Isahluko 2
Abantu Bangakuletha Yini Ukuthula Nokulondeka Okungapheli?
UKUZE ITHEMBA lisho okuthile, kumelwe lisekelwe kokungokoqobo, eqinisweni. Amathemba amanga amane avale abantu bangakuboni okungokoqobo. Ngakho-ke, sidinga ukubuza: Ingabe siyaqaphela ukuthi zinkulu kangakanani izinkinga okumelwe zixazululwe ukuze kube nokuthula nokulondeka kweqiniso? Ingabe siyaqaphela ukuthi isimo sesingesiphuthuma kangakanani? Ingabe bukhona ubufakazi bokuthi amakhambi abantu ayolingana nobukhulu balomsebenzi?
2 Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu befuna ukuthula nokulondeka okuhlala njalo, kodwa bengaphumeleli. Kodwa manje isimo sesiphuthuma kakhulu ngenxa yokusongela kwempi yenuzi. Umbiko waseCanada waxwayisa: “Ayikho into enjengokunqoba empini yenuzi ngoba imiphumela yayo iyohlasimulisa kangangokuthi abayosinda bayofisa ukuba ngabafileyo.”3 Ebonisa isizathu, uCarl Sagan oyisazi sezinkanyezi wathi: “Manje sekunezikhali zenuzi ezingaphezu kwezi-50 000, . . . ezanele ukushabalalisa amaHiroshima ayisigidi.” Wanezela: “Akukho kungabaza ngokuthi impucuko yethu yembulunga yonke iyobhujiswa.”4
3 Ngaphezu kwalokho, kunezinye izingozi ezisongela ukuphila emhlabeni. Enye iwukungcola okusemhlabeni wonke kwezwe, umoya, namanzi. Enye iwukuchichima kwenani labantu kanye nendlala, izifo, neziyaluyalu ezihambisana nakho.
4 Ngokuqondene nokusongela okuhlukahlukene isintu esibhekene nakho manje, inhlangano yokuthula eNorway yathi: “Isimo sezizwe zonke namuhla siphawuleka ngesimo esibucayi esigcwele cishe kuzo zonke izingxenye zomsebenzi womuntu: kwezomnotho nezenhlalo, ezombangazwe nezempi, ezingokomoya nezokuziphatha.” Yanezela: “Ubudlova buyanda futhi ukusetshenziswa kwamandla njengenqubo nendlela yokuphatha sekuye kwanda kakhulu. . . . Igebe elihlukanisa ukuthula nempi liya lincipha ngokuyingozi kakhulu.”5 Kuholelaphi lokhu? Unobhala-jikelele we-UN waxwayisa: “Siseduze ngokuyingozi kakhulu nenhlekelele entsha yezizwe.”6
Umhlaba Ongenayo Impi Ngemizamo Yabantu?
5 Sikhona yini isizathu sokukholelwa ukuthi abantu bangayiqeda impi? Ngokomlando, kuye kwaba neminyaka emibalwa kuphela eshiyanayo lapho lomhlaba wawukhululeke ngokuphelele empini. Kulelikhulu lama-20 leminyaka lilodwa, kuye kwabulawa abantu abacishe babe izigidi eziyi-100 empini! INhlangano Yezizwe yangaphambili noma iZizwe Ezihlangene zanamuhla azikwazanga ukuvimbela lokhu kubulalana.
6 Kodwa ingabe ukwesaba ukubhubhisa kwezikhali zenuzi ngeke kukushintshe lokhu? Akuzange yini kuvuswe ukwesaba okwanele ngezikhali zenuzi emuva ngo-1945 lapho amabhomu eathomu ephaqula amadolobha amabili aseJapane? Nokho, kusukela lapho ukunqwabelaniswa kwezikhali zenuzi ezinamandla ngokwengeziwe kuye kwakhula ngokuphindwe ngenkulungwane. Futhi kusukela nje ngo-1945 abantu abalinganiselwa ezi-35 000 000 baye babulawa ezimpini nasekuvukeleni okuhilela amazwe angaphezu kwe-100. Onyakeni owodwa wamuva nje izizwe ezingama-45 zazihileleke ezimpini!7 Cha, ukwesaba izikhali zenuzi akuzange kuyivimbele impi.
7 Kuyavunywa, izizwe ziyazisayina izivumelwano zokuyeka izikhali noma izivumelwano zokuthula futhi cishe ziyoqhubeka zizisayina. Emakhulwini eminyaka kunezinkulungwane zazo eziye zasayinwa. Nokho, noma nini lapho umuzwa wempi uba ngonamandla ngokwanele, lezozivumelwano ziye zaba izicucu zamaphepha ezingasho lutho. NeZizwe Ezihlangene ziye zahluleka ukuvimbela impi, ngoba nakuba cishe wonke amazwe namuhla eyingxenye ye-UN, uma ethanda awayinaki. Khona-ke kungokunengqondo yini ukuthembela ekutheni abaholi bezwe bakusasa bayoligcina kangcono izwi labo kunalabo besikhathi esidlule?
8 Ngakolunye uhlangothi, isimo seBhayibheli siyavumelana nokufundwe emlandweni. Alikutusi ukuthembela kwethu emizamweni yabantu yokuletha ukuthula. Ngokuphambene, labikezela kudala ukuthi imizamo yomuntu yayingeke ilethe ukuthula okuhlala njalo. Laxwayisa kusengaphambili ngokuthi ngaphambi nje kokuphela kwalesimiso sezinto, izimpi neziyaluyalu zaziyodlanga emhlabeni wonke, ‘isizwe sivukela isizwe nombuso uvukela umbuso.’ (Luka 21:9, 10, 31; IsAmbulo 6:1-4) Izenzakalo zezwe kusukela ngo-1914 ziye zazigcwalisa lezoziprofetho. Ngakho kunokubangela amathemba angamanga, iBhayibheli lisho liqinisile lithi: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.
Abantu Bangabhekana Yini Nokuchichima Kwenani Labantu?
9 Inani labantu emhlabeni lafinyelela izigidi eziyi-1 000 ngekhulu le-19 leminyaka. Manje selicishe libe izigidi eziyizi-5 000,8 nezigidi eziyi-1 000 zihlangana ngokushesha njalo. Unyaka ngamunye, abantu abacishe babe yizigidi ezingama-90 bayanezelwa! Futhi okuningi kwalokhu kwanda kumane kunezele ukuhlupheka ezindaweni lapho ubumpofu, indlala, nezifo sekugcwele khona kakade. Kungesizathu esihle lokhu kwanda kwenani labantu kuye kwabizwa ngokuthi ukuchichima kwenani labantu. IThe New York Times yathi: “Kuyinto engenzeka ukuba izingxenye ezinkulu zomhlaba ziphenduke ugwadule ngenxa yokucindezela kwenani labantu nobumpofu okungenakulawuleka kunokuba kube ngenxa kakhukhulelangoqo wenuzi.”9
10 Ngokuqondene nezinga lendlala yomhlaba, umagazini iTime wathi: “Inkinga yendlala namuhla ihluke kakhulu kuleyo yesikhathi esidlule . . . Manje kunokudla okuncane kakhulu ezingxenyeni eziningi zomhlaba, unyaka nonyaka, kangangokuthi ama-25% agcwele enani labantu emhlabeni ayalamba noma awondliwa kahle.”10 Omunye umthombo ulinganisela ukuthi unyaka ngamunye abantwana abayizigidi eziyi-11 bafa ngaphambi kokuba baqede unyaka ngenxa yemiphumela yokungondleki kahle nezifo.
11 Umbiko ofanayo uthi: “Okungenani umuntu oyedwa kwabayisihlanu umpofu ngokuphelele, isimo sokuswela okuphelele kangangokuthi siwukubhujiswa kwesizwe okuthulile.”11 Futhi lokhu ngokuphawula kweThe Toronto Star, kwakungemva kokuba umhlangano womhlaba wezokudla eRome eminyakeni engaphezu kweyishumi edlule “ugomele ngokuthi, kungakapheli ishumi leminyaka, akukho-mntwana oyolala elambile, akukho-mkhaya oyokuthi kazi uyodlani ngakusasa futhi alikho ikusasa lomuntu eliyophazanyiswa ukuntuleka kokudla okunomsoco.”12 Yeka ubuze izithembiso ezinjalo ezabonakala ziyibo! Isimo esingokoqobo sinjengoba iGuardian yaseNgilandi yaphawula: “Umhlaba usonqenqemeni lwenhlekelele yesintu. . . . Wonke amazwekazi aye abona amathemba awo ekusasa enyamalala.”13
12 Inkinga enkulu ayibangelwa umhlaba ngokwawo, kodwa ababusi nabantu kanye nezimo zabo zengqondo. Ngokwesibonelo, izizwe manje zichitha cishe inkulungwane yezigidi zezigidi zamaRandi ngezikhali unyaka ngamunye kube kunezigidi ezibulawa yindlala. Kodwa ngisho noma lokhu kuqongelelwa kwezikhali bekungayekwa, izimiso zomhlaba ezihlukene ngokomnotho beziyophikisana nanoma iliphi ikhambi langempela kulenkinga. Ngokuvamile, uma ukudla kukhona, isifiso sezinzuzo ezinkulu siyakuvimbela ukwabiwa kwakho kulabo abasweleyo. Kwezinye izindawo, ohulumeni baye bakhokhela abalimi ukuze bangatshali izitshalo ezithile ngenxa yokuthi ukukhiqizwa kwazo ngokweqile kungawehlisa kakhulu amanani. Ukudla okuningi kakhulu kuye kwalahlwa ngenxa yenala.
13 Ngakho-ke, naphezu kwakho konke ukuthuthuka kwawo ngokwesayensi, umphakathi wanamuhla awukwazanga ukugwema zona kanye izenzakalo ezabikezelwa yiBhayibheli. Labikezela ngokuqondile ukufika ‘kokuntuleka kokudla’ okukhulu phakathi nalokhu “kuphela kwezwe.”—Mathewu 24:3, 7; IsAmbulo 6:5-8.
Umuntu Angakwenza Yini Ukuthula Nalomhlaba?
14 Sekungamashumi eminyaka abantu belwa nawo kanye umhlaba abahlala kuwo. Baye babangela ukungcola okunobuthi ukuba kugcwale emuva emanzini, emoyeni, nasenhlabathini. Isihloko esikhulu seToronto Star sathi: “Ukungcola Kubeka Umhlaba Engozini.” Indaba yathi: “UNozungezilanga onguMhlaba ungaphansi kokuhlaselwa okubulalayo. Futhi umhlaseli ungumuntu.” Yaphawula ukuthi “oshevu bokuthuthuka kwakhe” manje basongela khona kanye ukuba khona kwakhe, futhi yaphawula: “Ososayensi bacabangela ukunukubezeka kwendawo ezungezile njengokungathi sína ngokufanayo nokusongela kwempi yenuzi.”14
15 Ngokwesibonelo, umagazini iDiscover, uthi ngeUnited States: “Amakhemikhali ayingozi nensimbi eshona emhlabathini kusongela imithombo yamanzi yesizwe engaphansi komhlaba. Abanye ososayensi bezamanzi besaba ukuthi kungenzeka ukuthi kakade sekwephuze kakhulu ukuvikela ingxenye yesine yawo.”15 ENgilandi iThe Observer yathi ukungcolisa kwamakhemikhali kwase kuchaphazele “ingxenye enkulu yamanzi okuphuza aseNgilandi.”16 Futhi iNew Scientist yabika: “INhlangano Yezempilo Yomhlaba ithi izifo ezithintene namanzi angcolile zibulala abantu abayizi-50 000 nsuku zonke.”17
16 EUnited States ukuhlola kweqembu elithile kwembula izinga eliphakeme lezinto eziwubuthi ezisemoyeni. IThe New York Times yabika: “Izinkulungwane zamathani ezinto ezibangela ikhensa nezinye izinto eziyingozi kakhulu zidedelwa ngamafemu angamakhulukhulu ziye emkhathini.”18 Okunezelwa kulokhu ngamakhemikhali ayingozi afakwa enhlabathini, njengezibulali zinambuzane, adlulele ekudleni kwemfuyo aze agcine esekudleni esikudlayo.
17 Ingabe ezobuchwepheshe zingasiza? Kungenzeka yini lokho, njengoba kuyizona ezadala eziningi zalezinkinga? Incwadi ethi Environmental Ethics ithi: “Ubuchwepheshe buyithuluzi elingasetshenziswa ngokulinganiselwe kakhulu, futhi elingathembekile neze. Uma buxazulula inkinga, ngokuvamile budala ezimbili ezintsha—futhi imiphumela yazo ngokuvamile kunzima ukuyibona kusengaphambili.”19
18 Nalapha futhi, iBhayibheli labikezela ngokuntula komuntu ukuhlakanipha ekusebenziseni imikhiqizo yomhlaba. Isiprofetho esikusAmbulo 11:18 sakhuluma ngesikhathi lapho uNkulunkulu eyothatha isinyathelo ‘sokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ Kuyavunywa ukuthi abantu abakuqondi ngokuphelele ukuhlobana nokusebenzelana okuyinkimbinkimbi kwezinto ezisemhlabeni. Kodwa uNkulunkulu uyakuqonda, njengoba kwadalwa nguye. Akukhona-ke yini ukuhlakanipha ukubheka kuloMthombo ngekhambi lalezinkinga?
Ukulondeka Ngokususwa Kobugebengu
19 Ukungcola kufaka engozini izidingo eziyisisekelo zokuba khona komuntu. Kodwa ukwanda kobugebengu okubangela inani elikhulu labantu ukuba lesabe. Ubugebengu buphuca abantu abaningi ngokwandayo ukulondeka kwabo siqu hhayi nje emadolobheni amakhulu kuphela kodwa futhi nasemadolobhaneni amancane nasemaphandleni. Akuyona nje impahla kuphela esengozini kodwa ngokuvamile nomzimba womuntu kanye nokuphila kwakhe.
20 Abantu bangakuletha yini ukulondeka kweqiniso kulezingozi, mhlawumbe ngemithetho emisha? Kakade sekunezinkulungwane zemithetho ezincwadini zemithetho zomhlaba. Nokho, ayizange ibuvimbele ubugebengu. Futhi, ukonakala okujulile ngokuvamile kuqubuka kubona kanye abaphethe umthetho. Ukungathembeki kwabasezikhundleni eziphakeme kungayenza ize imizamo yokulwela ukugcinwa komthetho.
21 Ingabe impendulo iyizindlela ezintsha zokubamba izigebengu nezokunqanda ubugebengu? Nganoma iyiphi indlela entsha evezwayo, izigebengu ziceba izindlela ezintsha zokuyinqoba. Khona-ke ingabe ukuchuma okwengeziwe kuyoyixazulula inkinga? Kungaba yiphutha ukuphetha ngokuthi ubugebengu butholakala kubantu abahola kancane kuphela. Ubugebengu bezifundiswa nabo buyadlanga. Ngokwesibonelo, eUnited States unyaka ngamunye okungenani izigidi zezigidi eziyizi-160 000 zamaRandi ziyalahleka ngenxa yobugebengu obunjalo. Cishe ama-30% awo wonke amabhizinisi awayo abangelwa yibona. INingizimu Afrika ibika ukuthi ukweba kwezisebenzi kwawisa amabhizinisi ayi-1 500 ngonyaka owodwa.20
22 Ukwanda kobugebengu akukho nje kuphela ezizweni ezimbalwa. Kukhona yonke indawo. Phawula ezinye zezihloko zamaphephandaba ezivela kuwo wonke umhlaba. EBrazil: “Izinga Elidlangayo Lobugebengu.” ECanada: “Izinga Lobugebengu Babesifazane Liyadlanga.” ENgilandi: “Ubugebengu Bezingane Obukhula Njalo.” ENdiya: “Ubugebengu Obuhleliwe Buyimboni Ekhulayo.” ESoviet Union: “ISoviet yethuswa ubugebengu obandayo.”21 Umagazini iMaclean’s wathi: “Ubugebengu bobudlova eDetroit bande kangangokuthi ngisho nababulali ngezinye izikhathi bathintwa kancane nje emakhasini okugcina amaphephandaba.”22 Khona-ke, ubugebengu obandayo buyinkinga yezizwe zonke, futhi imizamo yabantu iyodwa ayinakuyixazulula. Ukuba ikhambi lomuntu belikhona, ngemva kwaso sonke lesikhathi nomzamo ubugebengu bebungasafanele bube yinkinga.
23 Okwenzekayo kunjengoba nje iBhayibheli labikezela kudala: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, . . . nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, . . . nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-4) NoJesu futhi wabikezela ukuthi ‘ukwanda kokubi’ kwakuyoba yingxenye yesikhathi esingaphambi nje kokuba uMbuso kaNkulunkulu wenze umhlaba ube yindawo yokuhlala abantu “abamnene.” Lokho “kwanda kokubi” kuyiqiniso elingenakuphikwa osukwini lwethu.—Mathewu 24:12; 5:5; IHubo 37:29.
Izinkinga Ezinkulu Kunazo Zonke
24 Ake sithi abantu bebengazixazulula izinkinga zempi, ubumpofu, indlala, ukungcola, nobugebengu. Ingabe lokhu bekuyokulethela ukuthula nokulondeka okugcwele? Cha, bekuyobe kusekhona okuntulekayo. Ukugula nokufa bekusayosala kuyizitha ezinganqotshiwe. Yebo, kufezani ukukhululeka kwezinye izinkinga uma ubukela othandekayo egula futhi efa, noma uzithole wena ngokwakho uhlaselwa isifo esibulalayo?
25 Nakuba kuye kwaba nokuthuthuka kwezokwelapha, ingabe lokhu kuye kwasilethela inkululeko ekuguleni nokufa? Isazi sezokwelapha siyaphendula: “Izifo ezithathelwanayo azikakanqotshwa. Ziseyimbangela ehamba phambili yokufa emhlabeni, futhi lapha [eUnited States], ziyimbangela ephambili yokugula.”23 EAfrika umbiko uthi izifo zande “kangangokuthi kubantwana abayi-1 000 abazalwayo cishe abangama-500 bayafa ngaphambi kokuba babe neminyaka eyi-5.”24 Kuwo wonke umhlaba amakhulu ezigidi ahlaselwa umalaleveva, isifo sokulala, esohudo, uchoko, nezinye izifo. Kwamanye amazwe athuthukile, izifo zenhliziyo zibangela cishe ingxenye yabo bonke abafayo, nekhensa ukufa koyedwa kwabayisihlanu. Futhi iThe Lancet, iphephabhuku lezokwelapha laseBrithani, lithi: “Emhlabeni wonke kukhona cishe iziguli ezintsha zesipatsholo eziyizigidi ezingama-250 neziguli ezintsha eziyizigidi ezingama-50 eziphathwa ugcunsula unyaka ngamunye. Ezinye izifo ezithathelwana ngobulili zingase zivame kakhulu.”25
26 Usosayensi othile waphawula ukuthi uma kutholakala amakhambi ekhensa, isifo senhliziyo, nesifo sezinso, ezinye izifo zingaba ngababulali abakhulu. Wathi: “Alikho ithemba lokuthi siyobandisa kakhulu ubude bokuphila noma sihlehlise ukuguga esikhathini esiseduze esizayo.”26 Futhi odokotela eSoviet Union bathi: “Naphezu kwakho konke ukuphumelela kwezokwelapha, emlandweni obhaliwe ubude besikhathi sokuphila komuntu buye bahlala bungashintshile.”27
27 Yeka indlela amazwi eBhayibheli kuJobe 14:1, 2 aqhubeka eyiqiniso ngayo namuhla: “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza. Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.” IBhayibheli futhi liyasibonisa isizathu salokhu, futhi liyayichaza imbangela yazo zonke izinkinga zomuntu, njengoba sizobona kamuva.
Yini Oyothembela Kuyo?
28 Uma sesikhuluma iqiniso, ingabe kunengqondo ukuthembela kubantu ukuba baxazulule izinkinga ezibhekene nesintu? Noma ingabe kunengqondo kangcono ukuthembela ekhambini elikhonjwa yiBhayibheli, okungukuthi, isinyathelo sikaNkulunkulu ngokwakhe ngohulumeni olungileyo wasezulwini?
29 Esikhathini eside esidlule umhubi ophefumlelwe wabhala lamazwi: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela. Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba.”—IHubo 146:3-6.
30 Ungalokothi ukhohlwe ukuthi noma abantu bangaba qotho kangakanani noma abaholi bezwe bangaba nethonya noma amandla kangakanani, bonke bayizidalwa ezifayo. Njengoba bengakwazi ukuzisindisa ngokwabo, bangabasindisa kanjani abanye? Abanakukwazi. UNkulunkulu kuphela ongakwenza, ngohulumehi woMbuso wakhe.
[Imibuzo Yesifundo]
1. Imiphi imibuzo esidinga ukuyibuza, futhi ngani?
2, 3. (a) Kungani ukufuna ukuthula nokulondeka kuphuthuma ngisho nangaphezulu namuhla? (b) Ikuphi okunye okusongela ukuphila okukhona emhlabeni?
4. Isimo sesintu namuhla siye sachazwa kanjani?
5. Umlando ubonisani ngokuqondene nekhono lomuntu lokuqeda impi?
6. Ingabe ukwesaba impi yenuzi kuyisisekelo esizwakalayo sokuthula?
7. Ingabe ukusayinwa kwezivumelwano zokuyeka izikhali noma izivumelwano zokuthula kuqinisekisa ukuthula okuhlala njalo?
8. IBhayibheli liye lalikhuluma kanjani iqiniso ngokwehluleka komuntu ukufinyelela ukuthula okuhlala njalo?
9-11. (a) Inani labantu emhlabeni landa ngokushesha kangakanani? (b) Isiphi isimo esihlupha abantu abaningi?
12. Ingabe ukunciphisa izindleko ezichithelwa kwezempi kuyoyixazulula ngempela inkinga?
13. Ingabe iBhayibheli lalinembile uma libikezela ngezimo ezikhona ekupheleni kwezwe?
14-16. Ingengathi sína kangakanani inkinga yokungcola komhlaba?
17. Kungenzeka yini ukuba ezobuchwepheshe zixazulule inkinga?
18. Ekubhekaneni nokungcola komhlaba, iluphi ulwazi olubalulekile abantu abaluntulayo, kodwa ubani onalo?
19. Ikuphi ukwesaba abantu abaningi abanakho namuhla, futhi ngani?
20, 21. (a) Kungani ukumiswa kwemithetho emisha kungeke kubuqede ubugebengu? (b) Ingabe ukuchuma okwandayo noma izindlela ezintsha zokulwa nobugebengu kuyoyixalula inkinga?
22. Ibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi umzamo womuntu uwodwa awunakubuxazulula ubugebengu?
23. Ingabe lokho iBhayibheli elakubikezela ngezimo zosuku lwethu kuye kwagcwaliseka?
24. Ngisho noma abantu bebengazixazulula zonke izinkinga esesixoxe ngazo, yiziphi izitha ezinkulu ebeziyosala?
25, 26. Imaphi amathemba okunqoba izifo abacwaningi bezokwelapha abawabonayo?
27. (a) Iyiphi inkulumo eseBhayibhelini ngobude besikhathi sokuphila komuntu eseyiqiniso nanamuhla? (b) Kukuphi lapho singafunda khona ngesizathu sobufushane bokuphila komuntu nokugcwala kwakho izinkinga?
28-30. Ukuze sixazulule izinkinga ezibhekene nesintu, kungani kungokunengqondo ngokungaphezulu ukuthembela ekhambini likaNkulunkulu kunelomuntu?
[Isithombe ekhasini 13]
Kuwo wonke umlando abantu bebebhadazela njengezimpumputhe besuka kwenye inhlekelele beya kwenye—impi, ubugebengu obukhulayo, ukungcola, ubumpofu, neziningi ezinye. Njengoba iBhayibheli lisho liqinisile: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo”
[Isithombe ekhasini 21]
“Ningethembi . . . endodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza”