-
Funani Ingcebo YangempelaINqabayokulinda (Efundwayo)—2017 | Julayi
-
-
4, 5. (a) Inceku esemfanekisweni kaJesu yangena kuluphi ubishi? (b) Sithini iseluleko uJesu asinika abalandeli bakhe?
4 Funda uLuka 16:1-9. Umfanekiso kaJesu wenceku embi usenza sicabange. Ngemva kokumangalelwa ngokuthi iyamosha, le nceku ‘yahlakanipha’ ‘yazenzela abangane’ abazoyisiza lapho isiphucwe isikhundla sayo.a Nokho uJesu wayengakhuthazi abafundi bakhe ukuba benze izinto ezingalungile ukuze bakwazi ukuphila kulesi simiso. Wayemane echaza umkhuba owenziwa “amadodana alesi simiso sezinto,” kodwa wasebenzisa lo mfanekiso ukuze acacise iphuzu elithile.
5 UJesu wayazi ukuthi njengale nceku eyazithola isikulolu bishi, abalandeli bakhe abaningi kwakuzodingeka bazame ukuphila kulesi simiso esikhohlakele. Ngakho wabancenga: “Zenzeleni abangane ngengcebo engalungile, ukuze kuthi lapho [iphela, uJehova noJesu] banamukele ezindaweni zokuhlala zaphakade.” Sifundani eselulekweni sikaJesu?
6. Sazi kanjani ukuthi ezentengiselwano azisungulwanga uNkulunkulu?
6 Nakuba uJesu engachazi ukuthi kungani ebiza ingcebo ngokuthi ‘ayilungile,’ iBhayibheli likwenza kucace ukuthi ezentengiselwano azisungulwanga uNkulunkulu. UJehova wayenikeza u-Adamu no-Eva yonke into abayidingayo e-Edene. (Gen. 2:15, 16) Kamuva, lapho umoya ongcwele usebenza kwabagcotshiwe ebandleni langekhulu lokuqala, “akekho ngisho noyedwa owayethi noma iyiphi yezinto ayenazo yayingeyakhe yedwa; kodwa zonke izinto babezihlanganyela.” (IzE. 4:32) Umprofethi u-Isaya wakhuluma ngesikhathi lapho bonke abantu beyothola yonke into abayidingayo. (Isaya 25:6-9; 65:21, 22) Nokho, okwamanje, abalandeli bakaJesu kumelwe bayisebenzise ‘ngokuhlakanipha’ “ingcebo engalungile” yaleli zwe, ukuze bajabulise uNkulunkulu.
-
-
Funani Ingcebo YangempelaINqabayokulinda (Efundwayo)—2017 | Julayi
-
-
7. Yisiphi iseluleko esisithola kuLuka 16:10-13?
7 Funda uLuka 16:10-13. Inceku esemfanekisweni kaJesu yenza abangane ukuze izuze. Nokho, uJesu wancenga abalandeli bakhe ukuba benze abangane ezulwini ngezinhloso ezinhle. Amavesi alandela lo mfanekiso ahlobanisa indlela esisebenzisa ngayo “ingcebo engalungile” nokwethembeka kuNkulunkulu. Iphuzu likaJesu laliwukuthi singabonisa ukuthi ‘sithembekile’ yini, ngendlela esiyisebenzisa ngayo leyo ngcebo. Kanjani?
-