ISAHLUKO 84
Kubaluleke Kangakanani Ukuba Umfundi KaKristu?
OKULINDELEKILE UKUZE UBE UMFUNDI
UJesu ufundise izifundo ezibalulekile ngesikhathi edla isidlo endlini yomholi wabaFarisi. Njengoba uJesu eqhubeka nohambo lwakhe eya ngaseJerusalema, isixuku esikhulu sihamba naye. Kungani? Ingabe ngempela sifuna ukuba abalandeli bakhe beqiniso kungakhathaliseki ukuthi yini okufanele siyenze?
Njengoba eqhubeka nendlela, uJesu usho into ethile engabashaqisa abanye, uthi: “Uma umuntu eza kimi kodwa engamzondi uyise nonina nomkakhe nabantwana nabafowabo nawodadewabo, yebo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, akakwazi ukuba umfundi wami.” (Luka 14:26) Uqonde ukuthini ngokusho lokhu?
UJesu akaqondile ukuthi bonke ababa abalandeli bakhe kufanele bazonde izihlobo zabo ngempela. Kunalokho, wayesho ukuthi kufanele bazizonde ngomqondo wokuthi bathande kakhulu uJesu kunazo, bangafani nendoda esemfanekisweni eyenqaba isimemo sesidlo sakusihlwa ngenxa nje yokuthi yayisanda kushada. (Luka 14:20) Inzalamizi yamaJuda, uJakobe, kuthiwa ‘yayimzonda’ uLeya ithanda kakhulu uRaheli, okusho ukuthi yayithanda kakhulu uRaheli kunodadewabo uLeya.—Genesise 29:31; nombhalo waphansi.
Phawula ukuthi uJesu uthi umfundi kufanele azonde “ngisho nokuphila kwakhe imbala” noma umphefumulo wakhe. Lokhu kusho ukuthi umfundi weqiniso kufanele athande uJesu ngaphezu kokuphila kwakhe, aze azimisele nokufa uma kudingeka. Kuyacaca ukuthi ukuba umlandeli kaKristu akuyona into okufanele ithathwe kancane. Kuyinto umuntu okufanele acabangisise ngayo.
Umuntu owumlandeli kaJesu angase abhekane nobunzima noshushiso, ngoba uJesu wathi: “Noma ubani ongathwali isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele, akakwazi ukuba umfundi wami.” (Luka 14:27) Umfundi kaJesu weqiniso kumelwe azimisele ukuhlanjalazwa njengoba kwenzeka nakuJesu. UJesu waze wathi izitha zakhe zaziyombulala.
Ngakho isixuku esasihamba noJesu, kufanele sicabangisise kahle ukuthi kusho ukuthini ukuba umlandeli kaKristu. UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze agcizelele lokhu. Uthi: “Ngokwesibonelo, ubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede? Ngaphandle kwalokho, angase abeke isisekelo sawo kodwa angakwazi ukuwuqeda.” (Luka 14:28, 29) Ngakho, ngaphambi kokuba ngabalandeli bakaJesu, labo ahamba nabo ukuya eJerusalema kufanele bazimisele ukuba abalandeli bakhe ngokugcwele. Usebenzisa omunye umfanekiso ukuze agcizelele lelo phuzu:
“Iyiphi inkosi okuthi lapho imasha iyolwa nenye inkosi empini, ingahlali phansi kuqala icebisane nabanye ukuze ibone ukuthi ingakwazi yini ngamabutho angu-10 000 ukuba ibhekane naleyo ezolwa nayo enamabutho angu-20 000? Eqinisweni, uma ingeke ikwazi ukwenza kanjalo, kuyothi ngesikhathi leyo enye isekude ithumele amanxusa inxuse ukuba kube nokuthula.” Ukuze agcizelele iphuzu lakhe, uJesu uthi: “Ngendlela efanayo, ningaqiniseka ukuthi akekho noyedwa kini ongavalelisi kukho konke anakho ongaba umfundi wami.”—Luka 14:31-33.
Kuyiqiniso ukuthi uJesu wayengakusho lokhu kuphela esixukwini ayehamba naso emgwaqweni. Bonke abafunda ngoKristu kumelwe bazimisele ukwenza konke akusho la. Lokhu kusho ukuthi kumelwe bazimisele ukudela konke abanakho—izimpahla zabo, ukuphila kwabo—ukuze babe abalandeli bakaKristu. Leyo into okufanele ucabange futhi uthandaze ngayo.
Manje uJesu uphinde akhulume ngendaba ake akhuluma ngayo eNtshumayelweni YaseNtabeni, lapho athi abafundi bakhe kumelwe babe ‘usawoti womhlaba.’ (Mathewu 5:13) Kungenzeka wayethi njengoba usawoti ukwazi ukuvikela into ukuba ingaboli, abafundi bakhe bangavikela abantu ezintweni ezingonakalisa ubuhlobo babo noNkulunkulu noma ukuziphatha kwabo okuhle. Manje, njengoba inkonzo yakhe isizophela uthi: “Empeleni usawoti muhle. Kodwa uma usawoti uphelelwa amandla awo, uyovuselelwa ngani?” (Luka 14:34) Izilaleli zakhe zazazi ukuthi usawoti owawukhona ngalesiya sikhathi wawusuxutshwe nezinye izinto ezinjengemifino nenhlabathi, ngakho wawungasawenzi umsebenzi owenziwa usawoti ongaxutshwe nalutho.
UJesu ubonisa ukuthi ngisho nalabo asebenesikhathi eside bengabafundi bakhe akumelwe bazithele ngabandayo. Uma lokho kwenzeka, bebeyoba abangenamsebenzi njengosawoti ophelelwa amandla awo bese izwe liyabahleka. Ngaphezu kwalokho, bebeyoba abangafaneleki phambi kukaNkulunkulu baze balethe ngisho isihlamba egameni lakhe. UJesu ugcizelela ukubaluleka kokugwema leyo miphumela ngokuthi: “Onezindlebe zokulalela makalalele.”—Luka 14:35.