‘Buyelani KuMalusi Wemiphefumulo Yenu’
IMIFANEKISO emibili eshukumisa inhliziyo kaJesu ichaza ukukhathalela kukaNkulunkulu okujulile ngalabo abasengabantu bakhe kodwa abaye baduka. Ake ucabange ngosizi lomalusi oshiya umhlambi wezingama-99 futhi ofuna ehlane imvu elahlekile “aze ayithole.” Noma cabanga ngowesifazane oqotho owalahlekelwa uhlamvu lwesiliva, mhlawumbe ingxenye yenani eliphansi. Uzama konke ukuze aluthole—ukhanyisa isibani futhi ushanyela indlu yakhe yonke “aze aluthole.” Futhi yeka ukujabula ekulutholeni!—Luka 15:4-10.
Akungabazeki uyaqaphela ukuthi uJesu wayekhuluma ngabantu ababenobuhlobo bokuzinikezela noNkulunkulu, kodwa ngezizathu ezihlukene bahlehla noma ‘balahleka.’ Mhlawumbe ungase ube ngomunye wabo. Umzamo omkhulu oboniswa emifanekisweni yokuthola okuthandekayo nokujabula ekutholakaleni kwakho ungase ukuthinte. Ibonisa isithakazelo uNkulunkulu, iNdodana yakhe, izingelosi ezingcwele nabazalwane bakho abangokomoya nodade abanaso kuwe. Umfanekiso olandela lena emibili unikeza imininingwane eyengeziwe ngenkambo yomuntu o”lahlekile.”
Umfanekiso Wendodana Yolahleko
Ngokukhanya okudabukisayo uJesu ubonisa emfanekisweni wakhe wendodana yolahleko (1) isizathu sokuba umuntu ahlehle, (2) okungenzeka lapho elahlekile, (3) okumenza abuye, (4) nesimo sokwamukela sikaNkulunkulu. Amadodana amabili emfanekisweni angase aqhathaniswe nabantu, njengawe, abaye bafinyelela ekwazini uBaba, bajabulela ‘ukudla okuningi okungokomoya’ endlini yokholo futhi banikela ukuphila kwabo kuJehova.—Luka 15:11-32.
Kunezizathu ezihlukahlukene ezenza abanye, njengalendodana encane, bashiye “ikhaya” likaBaba wethu osezulwini. Ngokuvamile kuwumthwalo okhulayo wo“kunaka okwalokhukuphila.” (Luka 21:34) Ngezinye izikhathi ithonya labangane ababi liye lavimbela abanye ukuba ba‘qhubeke nokulalela iqiniso.’ (Galathiya 5:7, 8, 10, 12) Imizwa enamandla ezindabeni eziyisifundiso ingase ibangele abanye ukuba ‘babuyele ezintweni ezingemuva.’ (Johane 6:60-66) Ngokwesisekelo, abanye bebona nje noma benganakile baye bacabangela isimo endlini kaJehova engokomoya ukuthi siyabopha kakhulu. Laba, njengendodana yolahleko, abasafuni ukuba ngaphansi kweso eliqaphelayo likaBaba. Bafuna inkululeko yokuya “ezweni elikude.”
Bebodwa Ezweni Elikude
Indodana yolahleko—ngemva kokuba isisebenzise yonke imali yayo—yathola konke ngaphandle kwenkululeko nokujabula. Yehla ekuziphatheni ya“hamba ngokonakala.” Lapho izikhathi ezinzima zigadla, ngokungenathemba ya“khonza” komunye wezakhamizi owayithuma ukuba yaluse izingulube—umsebenzi ophansi kakhulu kumJuda. Yaze yalambela nokudla kwezingulube!—Luka 15:13-16.
UJohn ubengumdala webandla ngaphambi kohambo lwakhe lokuya “ezweni elikude” ngokomoya. “Ukulandela iqiniso ngokuqinisekile kuyisivikelo, kodwa uma ungakhuthele, uqhelisa isivikelo sakho,” kuchaza uJohn. “Ngisho noma ungase ungenzi lutho ngempela olubi, izinto ezincane ziyaqala ukuvunyelwa. Uzitshela ukuthi, ‘Nokho, angisayi kunanoma imiphi imihlangano yebandla, ngakho ingabe kwenza umehluko lokhu engikwenzayo?’” Omunye uFakazi owayesepholile iminyaka eminingi wavuma: “Ngempela ngahileleka ekuziphatheni okubi. Ngabona ngokushesha ukuthi asikho isilinganiso sokuthi umuntu angacwila kancane kangakanani ngokujwayelana nabantu bezwe. Indlela okuwukuphela kwayo yokujabulela ubungane nabo iwukugcina umlomo wakho ungakhulumi ngoJehova. Uma ukhuluma, uzifaka ekuhluphekeni okukhulu.”
Kodwa abaningi abapholayo ababuyeli ‘ekuphileni okonakele’ njengoba kwenza indodana yolahleko emfanekisweni kaJesu. Kodwa bonke bayakuqaphela ukwahlukana nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Omunye umbhangqwana opholile awu“zange ulithathe iBhayibheli iminyaka eyi-15,” kodwa wahlala umsulwa ngokokuziphatha. Umfazi uyachaza: “Uma sikhuluma ngokwezinto ezibonakalayo, izinto zazisihambela kahle kakhulu phakathi naleyominyaka. Ungase uthambekele ekukholelweni ukuthi akukho sidingo sokubuyela kuJehova. Sakhela ukuphila kwethu konke emisebenzini yethu nakithina. Sazama ukuvimba yonke imicabango yeqiniso kwaze kwaba sezingeni lokuba sithuthele kwenye indawo lapho esasingaziwa khona. Kodwa yonke lenjabulo yayingaphandle kuphela. Ngaphakathi sasehlukene. Indoda yami yayicindezeleke ngokujulile iminyaka eminingi. Sayeka ukuthandaza, ngisho nangaphambi kokudla. Angizange ngilale ubusuku obuningi ngikhathazeka ngeqiniso nangomuzwa wecala.” Indoda yenezela: “Saba nomuzwa wokuthi sasilindele ukufa.”
Ukuhlukaniswa noJehova, ukuba nomuzwa wokuba wedwa ngokomoya, kuyisimo esibuhlungu. Omunye wesifazane ongumKristu owake waphola wathi: “Akukho lutho olufana nokuba nomusa kaJehova. Ukuba nomuzwa wobuthaka futhi ungenakuthandaza kuye, noma unokungabaza ngokuthi uzoyiphendula imithandazo yakho, kuyisimo esesabekayo.”
‘Kwasa Engqondweni Yayo’
Indodana yolahleko yaqaphela imizwa yayo engaphakathi engokomoya futhi yasabela. UJesu wathi: ‘Kwasa engqondweni yayo.’ Amazwi esiGreki sokuqala ngokuqondile athi, “Yeza kuyo ngokwayo.” Yayikade ‘iyodwa,’ ezweni eliyize. Futhi manje yaqaphela isimo sayo siqu seqiniso esingokomoya. Yacabanga ngokuthula nenala eyayikujabulela ekhaya likayise wayo.—Luka 15:17.
Nakuba indodana yolahleko yafinyelela lokhu kuqaphela ngokwayo siqu, ngokuvamile ukuqondisisa kulandela izingxoxo eziningana ezingokomoya ezivusa imizwa elele. Ngokwesibonelo, uDiane, lapho epholile, wavula isifuba sakhe kuFakazi ayejwayelene naye: “Ngeke ngibuyele kuJehova. Angimthandi futhi ngiyazi ukuthi lokho kumelwe kube isisusa.” UFakazi wabuza: “Ingabe wayithanda indoda yakho ekuqaleni kokuqomisana kwenu?” “Qha, ngangingayithanda kanjani? Ngangingayazi,” kwaphendula uDiane. “Khona-ke ngaqaphela,” kuvuma uDiane, “ukuthi ukuthanda uJehova kuyoza kanye nokumazi futhi. Kamuva ngasondelana nebandla futhi ngacela usizo. Umbhangqwana, ngaphansi kokuqondisa kwabadala, wafunda iBhayibheli nendoda yami kanye nami ngaphezu konyaka, futhi sabuye sakhuthala.”
Nokho, esinye sezithiyo esikhulukazi ekubuyeni umuzwa oqeda amandla wokuba necala.
Ingabe Sengihambe Kakhulu?
“Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho;” lena indlela indodana yolahleko eyazizwa ngayo ngemva kokuba “sekusile” engqondweni yayo. Abanye baye baba nomuzwa ofanayo—bengafanele ukubizwa ngokuthi bangabanye bomkhaya kaNkulunkulu.—Luka 15:17-19.
“Uyaqaphela ukuthi umfulathele uJehova ngamabomu. Lelicala langibangela umuzwa wobuhlungu,” kwavuma uVirginia. “Lapho ngiqala ukukhuthala futhi, nganginempi yoqobo yokuqala ukuthandaza futhi. Ngacabanga ngingaqedi, ‘Yini uJehova ayifunayo kimi, njengoba ngamfulathela.’” Abanye baye baba nomuzwa wokuthi baye benza “isono esingenakuthethelelwa.”
Ingabe uYise, owayazi ukuthi izono zendodana yakhe zazinkulu, wazibheka njengezingenakuthethelelwa? Ingabe wayengajabuli futhi engenandaba lapho umfana ebuye evela? Lutho neze! Wayekade eyifuna indodana yakhe. “Kuthe isekude, uyise wayibona,” ngokusho kukaJesu. (Luka 15:20) Omakhelwane babengase babone amanikiniki, ukungcola, izinyawo ezingenazicathulo kuphela, kodwa uyise “wayibona.” Wayeyazi indlela ende indodana yakhe eyayiyihambile. Kwakusobala ukuthi yayikushiyile ‘ukuphila kwayo okonakele’ futhi yayiphenduke ngempela.—IzAga 28:13.
Uyise wagijimela ukuyanga indodana yakhe. Okukhulu indodana yakhe eyayikulindele ukuba ‘umqashwa,’ othile ngempela ongelona ilungu lomkhaya futhi ngandlelathile ophansi kakhulu kunesigqila. Ayizange icabange ngokusabela kukayise: “Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni zayo, nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule.” Yeka indlela emangalisayo uJesu afanekisa ngayo ukusabela okuqotho kukayise!—Luka 15:22, 23.
Uyise wayazi ukuthi indodana yolahleko yayibone lukhulu—izibazi ezingokomzwelo zoku“hamba ngokonakala” futhi ilahlekelwa yiyo yonke imali yayo, ubuhlungu bokungabi namngane nokuswela ukudla nendawo yokuhlala phakathi nendlala, ihlazo lokudla nezingulube, futhi ekugcineni, uhambo olude lokuya ekhaya. Ngakho, futhi, uJehova uyaqaphela ukuthi umuntu uyahlupheka uma “elahlekile” futhi akulula ukubuya. Kodwa uBaba wethu wasezulwini onothando, ‘onomusa wothando omkhulu,’ ‘akanakubheka ngaso sonke isikhathi amaphutha ngokufanayo akanakusivuza ngokwamacala ethu’ uma siphenduka ngobuqotho futhi “sithethe indaba” naye. Abanye abaye benza ngisho nezono ezimbi kakhulu lapho bephumile ebandleni lobuKristu, kodwa babuya ngokuphenduka kweqiniso, bevuma izono zabo phambi kwabadala, bangase balindele okunothando ukuphathwa ngokucatshangelwa okuholela ekululameni ngokuphelele.—IHubo 103:8-10; 130:3; Isaya 1:18, 19.
Kuyiqiniso, iBhayibheli likhuluma ngamanye amaKristu angathembekile azono zawo zingenakuthethelelwa. Nokho, uPawulu ubonisa ukuthi laba ‘bamelene’ neQiniso futhi banyathelela phansi ngokwedelela umhlatshelo wesihlengo ngokuwulinganisa nenani elivamile. (Heberu 10:26-31) Kodwa ingabe uye wathatha isinyathelo esikhulu kangako? Ukucabangela kwakho okuqotho lendaba, kunokuba nje ube nokwaneliswa nje ngayo, kubonisa ukuthi usenalo uthando oluthile lwezinto ezingokomoya. Iqiniso lokuthi unomuzwa wokuba necala nokuphazamiseka enhliziyweni libonisa ukuthi awukakahambi kakhulu. Qiniseka ukuthi uJehova uyosiphendula isicelo sakho somthandazo njengoba aphendula esikaDavide, owacela: “Ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.”—IHubo 25:11.
‘Ungesabi. Ngizosiza Ngempela’
Abadala ababili bavakashela umbhangqwana opholile ngesikhathi esidlule owawungoFakazi abakhuthele ngokungavamile. Ngokushesha nje ingxoxo iqalile khona-ke indoda epholile ngokuzivikela yaphawula ukuthi yayazi ukuthi kumelwe ibe senkonzweni yasensimini ifundise abanye. “Okwamanje angicabangi ukuthi kumelwe wenze kanjalo,” kwakuyimpendulo emangalisayo kaRussell, omunye wabadala. “Uma ilungu lomkhaya wakho ligula, ubungalitshela ukuba liphumele phandle liyocenta igceke? Nokho, asinakukutshela ukuthi ‘hamba uyocenta igceke.’ Sifuna ube ngcono. Yini esingayenza yokukusiza?” Usizo lothando, kuhlanganisa umoya ofudumele wokungeneka kwabadala, kwasiza umbhangqwana waba ngcono ngokomoya, futhi indoda namanje ikhonza njengomdala futhi.—Qhathanisa noJakobe 5:14, 15.
Abanye abaphendukile bayenqena ukuzihlanganisa futhi ngoba banomuzwa wokungakwazi ukuqhubeka nemithwalo yonke yemfanelo yoFakazi ngesikhathi esisodwa. Nokho, uJehova uyacabangela. Ukululama kancane kancane ngokuvamile kuwusizo kakhulu. UPawulu wathi ngabanye osukwini lwakhe ‘ababebuthuntu’ ngokomoya babedinga othile ukuba abafundise futhi izinto eziyisisekelo zeQiniso. (Heberu 5:11, 12) Lokhukudla okungokomoya kwakha amandla futhi kwenza ezinye izinyathelo zibe nokwenzeka. Ezingxoxweni eziningana noFakazi abake baphola kodwa kamuva balulama, iningi lathi lalidinga usizo njalonjalo. Kodwa labo abasebandleni bafisela ngokweqile ukunikeza usizo olunjalo. Banomuzwa ofana nokaJehova, owatshela abantu bakhe abakhethiweyo: “Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, ngiyakusiza.”—Isaya 41:10.
Yebo, uNkulunkulu uthi: “Ngiyakusiza.” Kungase kudingeke ukuba wehlukane nabanye abangane ababi. Kungase kudingeke ukuba ubhekane ngesibindi nokuphikisa kwezihlobo ezingakuthandi ukuya kwakho emihlanganweni yobuKristu. Kungase kube nezindaba okuyodingeka uzivume kubadala. (IHubo 32:3-5) Kodwa ungakhohlwa ukuthi uJehova ulapho ukuze akusize. Omunye woFakazi owalulama wathi: “UJehova wangivumela ukubona isinyathelo esisodwa isikhathi ngasinye futhi wangisiza kakhulu.” Omunye wenezela: “Ngesikhathi ngiya eHholo LoMbuso bonke abangane bami bakudala bangisingatha banganga. Injabulo yabo yangihlaba umxhwele. Ngacabanga ‘Kungani ngangesaba?’” Nakuba abanye bengase babe nesimo esifana nesomfowabo omdala wendodana yolahleko, iningi liyojabula ukukubona ubuya.—Luka 15:25-32.
Kungani ungazizweli ngokwakho? Omunye wesifazane ongumKristu owalulama ngemva kokuduka isikhathi esithile wathi: “Akukho ndawo ongathola kuyo ukuthula kwangaphakathi. Yonke enye into yabuyela endaweni yayo ngemva kokuba sengikhuthele ngokomoya futhi. Lelizwe alinikezi lutho oluyigugu. Unomuzwa omuhle kanjalo ngokwazi ukuthi uthokozisa uJehova futhi unesivikelo sakhe. Ungalala ebusuku. Ukuphila kwakho manje kuyanelisa futhi ungathuthukisa ithemba loqobo lokuphila oHlelweni Olusha.”
Uma uyimvu eye yalahleka, kungani ungamemi uFakazi okulethele lomagazini ukuba akusize usondelane nabadala bebandla elisendaweni yakini. Yizwa ukujabula nokwaneliseka okuvela ekulandeleni inkambo echazwa uPetru: “Ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.”—1 Petru 2:25.