-
Indoda Eyisicebi NoLazaruUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
“UMthetho nabaProfethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uMbuso kaNkulunkulu umenyezelwa njengezindaba ezinhle, zonke izinhlobo zabantu ziphikelela kuwo. Ngempela, kulula ukuba izulu nomhlaba kudlule kunokuba ingxenyana eyodwa yoMthetho ingagcwaliseki.” (Luka 3:18; 16:16, 17) Amazwi kaJesu abonisa kanjani ukuthi ushintsho luyenzeka?
-
-
Indoda Eyisicebi NoLazaruUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
UMthetho kaMose uyagcwaliseka futhi uholele abantu kuMesiya. Kodwa isikhathi sawo siyaphela. Ngokwesibonelo, uMthetho wawuvumela abantu badivose ngenxa yezizathu ezihlukahlukene kodwa uJesu uthi “wonke umuntu odivosa umkakhe ashade nomunye uyaphinga, futhi noma ubani oshada nowesifazane odivose umyeni wakhe uyaphinga.” (Luka 16:18) Kumelwe ukuba lokhu kuyabacasula abaFarisi abajwayele ukushaya imithetho kuyo yonke into!
-