Ingabe Wake Wahlanganyela Nenhlangano KaJehova?
INSIZWA yazizwa ihlazisekile futhi icindezeleke ngokujulile. Izingubo zayo, ezazimanikiniki futhi ziklebhukile, zazinezimpawu ezibonisa ukuthi zake zaba izingubo eziphambili. Manje zazingasashiyi kungabaza ngokuthi iye yabhekana nezikhathi ezinzima. Njengoba ingqondo yayo yayibuyela emuva ezweni lakubo elikude, yazizwa icasuke ngokujulile ngokuphila okungcolile eyayikade ikuphila nendlela eyayisaphaze ngayo ifa eyayiphikelele ukulithola kungakafaneleki. Isisu sayo esilambile sanezela ekukhathazekeni kwayo, futhi yazizwa ikhumbule ekhaya. Phela, ngisho nezinceku zikayise emuva ekhaya zazingcono kakhulu kunayo! Oh, yeka ukuthi yayingathanda kanjani ukufana nazo!
Kodwa luhlobo luni lokwamukelwa eyayingalulindela kuyise uma manje yayiphindela emuva? Yayingeke ikulindele ukubingelelwa ngokufudumele noma ngisho nokuvunyelwa ukuba ingene endlini ngemva kwendlela eyihlazo eyayisebenzise kabi ngayo umusa kayise. Nakuba kunjalo, umuzwa ojulile wabusa ingqondo yayo nenhliziyo: Kumelwe iye ekhaya.
Yeka ukuthi lensizwa yayingayiqondi kanjani imizwa kayise ngayo! Yeka ukumangala okwakuyilindele njengoba yayisondela ekhaya lakubo elidala! Eqinisweni, “kepha kuthé isekude, uyise wayibona, waba-nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.”—Luka 15:20.
Njengendodana yolahleko, ingabe uye washiya ikhaya lakho? Ingabe uye waqhela kuYihlo, uJehova, nenhlangano yakhe? Ingabe nawe manje usufisa ‘ukubuyela ekhaya’?
Ezimweni eziningi, labo abaye baqhela enhlanganweni kaJehova abazange ngokuqondile babe njengendodana yolahleko. Ngabaningi, kwakumane nje kuyinqubo yokuqhela kancane kancane, cishe ngokungabonakali—njengesikebhe esincane, esizimukela kancane kancane siqhela ezweni. Abanye baye bacindezelwa kakhulu ubunzima obungokwezimali noma izinkinga zomkhaya, ukugula noma ngisho “nokuchuma” ezweni, kangangokuthi izinto ezingokomoya ziye zaminyaniswa. Abanye baye bazivumela ukuba bakhutshwe abathile abahlanganyela nebandla lobuKristu noma baye bashiya ngenxa yokuba bengavumelani nokuqonda okuthile lokho inhlangano kaJehova eyayinakho ephuzwini elingokomBhalo. Abanye futhi baye bazivumela ukuba badumazeke futhi baye bashiya lapho lesimiso sezinto samanje singapheli ngesikhathi ababesilindele.
Uma ungomunye ongasaqhubeki ehlanganyela ngentshiseko nenhlangano kaJehova, ngokunokwenzeka esisodwa noma ezengeziwe zalezizathu siyofanelana nezimo zakho. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela, ingabe manje akusona yini isikhathi sokucabangela ukubuya?—Mathewu 18:12-14.
Ingabe Wakhubeka?
Ngokucabanga indlela isintu esikude ngayo nokuphelela, umuntu angalindela ukuthi ukungqubuzana kobuntu kuyovela ngezikhathi ezithile. Lokhu kuye kwaholela ekukhubekeni kwabanye. Abanye baye bakhubeka lapho othile abebemhlonipha ngokujulile ngokungalindelekile enza ngamawala noma ngendlela engesiyo eyobuKristu noma ehileleka esenzweni esibi.
Ingabe lokhu kuye kwenzeka kuwe? Kungakhathaliseki ukuthi yini eyakukhubekisa, ngokuqinisekile akuyena uJehova owakukhubekisa. (Qhathanisa nabaseGalathiya 5:7, 8.) Ngakho ingabe sikhona ngempela isizathu sokuhoxisa ubuhlobo bethu naye ngenxa yalokho othile aye wakwenza? Kunalokho, ingabe akumelwe siqhubeke simkhonza ngokwethembeka, siqiniseka ngokuthi uJehova uyakwazi okwenzekayo futhi uzosebenzelana nathi ngothando?—Kolose 3:23-25.
Ngokuhamba kwesikhathi, abanye baye bathola ukuthi lokho okwakubakhubile ekuqaleni akusabonakali kubaluleke kangako manje noma kungase kungabe kusaba khona ngokuphelele. Noma ngokucabangela indaba ngesimo esikahle, manje bangase baze baphethe ngokuthi eqinisweni yibona ababesephutheni. Lokhu ngokuvamile kunjalo lapho umuntu eye wenqaba futhi wakhutshwa iseluleko esithile noma isiyalo asinikezwa. Ngokucabangela isikhathi esidlule, angabona ukuthi isiyalo esinjalo sanikezwa ngothando lweqiniso futhi ngokwenzuzo yakhe. (Heberu 12:5-11) Yeka ukuthi kufaneleke kanjani-ke ukusebenzela eselulekweni somphostoli uPawulu! Wabhala: “Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo, nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyazeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.”—Heberu 12:12, 13.
Ingabe Waphika Imfundiso?
Kungenzeka ukuthi washiya inhlangano kaJehova ngenxa yokuthi wawunokuqonda okuhlukile ephuzwini elithile elingokomBhalo. Njengoba nje abakwaIsrayeli abakhululwa eGibithe ngokushesha “bakhohlwa imisebenzi [kaNkulunkulu]” ayeyenzele bona futhi “abalindelanga iseluleko sakhe,” kungenzeka ukuthi ngokushesha uye waphetha ngokuthi njengoba inhlangano ingawusekelanga umbono owawuwucabangela njengoqondile, uyozehlukanisa nayo. (IHubo 106:13) Mhlawumbe iphuzu kamuva liye lacaciswa, kungenzeka lashintshwa noma lasekelwa ngokucwaninga okuqhubekayo okungokomBhalo ngaphansi kokuqondisa komoya kaNkulunkulu. Kwakungeke yini kube ngcono ukuba wahlala nenhlangano, walindela uJehova?
Kuhle ukukhumbula ukuthi ngaso sonke isikhathi uJehova uye wasebenza ngenhlangano eyodwa kuphela. Osukwini lwethu, “inceku ethembekileyo neqondayo” yaba ukudla okungokomoya “ngesikhathi sakho.” Phawula ukuthi lenceku kwakumelwe ‘itholakale yenza kanjalo lapho inkosi yayo ifika.’ (Mathewu 24:45-47) Ngempela, ubani namuhla oqaphelayo ukuthi inkosi isifikile kakade? Futhi ubani omatasa nomsebenzi obonisiwe? Yilabo kuphela abahlanganyela nenhlangano kaJehova yofakazi abangamaKristu!
Lapho abanye beshiya uJesu, umphostoli uPetru wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.” UPetru wayazi ngaphandle kokungabaza ukuthi uJesu wayenguMesiya. Ngakho lapho abafundi abaningi bethola amanye amazwi kaJesu eshaqisa, uPetru waqaphela ukuthi kwakuyoba ubuwula ukushiya umthombo ‘wamazwi okuphila okuphakade.’ Ngesikhathi esifanelekile noma yikuphi ukungabaza noma ukungaqondi kwakuyocaciswa. (Johane 6:51-68; qhathanisa noLuka 24:27, 32.) Kusengokufanayo nanamuhla, njengoba uJehova eqondisa ngokuqhubekayo izinceku zakhe endleleni yeqiniso.—IzAga 4:18.
Buyela Manje
Umprofethi uJeremiya wanxusa: “Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova.” (IsiLilo 3:40) Noma kunjalo, abanye bangalokhu behleli, mhlawumbe besaba ukungemukelwa kahle yilabo abasebandleni. Kodwa kwaba yini ukusabela lapho indodana yolahleko ibuyela ekhaya? Ubaba wachaza, “Simelwe . . . sithokoze, ngokuba umfowenu lo wayefile, wabuye waphila; wayelahlekile, sewatholakala.” (Luka 15:32) Ukwamukelwa okufudumele okufana nalokho kulindele labo ‘ababuyela kuJehova’ benesifiso esiqotho sokwenza intando yakhe.—Qhathanisa noLuka 15:7.
Kodwa ibandla lobuKristu belingahleli nje futhi lilindele ukwamukela abanjalo lapho sebecabanga ‘ukubuyela ekhaya.’ Emfanekisweni kaJesu, uyise wagijima ehlangabeza indodana yakhe lapho “isekude.” Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova bakubheka njengesibopho somuntu siqu ukufuna labo abake bahlanganyela futhi babasize babuyele enhlanganweni kaJehova.
Kodwa kuthiwani uma othile aba necala lokuziphatha okubi okungathi sína esahlukene nenhlangano kaJehova? Noma kuthiwani uma othile kuye kwadingeka ukuba asuswe ekuhlanganyeleni nabantu bakaNkulunkulu ngenxa yesenzo esibi ngokungathi sína kodwa eseyekile ukuhileleka ekuziphatheni okungekhona okobuKristu? Abadala bayokwazi ukuthi bangamsiza kanjani ngendlela enomusa nenothando ukuze alungise izindaba noJehova. Ngakho noma ubani manje onesifiso sokubuyela futhi aphile ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu kumelwe enze lesifiso saziwe ngabadala. “Wozani-ke, sithethe indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba-mhlophe njengeqhwa.”—Isaya 1:18.
Yeka indlela uBaba wethu wasezulwini anomusa nothando ngayo! Futhi yeka indlela abekezela ngayo nanesithakazelo ngayo kithi ngabanye ngokomuntu siqu! Ngokuqinisekile, akafuni ukuba sibhujiswe nalesimiso esibi sezinto. (2 Petru 3:9) NguJehova owanxusa abantu bakhe basendulo: “Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini.” Isimemo esifanayo sisamile namuhla.—Malaki 3:7.
Isikhathi sesiyaphela, ngakho ungalibali. Kanye nabantu bakaJehova, phinda ujabulele ‘ukuthula okukhulu okungokwalabo abathanda umthetho kaNkulunkulu.’ Umhubi wathi: “Akukho-sikhubekiso kubo.” (IHubo 119:165) Ekujuleni kwenhliziyo yakho, ingabe uyawuthanda umthetho kaJehova? Uma uyinceku ezinikezele kaNkulunkulu, yiso lesizathu esenza wazinikezela kuye. Akukho lutho—yebo, lutho noluncane—olungase lube olubaluleke ngokwengeziwe kunokuvuselela ubuhlobo bakho noJehova. Ungamfulatheli. Cabanga ngendaba ngokunakekela nangomthandazo. Uma ubusulahlekelwa ubunye nokuthokomala kwabantu bakaJehova, akukephuzi kakhulu ukubuyela enhlanganweni kaJehova. Yenza kanjalo ngaphandle kokulibala.