“NguJehova! NguNkulunkulu Ogcwele Isihe, Onomusa”
“NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso.”—EKSODUSI 34:6.
1. (a) IBhayibheli linikeza yiphi induduzo kulabo abaye babona abathandekayo babo bephuma ekukhulekeleni kweqiniso? (b) UJehova ubabheka kanjani abonayo?
“INDODAKAZI yami yangitshela ukuthi ayisafuni ukuba yingxenye yebandla lobuKristu,” kusho omunye ubaba ongumKristu. “Ngemva kwalokho kwaphela izinsuku, amasonto, ngisho nezinyanga ngizwa ubuhlungu obubeleselayo emzimbeni. Kwakukubi ngaphezu kokufa.” Kubangela usizi ngempela ukubona othandekayo ephuma endleleni yokukhulekela kweqiniso. Ingabe wake wabhekana nalokhu? Uma kunjalo, kuzokududuza ukwazi ukuthi uJehova uyakuzwela. (Eksodusi 3:7; Isaya 63:9) Kodwa ubabheka kanjani labo abonayo? IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova ubamema ngesihe ukuba babuyele emseni wakhe. Wancenga amaJuda ayehlubukile osuku lukaMalaki: “Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini.”—Malaki 3:7.
2. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi isihe siyisici esiyingxenye yobuntu bukaJehova?
2 Isihe sikaNkulunkulu saqokonyiswa kuMose eNtabeni yaseSinayi. Lapho, uJehova wambula ukuthi ‘unguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene neqiniso.’ (Eksodusi 34:6) Lawa mazwi agcizelela ukuthi isihe siyisici esiyingxenye yobuntu bukaJehova. Umphostoli uPetru ongumKristu wabhala ukuthi uJehova “ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Yiqiniso, isihe sikaNkulunkulu sinayo imingcele. UMose watshelwa ukuthi uNkulunkulu ‘akayikuyekela onecala.’ (Eksodusi 34:7; 2 Petru 2:9) Nokho, “uNkulunkulu uluthando,” futhi isihe siyisici esikhulu saleyo mfanelo. (1 Johane 4:8; Jakobe 3:17) UJehova “akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube-phakade,” futhi “wenamela umusa.”—Mika 7:18, 19.
3. Umbono kaJesu ngesihe wawuhluke kanjani kowababhali nabaFarisi?
3 UJesu wayembonakalisa ngokuphelele uYise wasezulwini. (Johane 5:19) Indlela enesihe aphatha ngayo abenzi bobubi yayingekhona ukushalazela izono zabo kodwa yayibonisa imizwa yesisa efana naleyo ayibonisa kwababegula ngokwenyama. (Qhathanisa noMarku 1:40, 41.) Yebo, uJesu wabala isihe njengengxenye ‘yezindaba ezinesisindo esikhudlwana’ zoMthetho kaNkulunkulu. (Mathewu 23:23) Ngokuphambene, cabangela ababhali nabaFarisi, ababenomqondo wobulungisa obambelela emithethweni, ngokuvamile owawenza isihe singangeni nhlobo. Lapho bebona uJesu esebenzelana nezoni, bakhononda: “Lomuntu wamukela izoni futhi adle nazo.” (Luka 15:1, 2) UJesu waphendula laba ababemsola ngemifanekiso emithathu, ngamunye oqokomisa isihe sikaNkulunkulu.
4. Yimiphi imifanekiso emibili uJesu ayilandisa, futhi ngamunye wayo wawunaliphi iphuzu?
4 Okokuqala, uJesu wakhuluma ngomuntu owashiya izimvu ezingu-99 wayofuna eyodwa eyayilahlekile. Laliyini iphuzu lakhe? “Kuyoba nenjabulo eyengeziwe ezulwini ngesoni esisodwa esiphendukayo kunangabangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangenasidingo sokuphenduka.” UJesu wabe esekhuluma ngowesifazane owafuna uhlamvu lwemali oluyidrakma olwalulahlekile futhi wajabula lapho eluthola. Wathi kusebenzaphi lokhu? “Kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.” UJesu walandisa umfanekiso wakhe wesithathu osamzekeliso.a Abaningi baye bawubheka njengendatshana enhle kunazo zonke ezake zaxoxwa. Ukucabangela lo mzekeliso kuzosisiza ukuba siqonde futhi silingise isihe sikaNkulunkulu.—Luka 15:3-10.
Indodana Ehlubukayo Iyahamba Ekhaya
5, 6. Indodana encane emfanekisweni kaJesu wesithathu yakubonisa kanjani ukuntula ukwazisa okushaqisayo?
5 “Umuntu othile wayenamadodana amabili. Futhi encane kuwo yathi kuyise, ‘Baba, nginike ingxenye yempahla ewela esabelweni sami.’ Khona-ke wawahlukanisela lokho ayeziphilisa ngakho. Kamuva, ngemva kwezinsuku ezingeziningi, lendodana encane yabuthela ndawonye zonke izinto futhi yaya kude ezweni eliqhelile, futhi yasaphaza lapho impahla yayo ngokuphila ukuphila kokuzitika ngamanyala.”—Luka 15:11-13.b
6 Indodana encane lapha yabonisa ukuntula ukwazisa okushaqisayo. Okokuqala, yafuna ifa layo, yabe isilisaphaza “ngokuphila ukuphila kokuzitika ngamanyala.” Amazwi athi “ukuphila kokuzitika ngamanyala” ahumusha igama lesiGreki elisho “ukuphila kokweqisa.” Esinye isazi sithi lelo gama “lisho ukungabi nasimilo ngokwedlulele.” Kungesizathu esizwakalayo ukuthi le nsizwa yomzekeliso kaJesu ibizwa ngokuthi indodana esaphazayo, okuyigama elichaza umuntu omosa ngokungabi nandaba nochithayo.
7. Obani namuhla abafana nendodana esaphazayo, futhi kungani abaningi abanjalo befuna ukuzibusa “ezweni elikude”?
7 Ingabe bakhona namuhla abantu abafana nendodana esaphazayo? Yebo. Ngokudabukisayo, abayinani elincane ngokuqhathaniswa baye bashiya ‘ikhaya’ elilondekile likaBaba wethu osezulwini, uJehova. (1 Thimothewu 3:15) Abanye balaba baba nomuzwa wokuthi isimo sasemkhayeni kaNkulunkulu sinemingcele ngokweqile, ukuthi iso likaJehova eliqaphile liyisithiyo kunokuba libe yisivikelo. (Qhathanisa neHubo 32:8.) Cabangela owesifazane ongumKristu owakhuliswa ngezimiso zeBhayibheli kodwa okwathi kamuva wahileleka ekusebenziseni kabi utshwala nezidakamizwa. Lapho ekhumbula leyo nkathi yobumnyama ekuphileni kwakhe, uthi: “Ngangifuna ukubonisa ukuthi ngangingakwazi ukuzakhela ukuphila okungcono. Ngangifuna ukwenza engikufunayo, ngingafuni muntu ukuba angitshele okuhlukile.” Njengendodana esaphazayo, le ntokazi yayifuna ukuzibusa. Ngokudabukisayo, ngenxa yemikhuba yayo engqubuzana nemiBhalo kwadingeka ixoshwe ebandleni lobuKristu.—1 Korinte 5:11-13.
8. (a) Yiluphi usizo olunganikezwa labo abafisa ukuphila ngokuphambene nezindinganiso zikaNkulunkulu? (b) Kungani umuntu kufanele akucabangele ngengqondo ehluzekile akukhethayo endabeni yokukhulekela?
8 Kuyadabukisa ngempela lapho esikholwa naye ebonisa isifiso sokuphila ngokuphambene nezindinganiso zikaNkulunkulu. (Filipi 3:18) Lapho lokhu kwenzeka, abadala nabanye abanezimfanelo ezingokomoya bazama ukumlungisa lowo owonayo. (Galathiya 6:1) Nokho, akukho muntu ophoqwayo ukwamukela ijoka lokuba umfundi ongumKristu. (Mathewu 11:28-30; 16:24) Lapho ifinyelela ubudala obufanele, ngisho nentsha kumelwe izikhethele endabeni yokukhulekela. Ngamunye wethu uyisidalwa esikhululekile ekugcineni esiyozilandisela kuNkulunkulu. (Roma 14:12) Yiqiniso, ‘siyovuna lokho esikuhlwanyelayo’ futhi—okuyisifundo indodana esaphazayo yomzekeliso kaJesu eyayizosifunda ngokushesha.—Galathiya 6:7, 8.
Ukuphelelwa Yithemba Ezweni Elikude
9, 10. (a) Izimo zayishintshela kanjani indodana esaphazayo, futhi yasabela kanjani? (b) Bonisa ukuthi abanye namuhla abalahla ukukhulekela kweqiniso baba kanjani sesimweni esinzima njengesendodana esaphazayo.
9 “Lapho isisebenzise konke, kwaba khona indlala enzima kulo lonke lelozwe, futhi yaqala ukuswela. Yaze ngisho yahamba yazihlanganisa nesinye sezakhamuzi zalelozwe, futhi sayithumela emadlelweni aso ukuba yeluse izingulube. Futhi yayivame ukufisa ukusuthiswa imidumba yamakharobhu eyayidliwa izingulube, futhi akekho owayeyinika utho.”—Luka 15:14-16.
10 Nakuba yayisilambatha, le ndodana esaphazayo yayingakacabangi ukubuyela ekhaya. Kunalokho, yahlangana nesakhamuzi esayinika umsebenzi wokwelusa izingulube. Njengoba uMthetho kaMose wawuthi izingulube ziyizilwane ezingcolile, cishe umsebenzi onjalo wawungeke uthandeke kumJuda. (Levitikusi 11:7, 8) Kodwa uma ngabe unembeza wale ndodana esaphazayo wawuyihlupha, kwakuyodingeka iwucindezele. Kakade, yayingenakulindela ukuba umqashi wayo, isakhamuzi sakule ndawo, sibe nendaba nemizwa yesifiki esiwuthwanqu. Isimo esinzima sendodana esaphazayo sifana nalokho abaningi abalahla indlela eqondile yokukhulekela okuhlanzekile ababhekana nakho namuhla. Ngokuvamile, abanjalo bahileleka ezintweni ngaphambili ababezibheka njengezihlazisayo. Ngokwesibonelo, lapho ineminyaka engu-17 ubudala, enye insizwa yavukela indlela yobuKristu eyayikhuliswe ngayo. Iyavuma: “Ukuziphatha okubi nokusebenzisa kabi izidakamizwa kwasula izimfundiso ezisekelwe eBhayibhelini zeminyaka eminingi.” Ngokushesha, le nsizwa yazithola isejele ngenxa yokuphanga ihlomile nokubulala. Nakuba kamuva yalulama ngokomoya, yeka ukuthi yayikhokhe kanzima kangakanani ukuze ithole ‘injabulo yesikhashana esonweni’!—Qhathanisa namaHeberu 11:24-26.
11. Yini eyasenza saba sibi nakakhulu isimo esibucayi sendodana esaphazayo, futhi abathile namuhla baye bathola kanjani ukuthi izinto eziyengayo zezwe ‘ziyinkohliso eyize’?
11 Isimo esibucayi sendodana esaphazayo saba sibi nakakhulu ngenxa yokuthi “akekho owayeyinika utho.” Base beshonephi abangane bayo abasha? Njengoba yayingasenamali, kwase kunjengokungathi ‘bayayizonda.’ (IzAga 14:20) Ngokufanayo, abaningi namuhla abaphumayo okholweni bathola ukuthi izinto eziyengayo nemibono yaleli lizwe ‘ziyinkohliso eyize.’ (Kolose 2:8) “Ngabhekana nobuhlungu obukhulu benhliziyo njengoba ngangingenaso isiqondiso sikaJehova,” kusho owesifazane osemusha owashiya inhlangano kaNkulunkulu isikhathi esithile. “Ngazama ukuzifanisa nezwe, kodwa ngenxa yokuthi ngangingafani ngempela nabanye, bangikhipha inyumbazane. Ngazizwa sengathi ngiyingane elahlekile, ngidinga ubaba ozongiqondisa. Yilapho engaqaphela khona ukuthi ngiyamdinga uJehova. Angiphindanga ngafuna ukuziphilela ngaphandle kwakhe.” Indodana esaphazayo yomfanekiso kaJesu yaqaphela okufanayo.
Indodana Esaphazayo Iyasanguluka
12, 13. Yiziphi izici eziye zasiza abathile namuhla ukuba basanguluke? (Bheka ibhokisi.)
12 “Lapho isanguluka, yathi, ‘Yeka ukuthi baningi kangakanani abaqashwa bakababa abanesinkwa esiningi, kuyilapho mina ngibhubha lapha indlala! Ngizosuka futhi ngiye kubaba ngithi kuye: “Baba, ngonile kulo izulu nakuwe. Angisakufanelekeli ukubizwa ngokuthi ngiyindodana yakho. Ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.”’ Ngakho yasuka yaya kuyise.”—Luka 15:17-20.
13 Indodana esaphazayo ‘yasanguluka.’ Okwesikhathi esithile, le ndodana esaphazayo yayikade izitika ekufuneni izinjabulo, njengokungathi ikwelamaphupho. Kodwa manje yasiqaphela ngokukhanyayo isimo sayo sangempela esingokomoya. Yebo, yize le nsizwa yayinhlanhlathile, lalisekhona ithemba ngayo. Yayinakho okuthile okuhle kuyo. (IzAga 24:16; qhathanisa neyesi-2 IziKronike 19:2, 3.) Kuthiwani ngalabo abashiya umhlambi kaNkulunkulu namuhla? Ingabe bekungaba nengqondo ukuphetha ngokuthi alisekho ithemba ngabo, ukuthi kubo bonke, inkambo yabo yokuhlubuka ibonisa ukuthi baye bona umoya kaNkulunkulu ongcwele? (Mathewu 12:31, 32) Akunjalo ngaso sonke isikhathi. Abathile babo iyabahlupha inkambo yabo yokuhlubuka, futhi ngokuhamba kwesikhathi abaningi balaba bayasanguluka. “Angizange, ngisho nangosuku olulodwa, ngimkhohlwe uJehova,” kusho omunye udade, ekhumbula isikhathi asichitha engaphandle kwenhlangano kaNkulunkulu. “Njalo ngangithandazela ukuthi ngandlela-thile ngolunye usuku aphinde angamukele eqinisweni.”—IHubo 119:176.
14. Yisiphi isinqumo esathathwa yindodana esaphazayo, futhi yakubonisa kanjani ukuthobeka ngokwenza kanjalo?
14 Kodwa yini labo abaye baphambuka abangayenza ngesimo sabo? Emzekelisweni kaJesu, indodana esaphazayo yanquma ukuthatha uhambo lokubuyela ekhaya iyoncenga uyise ukuba ayithethelele. Yanquma ukufika ithi: “Ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.” Inceku eqashiwe yayiyisisebenzi sosuku esasingase sixoshwe ngalo lolo suku. Lesi kwakuyisimo esiphansi ngisho nakwesesigqila, esasinjengelungu lomkhaya ngomqondo othile. Ngakho le ndodana esaphazayo yayingacabangi ukucela ukuba ibuyiselwe esimweni sayo sangaphambili sokuba yindodana. Yayizimisele ukwamukela isikhundla esiphansi kunazo zonke, ukuze ibonise ukwethembeka kwayo okuvuselelwe kuyise usuku nosuku. Nokho, le ndodana esaphazayo yayizothola isimanga.
Ukwamukelwa Ngokufudumele
15-17. (a) Wasabela kanjani ubaba lapho ebona indodana yakhe? (b) Yini eboniswa yisivatho, indandatho nezimbadada ubaba akunika indodana yakhe? (c) Kubonisani ukuhlela kukababa ukuba kwenziwe idili?
15 “Lapho isekude, uyise wayibona futhi waba nesihawu, wagijima wawela entanyeni yayo wayanga ngesisa. Khona-ke indodana yathi kuye, ‘Baba, ngonile kulo izulu nakuwe. Angisakufanelekeli ukubizwa ngokuthi ngiyindodana yakho. Ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’ Kodwa uyise wathi ezigqileni zakhe, ‘Sheshani! khiphani isivatho, esihle kunazo zonke, futhi nimgqokise sona, futhi nifake indandatho esandleni sakhe nezimbadada ezinyaweni zakhe. Futhi lethani inkunzi esencane ekhuluphalisiwe, niyihlabe futhi sidle sizijabulise, ngoba lendodana yami ibifile yabuye yaphila; ibilahlekile futhi yatholakala.’ Futhi baqala ukuzijabulisa.”—Luka 15:20-24.
16 Noma yimuphi umzali onothando wayeyokulangazela ukuba ingane yakhe ilulame ngokomoya. Ngakho, singamcabanga nje uyise wendodana esaphazayo egqolozele indlela ephambi komuzi wakhe nsuku zonke ekhathazekile, ethemba ukuthi indodana yakhe izobuya. Manje uyayibona indodana yakhe iza ngendlela! Ngokungangabazeki indlela le nsizwa eyayibukeka ngayo yayisishintshile. Noma kunjalo, uyise uyibona “isekude.” Akawanaki amanikiniki ezingubo nokudangala kwayo; ubona indodana yakhe, futhi uyagijima ayoyihlangabeza!
17 Lapho uyise efika endodaneni yakhe, wawela entanyeni yayo wayanga ngesisa. Wabe eseyala izigqila zakhe ukuba zinike indodana yakhe isivatho, indandatho nezimbadada. Lesi sivatho sasingesona isambatho nje esingatheni, kodwa ‘sasisihle kunazo zonke’—mhlawumbe siyingubo eqhilika imihlobiso, efana naleyo eyayinikwa isimenywa esihloniphekile. Njengoba indandatho nezimbadada kwakungavamile ukubonakala kugqokwe yizigqila, uyise wayekwenza kucace ukuthi indodana yakhe yayamukelwa njengelungu eligcwele lomkhaya. Kodwa lo baba wenza okunye okwengeziwe. Wayala ukuba kwenziwe idili lokuhalalisela ukubuya kwendodana yakhe. Ngokusobala, le ndoda yayingayithetheleli ngokukhononda indodana yayo noma ngenxa nje yokuthi ukubuya kwendodana yayo kwakuyenza ibopheke ukuba iyithethelele; yayifuna ukuyithethelela. Kwakuyijabulisa.
18, 19. (a) Umzekeliso wendodana esaphazayo ukufundisani ngoJehova? (b) Njengoba kuboniswe ekusebenzelaneni kwakhe noJuda neJerusalema, uJehova ‘ukulindela’ kanjani ukubuya kwesoni?
18 Kuze kube manje, yini lo mzekeliso wendodana esaphazayo osifundisa yona ngoNkulunkulu esinelungelo lokumkhulekela? Okokuqala, ukuthi uJehova ‘ugcwele isihe, unomusa, uphuza ukuthukuthela, futhi uvamé ubumnene neqiniso.’ (Eksodusi 34:6) Ngempela, isihe siyimfanelo ephawulekayo kaNkulunkulu. Siyindlela yakhe evamile asabela ngayo kulabo abaswele. Okunye, umzekeliso kaJesu usifundisa ukuthi uJehova “ukulungele ukuthethelela.” (IHubo 86:5, NW) Kunjengokungathi uyabhekisisa ukuze abone noma yikuphi ukuguquka kwezinhliziyo zabantu abonayo okungamnika isisekelo sokuba abonise isihe.—2 IziKronike 12:12; 16:9.
19 Ngokwesibonelo, cabanga ngokusebenzelana kukaNkulunkulu no-Israyeli. Umprofethi u-Isaya waphefumulelwa uJehova ukuba achaze uJuda neJerusalema ngokuthi ‘bayagula kusukela ematheni onyawo kuze kube-sekhanda.’ Nokho, wathi futhi: “UJehova uyakulindela ukuba abe-nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe-nesihe kini.” (Isaya 1:5, 6; 30:18; 55:7; Hezekeli 33:11) Njengobaba womzekeliso kaJesu, uJehova kunjengokungathi ‘ugqolozela indlela.’ Ukulindela ngokulangazela ukubuya kwanoma yibaphi abaye bashiya indlu yakhe. Ingabe akukhona lokhu ebesingakulindela kubaba onothando?—IHubo 103:13.
20, 21. (a) Abaningi badonswa kanjani isihe sikaNkulunkulu namuhla? (b) Yini okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?
20 Unyaka ngamunye, isihe sikaJehova sidonsa abaningi ukuba basanguluke futhi babuyele ekukhulekeleni kweqiniso. Yeka injabulo lokhu okuyilethayo kwabathandekayo babo! Ngokwesibonelo, cabanga ngobaba ongumKristu okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Ngokujabulisayo, indodakazi yakhe yalulama ngokomoya futhi manje ikhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele. “Ngijabula kakhulu ngokwezinga okungenzeka ngalo kulesi simiso sezinto esidala,” esho. “Izinyembezi zami zosizi ziye zaguquka izinyembezi zenjabulo.” Ngokuqinisekile, noJehova uyajabula!—IzAga 27:11.
21 Kodwa kunokwengeziwe emzekelisweni wendodana esaphazayo. UJesu waqhuba indaba yakhe ukuze abonise umehluko phakathi kwesihe sikaJehova nesimo sobulukhuni nesokwahlulela esasivamile phakathi kwababhali nabaFarisi. Ukuthi wakwenza kanjani lokhu—nokuthi kusho ukuthini kithi—kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Imizekeliso neminye imifanekiso elandiswe eBhayibhelini ayenzekanga ngokoqobo. Ngaphezu kwalokho, njengoba injongo yalezi zindaba iwukufundisa isifundo sokuziphatha, asikho isidingo sokufuna incazelo engokomfanekiso yazo zonke izici.
b Incazelo engokwesiprofetho yalo mzekeliso inikezwe kuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 1989, amakhasi 16, 17.
Ukubukeza
◻ Isimo sengqondo sikaJesu mayelana nesihe sasihluke kanjani kwesabaFarisi?
◻ Obani namuhla abafana nendodana esaphazayo, futhi kanjani?
◻ Yiziphi izimo ezasangulukisa indodana esaphazayo?
◻ Ubaba wasibonisa kanjani isihe endodaneni yakhe eyayiphendukile?
[Ibhokisi ekhasini 11]
BASANGULUKA
Yini eye yasiza abathile ababekade bexoshiwe ebandleni lobuKristu ukuba basanguluke? Amazwi alandelayo enza kuqondakale.
“Enhliziyweni yami ngangisalokhu ngazi ukuthi likuphi iqiniso. Ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni yamaKristu iminyaka eminingi kwakube nethonya elikhulu kimi. Ngangingaqhubeka kanjani ngifulathele uJehova? Kwakungeyena owayengishiyile; yimi engangimshiyile. Ekugcineni, ngavuma ukuthi ngangisephutheni futhi ngangibe nenkani nokuthi selokhu kwathi nhló iZwi likaJehova liqinisile—‘uyakuvuna okuhlwanyelayo.’”—C.W.
“Umntwana wami wentombazane waqala ukukhuluma, futhi lokho kwangithinta inhliziyo ngoba ngangifuna ukumfundisa izinto ezinjengokuthi ubani uJehova nokuthi kuthandazwa kanjani kuye. Ngangiqwasha, futhi ngolunye usuku ngahamba ngemoto ebusuku kakhulu ngaya epaki ngafike ngakhala. Ngakhala, futhi ngathandaza kuJehova okokuqala ngemva kwesikhathi eside ngagcina. Engangikwazi nje kwakuwukuthi ngangimdinga uJehova ukuba aphinde abe sekuphileni kwami, futhi ngangethemba ukuthi wayengangithethelela.”—G.H.
“Lapho kuxoxwa ngenkolo, ngangithi kubantu uma kungathiwa angikhethe inkolo efundisa iqiniso, kungadingeka ngibe omunye woFakazi BakaJehova. Ngangiye nginezele nokuthi ngake ngaba nguye, kodwa ngahluleka ukuphila ngendlela ehambisana nako, ngase ngiyayeka. Lapho ngiqaphela lokhu, ngokuvamile ngangizizwa nginecala futhi ngingajabule. Ekugcineni ngavuma, ‘Ngilusizi. Kudingeka ngenze izinguquko ezinkulu.’”—C.N.
“Mina nomyeni wami sasuswa ekuhlanganyeleni eminyakeni engu-35 edlule. Kwabe sekuthi ngo-1991, samangala ngenjabulo lapho sihanjelwa abadala ababili abasazisa ukuthi kwakungenzeka ukuba sibuyele kuJehova. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha, sajabula kakhulu lapho sibuyiselwa ekuhlanganyeleni. Sengineminyaka engu-63, umyeni wami unengu-79 ubudala.”—C.A.