Izinhlamvu Zemali Zasendulo Zifakazela Iqiniso Elingokwesiprofetho
IZINHLAMVU zemali ezikhenceza ekhukhwini noma esikhwameni sakho semali zingase zingasho lutho ngaphandle nje kokuthi ungakwazi ukuthenga okuthile okuncane. Kodwa ezinye izinhlamvu zemali zisho okukhulu ngokwengeziwe.
Ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu waprofetha ukuthi imbubhiso ebuhlungu yayizokwehlela iJerusalema, ikomkhulu lesizwe sakwaIsrayeli esasingathembekile. (Mathewu 23:37–24:2) UJesu wathi: “Nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, . . . Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.”—Luka 21:20-22.
Ngalesosikhathi, amaJuda ayengaphansi kokulawula okulukhuni kombuso waseRoma onamandla. Khona-ke, sasiyogcwaliseka kanjani isiprofetho sikaJesu? Nokho, amaJuda ahlubuka ngo-66 C.E. UCestius Gallus wahola amabutho amaRoma anamandla ukuba awahlasele futhi walihaqa iJerusalema, njengoba uJesu ayebikezele. Ngakho-ke ngaphandle kwesizathu esisobala, amaRoma ahoxa ngokushesha. Amambuka ajabula ngokunqoba okwabonakala sengathi kwakusho inkululeko ekugcineni. Aqopha ngisho nezinhlamvu zabo zemali; njengalezi ezivezwe lapha. (Izinombolo 1, 2)
Kodwa abafundi bakaJesu abazange bakhohliswe. Ngokulalela isixwayiso ‘sokubalekela ezintabeni’ bashiya imizi yabo eJudiya. Babalekela ezansi nangaphesheya koMfula iJordani, base beya enyakatho bahlala ePella. Kodwa ingabe lokho kwakubalulekile, njengoba kwadlula iminyaka embalwa futhi amaJuda eJerusalema akhululeka? Nakuba lawomaJuda ayenezinhlamvu zemali zawo siqu, ayengenakukuthola ngokushesha ukudla ayengakuthenga ngazo. Kungani?
Bheka uhlamvu lwemali oluboniswa izinombolo 3 no-4. Uyalibona ikhanda likajenene uVespasian waseRoma, owakhethwa ukuba athathe isikhundla sikaCestius Gallus. Ngokwe-Encyclopædia Britannica, uVespasian kwakumelwe “aqondise impi yaseJudiya, eyayizobangela isiyaluyalu kulo lonke elaseMpumalanga, ngenxa yomqondo owawusakazeke kabanzi kulezozingxenye wokuthi eJudiya kwakuzovela ababusi bomhlaba besikhathi esizayo. UVespasian owayekholelwa kakhulu enkolelweni eyize, wenziwa wakholelwa ukuthi yena ngokwakhe wayezokugcwalisa lokhu okwakulindelwe.” Isazi-mlando uJosephus sizilandisa ngokukhanyayo izimpi ezaba umphumela. Ngemva kokuba uVespasian ebé umbusi ngo-69 C.E., indodana yakhe uTitus yaqhubeka nempi, ivimbezela ngisho neJerusalema. Indlala nokwesaba kwabahlupha labo ababethiyeke ngaphakathi. Lapho umuzi uwa, izindonga zawo zabhidlika nethempeli ladilika.
Ingabe balahlekelwa kangakanani abantu abangasinakanga isixwayiso sikaJesu? “Baba nesibindi esimangalisayo ngokusebenzisa amadoda ayelambele ukufa ekuzivikeleni, balahlekelwa amalungu abo angaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu phakathi nesehlakalo. Cishe abangangalaba futhi, bephoqelekile ukuzibonela umbukwane oshaqisayo wokushiswa, ukuphanga, nokubhujiswa okuphelele kwethempeli labo elingcwele, benziwa izigqila, abaningi babephoqelelwa . . . ukuba babe yizilwi ezilahliwe zamaRoma noma njengezisulu ezingenakuzisiza zezilwane zasendle ‘emdlalweni’ owumbukiso umnqobi uTitus ayewubukisa.”—Coins of Bible Days.
Lencwadi ichaza ukuthi ngo-71 C.E., uVespasian noTitus badabula iRoma ngokunqobayo beyogubha umkhosi walokhu kunqoba. Kodwa “okuhlala kakhulu kunanoma yimiphi imibukiso noma imikhosi kwakuyizinhlamvu zemali eziningi ‘zokunqoba.’” Okunye kwakuyiloluhlamvu lwegolide (Inombolo 5) olwaqoshwa uVespasian ukukhumbula ukunqoba kweRoma iJudiya.
Nakuba iningi lamaJuda kungenzeka laliwahleka usulu amazwi kaJesu angokwesiprofetho ngokuphela kwesimiso sobuJuda, amazwi akhe agcwaliseka, njengoba lezinhlamvu zemali zinikeza ubufakazi. Isiprofetho sikaJesu sinokugcwaliseka okukhulu namhlanje, njengoba sibhekisela osizini olusondelayo kulesimiso sezinto sanamuhla emhlabeni wonke. Kukuwe ukuzitholela ukuthi uyini umbiko walesikhathi esiphila kuso nokuthi ungakugwema kanjani ukuba isisulu sosizi olusondelayo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 31]
1. Ingaphezulu lemali: Iprutah yebhulonze (noma iperutah) eyaqoshwa ngemva kokuHlubuka Kokuqala (66-70 C.E.), eveza iamphora (isitsha esinezibambo ezimbili). Amagama esiHeberu asho ukuthi “uNyaka wesibili,” okusho u-67 C.E., okuwunyaka wesibili wokuzibusa kwamaJuda
2. Ingaphansi lemali: Uhlamvu lomvini luzungezwe amagama “Inkululeko YeSiyoni” noma “Ukukhululwa KweSiyoni”
3. Ingaphezulu lemali: Uhlamvu lwesestertius lwebhulonze eliqoshwe uMbusi uVespasian ukukhumbula ukunqotshwa kweJudiya. Izifinyezo zesiLatini ezizungeze umfanekiso wakhe yilezi uIMP[erator] (uMbusi) uCAES[ar] VESPASIAN[us] AVG[ustus] uP[ontifex] M[aximus] (umpristi omkhulu), uTR[ibunicia] P[otestate] (isiphathi-mandla semantshi), uP[ater] P[atriae] (uyise wezwe), CO[n]S[ul] III (kubundunankulu bakhe besithathu), okuhlehlisela uhlamvu lwemali ku-71 C.E.
4. Ingaphansi lemali: Kwesobunxele uMbusi ojabulile uVespasian (noma uJenene Titus) ogqoke izingubo zobusosha, ephethe umkhonto nenkemba, izinyawo zakhe ziphezu kwesigqoko esiyisivikelo. Kwesokudla owesifazane ongumJuda ohleli phezu kwesivikelo sesifuba ngaphansi komuthi wesundu; ukhihla isililo. Amagama athi IVDAEA CAPTA asho ukuthi “IJudiya Elithunjiweyo.” Loluhlamvu lwemali lwalugxotshwe S[enatus] C[onsulto], okusho ukuthi “ngemvume yeSigele”
5. Ingaphansi lemali: Iaureus (imali yegolide) likaVespasian elibonisa iJudiya lilila
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.