IBhayibheli
Incazelo: YiZwi likaJehova uNkulunkulu elilotshelwe isintu. Wasebenzisa onobhala abangabantu abangaba ngama-40 esikhathini esingamakhulu eminyaka ayi-16 ukuba balilobe, kodwa uNkulunkulu ngokwakhe waqondisa ukulotshwa kwalo ngomoya wakhe. Ngaleyondlela liphefumlelwe nguNkulunkulu. Ingxenye enkulu yombhalo yenziwe yizinkulumo ezingokoqobo ezashiwo uJehova nemininingwane ephathelene nezimfundiso nemisebenzi kaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. Kuzona sithola kukhulunywa ngezimfuneko zikaNkulunkulu ezincekwini zakhe nokuthi uyokwenzani ukuze afeze injongo yakhe enhle ngomhlaba. Ukuze ajulise ukwazisa kwethu ngalezizinto, uJehova walondoloza futhi eBhayibhelini umbhalo obonisa okwenzekayo uma abantu nezizwe belalela uNkulunkulu futhi besebenza ngokuvumelana nenjongo yakhe, kanye nomphumela uma benza ngendlela yabo. Ngalombhalo othembekile ongokomlando uJehova usijwayelanisa nokusebenzelana kwakhe nabantu futhi ngaleyondlela asijwayeze ubuntu bakhe siqu obumangalisayo.
Izizathu zokucabangela iBhayibheli
IBhayibheli ngokwalo lithi livela kuNkulunkulu, uMdali wesintu
2 Thim. 3:16, 17: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”
IsAm. 1:1: “Isambulo sikaJesu Kristu amnika sona uNkulunkulu ukuba abonise izinceku zakhe izinto ezimelwe ukwenzeka masinyan.”
2 Sam. 23:1, 2: “UDavide indodana kaJese uthi, . . . UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.”
Isaya 22:15: “Isho kanje iNkosi uJehova-Sebawoti.”
Besiyolindela ukuba isigijimi sikaNkulunkulu esiya kuso sonke isintu sitholakale embulungeni yonke. IBhayibheli, lilonke noma ingxenye yalo, liye lahunyushelwa ezilimini ezicishe zibe yi-1 800. Ukusakazwa kwalo kufinyelela izigidi zezigidi. IThe World Book Encyclopedia ithi: “IBhayibheli liyincwadi efundwa kakhulu kunazo zonke emlandweni. Cishe futhi lingenethonya kunazo zonke. Maningi kakhulu amaBhayibheli aye asakazwa kunanoma iyiphi enye incwadi. Futhi liye lahunyushwa kaningi nangezilimi eziningi kunanoma iyiphi enye incwadi.”—(1984), Umq. 2, k. 219.
Isiprofetho seBhayibheli sichaza okushiwo yizimo zezwe
abaningi bezwe bayavuma ukuthi isintu sisonqenqemeni lwenhlekelele. IBhayibheli labikezela ngalezizimo kudala; lichaza ezikushoyo nokuthi umphumela uyoba yini. (2 Thim. 3:1-5; Luka 21:25-31) Lisitshela okumelwe sikwenze ukuze sisinde ekubhujisweni kwezwe okusondelayo, sibe nethuba lokuzuza ukuphila okuphakade ngaphansi kwezimo zokulunga lapha emhlabeni.—Zef. 2:3; Joh. 17:3; IHu. 37:10, 11, 29.
IBhayibheli lisenza siyiqonde injongo yokuphila
Liphendula imibuzo enjengokuthi: Ukuphila kwavelaphi? (IzE. 17:24-26) Kungani silapha? Ingabe kuwukuba nje siphile iminyaka emibalwa, sithole esingakuthola ekuphileni, bese sifa?—Gen. 1:27, 28; Roma 5:12; Joh. 17:3; IHu. 37:11; IHu. 40:8.
IBhayibheli liyabonisa ukuthi singaba kanjani nezinto abathandi bokulunga abazifisa kakhulu
Liyasitshela lapho singathola khona abangane abaphilayo abathandana ngempela (Joh. 13:35), ukuthi yini engasiqinisekisa ukuthi siyoba nokudla okwanele thina ngokwethu nemikhaya yethu (Math. 6:31-33; IzAga 19:15; Efe. 4:28), ukuthi singajabula kanjani naphezu kwezimo ezinzima ezisizungezile.—IHu. 1:1, 2; 34:8; Luka 11:28; IzE. 20:35.
Liyachaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe, uyosusa isimiso samanje esibi (Dan. 2:44), nokuthi ngaphansi kokubusa kwawo isintu siyokwazi ukujabulela impilo ephelele nokuphila okuphakade.—IsAm. 21:3, 4; qhathanisa noIsaya 33:24.
Ngokuqinisekile incwadi ethi ivela kuNkulunkulu, echaza kokubili okushiwo yizimo zezwe nenjongo yokuphila, nebonisa indlela izinkinga zethu eziyoxazululwa ngayo ifanele ukuba siyicabangele.
Ubufakazi bokuphefumlelwa
Ligcwele iziprofetho eziveza ulwazi oluningiliziwe lwesikhathi esizayo—into engenakwenzeka ngabantu
2 Pet. 1:20, 21: “Kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”
◼ Isiprofetho: Isaya 44:24, 27, 28; 45:1-4: “UJehova . . . oshoyo kuwo umsinga ukuthi: Yisha, ngiyakomisa imifula yakho; oshoyo ngoKoresi ukuthi: Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa. Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe, ngithukulule izinkalo zamakhosi, ngivule iminyango phambi kwakhe, amasango angabe esavalwa. Mina ngiyakuhamba phambi kwakho, ngihlelembe amagebhugebhu, ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi. . . . Ngenxa yenceku yami uJakobe, uIsrayeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho.” (Ukubhala kukaIsaya kwaphela cishe ngo-732 B.C.E.)
◻ Ukugcwaliseka: UKoresi wayengakazalwa ngesikhathi kubhalwa lesiprofetho. AmaJuda awazange athunjelwe eBabiloni kwaze kwaba ngo-617-607 B.C.E., futhi iJerusalema nethempeli lalo laze labhujiswa ngo-607 B.C.E. Lesiprofetho sagcwaliseka ngokuningiliziwe kusukela ngo-539 B.C.E. UKoresi waphambukisa amanzi oMfula iEwufrathe aba ichibi lokwenziwa, amasango omfula aseBabiloni ayekwa evulekile ngokunganaki ngesikhathi sedili emzini, iBabiloni lawela kuMamede namaPheresiya ngaphansi kukaKoresi. Ngemva kwalokho, uKoresi wakhulula amaJuda athunjiwe wawabuyisela emuva eJerusalema ewanika umyalo wokwakha futhi ithempeli likaJehova lapho.—The Encyclopedia Americana (1956), Umq. III, k. 9; Light From the Ancient Past (Princeton, 1959), Jack Finegan, kk. 227-229; “All Scripture Is Inspired of God and Beneficial” (New York, 1983), kk. 282, 284, 295.
◼ Isiprofetho: Jer. 49:17, 18: “UEdomi uyakuba-yisimangaliso, kumangale yilowo nalowo odlula kuye, ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe. Njengasekuchithweni kweSodoma neGomora nemizi yangakhona, usho uJehova, akuyikuhlala-muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.” (Ukubhala kukaJeremiya iziprofetho kwaphela ngo-580 B.C.E.)
◻ Ukugcwaliseka: “[Abakwa-Edomi] bakhishwa ePalestina ngekhulu lesibili B.C. nguJudas Maccabæus, futhi ngo-109 B.C. uJohn Hyrcanus, umholi wamaMaccabees, welula umbuso wakwaJuda wahlanganisa ingxenye esentshonalanga yamazwe akwa-Edomi. Ngekhulu lokuqala B.C. ukwanda kwamaRoma kwashanela ingxenyana yokugcina yenkululeko yakwa-Edomi . . . Ngemva kokubhujiswa kweJerusalema ngamaRoma ngo-70 A.D. . . . igama elithi Edomi lanyamalala emlandweni.” (The New Funk & Wagnalls Encyclopedia, 1952, Umq. 11, k. 4114) Phawula ukuthi ukugcwaliseka kuze kufinyelele osukwini lwethu. Akukho ndlela umuntu angaphikisa ngayo ngokuthi lesiprofetho sabhalwa ngemva kokuba lezizenzakalo sezenzekile.
◼ Isiprofetho: Luka 19:41-44; 21:20, 21: “Ewubona [uJesu Kristu] umuzi [iJerusalema], wawukhalela. Wathi: . . . Uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke, zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.” Ezinsukwini ezimbili kamuva, weluleka abafundi bakhe: “Nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume.” (Isiprofetho esakhulunywa uJesu Kristu ngo-33 C.E.)
◻ Ukugcwaliseka: IJerusalema lavukela iRoma, kwathi ngo-66 C.E., amabutho amaRoma ngaphansi kukaCestius Gallus ahlasela umuzi. Kodwa, njengoba isazimlando esingumJuda uJosephus ebika, umphathi wamabutho aseRoma “wahlehlisa amabutho akhe kungazelelwe, walahla ithemba nakuba kungaphindiselwanga kuye, futhi ngaphandle kwanoma isiphi isizathu wawushiya uMuzi.” (Josephus, the Jewish War, Penguin Classics, 1969, k. 167) Lokhu kwanikeza amaKristu ithuba lokubaleka emzini, nalokho akwenza, ebalekela ePella, ngalé kweJordani, ngokukaEusebius Pamphilus kweyakhe iEcclesiastical History. (Eyahunyushwa ngu-C. F. Crusé, eLondon, 1894, k. 75) Khona-ke cishe ngesikhathi sePhasika lonyaka ka-70 C.E. uJenene Titus wawuvimbezela umuzi, kwakhiwa uthango oluzungezile olungaba amakhilomitha ayi-7,2 ubude ngezinsuku ezintathu nje, futhi ngemva kwezinyanga eziyisihlanu, iJerusalema lawa. “IJerusalema labhujiswa ngokuhlakanipha iThempeli lasala lingamanxiwa. Umsebenzi wemivubukulo uyasibonisa namuhla ukuthi kwakunamandla kangakanani ukubhujiswa kwezakhiwo zamaJuda kulo lonke izwe.”—The Bible and Archaeology (Grand Rapids, Mich.; 1962), J. A. Thompson, k. 299.
Elikuqukethe kunengqondo ngokwesayensi ezintweni abacwaningi abangabantu abaye bazithola eminyakeni yakamuva
Imvelaphi yeNdawo Yonke: Gen. 1:1: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” Ngo-1978, isazi sezinkanyezi uRobert Jastrow wabhala: “Manje sesiyabona ukuthi ubufakazi bezinkanyezi buholela kanjani embonweni weBhayibheli wemvelaphi yomhlaba. Imininingwane iyehlukana, kodwa izinto ezidingekayo emlandweni wezinkanyezi noweBhayibheli kaGenesise ziyefana: ukulandelana kwezenzakalo kuze kufike kumuntu kwaqala ngokushesha ngesikhathi esiqondile, ngokuphazima kweso nangamandla.”—God and the Astronomers (New York, 1978), k. 14.
Isimo sePlanethi enguMhlaba: Isaya 40:22: “Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba.” Ezikhathini zasendulo, umbono ovamile wawungowokuthi umhlaba uyisicaba. Kwaze kwaba ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-200 kusukela lombhalo weBhayibheli wabhalwa lapho iqembu lezazi zefilosofi zamaGreki lacabanga khona ukuthi kungenzeka ukuthi umhlaba uyisiyingi, futhi eminyakeni ecishe ibe ngu-300 kamuva isazi sezinkanyezi esingumGreki sabala ibanga okungaba yilo ukusuka enkabeni yomhlaba kuya emaphethelweni. Kodwa umqondo wokuthi umhlaba uyisiyingi kwakungewona umbono ovamile ngisho nangalesosikhathi. Kusekhulwini lama-20 leminyaka kuphela lapho kuye kwaba nokwenzeka khona ngabantu ukuba bahambe ngezindiza, futhi kamuva baye emkhathini ngisho nasenyangeni, kanjalo basibona ngokucacile ‘isiyingelezi’ samaphethelo omhlaba.
Izilwane: Lev. 11:6: “Nonogwaja, ngokuba uyetshisa.” Nakuba lokhu kwakusolwa isikhathi eside ngabagxeki abathile, ukwetshisa kukanogwaja ekugcineni kwaphawulwa yiNgisi elinguWilliam Cowper ngekhulu le-18 leminyaka. Indlela engavamile okwenzeka ngayo yachazwa ngo-1940 kuyiProceedings of the Zoological Society of London, Umq. 110, Series A, kk. 159-163.
Ukuvumelana kwalo kwangaphakathi kungokuphawulekayo
Lokhu kunjalo ngokukhethekile uma sicabangela iqiniso lokuthi izincwadi zeBhayibheli zabhalwa ngamadoda angaba ngama-40 ahlukahlukene njengenkosi, umprofethi, umalusi, umthelisi, nodokotela. Babhala esikhathini esingaba iminyaka eyi-1 610; ngakho lalingekho ithuba lokuba baqale bavumelane. Kodwa imibhalo yabo iyavumelana, ngisho nangemininingwane emincane kakhulu. Ukuze ubone izinga izingxenye ezihlukahlukene zeBhayibheli ezihambisana ngokuvumelana ngalo, kumelwe ulifunde futhi ulitadishe ngokwakho.
Singaqiniseka kanjani ukuthi iBhayibheli alizange lishintshwe?
“Emibhalweni eminingi yesandla yasendulo efakazela umbhalo, neminyaka eminingi eye yadlula phakathi kwemibhalo yokuqala nemibhalo yesandla efakazelayo, iBhayibheli liphuma phambili ezincwadini ezihlonishwayo [njengalezo zikaHomer, uPlato nabanye]. . . . Isiyonke imibhalo yesandla engelona iBhayibheli imbalwa uma iqhathaniswa neyeBhayibheli. Ayikho incwadi yasendulo efakazelwa njengeBhayibheli.”—The Bible From the Beginning (New York, 1929), P. Marion Simms, kk. 74, 76.
Umbiko owakhishwa ngo-1971 ubonisa ukuthi cishe kunamakhophi angu-6 000 abhalwa ngesandla anayo yonke imiBhalo YesiHeberu noma ingxenye yayo; endala kunawo wonke ihlehlela ekhulwini lesithathu leminyaka B.C.E. Ngokuqondene nemiBhalo YamaKristu YesiGreki, kunamakhophi acishe abe ngu-5 000 esiGreki, endala kunawo wonke ihlehlela ekuqaleni kwekhulu lesibili leminyaka C.E. Kukhona namakhophi amaningi ezinguqulo zokuqala ngezinye izilimi.
Esingenisweni sakhe emiqulwini eyisikhombisa kwethi The Chester Beatty Biblical Papyri, uMnu. Frederic Kenyon wabhala: “Isiphetho sokuqala nesibaluleke kakhulu esatholakala ekuhlolweni kwayo [lemibhalo] singesanelisa kangangokuthi siqinisekisa ukuba nengqondo okudingekile kwemibhalo ekhona. Akukho kwehlukana okwethusayo noma okuyisisekelo okubonakala eTestamenteni Elidala noma Elisha. Akukho kushiywa noma ukunezelwa kwezingxenye okubalulekile, futhi akukho ukwehlukana okuthinta amaqiniso abalulekile noma izimfundiso. Ukwehlukana kwemibhalo kuthinta izinto ezincane, njengokuhleleka kwamagama noma amagama afanelekayo asetshenzisiwe . . . Kodwa ukubaluleka kwawo okudingekile kuwukuqinisekiswa kwawo, ngobufakazi bangaphambili kunalobo obabutholakala kuze kube yilesosikhathi, bobuqotho bemibhalo yethu ekhona.”—(London, 1933), k. 15.
Kuyiqiniso ukuthi ezinye izinguqulo zeBhayibheli zinamathela kakhulu kulokho okwakusezilimini zokuqala kunezinye. AmaBhayibheli esimanje asebenzisa inkulumo ekhululekile aye akhululeka kangangokuthi ngezinye izikhathi lokhu kuyawushintsha umqondo wokuqala. Abanye abahumushi baye bavumela izinkolelo zomuntu siqu ukuba zihlobise ukuhumusha kwabo. Kodwa lobuthaka bungabonakala ngokuqhathanisa izinguqulo ezihlukahlukene.
Uma Umuntu Ethi—
‘Angilikholelwa iBhayibheli’
Ungase uphendule: ‘Kodwa uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, akunjalo? . . . Ngingake ngibuze ukuthi yini eseBhayibheli okuthola kunzima ukuyamukela?’
Noma ungase uthi: ‘Ngingabuza, Ingabe indlela obuzizwa ngayo sonke isikhathi leyo? . . . Ngiye ngabezwa abanye besho kanjalo, nakuba bengazange balitadishisise iBhayibheli. Kodwa njengoba iBhayibheli lisho ngokukhanyayo ukuthi liyisigijimi esivela kuNkulunkulu ngokwakhe nokuthi ubeke ithuba lokuphila okuphakade uma sikholelwa futhi siphila ngalokho elikushoyo, awuvumi yini ukuthi kungaba okufanelekile ukuba okungenani silihlole ukuze sithole ukuthi elikushoyo kuyiqiniso yini noma cha?’ (Sebenzisa indaba esemakhasini 60-63.)’
‘IBhayibheli liyaziphikisa’
Ungase uphendule: ‘Bakhona abanye abantu abaye bangitshela lokho, kodwa akekho oye wakwazi ukungibonisa ukuthi yini ngempela ewukuziphikisa. Futhi ekufundeni kwami siqu iBhayibheli angikaze ngikubone. Sikhona isibonelo onganginika sona?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Engiye ngakuthola ukuthi abantu abaningi bamane nje abazitholi izimpendulo emibuzweni iBhayibheli elenza bacabange ngayo. Ngokwesibonelo, uKayini wamtholaphi umkakhe? (Sebenzisa indaba esemakhasini 172, 173.)’
‘IBhayibheli labhalwa ngabantu’
Ungase uphendule: ‘Kuyiqiniso. Cishe abangama-40 babo baba nengxenye kulona. Kodwa laphefumlelwa uNkulunkulu.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Kusho ukuthini lokho? Ukuthi uNkulunkulu waqondisa ukubhalwa kwalo, njengoba nje nosomabhizinisi esebenzisa unobhala ekubeni ambhalele izincwadi.’ (2) ‘Umqondo wokwamukela imibiko ivela kothile ongaphandle komkhathi akumelwe isimangaze. Ngisho nabantu baye bathumela imibiko nemifanekiso isuka enyangeni. Bakwenza kanjani? Ngokusebenzisa imithetho eyasungulwa uNkulunkulu ngokwakhe kudala.’ (3) ‘Kodwa singaqiniseka kanjani ukuthi lokho iBhayibheli elikuqukethe kuvela kuNkulunkulu ngempela? Liqukethe ukwaziswa okwakungeke kuvele emthonjeni ongumuntu. Luhlobo luni? Imininingwane ngekusasa; futhi iye yabonakala ngaso sonke isikhathi ingeqonde ngokuphelele. (Ngokwesibonelo, bheka amakhasi 60-62 namakhasi 181-186, ngaphansi kwesihloko esithi “Izinsuku Zokugcina.”)’
‘Wonke umuntu ulichaza ngendlela yakhe iBhayibheli’
Ungase uphendule: ‘Futhi ngokusobala akubona bonke abaqinisile.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ukusonta imiBhalo ukuze ifanelane nemibono yethu kungaphumela ekulimaleni kwaphakade. (2 Pet. 3:15, 16)’ (2) ‘Kunezinto ezimbili ezingasisiza ukuba siqonde iBhayibheli ngokuqondile. Okokuqala, cabangela umongo (amavesi azungezile) wanoma iyiphi inkulumo. Okulandelayo, qhathanisa amavesi nezinye izinkulumo eBhayibhelini ezikhuluma ngendaba efanayo. Ngaleyondlela sivumela iZwi likaNkulunkulu ngokwalo liqondise ukucabanga kwethu, futhi incazelo yalo akuyona eyethu kodwa eyaKhe. Ileyondlela esetshenziswa izincwadi zeWatch Tower.’ (Bheka amakhasi 211, 212, ngaphansi kwesihloko esithi “OFakazi BakaJehova.”)
‘Alilona usizo osukwini lwethu’
Ungase uphendule: ‘Thina sinesithakazelo ezintweni eziwusizo kithina namuhla, akunjalo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Uyavuma yini ukuthi ukuqeda impi kungaba usizo? . . . Awuvumi ukuthi ukuba abantu bebengafunda ukuhlala ndawonye ngokuthula nalabo bezinye izizwe, lokhu bekungaba isiqalo esihle? . . . IBhayibheli labikezela lokho kanye. (Isaya 2:2, 3) Ngenxa yemfundo yeBhayibheli, lokhu kuyenzeka namuhla phakathi koFakazi BakaJehova.’ (2) ‘Kudingeka okwengeziwe—ukususwa kwabo bonke abantu nezizwe ezibangela impi. Ingabe into enjalo iyoke yenzeke? Yebo, futhi iBhayibheli liyachaza ukuthi kanjani. (Dan. 2:44; IHu. 37:10, 11)’
Noma ungase uthi: ‘Ngiyayibona into ekukhathazayo. Uma incwadi engumqondisi ingelona usizo, singaba yiziphukuphuku ngokuyisebenzisa, akunjalo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Awunakuvuma yini ukuthi incwadi enikeza iseluleko esinengqondo esingase sisenze sikwazi ukuba nokuphila komkhaya okujabulisayo iwusizo? . . . Ulwazi nemikhuba ehilela ukuphila komkhaya iye yashintsha kaningi, futhi imiphumela esiyibona namuhla ayimihle. Kodwa labo abakwaziyo nabakusebenzisayo okushiwo yiBhayibheli banemikhaya ezinzile, ejabulayo. (Kol. 3:12-14, 18-21)’
‘IBhayibheli liyincwadi enhle, kodwa ayikho into okungathiwa iyiqiniso eliphelele’
Ungase uphendule: ‘Kuyiqiniso ukuthi wonke umuntu cishe unombono ohlukile. Ngisho nalapho umuntu ecabanga ukuthi into useyicabange kahle, ngokuvamile uthola ukuthi okungenani kunelinye iphuzu elilodwa angazange alicabangele. Kukhona othile ongenayo imincele enjalo. Kungaba ubani lowo? . . . Yebo, uMdali wendawo yonke.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Kungakho uJesu Kristu athi kuye: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Joh. 17:17) Leloqiniso liseBhayibhelini. (2 Thim. 3:16, 17)’ (2) ‘UNkulunkulu akafuni ukuba sidukuze ekungazini; uye wathi intando yakhe iwukuba sifinyelele olwazini oluqondile lweqiniso. (1 Thim. 2:3, 4) Ngendlela eyanelisa ngokuphelele iBhayibheli liphendula imibuzo enjengokuthi . . . ’ (Ukuze usize abantu abathile, kungenzeka okokuqala kudingeke ukuba ukhulumele ubufakazi bokukholelwa kuNkulunkulu. Bheka amakhasi 394-400, ngaphansi kwesihloko esithi “UNkulunkulu.”)
‘IBhayibheli liyincwadi yabelungu’
Ungase uphendule: ‘Ngempela kuyiqiniso ukuthi baye banyathelisa amakhophi amaningi eBhayibheli. Kodwa iBhayibheli alisho ukuthi esinye isizwe singcono kunesinye.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘IBhayibheli livela kuMdali wethu, futhi akakhethi. (IzE. 10:34, 35)’ (2) ‘IZwi likaNkulunkulu libeka kubantu bazo zonke izizwe nezinhlanga ithuba lokuphila phakade lapha emhlabeni ngaphansi koMbuso wakhe. (IsAm. 7:9, 10, 17)’
Noma ungase uthi: ‘Akunjalo neze! UMdali wesintu okwakumelwe akhethe abantu ayobaphefumlela ukuba babhale izincwadi zeBhayibheli ezingama-66. Futhi uma akhetha ukusebenzisa abantu abanesikhumba esikhanyayo, okwakhe lokho. Kodwa isigijimi seBhayibheli sasingeke sigcine kubantu abamhlophe.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Phawula okwashiwo uJesu . . . (Joh. 3:16) Ukuthi “yilowo nalowo” kuhlanganisa abantu banoma iliphi ibala. Futhi, ngaphambi kokwenyukela ezulwini, uJesu washo lamazwi okuvalelisa kubafundi bakhe . . . (Math. 28:19)’ (2) ‘Ngokuthakazelisayo, izEnzo 13:1 zikhuluma ngoNigeri othile, okuyigama elisho “omnyama.” Wayengomunye wabaprofethi nabafundisi bebandla laseAntiyokiya, eSiriya.’
‘Nina nineBhayibheli lenu’
Bheka isihloko esikhulu esithi “INew World Translation.”