu ukuze agcine ubuqotho bakhe?
10 Ubuqotho budinga ukulahlekelwa okuthile. UJesu wakucacisa lokho lapho emema abantu ukuba babe abalandeli bakhe. “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele [“ashiye ubumina ngemuva,” The New English Bible] athabathe isiphambano sakhe, angilandele [“njalo,” NW].” (Marku 8:34) Inkambo yobuqotho bobuKristu ihilela ukuvivinywa nokuzidela futhi ngesizathu esifanayo naleso okwaba yiso ngoKristu—sinesitha esifanayo, uSathane. (Efesu 6:11, 12) Ngakho ukukhuthazela kuyadingeka ukuze simlandele “njalo” uJesu. Ngalesosizathu, ukuzinikezela akuhlanganisi isinqumo esilula; akumelwe kube ukuthatheka okudlulayo. Nokho abambalwa baye bashiya iqiniso ezinyangeni noma eminyakeni embalwa ngemva kokubhapathizwa kwabo. Singakuchaza kanjani lokho?
11. Kungani, mhlawumbe, abathile bengazange baqhubeke enkambweni yobuqotho?
11 Mhlawumbe abanye babhapathizwa ngokuthathwa umzwelo kunangokucabangisisa. Abanye kungenzeka ukuthi baye babheka imiphumela esheshayo futhi benza ukuzinikezela kobugovu, kwesikhashana. Kungakhathaliseki ukuthi isizathu singase sibe yini, balahlekelwa ubuhlobo babo obuqinile noJehova. Abazange ‘babheke’ esibonelweni sabo, uJesu uKristu. (Heberu 12:1, 2) Ngokomphumela, uthando lwabo loNkulunkulu lwancipha nobuqotho babo baphela. Futhi kungani uthando luyisici esibaluleke kangaka? Ngoba liwukuphela kwesisekelo esiqinile sokuzinikezela kuJehova okuhlala njalo.—Marku 12:30, 31; 1 Johane 4:7, 8, 16; 5:3.
Ukubala Izindleko Zobuqotho
12. Iyiphi inkambo okuwukuhlakanipha ukuyithatha ngaphambi kokubhapathizwa?
12 UJesu akazange akhuthaze abafundi bakhe ukuba bamlandele ngokuphamazela ngaphandle kokubala izindleko. Weluleka: “Ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?” Yebo, umuntu ohlakaniphile uyicabangela ngokunakekela inkambo yakhe yesikhathi esizayo. Kumelwe aqiniseke ngezisusa zakhe ngaphambi kokuba emukele umthwalo wemfanelo ophelele wokuzinikezela nokubhapathizwa kobuKristu. Futhi uJesu wabonisa ukuthi lokho kwakuyosho ukuthini lapho ephetha: “Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe-ngumfundi wami.”—Luka 14:28-33.
13. Uma isisekelo sokufundisa kukaJesu sasiwuthando, wayesho ukuthini lapho ekhuluma ‘ngokuzonda’ komuntu amalungu omkhaya wakhe? (Mathewu 22:37-40)
13 Ukuzinikezela kuJehova kudinga ubuqotho bomphefumulo wonke ekwenzeni intando yaphezulu. Akukho muntu noma ingcebo okungavunyelwa ukuba kungene esikhundleni sothando lomuntu ngoNkulunkulu. Kungakho uJesu athi: “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe-ngumfundi wami.” (Luka 14:26) Ingabe uJesu wayesho ukuthini lapho ekhuluma ngokuzonda komuntu amalungu omkhaya wakhe ngisho naye ngokwakhe? Njengoba afundisa abalandeli bakhe ukuba bathande ngisho nezitha zabo, igama elithi ukuzonda wayelisebenzisa ngamuphi umqondo lapha? (Luka 6:27, 35) Ukuzonda lapha kungokomqondo wokungathandi kakhulu.—Qhathanisa noMathewu 12:46-50.
14. Abangane nezihlobo basabela kanjani lapho umuntu eba uFakazi kaJehova? (Johane 15:18, 19)
14 Ngokuqinisekile lapho umuntu eba uFakazi kaJehova ongumKristu, ngokushesha uthola ukuthi bangobani abangane bakhe beqiniso. Mhlawumbe abathile bayomgwema noma bambandlulule ngoba eye washiya inkolo yakhe yokuqala, ngisho nakuba bona ngokwabo bengeyona ingxenye yanoma iyiphi inkolo ngokuphelele. Kodwa uJesu wathembisa ukuthi kuyoba khona ukuvuzwa nganoma yikuphi ukulahlekelwa okunjalo, ethi: “Akukho-muntu oshiyé indlu, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesikhathi . . . nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”—Marku 10:29, 30.
15. Kungani abathile bengase bababhekele phansi oFakazi BakaJehova?
15 Kwezinye izimo inkambo yokuzinikezela neyobuqotho ingase isho ukulahlekelwa ukuhlonipheka emehlweni abanye abantu. (1 Korinte 4:12, 13) Kungani kumelwe kube njalo? Ngoba manje usungowenkolo ebhekwa ‘njengengahloniphekile.’ (Qhathanisa noMarku 2:15, 16.) Kakade, akukhona okuhloniphekile ‘ukuhamba indlu ngendlu ubelesela abanye abantu ngenkolo yakho.’ Akukhona okuhloniphekile ukuboshwa kunokonakalisa ukungathathi-hlangothi komuntu ezindabeni zobuzwe nezokushisekela izwe. (Johane 18:36) Akukhona okuhloniphekile ukwenqaba ukumpontshelwa igazi ngenxa kanembeza oqeqeshwe ngokweBhayibheli—nakuba ubhadane lwamanje lweAIDS lwenza abantu abathile ukuba babe nomunye umqondo ngaleyondaba.—Qhathanisa nezEnzo 15:28, 29; 17:6, 7; 24:5.
16. Sisizwa kanjani ukuze sigcine ubuqotho bethu?
16 Ngisho nakuba indlela yobuqotho bobuKristu iyingcingo futhi ivivinya, sinalo usizo olutholakala ngazo zonke izikhathi. (Mathewu 7:13, 14) Ngakho-ke uPawulu wayengathi: “Nginamandla okwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filipi 4:13) Futhi lawomandla singawathola ngokuthandaza njalo, ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu, nangokuhlanganyela nebandla lobuKristu. Njengabagcina ubuqotho ababhapathiziwe, singahlala sithembekile futhi siqotho, ngosizo lwamandla esiwanikezwa uNkulunkulu.—Efesu 4:11-13; 6:18; IHubo 119:105.
Izinzuzo Zenkambo Yokugcina Ubuqotho
17. Ubhapathizo lungaholela kuziphi izibusiso?
17 Isinyathelo sokuzinikezela nokubhapathizwa siholela ezibusisweni eziningi. Phakathi kokunye, singasho inkonzo ebanzi neyanelisa ngokwengeziwe. Kunamathemba okuthi ngesikhathi esizayo ungenele inkonzo yamaphayona asizayo, ezimweni ezithile engakuholela enkonzweni yamaphayona avamile nakhethekile, enkonzweni yezithunywa zevangeli, emsebenzini wesifunda nowesigodi, nasenkonzweni yaseBethel. (Bheka ibhokisi elisekhasini 26.) Kubazalwane ababhapathiziwe kuvuleka indlela yokukhonza abanye ebandleni njengenceku ekhonzayo futhi, ngesikhathi esifanele, njengomdala. Kodwa kunemfuneko efanayo eyisisekelo, ngazo zonke lezozibusiso—ubuqotho.—1 Thimothewu 3:1-10.
18. Ukuphila kwethu kokuzinikezela kumelwe kubathinte kanjani abanye esihlala nabo?
18 Izinzuzo zokuphila kokuzinikezela nokobuqotho zingabathinta nabanye. Ngenxa yokulandela eduze isibonelo sikaKristu, umuntu uba indoda noma umfazi, ubaba noma umama ongcono. (1 Petru 2:21; Efesu 5:21-33; 6:4) Intsha iba nobuhlobo obakhayo nabazali bayo, othisha, nabadala bebandla. (Thithu 2:6, 7) Noma yimuphi umKristu obhapathiziwe uba umakhelwane, umqashi, noma umqashwa ongcono. (Mathewu 22:39; Efesu 6:5-9; Thithu 2:9, 10) Futhi njengoKristu, wonke umKristu kumelwe abe umngane oqabulayo kwabanye, ngisho nanjengoba uJesu asho: “Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde, kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.”—Mathewu 11:29.
19. Iyiphi enye inzuzo enkulu engumphumela wokuthatha isinyathelo sokuzinikezela?
19 Inzuzo enkulu yokuthatha isinyathelo sokuzinikezela nokubhapathizwa iwukuba nobuhlobo obunokuthula noMdali. Lobu buholela ekuthuleni kwengqondo. Kunjengoba uPawulu eluleka: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.
20. (a) “Ukuthula kukaNkulunkulu” kusekelwe kuphi? (b) Imaphi amathuba avulekela umuntu obhapathiziwe?
20 “Ukuthula kukaNkulunkulu” kusekelwe ekuqondeni ngokujulile isibonelo nokuzidela kukaJesu. Lolulwazi ngoKristu luholela abaningi ekuphendukeni kwangempela nasekushintsheni kwangempela kokuziphatha, noma ‘ukuguquka’ esonweni. (IzEnzo 3:19, 20) Ngokomphumela, abantu abazinikezele basho, njengoba kwasho umhubi: “Kepha mina ngihamba ebuqothweni bami; . . . ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.” (IHubo 26:11, 12) Umuntu obhapathizwa emanzini njengesibonakaliso sokuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu uzihlanganisa nabagcina ubuqotho bakaJehova emhlabeni wonke. (1 Petru 2:17) Futhi ‘ubamba ukuphila okuyikho,’ ukuphila okuphakade, uJehova aye wakuthembisa ngoKristu Jesu.—1 Thimothewu 6:19; Thithu 1:2.
[Umbhalo waphansi]
a INqabayokulinda kaJune 1, 1985 amakhasi 29-31, ibonisa inqubo efanele ngokuqondene nokubhapathizwa futhi ibeka imibuzo emibili ebuzwa abafundi ngasekupheleni kwenkulumo yobhapathizo.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Iqiniso elalifundiswa uKristu nabaphostoli lawakhanga kanjani okokuqala amaKristu okuqala?
◻ Ubungcwele buhlobene kanjani nomKristu ngamunye kanye nebandla?
◻ Ubuqotho kumelwe busekelwe kuphi?
◻ Yini ehilelekile ekubaleni izindleko zobuqotho?
◻ Iziphi izinzuzo zokugcina ubuqotho?
[Ibhokisi ekhasini 26]
Amalungelo Enkonzweni Yesikhathi Esigcwele
Iphayona Elisizayo: Isikhonzi esibhapathiziwe esisebenzisa okungenani amahora angama-60 phakathi nenyanga emsebenzini wokushumayela.
Iphayona Elivamile: Isikhonzi esibhapathiziwe esisebenzisa isilinganiso samahora angama-90 ngenyanga emsebenzini wokushumayela.
Iphayona Elikhethekile: Isikhonzi esibhapathiziwe esisebenzisa okungenani amahora ayi-140 ngenyanga enkonzweni futhi sithole imadlana encane yezindleko eziyisisekelo. Ngokuvamile lamaphayona abelwa ukuya emaqenjini angawodwa nasemabandleni amancane.
Isithunywa Sevangeli SaseGileyadi: Isikhonzi esibhapathiziwe esiye saqeqeshelwa inkonzo yakwamanye amazwe eSikoleni SeBhayibheli saseGileyadi seWatchtower futhi esisebenzisa okungenani amahora ayi-140 ngenyanga enkonzweni.
Ababonisi Besifunda Nabesigodi: Abadala abajikelezayo abahambela amabandla nezifunda ngombono wokwakha abazalwane enkonzweni nasemihlanganweni yabo. Basebenzisa amahora amaningi enkonzweni yasensimini.
Inkonzo YaseBethel: Yenziwa izikhonzi zesikhathi esigcwele kuwo wonke amahhovisi egatsha nezindawo zokunyathelisa zeWatch Tower Society emhlabeni wonke.
[Isithombe ekhasini 24]
Ubhapathizo luvula indlela . . .
[Isithombe ekhasini 25]
. . . eya enkonzweni yokugcina ubuqotho