Yibani Njengamadoda Abhekene NeHar-Magedoni Ngokungesabi
1. Ngokubhekisela eArmagedoni, uTheodore Roosevelt wayephambuke kanjani ekutholeni kwakhe izinto?
KUBIKWA ukuthi uTheodore Roosevelt, lapho ekhankasela ubongameli baseUnited States of America, wathi: “Simi eArmagedoni, futhi silwela iNkosi!” URoosevelt wayazi ngokweBhayibheli ukuthi kwakuzoba nokulwa okunqumayo “endaweni ethiwa ngesiHeberu iHarmagedoni.” (IsAmbulo 16:16) Washesha ekutholeni kwakhe izinto, ngoba wafa ngoJanuary 6, 1919, noma kungakapheli nezinyanga ezimbili ngemva kokuphela kweMpi Yezwe I. Lokho kulwa akufinyelelanga “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” iArmagedoni.
2. Ukusinda kwethu kuleyompi yazo zonke izimpi kuyonqunywa yini ngalesosikhathi?
2 Nokho, kulonyaka onothuthuva ka-1983 sinazo zonke iziboniso zokuthi sibhekene nempi yazo zonke izimpi. Ukuthi iyosithola sinjani ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu uMninimandla onke kuyonquma kakhulu ukuthi siyosinda yini kuleyompi, kulokho kulwa, noma cha.
3, 4. Ngenxa yesimo lamaKristu ayosithatha kuleyompi, yini okuyodingeka ayenze ukuze ‘enze njengamadoda’?
3 Kungenxa ‘yomoya bamademoni’ abangabonakali ababangela ababusi bezwe ukuba bahlangane ndawonye ngokumelene noJehova uNkulunkulu uMninimandla onke ukuze balwe eHar-magedoni.—IsAmbulo 16:14-16.
4 Igama lesiHeberu elithi Har-magedoni lisho “intaba yomhlangano wamabutho.” Lokho kusho impi! “Amabutho” “ngawamakhosi awo wonke umhlaba owakhiwe,” kuhlanganise nababusi bezwe beLobukholwa. Ofakazi bakaJehova abazinikezele nababhapathiziwe abekho phakathi kwalawomabutho. Abayikudinga ukulwa ngezikhali zenyama, kodwa bayoba izibukeli kulokho kulwa. Njengoba oFakazi BakaJehova abathembekile beyoba yiyonanto eyinhloko ebonakalayo yokuhlaselwa ngenxa yokusekela kwabo okuqinile umbuso kaJehova ngoKristu, kuyobizela isibindi esinjengesikaKristu ngabo ukuba ‘babengamadoda.’—1 Korinte 16:13; qhathanisa ne-2 IziKronike 20:17.
5, 6. Ekupheleni kweMpi Yezwe I, ngaphambi komsebenzi ongemva kwempi owawuphambi kwayo, insali eyasindayo yabantu bakaJehova yazizwa njengamuphi umprofethi owabhekana nokubhujiswa kweJerusalema ngesikhathi sokuphila kwakhe?
5 Ngemva kokuphela kweMpi Yezwe I ngo-1918, izimo zensali yamaIsrayeli angokomoya nomsebenzi ongaphambi kwayo zafana nalezo zensizwa yalé eMpumalanga ePhakathi enothuthuva. Wayengumpristi ongumJuda ogama lakhe nguJeremiya indodana kaHilikiya. Umuzi waseJerusalema, ethempelini akhonza kulo njengompristi, wajeziswa ngokubhujiswa phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe. Ngokufanayo neLobukholwa, elithi lifana nawo ngokomoya futhi lingene esikhundleni sikaIsrayeli wasendulo ngomusa kaNkulunkulu, libhekene nokubhujiswa okusheshayo, ngokushesha ngaphambi ‘kwempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eHarmagedoni. Njengabasinda ekubhujisweni kweJerusalema ngekhulu lesikhombisa ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, uJeremiya wakwazi, ngaphansi kokuphefumlelwa, ukuba abhale incwadi yeSililo ngokuchithwa kwalo.
6 Lapho umsebenzi wokuprofetha ubekwa phambi kukaJeremiya osemncane, wathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma ngokuba ngingumntwana.” Kodwa uJeremiya watshelwa: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule, usho uJehova.”—Jeremiya 1:4-8.
7. (a) UJeremiya wayezokhonza njengomprofethi wabangaki, futhi “umprofethi” namuhla kudingeka akhonze ngenxa yabangaki? (b) Ingabe ukukhonza kwakhe kulelizinga kusho ukuthi uyophumelela mayelana nezizwe, noma ukucabangela kusaboniswa ngenxa yobani?
7 UJeremiya wayezokwenza indima yendoda esikhulile, ngoba lokho uNkulunkulu wakhe amphefumlela ukuba akubhale kwakuzoba okubalulekile kuso sonke isintu, ngisho nanamuhla. UJehova wamenza “umprofethi ezizweni.” (Jeremiya 1:5) Manje namuhla, ngempela, kudingeka “umprofethi ezizweni,” njengoba izizwe ezishisekela izwe lazo ziqoqelwa ndawonye ngokungancengi ekuxazululweni kwempikiswano okunqumayo eHarmagedoni. Akusikho ukuthi isigijimi esinikezwa uNkulunkulu sowamanje u“mprofethi ezizweni” siyophumelela ekuziguquleni enkambweni eholela ekubhujisweni kwazo okuqinisekile, kodwa kunabantu abahilelekile. Abantu abanjalo abangenakubalwa, ngokuxwayiswa, abayikufuna ukuqothulwa nezizwe abayizakhamuzi nazo. Uma labo bengenza okuthile ngakho, abafuni ukufunyanwa belwa noNkulunkulu uMninimandla onke ngenxa yezithakazelo zohulumeni babantu bozibuse. Ngenxa yabantu abanjalo abanenhliziyo elungileyo uJehova ngokucabangela uye wavusa “umprofethi” wakhe “ezizweni.” UJehova uye wenza lokhu phakathi nale‘sikhathi sokugcina,’ kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe I ngoNovember 11, 1918.—Daniyeli 12:4.
8. “Umprofethi” uJehova aye wamvusa futhi omsebenzi wakhe kumelwe uqedwe ngaphambi kweHarmagedoni uboniswa njengowubani noma oyini?
8 Ngenxa yabantu abanjalo enhliziyweni yabo abafuna ukubusa kukaNkulunkulu esikhundleni sokubusa komuntu, “umprofethi” uJehova aye wamvusa, akasiyo indoda eyodwa njengakuJeremiya, kodwa isigaba. Amalungu alesisigaba, njengompristi ongumprofethi uJeremiya, azinikezele ngokuphelele kuJehova uNkulunkulu ngoKristu, futhi ngokuzalwa ngomoya ongcwele kaJehova, aye enza ingxenye yo“hlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo.” (1 Petru 2:9) Kulesisikhathi sokugcina kunensali kuphela yalesisigaba so“mprofethi” emhlabeni. ‘Impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eHarmagedoni alunakuqala ngaphambi kokuba lo“mprofethi” ohlangene aqede umsebenzi wakhe.
9. (a) Ukunqoba kwamuphi umbuso wezwe enhlokodolobha yabantu basendulo bakaJehova uJeremiya akubona? (b) Imuphi umuzi wasendulo ofanekisela eLobukholwa? (c) ELobukholwa liye laba yingxenye yani? (d) Uma iBabiloni Elikhulu libhujiswa, yini eyokwenzeka kweLobukholwa, futhi ngani?
9 Kunento eyodwa manje okungaqinisekwa ngayo: uma isigaba so“mprofethi,” isigaba sikaJeremiya, sibhekene neHarmagedoni, sibhekene futhi nokuwa kweBabiloni Elikhulu. Kuyiqiniso ukuthi uJeremiya wasendulo akazange akubone ukuwa kweBabiloni lasendulo, kodwa waprofetha ngezinga elikhulu ngokuchithwa kwalowombuso wezwe wesithathu womlando weBhayibheli. Unezingxabo zawo eBabele lokuqala, noma iBabiloni, njengoba lamiswa uNimrode “iphisi elimandla ebusweni bukaJehova,” lowombuso wezwe wonakalisa izwe lasendulo lesintu ngenkolo yawo yamanga. (Genesise 10:8-12) UJeremiya wakubona ukunqoba kweBabiloni lasendulo iJerusalema ngo-607 B.C.E. Kanjalo wakubona ukunqoba kwenhlokodolobha yasendulo yenkolo yamanga phezu komuzi oyinhloko owawunethempeli likaJehova kodwa owasewonakalise inkolo ehlanzekile [uJehova] ayeyifake kuwo. Ngokwalesisizathu iJerusalema lasendulo lifanekisela eLobukholwa lanamuhla. Ngokwamanga alo okuthi lisendaweni yobuKristu beqiniso, eLobukholwa liye laba yisisulu senkolo yaseBabiloni futhi ngokuqinisekile liye laba yingxenye evelele yeBabiloni Elikhulu lamanje, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Lapho iBabiloni Elikhulu selibhujisiwe ngamalungu acasukile ezombangazwe zalelizwe, njengoba kwabikezelwa kusAmbulo, izahluko 17, no-18, eLobukholwa liyobhujiswa kanye nawo.
10. Ukusinda kukaJeremiya ekubhujisweni kweJerusalema kwafanekiselani, futhi ngokushesha ngemva kwalokho, imuphi umzamo wezizwe oyokwehluleka?
10 UJeremiya wasinda ekuweni kweJerusalema nendawo yalo ngo-607 B.C.E., lokhu kumqinisa njengomkhulumeli weqiniso kaJehova; futhi, ngokweqiniso lalesosifanekiselo esingokwesiprofetho, isigaba sikaJeremiya sanamuhla siyosinda ekuweni okusondelayo okunamandla kweLobukholwa. Ngesikhathi esincane ngemva kwalokho amalungu enkolo alesisimiso sezinto ayozama ngolaka ukuqothula isigaba sikaJeremiya, kodwa imizamo yawo yokwenza kanjalo iyoqedwa eHarmagedoni.—IsAmbulo 16:16; 19:19-21.
11. Owayengeyena umJuda owaba nobungane kuJeremiya esimweni sakhe esesabekayo eJerusalema wayefanekisela obani, futhi laba bahambelana nobani emfanekisweni kaJesu kuMathewu 25:31-46?
11 OwayengemJuda owasinda ekubhujisweni kweJerusalema ngo-607 B.C.E. kwakunguEbedi-Meleki umTiyopiya. Indaba yakhe inikezwe kuJeremiya isahluko 38, 39. Wasiza uJeremiya owayedinga usizo kakhulu, futhi wayenesizathu sokwesaba lawomaJuda ayenesithunzi ayefuna ukubulala uJeremiya ukuze amthulise. Kodwa, ngesiprofetho esikhethekile ngomprofethi lowo okwathi ngenxa yokuphila kwakhe wathatha lesosinyathelo sesibindi, uJehova waqinisekisa uEbedi-Meleki ukuthi uyozuza umphefumulo wakhe njengempango futhi ngalokho uyosinda ekubhujisweni okuzayo kwezwe lakwaJuda nenhlokodolobha yalo iJerusalema. Ngokwalokhu uEbedi-Meleki umTiyopiya wafanekisela izimvu ezingokomfanekiso zomfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi njengoba ulotshwe kuMathewu 25:31-46. Ngokwenza kwazo njengabangane bensali yaba‘fowabo’ abangokomoya bakaJesu Kristu nokwenza okuhle ngokuqondile kuyo phakathi nale‘sikhathi sokugcina,’ lezizimvu ezingokomfanekiso aziyikunqunywa nesigaba “sezimbuzi” eHarmagedoni. Ngaphansi kokuvikelwa uJehova ngeNkosi ebusayo, uJesu Kristu, bayongena esimisweni sezinto esisha ngaphandle kokufa emhlabeni, benethuba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi elibekwe phambi kwabo.
Lokho Amadoda AngakaNkulunkulu Manje Akudingayo
12. Ukwesabeka kwezikhathi zethu kufanelana nasiphi isiprofetho sikaJesu Kristu ngokuqondene ‘nesikhathi sokugcina’?
12 Isikhathi esiphila kuso manje sivusa ukwesaba ngokwengeziwe. Lokhu kuwukugcwaliseka okuqondile kwalokho uJesu Kristu akubikezela ngokwakhe njengobufakazi bokuthi siphila “esikhathini sokugcina,” isikhathi lapho okwanamuhla ukubhujiswa okwafanekiselwa okweJerusalema ngo-70 C.E. kuzokwenzeka khona. (Luka 21:5-7) Ngokwenzuzo yethu namuhla kuneyabaphostoli nabafundi bekhulu lokuqala, uJesu waqhubeka wathi: “Kuyakuba-khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, abantu [ngesiGreki, anʹthro·poi] baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba; ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.”—Luka 21:25-27.
13. UJesu wakubonisa kanjani ukuthi kumelwe kube nomehluko phakathi kwesimo senhliziyo nengqondo sabantu bezwe nabafundi bakhe abakhanyiselwe?
13 Lapha uJesu wenza umehluko phakathi kwa“bantu” (anʹthro·poi), balelizwe noma balesisimiso sezinto nabafundi bakhe abakhanyiselwe, lesisiprofetho esanikezwa ngokwenzuzo yabo ngencazelo enjalo. Abalandeli bakhe ababetsheliwe futhi beqonda babengenakubanjwa “usizi” lwe“zizwe,” futhi izinhliziyo zabo zazingeyukuphela “amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.” Babengenakugexisa amakhanda abo ngokujabha, ngokungenathemba. Khona-ke sasizoba yini isimo sabo, isimo sabo sengqondo nenhliziyo? Sasizoba njengoba uJesu asho: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”—Luka 21:28.
14. Ingabe “ukukhululwa” okusondelayo kubhekisela ekukhazinyulisweni kwensali ezulwini, futhi obani emhlabeni abayobhekana nethemba elimangalisayo elingalé koku”khulutwa”?
14 Kanjalo kubantu balelizwe izinkathazo ezandayo eziyophelela empini yaseHarmagedoni ziwubufakazi bembubhiso esondelayo. (Filipi 1:28) Lokhu kufuna umKristu weqiniso namuhla ukuba abe ngumuntu wokholo oluqinile kuNkulunkulu uMninimandla onke nasezithembisweni zakhe kwabathembekileyo. “Ukukhululwa” manje okuseduze kubantu bokholo olunjalo akusikho ukukhazinyuliswa kwasezulwini kuqala kwensali yabafundi bakaKristu abazelwe ngomoya nokususwa kwayo emhlabeni wosizi, nakuba lokho kubekelwe yona ekugcineni. Kunalokho, “ukukhululwa” kuwukuqeda izimpi, indlala, izifo, ukuzamazama komhlaba nokushushiswa ngendluzula kwabalandeli beqiniso beNkosi ebusayo, uJesu Kristu, ngokubhubhisa zonke izitha zombuso kaJehova ngoKristu “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” endaweni ethiwa iHarmagedoni. Yeka ithemba elimangalisayo ngalesosikhathi eliyoba phambi kwensali yezindlalifa zombuso wasezulwini nabangane bayo abathembekile abafanekiselwa uEbedi-Meleki, umsizi onesibindi womprofethi uJeremiya!
15. Ngabo ukuze ‘benze njengamadoda,’ yini abadinga ukuyenza ngokwemiBhalo ukuze bahlonyiselwe umsebenzi?
15 Ukuze laba manje “benze njengamadoda” noma baziphathe njengemadoda, kumelwe bafinyelele ukuvuthwa kobuKristu futhi bahlonyiselwe umsebenzi wokunikeza ubufakazi bokugcina ezweni lonke ngombuso wobuMesiya. (1 Korinte 16:13, New World Translation, Authorized Standard Version; Mathewu 24:14) Ngenxa yalesizathu sanikezwa iBhayibheli eliqukethe imiBhalo engcwele. Njengoba nje umphostoli uPawulu abhalela insizwa uThimothewu; “Yonke imibhalo iphefumlelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:16, 17) NgokweThe New English Bible, ivesi le-17 lifundeka kanje: “Ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke futhi ahlonyiselwe umsebenzi omuhle wazo zonke izinhlobo.” IThe Jerusalem Bible ithi: “Lena indlela umuntu ozinikezele kuNkulunkulu ahlonyiswa ngayo ngokugcwele futhi alungele noma imuphi umsebenzi omuhle.” Lokhu kubonisa ukuthi “umuntu kaNkulunkulu” udinga ukutadisha njalo imiBhalo ephefumlelwe futhi aphile ngokuvumelana nayo, enze umsebenzi awuhlonyiselwe ngokutadisha okunjalo ukuze awenze ngokufanelekile.
16. Kungani, kubaluleke ngisho nangaphezu kwezinsuku zikaNowa ezingaphambi kukazamcolo, ukuba kubalekelwe izinkanuko ezivame ukwenzeka kulabo abakhulela ebudodeni?
16 Siphila ezikhathini ezinzima kakhulu kuwo wonke umlando wesintu! Sibhekene nokudlula kwezwe, izwe elikhulu kakhulu kunelosuku lukaNowa. Ngakho simatasatasa nomsebenzi wobukhosi obukhulukazi futhi obalulekile esintwini kwehle kuze kube manje. Ngokuqinisekile akukho sikhathi nganoma yimuphi uFakazi KaJehova uNkulunkulu nobhapathiziwe ukuba azifake ezifisweni zemizwa neziphambukile zobusha. Njengoba uPawulu abhalela uThimothewu owayesemusha: “Balekela izinkanuko zobusha.” “Kepha wena-muntu [ngesiGreki, anʹthro·pos] kaNkulunkulu, balekela lezozinto.” (2 Thimothewu 2:22; 1 Thimothewu 6:11) Namuhla, ngokufaneleke kakhulu kunangesikhathi umphostoli uJohane ophefumlelwe abhala ngaso lamazwi, “izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.
17. Obani esingabalulazi njengamadoda okuqala kaNkulunkulu, kodwa ubani okufanele sibheke kuye njengesibonelo esiphelele sokunjalo?
17 Kulezizinsuku ezifuna ukubonakaliswa kobudoda bobuKristu, kudingeka sibheke esibonelweni esiphelele saLowo uMbusi uPontiyu Pilatu abhekisela kuye ngaphambi kwesixuku samaJuda esasinesiyaluyalu, ngokuthi: “Bhekani! Lendoda!” “Bhekani inkosi yenu.” (Johane 19:5, 14) Kudala ngaphambi kukaKristu kwakunamadoda kaNkulunkulu,njengo“Mose umuntu [indoda] kaNkulunkulu [weqiniso],” noEliya nomngane wakhe uElisha, nabanye. (Duteronomi 33:1; 1 AmaKhosi 17:18, 24; 20:28; 2 AmaKhosi 1:9-12; 4:7, 9, 16) Kodwa, nakuba kungesikho ukuthi awanakwa noma alulazwe lawomadoda kaNkulunkulu angaphambi kobuKristu, kumelwe sibheke kulowo oyi‘ndoda kaNkulunkulu’ evelele kakhulu eyake yaba khona emhlabeni, uJesu Kristu, manje obusa njengeNkosi emazulwini kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914. (Heberu 11:1 kuya ku-12:3; Luka 21:24) Ngokuziphatha kwethu njengamadoda anjengaye, singabhekana nokubhujiswa kwalesisimiso sezinto esilahliwe eHarmagedoni ngokungesabi.
18. Singawugcwalisa kanjani umthwalo wethu wemfanelo omangalisayo wokuhlanganyela ekulweleni ubukhosi bendawo yonke bukaJehova uNkulunkulu?
18 Sizenzela umbhalo ongenakucishwa nongenakubhubha kulesikhathi sokwahlulela njengoba izwe elidala liwohloka. Ingabe lombhalo uyoba udumo lwethu nokudunyiswa, noma, ngokudabukisayo, uyoba ukulahlwa kwethu kwaphakade nalelizwe? Ngokusebenza njengamadoda ekulingiseni isibonelo sethu esiphelele uJesu Kristu, siyokufakazela ukuthi “unkulunkulu walelizwe,” uSathane uDeveli, akasiye umbusi wethu ngokomoya. (2 Korinte 4:4) Ngokuphambene, siyosekela ubukhosi bendawo yonke bukaJehova uNkulunkulu futhi kanjalo siyohlanganyela ekubulweleni phambi kwazo zonke izidalwa eziphilayo. Ngempela umthwalo wethu wemfanelo mkhulu kakhulu ngokuqondene nalokhu, futhi ithuba lethu lingelikhazimulayo!
19. Ngaphandle kokuphaphama nokuqina okholweni, kungayiphi indlela esidinga ukukhula ngayo nje“ngamadoda,” futhi ubani ongumthombo walokhu?
19 Kusele kithina ukuba sihlale siphaphamele ilungelo lethu nethuba lokuba si“gxile ekukholweni.” UJehova uyakwenqabela ukuba sibe buthakathaka njengamadoda kaNkulunkulu, azinikezele kuNkulunkulu! Kulokho kuphela okufanele sidinga ukulandela iseluleko sikamphostoli uPawulu esifanelekile, “nibe-namandla.” (1 Korinte 16:13) Ngokubheka ngokungachezuki nangokuthandaza kuYe ngeNkosi yethu, uJesu Kristu, singakwazi futhi siyokwenza kanjalo. KuIsaya 40:29 siyatshelwa: “Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.” Ngemva kokubona ukunqoba kwaphezulu eHarmagedoni, kuyoba ilungelo lethu ukuhlabelela amazwi kaMose ngemva kokuchithwa kwempi kaFaro oLwandle Olubomvu: “UJehova uyindoda yempi [ngesiHeberu, ish]; . . . UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba-yinsindiso kimi.”—Eksodusi 15:3, 2.
Ungayiphendula lemibuzo?
□ Yini eyonquma ukuthi siyosinda yini empini yaseHarmagedoni?
□ Iziphi izimo zezinceku zikaJehova ezigcotshiwe namuhla ezifana nalezo zenceku yakhe yasendulo uJeremiya?
□ Kungaziphi izici inkonzo eyenziwa nguEbedi-Meleki efanekisela ngazo umsebenzi we“zimvu” zomfanekiso kaKristu kuMathewu 25:31-46?
□ Ngokwesiprofetho sikaKristu kuLuka isahluko 21, isimo sabalandeli bakaKristu sihluka kanjani kwesabantu bezizwe?
□ Ikuphi “ukukhululwa” okukhulunywa ngakho kuLuka 21:28?
□ Uma sonke silandela isibonelo somuntu obizwa ngokuthi ‘Indoda!’, iyoba yini imiphumela emihle?
[Isithombe ekhasini 29]
Umsebenzi kabani owafanekiselwa ukusiza kukaEbedi-Meleki umprofethi kaNkulunkulu uJeremiya?