Hlonipha “Lokho UNkulunkulu Akuhlanganisile”
“Lokho uNkulunkulu akuhlanganisile makungahlukaniswa muntu.”—MARKU 10:9.
1, 2. EyamaHebheru 13:4 kufanele isikhuthaze ukuba senzeni?
INGABE uyakuthanda ukumhlonipha uJehova? Impela uyakuthanda. Uyakufanelekela ukuba umhloniphe futhi naye uthembisa ukukuhlonipha. (1 Sam. 2:30; IzAga 3:9; IsAm. 4:11) Ufuna sihloniphe nabanye abantu, njengeziphathimandla. (Roma 12:10; 13:7) Kodwa kunento ebaluleke ngokukhethekile okudingeka siyihloniphe—umshado.
2 Umphostoli uPawulu wabhala: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa.” (Heb. 13:4) UPawulu wayengamane nje ezikhulumela lapho esho la mazwi. Kunalokho, wayeyala futhi enxusa amaKristu ukuba awuhloniphe umshado, awubheke njengoyigugu. Ingabe nawe uwubheka kanjalo umshado, ikakhulukazi owakho uma ushadile?
3. Yisiphi iseluleko esibalulekile uJesu asisho ngomshado? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)
3 Uma uwuhlonipha umshado, awuwedwa. UJesu naye wayewuhlonipha. Ngesikhathi abaFarisi bebuza uJesu ngokudivosa, wacaphuna lokho uNkulunkulu ayekushilo ngomshado wokuqala: “Ngenxa yalokhu indoda iyoshiya uyise nonina, futhi laba ababili bayoba nyamanye.” Wanezela: “Lokho uNkulunkulu akuhlanganisile makungahlukaniswa muntu.”—Funda uMarku 10:2-12; Gen. 2:24.
4. Yayiyini injongo kaJehova ngomshado?
4 UJesu wayevuma ukuthi uNkulunkulu nguyena owasungula umshado futhi wayefuna uhlale njalo. UNkulunkulu akashongo ku-Adamu no-Eva ukuthi umshado wawuyophetha ngedivosi. Injongo kaJehova ngomshado awusungula e-Edene kwakuwukuba “laba ababili” bahlale ndawonye kuze kube phakade.
USHINTSHO LWESIKHASHANA EMSHADWENI
5. Ukufa kuwuthinta kanjani umshado?
5 Nokho, siyazi ukuthi isono sika-Adamu saletha izinguquko eziningi. Enye yazo kwakungukufa, okwakuyophazamisa umshado. Lokhu sikubona emazwini umphostoli uPawulu awabhala lapho echaza ukuthi amaKristu awasaphili ngaphansi koMthetho kaMose. Waveza ukuthi ukufa kuyawuqeda umshado futhi lowo osaphila angabuye ashade.—Roma 7:1-3.
6. UMthetho kaMose wawuwuveza kanjani umbono kaNkulunkulu ngomshado?
6 UMthetho uNkulunkulu awunikeza isizwe sakwa-Israyeli wawukhuluma ngomshado. Wawusivumela isithembu, esasikhona ngisho nangaphambi kokuba uNkulunkulu anikeze ama-Israyeli uMthetho. Nokho, kwakunemithetho eqondisa isithembu ukuze kungabi khona ohlukunyezwayo. Ngokwesibonelo, uma umIsrayeli eshada nesigqila bese kamuva ethatha enye inkosikazi, wayengeke ayeke ukunakekela umkakhe wokuqala nokumanelisa ngokocansi. (Eks. 21:9, 10) Asikho ngaphansi koMthetho, kodwa kuwo siyayibona indlela uJehova abheka ngayo umshado. Ingabe lokhu akukusizi ukuba uwuhloniphe umshado?
7, 8. (a) NgokukaDuteronomi 24:1, uMthetho wawuthini ngokudivosa? (b) UJehova ukubheka kanjani ukudivosa?
7 UMthetho wawuthini ngokudivosa? UNkulunkulu wayengafuni abantu abashadile bahlukane; kodwa uMthetho wabavumela ukuba badivose. (Funda uDuteronomi 24:1.) Indoda engumIsrayeli yayingamdivosa umkayo uma ‘ithola okuthile okuyihlazo kuye.’ UMthetho awuzange uchaze ukuthi kuyini “okuyihlazo.” Kumelwe ukuba kwakuyinto embi kakhulu, hhayi nje into encane. (Dut. 23:14) Ngokudabukisayo, amaJuda amaningi ngosuku lukaJesu ayedivosa “nganoma yisiphi isizathu.” (Math. 19:3) Asifuni ngempela ukuba nesimo sengqondo esifana nesawo.
8 Umprofethi uMalaki waveza umbono kaNkulunkulu ngokudivosa. Ngaleso sikhathi kwakuvamile ukuba indoda ngokukhohlakala idivose ‘umfazi wobusha bayo,’ mhlawumbe ukuze ishade nowesifazane osemusha ongamkhonzi uNkulunkulu. Ngokuqondene nombono kaNkulunkulu, uMalaki wabhala ukuthi uNkulunkulu “uyakuzonda ukuhlukanisa umshado.” (Mal. 2:14-16) Lokho kwakuvumelana nalokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngomshado wokuqala: ‘[Indoda] iyonamathela kumkayo babe nyamanye.’ (Gen. 2:24) UJesu wawusekela umbono kaYise ngomshado, wathi: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Math. 19:6.
OKUWUKUPHELA KWESIZATHU SOKUDIVOSA
9. Kumelwe aqondwe kanjani amazwi kaJesu akuMarku 10:11, 12?
9 Othile angase abuze, ‘Sikhona nje kodwa isizathu sokuba umKristu adivose aphinde ashade?’ UJesu waveza umbono wakhe ngokudivosa: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe ashade nomunye, uyaphinga, futhi uma kwenzeka owesifazane, ngemva kokuhlukanisa nomyeni wakhe, eshada nomunye, uyaphinga.” (Marku 10:11, 12; Luka 16:18) Kuyacaca ukuthi uJesu wayewuhlonipha umshado futhi wayefuna nabanye bawuhloniphe. Indoda eyayidivosa umkayo othembekile (noma owesifazane owayedivosa umyeni wakhe othembekile) ngesizathu esingathi shu bese eshada nomunye, wayephinga. Lokhu kuyiqiniso ngoba ukuvele nje udivose nomuntu oshade naye akuwuqedi umshado. Emehlweni kaNkulunkulu, laba ababili basuke ‘besenyamanye.’ Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi indoda edivosa umkayo ongenacala imbeka esimweni sokuba aphinge. Kanjani? Ngaleso sikhathi, owesifazane odivosiwe wayengase azizwe ephoqelekile ukuba aphinde ashade ukuze athole umuntu ozomondla. Ukuphinde ashade kwakuyobe kuwukuphinga.
10. Yisiphi isizathu esingenza umKristu adivose futhi akhululeke ukuphinde ashade?
10 UJesu wasisho isizathu sokudivosa: “Ngithi kini noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe [ngesiGreki, por·neiʹa], ashade nomunye, uyaphinga.” (Math. 19:9) Washo into efanayo naseNtshumayelweni YaseNtabeni. (Math. 5:31, 32) Kuzo zombili lezi zimo, uJesu wakhuluma ‘ngobufebe.’ Lelo gama lihlanganisa izono zocansi ezenziwa ngaphandle komshado: ukuphinga, ukudayisa ngomzimba, ukuya ocansini kwabantu ababili abangashadile, ukuya ocansini kwabantu bobulili obufanayo nokulala nesilwane. Uma indoda eshadile ifeba, umkayo anganquma ukuthi uzoyidivosa yini noma cha. Uma umkayo eyidivosa, lokho kuyowuqeda umshado emehlweni kaNkulunkulu.
11. Yini engenza umKristu anqume ukungadivosi ngisho noma sikhona isizathu esingokomBhalo sokuba adivose?
11 Kuyaphawuleka ukuthi uJesu akashongo ukuthi ubufebe (por·neiʹa) kumelwe nakanjani bube isizathu sokudivosa. Ngokwesibonelo, inkosikazi ingase ikhethe ukuhlala nomyeni wayo naphezu kokuba umyeni efebile. Kungenzeka isamthanda futhi izimisele ukumthethelela nokulungisa izinto emshadweni wabo. Iqiniso liwukuthi uma idivosa kodwa ingashadi, iyobhekana nezinselele. Ubani ozoyinakekela futhi ayanelise ngokocansi? Kuthiwani uma iba nesizungu? Uma benezingane izomisa kanjani? Ingabe ukudivosa kuyokwenza kube nzima ukuba ikhulise izingane eqinisweni? (1 Kor. 7:14) Kusobala ukuthi izobhekana nezinkinga ezinkulu.
12, 13. (a) Yini eyenzeka emshadweni kaHoseya? (b) Kungani uHoseya aphinde athatha uGomere ukuba abe umkakhe, futhi lokhu kusifundisani ngomshado namuhla?
12 Okwenzeka kumprofethi uHoseya kusifundisa okuningi ngendlela uNkulunkulu awubheka ngayo umshado. UNkulunkulu watshela uHoseya ukuba azithathele inkosikazi (uGomere), eyayizoba “umfazi ofebayo [futhi ibe] nabantwana bobufebe.” UGomere ‘wakhulelwa futhi ngemva kwesikhathi wazalela [uHoseya] indodana.’ (Hos. 1:2, 3) Kamuva waba nendodakazi nendodana, cishe abathola kwenye indoda. Naphezu kokuphinga kukaGomere ngokuphindaphindiwe, uHoseya akazange amshiye. Ekugcineni, uGomere washiya uHoseya waba isigqila. Noma kunjalo, uHoseya wamthenga. (Hos. 3:1, 2) UJehova wayesebenzisa uHoseya ukuze abonise indlela ayekuthethelela ngayo ngokuphindaphindiwe ukuphinga kuka-Israyeli. Yini esingayifunda kulokhu?
13 Uma umKristu oshadile ephinga, umKristu ongenacala kuyofanele enze isinqumo. UJesu wathi lowo ongenacala uyoba nesizathu sokuba adivose futhi akhululeke ukuphinde ashade. Ngakolunye uhlangothi, ongenacala angase akhethe ukumthethelela ophingile. Kuyobe kungekubi nalokho. UHoseya waphinde wamthatha uGomere waba umkakhe. Lapho uGomere eseyinkosikazi kaHoseya, kwakungafanele aphinde alale nenye indoda. UHoseya kwadlula isikhathi esithile engalali noGomere. (Hos. 3:3) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, kumelwe ukuba uHoseya waqhubeka elala naye, ngaleyo ndlela ebonisa ukuzimisela kukaNkulunkulu ukuphinde amukele abantu bakhe futhi aqhubeke esebenzelana nabo. (Hos. 1:11; 3:3-5) Kusifundisani lokhu ngomshado namuhla? Uma oshadile ongenacala enquma ukuhlala emshadweni, ukuqhubeka elala nashade naye kuyobe kubonisa ukuthi uyamthethelela. (1 Kor. 7:3, 5) Ukulala naye kwesula isizathu sokuba badivose. Ngemva kwalokho, kufanele bazikhandle ukuze bakhombise ukuthi banombono kaNkulunkulu ngomshado.
HLONIPHA UMSHADO NGISHO NOMA UNEZINKINGA
14. Ngokweyoku-1 Korinte 7:10, 11, yini engase yenzeke emshadweni?
14 Wonke amaKristu kufanele alwele ukuhlonipha umshado, alingise uJesu noJehova. Nokho, kungase kube nzima ngabanye ukuba bawuhloniphe ngenxa yokuthi sinesono. (Roma 7:18-23) Ngakho, akufanele kusimangaze ukuthi amaKristu athile ekhulwini lokuqala ayenezinkinga emishadweni. UPawulu wabhala ukuthi “umfazi angamuki kumyeni wakhe”; yize kunjalo, kwakwenzeka lokho ngezinye izikhathi.—Funda eyoku-1 Korinte 7:10, 11.
15, 16. (a) Yini okufanele abantu abashadile bayilwele ngisho nalapho benezinkinga, futhi kungani? (b) Kusebenza kanjani lokhu uma omunye wabo engamkhonzi uNkulunkulu?
15 UPawulu akazange asichaze isizathu esasenza amaKristu ahlukane. Inkinga yayingekona ukuthi mhlawumbe umyeni wayefebile, okuyisizathu esingenza inkosikazi imdivose ibuye ishade nenye indoda. UPawulu wabhala ukuthi inkosikazi eshiya umyeni wayo kufanele ‘ihlale ingashadile noma iphinde ibuyisane nomyeni wayo.’ Ngakho laba ababili babesashadile emehlweni kaNkulunkulu. UPawulu wathi kungakhathaliseki ukuthi inkinga iyini, uma nje kungekho ofebile, kwakufanele balwele ukubuyisana. Bobabili kwakufanele bafune isiqondiso esisekelwe emiBhalweni kubadala bebandla. Abadala babeyonikeza iseluleko esivela emiBhalweni ngaphandle kokuthatha uhlangothi kuleyo ndaba.
16 Cishe kwakuyoba nezinkinga eziningi uma umKristu eshade nomuntu ongamkhonzi uNkulunkulu. Ezimweni ezinjalo, ingabe ukuhlala ngokwehlukana kuvumelekile? Njengoba kuveziwe, imiBhalo ibonisa ukuthi ukufeba kuwukuphela kwesizathu sokudivosa, kodwa ayivezi izizathu zokuba abantu bahlale ngokwehlukana. UPawulu wabhala: “Owesifazane onomyeni ongakholwa, nokho umyeni evuma ukuhlala naye, makangamshiyi umyeni wakhe.” (1 Kor. 7:12, 13) Lokho kusasebenza nasosukwini lwethu.
17, 18. Kungani amanye amaKristu enquma ukuqhubeka ehleli emshadweni onezinkinga?
17 Kuyavunywa ukuthi zikhona izikhathi lapho kubonakala ukuthi ‘umyeni ongakholwa akavumi ukuhlala’ nomkakhe. Kungenzeka uyamshaya, okungase kwenze umkakhe azizwe engaphephile. Angase enqabe ukondla umndeni noma amenqabele ukukhonza uJehova. Ezimweni ezinjalo, amanye amaKristu aye anquma ukuthi kungakhathaliseki ukuthi umyeni uthini, usuke ‘engavumi ukuhlala’ naye, ngakho kudingeka bahlale ngokwahlukana. Kodwa amanye amaKristu asesimweni esinzima njengalesi awahlukani nabayeni bawo; aye akhuthazela futhi azama ukulungisa umshado wawo. Kungani?
18 Uma inkosikazi ikhetha ukuhlukana nomyeni wayo, empeleni basuke besashadile. Uma behlala ngokwahlukana, bayobhekana nezinkinga okukhulunywe ngazo ekuqaleni. Umphostoli uPawulu wanikeza esinye isizathu sokuba bangahlukani. Wabhala: “Indoda engakholwa ingcwelisiwe ngokuqondene nomkayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngokuqondene nomzalwane; ngaphandle kwalokho, abantwana benu ngempela bebeyoba abangcolile, kodwa manje bangcwele.” (1 Kor. 7:14) AmaKristu amaningi aqotho aye ahlala nabantu abashade nawo naphezu kwezimo ezinzima kakhulu. Ayavuma ukuthi ukwenza kanjalo kwawasiza kakhulu lapho ekugcineni abashade nawo beba amaKristu.—Funda eyoku-1 Korinte 7:16; 1 Pet. 3:1, 2.
19. Kungani imishado eminingi yamaKristu iphumelela?
19 UJesu wakhuluma ngedivosi, umphostoli uPawulu waseluleka ngokuhlala ngokwehlukana. Bobabili babefuna izinceku zikaNkulunkulu ziwuhloniphe umshado. Emhlabeni wonke namuhla, imishado yamaKristu iyaphumelela. Cishe ebandleni lakini baningi abantu abajabulile emishadweni yabo. Abafowethu abathembekile bayawathanda amakhosikazi abo futhi odadewethu bayabahlonipha abayeni babo, futhi bonke bayabonisa ukuthi bayawuhlonipha umshado. Kuyasijabulisa ukuthi izigidi zabantu ziwubufakazi bokuba yiqiniso kwala mazwi kaNkulunkulu: “Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye.”—Efe. 5:31, 33.