Kwafezeka Isifiso Senhliziyo Yakhe
INGABE kuyisifiso senhliziyo yakho ukubona uMbuso wobuMesiya uqala ukubusa emhlabeni wonke? Uma kunjalo, ulangazelela futhi uthandazela izibusiso zasemhlabeni ezithenjisiwe ngaphansi kwalowoMbuso wasezulwini. Khona-ke bekezela, ngoba “isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.”—IzAga 13:12; Jakobe 5:7, 8.
Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, kwakukhona umuntu ‘owayelungile’ owayehlala eJerusalema ogama lakhe lalinguSimeyoni. Wayekholelwa eziprofethweni eziphathelene noMesiya futhi ngokubekezela “ebhekile induduzo kaIsrayeli.”—Luka 2:25.
Iziprofetho Eziphathelene NoMesiya Zinikeza Ithemba
UJehova owaprofetha kuqala ngokuphathelene noMesiya—enikeza ithemba esintwini esinesono nesifayo. UNkulunkulu wabikezela ukuza kweMbewu ‘yomfazi’ wakhe, noma inhlangano yendawo yonke.—Genesise 3:15.
LeyoMbewu yabonakala iyimbewu ka-Abrahama, futhi uJakobe wakubikezela ukuza kwayo. (Genesise 22:17, 18; 49:10) Inkazimulo yoMbuso kaMesiya yadunyiswa kumahubo. (IHubo 72:1-20) U-Isaya wabikezela ukuthi iMbewu yayizozalwa yincasakazi, futhi uMika waprofetha ukuthi yayizozalelwa eBetlehema. (Isaya 7:14; Mika 5:2) Lokhu kumane nje kuyiziprofetho ezimbalwa phakathi kweziningi ezimayelana noMesiya.
UMesiya Ulokhu Engakafiki!
Cabanga ngesikhathi esidlule, futhi uthathe ngokuthi ikhulu lokuqala leminyaka C.E. selisondele. Isiprofetho sikaNkulunkulu esiphathelene noMesiya asisho ekuqaleni manje sekuyiminyaka engu-4 000 sikhona. AmaJuda aye abhekana nokubhujiswa kwethempeli likaJehova, ukuchithwa kwezwe lawo, ukudingiselwa eBabiloni iminyaka engu-70, neminye iminyaka engu-500 yokuba ngaphansi kwababusi beZizwe. UMesiya ulokhu engakafiki!
Yeka ukuthi amaJuda esaba uNkulunkulu ayekulangazelela kanjani ukufika kukaMesiya! Izibusiso ezivela kuye zaziyogelezela kuwo nakuzo zonke izizwe.
Indoda Eyesaba UNkulunkulu
Phakathi kwamaJuda esaba uNkulunkulu ayelangazela futhi ethandazela ukuza kukaMesiya kwakunoSimeyoni, inceku kaJehova esikhulile ethembekile ehlala enhloko-dolobha yaseJudiya. Kunokuthile okukhethekile okwenzekile kuSimeyoni.
UNkulunkulu ubeke umoya wakhe ongcwele kuSimeyoni futhi uye wamupha isambulo. USimeyoni ngeke afe engakamboni Lowo ozoba uMesiya. Kodwa izinsuku nezinyanga kuyadlula. USimeyoni useyaguga futhi akalindele nakancane ukuphila esinye isikhathi eside. Ingabe isithembiso sikaNkulunkulu kuye sizogcwaliseka?
Ngolunye usuku (ngo-2 B.C.E.), umbhangqwana osemusha onomntwana ufika ethempelini uvela eBetlehema. Umoya ongcwele wembulela uSimeyoni ukuthi lolu usuku asenesikhathi eside elulindele. Uya ethempelini, lapho ezobona khona Lowo abaprofethi abalobe ngaye. Ephuthuma ngamandla akhe onke, ubona uJosefa, uMariya, nomntwana.
Yeka ukuthi uSimeyoni umgona ngenjabulo engakanani umntwana uJesu! Lona nguYe ozoba uMesiya othenjisiwe—“uKristu kaJehova.” Njengoba esekhule kakhulu kangako, uSimeyoni akanakuba nethemba lokubukela uJesu efeza ukuthunywa kwaKhe kwasemhlabeni. Nokho, kuyamangalisa ukumbona esengumntwana. Iziprofetho eziphathelene noMesiya seziyaqala ukugcwaliseka. Yeka ukuthi uSimeyoni ujabula kanjani! Manje uzolala ekufeni anelisekile kuze kufike uvuko.—Luka 2:25-28.
Amazwi KaSimeyoni Angokwesiprofetho
Njengoba uSimeyoni ephakamisa izwi lakhe edumisa uJehova, simuzwa ethi: “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla‚ njengezwi lakho‚ ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho oyilungisele ebusweni babantu bonke, ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho uIsrayeli.” Uyise kaJesu wokutholwa, uJosefa, nonina, uMariya, balokhu bemangaliswe yilamazwi.—Luka 2:29-33.
Ubuso bukaSimeyoni buchachambile njengoba ebusisa uJosefa noMariya, ngokusobala ebafisela isibusiso sikaJehova ekufezeni imithwalo yabo yemfanelo kumntwana. Ngemva kwalokho ubuso balendoda endala buyahwaqabala. Iqondisa amazwi ayo kuMariya yedwa, iyanezela: “Bheka‚ lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kuIsrayeli, nesibonakaliso esiphikwayo—yebo‚ inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo—ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”—Luka 2:34, 35.
Amazwi KaSimeyoni KuMariya
Cabanga ukuthi uMariya wazizwa kanjani. USimeyoni wayesho ukuthini? Abanye babezomamukela uKristu futhi batakulwe esimweni sabo esesiwohlokile kakade. Nokho, abanye babezomenqaba, bakhubeke ngaye, bawe. Njengoba kwakubikezelwe, uJesu wabonakala eyitshe lokukhubekisa kumaJuda amaningi. (Isaya 8:14; 28:16) Amazwi kaSimeyoni awasho ukuthi ama-Israyeli ngamanye ayezoqala ngokuwela esimweni sokungakholwa bese evukela ekukholweni ngokwamukela uJesu. Kunalokho, ukusabela kwabantu kuye kwakuzokwehlukahluka kuye ngabantu, kwembula izizindlo zezinhliziyo eziningi futhi kuholele ekubeni uNkulunkulu abahlulele kahle noma kabi. Kwabangakholwayo, wayezoba isibonakaliso, noma into yokuzondwa. Ngokuba nokholo kuye, abanye babezotakulwa ekubeni abafileyo eziphambekweni nasezonweni futhi babezofinyelela ekujabuleleni ukuma okulungileyo noNkulunkulu. Izenzo zabantu kuMesiya zaziyobonisa lokho okusezinhliziyweni zabo.
Kuthiwani ngamazwi kaSimeyoni athi: “Inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo”? Akukho lutho emiBhalweni olubonisa ukuthi uMariya wadatshulwa inkemba yangempela. Nokho, ukwenqatshwa kukaJesu abaningi kwakuzombangela usizi. Futhi yeka ukuthi kwakubuhlungu kangakanani kuMariya ukubona uJesu ebethelwa esigxotsheni! Lokhu kwakufana nokuthi wayedatshulwe yinkemba.
USimeyoni Usebenzisa Iziprofetho Eziphathelene NoMesiya
Umoya kaNkulunkulu wawushukumisele uSimeyoni ukuba asebenzise iziprofetho eziphathelene noMesiya kuJesu. USimeyoni wayesengafa ngokuthula, ‘ngokuba amehlo akhe ayebonile insindiso kaNkulunkulu ayilungisele ebusweni babantu bonke, ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakhe uIsrayeli.’ (Luka 2:30-32) Yeka ukuthi lokhu kwakusebenza kahle kanjani emazwini ka-Isaya angokwesiprofetho!
Lowomprofethi wabikezela: “Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye.” “[Mina Jehova] ngiyakukubeka [uMesiya] ube-ngukukhanya kwabezizwe, ube-yinsindiso yami kuze kube-semkhawulweni womhlaba.” (Isaya 40:5; 42:6; 49:6; 52:10) ImiBhalo YamaKristu YesiGreki namaqiniso aphathekayo abelokhu ebonisa ukuthi uMesiya, uJesu Kristu, ungukukhanya kweqiniso kwezizwe, Lowo osusa isigubuzelo esiwubumnyama obungokomoya futhi alethe insindiso kubantu.
IZwi likaNkulunkulu alibe lisasho lutho olunye ngoSimeyoni osegugile. Ngokusobala, wafa ngaphambi kokuba uKristu avule indlela eyisa ekuphileni kwasezulwini. Khona-ke, esikhathini esingeside kusukela manje, uSimeyoni uzovuselwa ekuphileni emhlabeni. Yeka injabulo yena—nawe—eningaba nayo ezweni elisha ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya!