Chapter 21
Ababuyayo Bamukelwa Ngezandla Ezimhlophe
1. Luhlobo luni lwabantu okuxoxwa ngalo kulesisahluko?
KUNABANTU abaningi okuye kwathi ngezikhathi ezithile bathintana ngokwanele neqiniso leBhayibheli ukuba bazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso nokuba baqonde okuthile ngezinjongo zakhe. Nakuba bengebona oFakazi BakaJehova, kungenzeka baye bafunda iBhayibheli noFakazi. Noma mhlawumbe abazali babo babengoFakazi. Abaningi balaba baye baba khona emihlanganweni ethile eHholo LoMbuso. Kungenzeka ngisho nokuthi baye baba nengxenye ethile ekuhlanganyeleni isigijimi soMbuso nabanye. Kodwa abazange banikele ngokuphila kwabo ukuba benze intando kaNkulunkulu. Ngani?
2. (a) Kungani beye bashiya inhlangano kaJehova? (b) Kungani beqala ukufisa sengathi bebengabuya futhi?
2 Izwe linezinto ezikhangayo abacabanga ukuthi bayazifuna, izinto abanomuzwa wokuthi ziyonezela ekujabuleleni kwabo ukuphila, bese bezula beshiya inhlangano kaJehova ngokuhalela kwabo lezizinto. Nokho, ngemva kwesikhathi abanye balaba bayaqaphela ukuthi abazange baluthole uhlobo lokuphila ababelulindele. Bayaphaphama, babone ukuthi uma beqhubeka ngendlela abenza ngayo, bazobhubha nalelizwe. Abakhohliwe ukulondeka nenala engokomoya ‘endlini’ kaJehova, bese befuna ukuba khona futhi. Kodwa ingabe uJehova uyobamukela?
INDODANA YOLAHLEKO IYABUYA
3. (a) Emfanekisweni wendodana yolahleko, iyiphi incazelo eyanikezwa uJesu yesimo esifanayo? (b) Ubani ofanekiselwa uyise?
3 Impendulo ibonakala emfanekisweni kaJesu owaziwa kahle wendodana yolahleko. Njengomfanekiso, uJesu walandisa ngendoda eyayinamadodana amabili. Indodana encane yacela isabelo sefa empahleni kayise. Ngemva kokuthola lokhu, yaya ezweni elikude, lapho konke lokhu yakusaphaza ngokunganaki ngokuphila kokuzitika ebubini. Ngalokho yenza ngokuhlaphaza. Uma lelozwe lihlaselwa yindlala, lensizwa, ngenxa yokuswela, yaphoqeleleka ukuba yeluse izingulube, kodwa yayingavunyelwe ngisho nokudla ukudla kwazo. Ngenxa yezinkinga ezaziyigabhile, ingqondo yayo yabuya. Yakhumbula ukuthi ngisho nezisebenzi zikayise zaziphila kahle kanjani, yayisizimisela ukubuya. Yayizovuma inkambo yayo yokona kuyise icele ukuba ayamukele, hhayi njengendodana, kodwa njengesisebenzi. (Luka 15:11-19) Kodwa ngemva kwazo zonke izinto eyayizenzile, ingabe uyise wayeyoyamukela? UJehova, owayemelelwe ubaba kulomfanekiso, angakubheka kanjani ukubuya komuntu onjalo?
4. Uyise wayamukela kanjani indodana yakhe uma isibuya?
4 Ebonisa imizwa kaJehova ngokukhanyayo kulendaba, uJesu waqhubeka: “Kuthé isekude [indodana encane], uyise wayibona, waba-nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga. Indodana yayisithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho. Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule; ngokuba lendodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, seyatholakala; base beqala ukujabula.”—Luka 15:20-24.
LOMFANEKISO USEBENZA KANJANI NAMUHLA?
5. (a) Ubani owafanekiselwa indodana endala emfanekisweni kaJesu? (b) Khona-ke ubani owamelelwa indodana encane, yolahleko?
5 Kulomfanekiso indodana endala, izibulo, ngokufanelekile ifana ‘nebandla lamazibulo abhaliwe ezulwini.’ (Heberu 12:23) Kuthiwani ngendodana encane? Kumelwe imelele iqembu elingafani ‘nomhlambi omncane’ onethemba lasezulwini. Akuzona zonke “ezinye izimvu” zeNkosi ezifanelana nencazelo yendodana encane, kodwa ezinye ziyafanelana nayo. Ngisho nangaphambi kokuba ukubuthwa ‘kwezinye izimvu’ kuphawuleke ngokukhethekile kusukela ngo-1935, kukhona abantu ababazi ukuthi uJehova uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Babazi ngethemba lokuphila emhlabeni ngaphansi koMbuso wakhe, futhi abazange babe nanoma imuphi umqondo wokuba ‘ibandla lamazibulo’ elinamathemba asezulwini. Kodwa kunokuba bazinikele enkonzweni kaJehova, bagxila eminakweni yezwe. Bathatha “impahla” uNkulunkulu ayebanike yona, isikhathi nokuphila ayebavumele ukuba babe nakho, bakusebenzisela ukuzijabulisa kobugovu. Kodwa ngo-1935 lapho izinceku zikaJehova ngokokuqala ziqonda ngokukhanyayo ukuthi singobani “isixuku esikhulu,” abaningi ababefana nendodana encane bazinikela ngenhliziyo yonke enkonzweni yendlu kaYise. Kwakuyisikhathi senjabulo esinjengaleso uJesu asichaza emfanekisweni wakhe.
6. Ekugcwalisekeni, abanye abantu basibonisa kanjani isimo sendodana endala, kodwa ingabe lokho kwakunjalo ngayo yonke insali?
6 Kuyiqiniso ukuthi, ngalesosikhathi, akubona bonke abahlanganyela kulokhu kujabula kokufika kwesigaba esimelelwe indodana encane. Emfanekisweni wakhe uJesu wabonisa ukuthi kwakuyoba njalo. Kodwa akubona bonke abensali ‘yomhlambi omncane’ ababonisa umoya onjalo, futhi emfanekisweni wakhe uJesu washiya indlela ivulekele ngisho nalabo abangajabulanga okokuqala ukuba bahlanganyele enjabulweni uJehova anayo uma izoni ezinjalo ziphenduka ngempela.—Luka 15:7, 10, 25-32.
7, 8. (a) Eminyakeni yamuva impela, yini eye yabangela ukuba abanye babalekele kude nomkhaya kaJehova? (b) Kungaziphi izindlela abanye beye bazizwa njengendodana yolahleko? (c) Kungani kufanele babuye?
7 Nokho, kusukela kulezozenzakalo zaphakathi nawo-1930, abanye baye baqaphela ukuthi nabo futhi, ngezindlela ezithile bafana nendodana yolahleko. Bajwayelene kahle nomkhaya kaJehova ongokomoya, inhlangano yakhe ebonakalayo, kodwa indlela yabo yokuphila iye yabasunduzela kude nawo, njengokungathi “ezweni elikude.” Abazange baphikisane nezinceku zikaJehova, kodwa indlela yabo yokuphila ibingavumelani nezindinganiso zeZwi likaNkulunkulu. Kungenzeka baye bakhela konke ukuphila kwabo emsebenzini wabo wokuziphilisa nakubo ngokwabo kodwa beye bahluleka ukunikeza ukunakekela okufanelekile ezibophweni zabo phambi kukaNkulunkulu nokungathi sína kwezikhathi esiphila kuzo. Abanye bakhubekiswa ukungapheleli kwabanye ababehlanganyela nebandla ngalesosikhathi futhi bangalindela uJehova ngokubekezela ukuba alungise izinto. Kodwa-ke isiphi isimo bonke laba abaye baba kuso ngokuzehlukanisa nomkhaya wokukholwa?
8 Ngokuhamba kwesikhathi, abanye baye babona ukuthi baye baba mpofu ngokomoya. Bayabona ukuthi noma iziphi izikhashana zenjabulo abanazo azibaletheli ukujabula okuhlala njalo. Bangase bathole futhi ukuthi indlela yabo yokuphila iyabalimaza ngokomzimba, ngokwengqondo nangokwenyama. Ngaphakathi bangase bazizwe bengenalutho, njengoba kunjalo ngabo bonke abangenaye uNkulunkulu nabangenathemba. (Efesu 2:12) Bayaqaphela ukuthi okuwukuphela kwesikhathi ababejabula ngaso ngempela kwakuyilapho ‘besendlini’ kaJehova. Bafuna ukubuya. Ingabe kufanele babuye? Iyiphi inzuzo engaba khona ngokuqhubeka besesimweni sabo sobumpofu? Ukulibala kungaba yingozi. Uma beqhubeka benamathela ezweni, bayolahlekelwa ukuphila kwabo.
9. (a) Kungani uJehova efuna ukuba abantu abanjalo babuye? (Hezekeli 18:23) (b) Yini edingekayo kubona?
9 Kodwa ingabe abantu abanjalo bangabuya? UJehova ubamema ngomusa ukuba babuye, futhi inhlangano yakhe ebonakalayo inikeza usizo lothando kulabo ababuyayo. (Zakariya 1:3, 4) Yini edingekayo? Njengoba kuboniswe emfanekisweni kaJesu, kumelwe ingqondo yabo ibuye, bathathe isinyathelo sokubuya bavume ukuthi baye bona kuNkulunkulu. Uma beye bahileleka ekuziphatheni okubi okungebona ubuKristu, kumelwe banikeze ubufakazi obanelisayo kwabadala bokuthi manje sebeyilahlile leyondlela yokuphila futhi baphenduke ngempela. Isifiso sabo esijulile manje kumelwe kube ukukhonza uJehova njengengxenye yenhlangano yakhe ebonakalayo. (Luka 15:18-21; IzAga 28:13) Uma kuyilokho ngempela okusezinhliziyweni zabo, bangaqiniseka ukuthi ukushiya kwabo izindlela zabo ezimbi nemicabango nokubuyela kuJehova kuyoletha injabulo enkulu. (Isaya 55:7) Nokho, ukuze injabulo yabo ibe ngaphezu nje kokujabulela ukwamukelwa ngezandla ezimhlophe futhi eHholo LoMbuso, kudingeka ukuzakha okunamandla ngokomoya.
UKWAKHELA ESISEKELWENI ESIQINILE
10. (a) Isiphi isimo ngasezimfunekweni zikaJehova okumelwe sihlakulelwe abaphendukile? (b) Bangabuhlakulela kanjani ubuhlobo bomuntu siqu nobuseduze noJehova?
10 Kungokubaluleke ngokukhethekile nganoma ibaphi ababuyela emkhayeni kaJehova ukuba bajwayelane kahle nezici ezihlukahlukene zobuntu bukaJehova futhi bahlakulele ubuhlobo bomuntu siqu obuseduze kanye naye. Badinga ukuqaphela ukuthi konke uJehova akufunayo kithina eqinisweni kungokwenzuzo yethu siqu. Imiyalo yakhe ayisusi injabulo ekuphileni, kodwa kunalokho, ivikela thina ekwenzeni izinto ezingaletha injabulo yesikhashana kodwa ziholele esivunweni esibuhlungu. (Isaya 48:17; Galathiya 6:7, 8) Uma esiyala, kungenxa yokuba esithanda. (IzAga 3:11, 12) Isifundo somuntu siqu esilandelwa ukuzindla ngalokho okufundwayo, umthandazo oqotho nokuba khona njalo ezifundweni kuyosisiza ukuba sifunde ukuthembela ngokuphelele kuJehova, sibheke kuye ngokuqondiswa kukho konke esikwenzayo.—IzAga 3:5, 6.
11. Bayosizakala kanjani labo abaye baduka ukuba (a) bahlakulele inzondo yokubi? (b) bafune ukuqonda? (c) baphikelele njalo ekusebenziseni izindinganiso zokwesaba uNkulunkulu? (d) bafunde ukucabangela umphumela wanoma yini abaceba ukuyenza? (e) babonise ukukhathalela kothando ngabanye?
11 Labo abadukayo kungenzeka babekwazi okulungileyo nokungalungile. Kodwa manje kumelwe bahlakulele inzondo yokubi futhi kumelwe baqhubeke benza kanjalo uma nje kusabazungezile. (IHubo 97:10) Bayosizwa kulokhu uma bengafuni nje kuphela ulwazi, kodwa futhi nokuqonda. Okokuqala nje, lokhu kuhilela ukubona izinto ngokuhlobene noNkulunkulu. Sidinga ukuqaphela izindlela ezihlukahlukene asifundisa ngazo nendlela ukusabela kwethu eselulekweni sakhe okuthinta ngayo ubuhlobo bethu naye. (IzAga 4:7; 9:10) Kumelwe siqaphele ukubaluleka kokuba abangaguquki, sisebenzisa izindinganiso zikaJehova njalo, kukho konke esikwenzayo. (Thithu 2:11, 12; 1 Thesalonika 4:7) Kumelwe futhi kube nokuqaphela ukuba singacabangeli nje kuphela injabulo yesikhashana, kodwa futhi nokuthi umphumela wezinqumo zethu ungase ube yini. (Qhathanisa izAga 20:21; 23:17, 18; Heberu 11:24-26.) Kumelwe futhi sibe nokukhathalela kothando ngomphumela ongaba khona kwabanye ngezinto esizishoyo nesizenzayo.—Roma 15:1, 2.
12. (a) Ukuqaphelani ngokuqondene noSathane nezindlela zakhe okuyosiza ekusivikeleni? (b) Yini edingekayo ukuze sinqobe kulempi?
12 NjengamaKristu siyoqiniswa kakhulu ngokuqaphela ukuthi siphakathi nempi engokomoya. Isitha sethu esiyinhloko siwuSathane uDeveli, kanye namademoni akhe. Ngazo zonke izindlela ezinokwenzeka ufuna ukusiphambukisa emsebenzini oyinhloko woMbuso uJehova aye wasinikeza wona ukuba siwenze. Inhloso yakhe iwukusihuhela ekubeni sizibeke eceleni izindinganiso zikaJehova, sibe yingxenye yezwe angumbusi walo. Izihibe zakhe ngokuvamile ziyakhanga ezifisweni ezivamile (zenjabulo, ukunethezeka ngokomzimba nothando), kodwa usikhuthaza ukuba izifiso ezinjalo sizinikeze ukubaluleka okonakalisa injongo yazo noma sizanelise ngezindlela ezingaqondile. Kuphela kungokusebenzisa ngokugcwele izikhali ezingokomoya uNkulunkulu azinikezayo lapho singaba abanqobayo kulempi yokuphila kwethu okungokomoya.—Efesu 6:11-18.
13. (a) Singayithola kanjani impumuzo yemiphefumulo yethu? (b) Ukukhonza uJehova ekulingiseni uKristu kungani ngempela kusilethela injabulo?
13 UJesu wathi uma siza kuye sithathe “ijoka” lakhe, siyothola impumuzo yemiphefumulo yethu. (Mathewu 11:29, 30) Ukuthatha komuntu “ijoka” alibeke kuye kusho ukukhonza. Kodwa ukukhonza uJehova ngokulingisa iNdodana yakhe kuletha impumuzo yeqiniso. Kanjani? Ngoba kuletha inkululeko yangempela. Asisezona ngempela izigqila zesono, asisaboshiwe yiso, ngokwenza izinto esaziyo ukuthi akumelwe sizenze futhi mhlawumbe esifisa ukuba singazenzi. (Johane 8:32, 34-36) Uma ubuntu bethu bobuKristu bakhelwe kuJesu Kristu njengesisekelo, siyoyazisa indima yakhe enjongweni kaJehova, siyomlalela futhi sifunde kuye. Wakujabulela ukwenza intando kaYise. Siyofunda ukwenza lokho nathi. (Johane 8:34; IHubo 40:8) Ngenxa yokunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokuziphatha siyokwazi ukujabulela unembeza ohlanzekile. Esikhundleni sokuziphilela ngokwethu kuphela, siyokuzwa injabulo eza ngokupha. (IzEnzo 20:35) Ukuphila kuyoba nenjongo yoqobo kithina. Ngaphezu kwakho konke, siyoba nenjabulo yokwazi ukuthi sinokwamukeleka kuJehova ngokwakhe, uYise wabo bonke ababa ngabantwana bakhe.—IzAga 10:22.