-
UJehova ‘Uyobangela Ukuba Kwenziwe Ubulungisa’INqabayokulinda—2006 | Disemba 15
-
-
8 Ngemva kokulandisa lo mfanekiso, uJesu wabonisa ukuthi usebenza kanjani: “Yizwani lokho umahluleli akusho, nakuba engalungile! Khona-ke, ngokuqinisekile ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiweyo abakhamuluka kuye imini nobusuku, ngisho noma ebabekezelela? Ngiyanitshela, Uyobangela ukuba benzelwe ubulungisa ngokushesha. Noma kunjalo, lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe ngempela iyoluthola ukholo emhlabeni?”—Luka 18:1-8.
-
-
UJehova ‘Uyobangela Ukuba Kwenziwe Ubulungisa’INqabayokulinda—2006 | Disemba 15
-
-
9. Iliphi iphuzu eliqokonyiswa umfanekiso womfelokazi nomahluleli?
9 Iphuzu eliyinhloko lalo mfanekiso okhanyayo licacile. Lishiwo yibo bobabili abalingiswa abakuwo liphinde lishiwo uJesu. Umfelokazi wanxusa: “Bona ukuthi ngithola ubulungisa.” Umahluleli wathi: “Ngizobona ukuthi uyabuthola ubulungisa.” UJesu wabuza: “Ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba [kwenziwe] ubulungisa?” Futhi uJesu wathi ngoJehova: “Uyobangela ukuba benzelwe ubulungisa ngokushesha.” (Luka 18:3, 5, 7, 8) UNkulunkulu “uyobangela” nini ngempela ‘ukuba kwenziwe ubulungisa’?
10. (a) Ekhulwini lokuqala ubulungisa benziwa nini? (b) Izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla ziyokwenzelwa nini ubulungisa, futhi kanjani?
10 Ekhulwini lokuqala, “izinsuku zokukhipha isahlulelo” (noma, “izinsuku zempindiselo,” Kingdom Interlinear) zafika ngo-70 C.E. lapho kubhujiswa iJerusalema nethempeli lalo. (Luka 21:22) Kubantu bakaNkulunkulu namuhla, ubulungisa buyokwenziwa ‘ngosuku olukhulu lukaJehova.’ (Zefaniya 1:14; Mathewu 24:21) Ngaleso sikhathi, uJehova ‘uyobuyisela usizi kulabo ababangela abantu bakhe usizi’ “njengoba [uJesu Kristu] eletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.”—2 Thesalonika 1:6-8; Roma 12:19.
-
-
UJehova ‘Uyobangela Ukuba Kwenziwe Ubulungisa’INqabayokulinda—2006 | Disemba 15
-
-
12, 13. (a) Umfanekiso kaJesu womfelokazi nomahluleli unasiphi isifundo? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyoyizwa imithandazo yethu futhi abangele ukuba kwenziwe ubulungisa?
12 Umfanekiso kaJesu womfelokazi nomahluleli uqokomisa namanye futhi amaqiniso abalulekile. Lapho ebonisa indlela lo mfanekiso osebenza ngayo, uJesu wathi: “Yizwani lokho umahluleli akusho, nakuba engalungile! Khona-ke, ngokuqinisekile ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiweyo?” Yebo, uJesu wayengafanisi uJehova nalo mahluleli njengokungathi uthi uNkulunkulu wayeyophatha izinceku zakhe ngendlela efanayo. Kunalokho, uJesu wayefundisa abalandeli bakhe isifundo ngoJehova ngokuqokomisa umahluko phakathi kwalowo mahluleli noNkulunkulu. Iziphi ezinye zezindlela abahluke ngazo?
13 Umahluleli emfanekisweni kaJesu ‘wayengalungile,’ kanti “uNkulunkulu unguMahluleli olungile.” (IHubo 7:11; 33:5) Umahluleli wayengenaso nesincane isithakazelo kumfelokazi ngokwakhe, kodwa uJehova unesithakazelo kumuntu ngamunye. (2 IziKronike 6:29, 30) Umahluleli wayengathandi ukusiza umfelokazi, kodwa uJehova uyathanda—empeleni, umagange—ukusiza labo abamkhonzayo. (Isaya 30:18, 19) Siyini isifundo? Uma umahluleli ongalungile azilalela izicelo zomfelokazi futhi wamenzela ubulungisa, uJehova uyoyizwa kakhulu kangakanani imithandazo yabantu bakhe futhi nakanjani abangele ukuba benzelwe ubulungisa!—IzAga 15:29.
14. Kungani kungafanele siphelelwe ukholo lokuthi usuku lukaNkulunkulu lokwahlulela luyeza?
14 Ngakho-ke, labo abaphelelwa ukholo lokuthi usuku lukaNkulunkulu lokwahlulela luyeza benza iphutha elikhulu. Ngani? Ukuyeka kwabo ukukholelwa ngokuqinile ukuthi “usuku olukhulu lukaJehova” luseduze kufana nokungabaza ukuthi uJehova uthembeke ngokwanele ukuba agcine izithembiso zakhe. Kodwa akekho umuntu ongaba nesizathu esizwakalayo sokungabaza ukwethembeka kukaNkulunkulu. (Jobe 9:12) Umbuzo ofanelekayo uthi, Ingabe thina ngokwethu siyohlala sithembekile? Futhi yilelo kanye iphuzu uJesu aliveza ngasekugcineni komfanekiso womfelokazi nomahluleli.
-