Kungani Kufanele Sibe Nokwazisa?
“Raquel Othandekayo,
Ngiyabonga kakhulu ngokuba umthombo wesikhuthazo kimi. Nakuba kungenzeka ukuthi awazi, ubuntu bakho obakhayo namazwi anomusa kuye kwangisiza kakhulu.”—UJennifer.
WAKE wayithola incwadi ekubongayo ungalindele? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi lokho kwakujabulisa. Phela, kungokwemvelo ukufuna ukuzizwa uyigugu futhi waziswa.—Mathewu 25:19-23.
Amazwi okubonga avame ukuqinisa isibopho phakathi kowashoyo nowamukelayo. Ngaphezu kwalokho, umuntu obonisa ukwazisa ulandela izinyathelo zikaJesu Kristu, owayeyiqaphela imisebenzi yabanye emihle.—Marku 14:3-9; Luka 21:1-4.
Ngokudabukisayo, ukubonga okushiwo ngomlomo noma okubhalwe phansi, kubonakala kuya ngokuya kunyamalala. IBhayibheli laxwayisa ngokuthi “ezinsukwini zokugcina,” abantu babeyoba “abangabongiyo.” (2 Thimothewu 3:1, 2) Uma singanaki, ukuntuleka kokwazisa okukhona namuhla kungabulala umuzwa wokubonga esinawo.
Yiziphi izinyathelo eziwusizo abazali abangazithatha ukuze bafundise izingane zabo ukubonisa ukwazisa? Obani okufanele sibabonge? Futhi kungani kufanele sibe nokwazisa, nakuba labo abasizungezile bengabongi?
Emkhayeni
Abazali bayazikhandla ukuze bondle izingane zabo. Kodwa ngezinye izikhathi bangase babe nomuzwa wokuthi imizamo yabo ayaziswa. Yini abangayenza ukuze balungise lesi simo? Kudingeka izinto ezintathu.
(1) Isibonelo. Njengoba kunjalo nangezinye izici zokuqeqesha izingane, isibonelo singumfundisi ophumelelayo. Lapho likhuluma ngomama ozikhandlayo wakwa-Israyeli wasendulo, iBhayibheli lithi: “Izingane zakhe zikhuluma kahle ngaye.” Lezi zingane zakufunda kubani ukubonga? Ingxenye elandelayo yaleli vesi isinikeza impendulo. Ithi: “Umyeni wakhe naye uyamncoma.” (IzAga 31:28, New Century Version) Abazali abazisanayo babonisa izingane zabo ukuthi amazwi anjalo ayamjabulisa owezwayo, athuthukisa ubuhlobo bomkhaya futhi awuphawu lokuvuthwa.
Ubaba ogama lakhe linguStephen uthi, “Ngiye ngazama ukubekela izingane zami isibonelo ngokubonga umkami ngokudla.” Uye waba yini umphumela? UStephen uthi: “Amadodakazi ami amabili akuphawulile lokhu, futhi kuye kwawasiza ukuba akunake kakhulu ukubonga.” Uma ushadile, ingabe umbonga njalo oshade naye ngokwenza imisebenzi evamile yansuku zonke? Uyazibonga yini izingane zakho, ngisho nalapho zenza obekulindelwe kuzo?
(2) Ukuziqeqesha. Imizwa yokubonga ifana nezimbali. Kufanele ihlakulelwe ukuze iveze imiphumela emihle. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zihlakulele futhi zibonise ukwazisa? Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yaqokomisa isici esiyisihluthulelo lapho ibhala: “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.”—IzAga 15:28.
Bazali, ningaziqeqesha yini izingane zenu ukuba zicabange ngomzamo nomoya wokupha oboniswa ngezipho ezizitholayo? Ukuzindla ngale ndlela kuyisisekelo sokukhulisa ukwazisa. UMaria, osekhulise izingane ezintathu, uthi: “Kudingeka ube nesikhathi sokuhlala phansi nezingane zakho uzichazele okuhilelekile lapho othile ezipha isipho—ukuthi lowo muntu ubecabanga ngawe ngokuqondile futhi efuna ukubonisa ukuthi ukukhathalela kangakanani. Kodwa nginomuzwa wokuthi lowo mzamo uyafaneleka.” Izingxoxo ezinjalo zisiza izingane zingafundi nje ukuthi yini okufanele ziyisho lapho zibonga kodwa nokuthi kungani kufanele ziyisho.
Abazali abahlakaniphile basiza izingane zabo ukuba zigweme umuzwa wokuthi ziyakufanelekela ukuthola zonke izinto ezinhle ezizitholayo.a Isixwayiso esitholakala kuzAga 29:21 ngokuphathelene nendlela yokusebenzelana nezinceku sisebenza ngendlela efanayo nasezinganeni: “Uma umuntu etotosa inceku yakhe kusukela ebusheni kuqhubeke, ekuphileni kwayo kwakamuva iyoba ngengabongiyo.”
Abantwana bangasizwa kanjani ukuba bafunde ukubonisa ukwazisa? ULinda, onezingane ezintathu, uthi, “Mina nomyeni wami sasikhuthaza izingane zethu ukuba zibe nengxenye ezincwadini zokubonga esizibhalayo ngokudweba umfanekiso noma ngokusayina ikhadi.” Yiqiniso, lowo mfanekiso ungase ube lula futhi umbhalo ungafundeki, kodwa izingane zifunda lukhulu ngalokhu.
(3) Ukubekezela. Sonke sinokuthambekela kobugovu esizalwa nakho, futhi lokhu kuthambekela kungasenza singabongi. (Genesise 8:21; Mathewu 15:19) Kodwa iBhayibheli likhuthaza izinceku zikaNkulunkulu: “Kufanele nenziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yenu, futhi nigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu.”—Efesu 4:23, 24.
Kodwa abazali abanolwazi bayazi ukuthi ukusiza izingane ukuba ‘zigqoke ubuntu obusha’ akulula. UStephen, okukhulunywe ngaye ngenhla, uthi, “Ukufundisa amadodakazi ethu ukuba abonge, ngaphandle kokuwakhumbuza, kwabonakala kuthatha isikhathi eside.” Kodwa uStephen nomkakhe abazange bayeke. UStephen uyaqhubeka, “Ngokubekezela, amadodakazi ethu asifunda isifundo. Manje siyaziqhenya ngendlela ababonga ngayo abanye.”
Kuthiwani Ngabangane Nomakhelwane?
Uma singabongi, kungenzeka ukuthi akungenxa yokuntula ukwazisa, kodwa kumane nje kuwukukhohlwa. Ingabe kubaluleke kangako ngempela ukuba singagcini nje ngokuba nomuzwa wokwazisa kodwa sikuveze ukubonga kwethu? Ukuze siphendule lowo mbuzo, cabangela isenzakalo esasihilela uJesu nabantu abathile ababenochoko.
Lapho esendleleni eya eJerusalema, uJesu wahlangana namadoda ayishumi anochoko. IBhayibheli liyalandisa: “Aphakamisa amazwi awo athi: ‘Jesu, Mfundisi, yiba nesihe kithi!’ Lapho ewabona wathi kuwo: ‘Hambani nizibonakalise kubapristi.’ Khona-ke njengoba ehamba ahlambuluka. Enye yawo, lapho ibona ukuthi iphulukisiwe, yabuyela emuva, ikhazimulisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Yawa ngobuso ezinyaweni zikaJesu, imbonga; ngaphezu kwalokho, yayingumSamariya.”—Luka 17:11-16.
Ingabe uJesu wakushalazela ukwehluleka kwabanye ukubonga? Ukulandisa kuyaqhubeka: “UJesu wathi: ‘Bonke abayishumi bahlanziwe, akunjalo? Pho, baphi abanye abayisishiyagalolunye? Ingabe akutholakalanga noyedwa obuyile ukuze anike uNkulunkulu inkazimulo ngaphandle kwalo muntu wesinye isizwe?’”—Luka 17:17, 18.
La madoda angu-9 ayenochoko ayengebona abantu ababi. Ngaphambili, ayeluvume obala ukholo lwawo kuJesu futhi alalela iziqondiso zakhe ngokuzithandela, ezazihilela ukuya eJerusalema ayoziveza kubapristi. Kodwa nakuba kungangabazeki ukuthi ayenokwazisa okujulile ngesenzo sikaJesu somusa, awazange ambonge. Ukwenza kwawo kanjalo kwamdumaza uKristu. Kuthiwani ngathi? Uma othile esiphathe kahle, ingabe siyashesha ukubonga, futhi uma kufaneleka, sibonise ukwazisa ngokubhala incwajana?
IBhayibheli lithi “uthando aluziphathi ngokungafanele noma ngobugovu.” (1 Korinte 13:5, Today’s English Version) Ngakho-ke, ukubonga ngobuqotho akulona nje uphawu lokuziphatha okufanele kodwa futhi kuwubufakazi bothando. Njengoba sifunda esenzakalweni esihilela ababenochoko, labo abafisa ukuthokozisa uKristu kufanele babonise lolo thando nokwazisa kubo bonke, kungakhathaliseki ubuzwe, uhlanga noma inkolo yabo.
Zibuze, ‘Ngagcina nini ukubonga umakhelwane, engisebenza naye, engifunda naye, isisebenzi sasesibhedlela, umnini-sitolo, noma othile owangisiza?’ Kungani ungagcini umbhalo wosuku olulodwa noma ezimbili bese ubhala izikhathi oye wabonga ngazo ngokuqondile noma wabhala incwajana yokubonga? Umbhalo onjalo ungase ukusize ubone lapho ungathuthukisa khona ekubongeni.
Kuyiqiniso ukuthi umuntu okufanelekela kakhulu ukubonga kwethu uJehova uNkulunkulu. UnguMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jakobe 1:17) Wagcina nini ukumbonga ngobuqotho uNkulunkulu ngezinto ezithile akwenzele zona?—1 Thesalonika 5:17, 18.
Kungani Kufanele Sibonise Ukubonga Nakuba Abanye Bengabongi?
Abanye bangase bangasabeli lapho sibonisa ukwazisa. Pho, kungani kufanele sibonise ukubonga nakuba abanye bengabongi? Cabangela isizathu esisodwa nje.
Ngokwenza okuhle kulabo abangabongi, siyobe silingisa uMdali wethu onomusa, uJehova uNkulunkulu. Iqiniso lokuthi abaningi abalwazisi uthando uJehova alubonisayo alimvimbi ekubenzeleni okuhle. (Roma 5:8; 1 Johane 4:9, 10) Wenza “ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi [wenza] imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.” Uma senza umzamo wokubonisa ukwazisa nakuba siphila ezweni elingabongi, siyozibonakalisa ‘singamadodana kaBaba osemazulwini.’—Mathewu 5:45.
[Umbhalo waphansi]
a Abazali abaningi baye bafunda futhi baxoxa nezingane zabo ngencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Isahluko 18 sinesihloko esithi “Uye Ukhumbule Yini Ukubonga?”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
Gcina umbhalo wosuku olulodwa noma ezimbili bese ubhala izikhathi oye wabonga ngazo ngokuqondile
[Isithombe ekhasini 15]
Bekela izingane zakho isibonelo ngokubonisa ukwazisa
[Isithombe ekhasini 15]
Ngisho nabantwana bangaqeqeshwa ukuze babonise ukwazisa