Ukusiza Umntwana Ukuba Akhule Ekuhlakanipheni KukaNkulunkulu
ABANTU abacabangayo bezizwe eziningi nezizinda bayavuma ukuthi uJesu wayengumfundisi omangalisayo futhi eziphethe kahle. Kodwa ingabe zikhona izinto ezaba nengxenye kulokhu ekuqeqeshweni kwakhe esemusha? Yiziphi izifundo abazali banamuhla abangazifunda ekuphileni komkhaya wakubo nokukhuliswa kwakhe?
Kuncane kakhulu iBhayibheli elisitshela khona ngobuntwana bukaJesu. Ngokuyisisekelo, iminyaka yakhe yokuqala eyi-12 ihlanganiswe emavesini amabili: “Kwathi [uJosefa noMariya] sebefezé konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha. Wakhula umntwana, waba-namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.” (Luka 2:39, 40) Kodwa lapha kunezifundo okumelwe abazali bazifunde.
“Wakhula umntwana, waba namandla.’ Ngakho, abazali bakhe babemnakekela ngokwenyama. Futhi, wayeqhubeka ‘egcwala ukuhlakanipha.’a Kwakuwumthwalo wemfanelo kabani ukumfundisa ulwazi nokuqonda okwakuyoba yisisekelo sokuhlakanipha okunjalo?
Ngaphansi koMthetho kaMose, abazali bakhe babenalowomthwalo. UMthetho wawuthi kubazali abangamaIsrayeli: “Lawamazwi engikuyala ngawo namuhla ayakubasenhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) Iqiniso lokuthi uJesu “wagcwala ukuhlakanipha” nokuthi futhi “umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe,” libonisa ukuthi uJosefa noMariya babewulalela lomyalo.
Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi njengoba uJesu ayengumntwana ophelele, ukukhuliswa kwakhe akunikezi ngempela isibonelo soqobo sokukhuliswa kwabanye abantwana. Nokho, uJosefa noMariya babengaphelele. Kodwa ngokusobala baqhubeka benelisa izidingo zakhe ezingokwenyama nezingokomoya, futhi benza kanjalo naphezu kokucindezela komkhaya okhulayo. (Mathewu 13:55, 56) Futhi, uJesu, ngisho nakuba ayengaphelele, kwakusadingeka ukuba akhule esuka ekubeni usana adlule ebuntwaneni nasebubhungwini aye ebudaleni. Kwakunomsebenzi omningi wokuqeqesha okwakumelwe abazali bakhe bawenze, futhi ngokusobala bawenza kahle.
UJesu Eneminyaka Eyi-12
“Abazali bakhe baya [“kwakuwumkhuba kubo ukuya,” NW] eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.” (Luka 2:41) NgokoMthetho kaNkulunkulu, bonke abesilisa kwakumelwe baye eJerusalema ngenxa yalemikhosi. (Duteronomi 16:16) Kodwa umbhalo uthi ‘kwakuwumkhuba kubo abazali bakhe ukuya.’ UJosefa wahamba noMariya, ngokunokwenzeka nawo wonke umkhaya, kulolohambo lwamakhilomitha angaphezu kwekhulu lokuya eJerusalema emkhosini ojabulisayo. (Duteronomi 16:6, 11) Kwakuwumkhuba wabo—ingxenye evamile yokuphila kwabo. Futhi babengayi nje ngenjongo yokugcina icala; babehlala khona zonke izinsuku zomkhosi.—Luka 2:42, 43.
Lokhu kunikeza isifundo esiwusizo ngabazali namuhla. Lemikhosi yaminyaka yonke eJerusalema yayiyizikhathi zomhlangano ozothileyo nezokujabula. (Levitikusi 23:4, 36) Yayinikeza uJosefa, uMariya, noJesu owayesemncane okuhlangenwe nakho okwakhayo ngokomoya. Namuhla, abazali benza kahle ukufunela abantwana babo imikhosi enjalo ukuze babe noshintsho oluthakazelisayo futhi bajabulele ukwakheka ngokomoya. Abazali abangoFakazi BakaJehova lokhu bakwenza ngokuya nabantwana babo emihlanganweni emincane nemikhulu eba khona njalo ngezikhathi ezithile phakathi nonyaka. Ngakho, abantwana bangaba nokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo kokuhamba nokukwazi ukuhlangana namakhulu noma izinkulungwane zabakholwa nabo izinsuku ezimbalwa. Ubaba owakhulisa abantwana abayishumi ngokuphumelelayo wathi ikakhulukazi okwamenza waphumelela iqiniso lokuthi selokhu abhapathizwa njengomKristu eminyakeni engama-45 edlule, akakaze aphuthe ngisho nengxenye eyodwa yanoma imuphi umhlangano. Futhi uye wakhuthaza umkhaya wakhe ukuba ungabikho owuphuthelayo.
Iphutha
Lapho uJesu esemncane, ngokungangabazeki wayeba seduze nabazali bakhe phakathi naloluhambo lwaminyaka yonke lokuya emzini omkhulu waseJerusalema. Nokho, njengoba ayekhula eba mdala kungenzeka wanikezwa inkululeko eyengeziwe. Lapho eneminyaka eyi-12, wayeseneminyaka amaJuda ayeyibheka njengesinyathelo esibalulekile endleleni eya ebudodeni. Mhlawumbe ngenxa yalolushintsho oluvamile nolungokwemvelo, kwenzeka iphutha lapho kufika isikhathi sokuba umkhaya kaJosefa ushiye iJerusalema ubuyele ekhaya. Indaba ifundeka kanje: “Ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi. Bethike bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.”—Luka 2:43, 44.
Kunezici zalesisehlakalo kokubili abazali nabasha abazoziqaphela. Nokho, nanku umehluko: UJesu wayephelele. Njengoba ayezithoba ngokulalela kuJosefa noMariya, asinakucabanga ukuthi wehluleka ukulalela elinye ilungiselelo abalenza naye. (Luka 2:52) Kungenzeka ukuthi kwaba khona ukuphazamiseka ekukhulumisaneni. Abazali bathatha ngokuthi uJesu uphakathi kwezihlobo nabazana nabo. (Luka 2:44) Kulula ukucabanga ukuthi, esinyokothweni sokushiya iJerusalema, babeyonaka abantwana babo abasebancane kuqala bathathe ngokuthi indodana yabo endala, uJesu, nayo yayiza.
Nokho, ngokusobala uJesu wacabanga ukuthi abazali bakhe babezokwazi lapho ayekhona. Lokhu kuboniswa impendulo yakhe yamuva: “Kukanjani beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ngibekokukaBaba na?” K wakungekhona ukwedelela. Amazwi akhe amane aveza ukumangala ayenakho ngeqiniso lokuthi abazali bakhe babengazi ukuthi bazomtholaphi. Kwakuyisimo sokungaqondi abazali abaningi babantwana abakhulayo abangakuqaphela.—Luka 2:49.
Cabanga ngokukhathalela kukaJosefa noMariya ekupheleni kwalolo suku lokuqala, lapho bethola ukuthi uJesu wayelahlekile. Futhi cabanga ngokukhathazeka kwabo okukhulayo phakathi nezinsuku ezimbili abamfuna ngazo eJerusalema. Nokho, kwenzeka ukuthi ukuqeqesha kwabo uJesu kube nomvuzo ngalesisikhathi esinzima. UJesu wayengekho kubangane ababi. Wayengalethi isihlamba kubazali bakhe. Lapho bemthola uJesu, “[wayese ]thempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.”—Luka 2:46, 47.
Iqiniso lokuthi wayesebenzisa isikhathi sakhe ngalendlela, nokuqonda kwakhe okuhle izimiso zemiBhalo okusobala, nalo likhuluma kahle ngokumqeqesha kukaJosefa noMariya kuze kube kulelozinga. Nokho ukusabela kukaMariya kubonakala kufana nokukamama okhathazekile: okokuqala, ukukhululeka ekutholeni ukuthi indodana yakhe yayilondekile; khona-ke ezwakalisa imizwa yakhe yokukhathazeka nokukhungatheka: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.” (Luka 2:48) Akukhona okungalindelekile ukuthi uMariya wakhuluma ngaphambi kukaJosefa ekuzwakaliseni ukukhathalela kwabo bobabili abazali. Lapho intsha eningi ifunda lendaba ngokunokwenzeka izothi: “Lokho kufana ncamashí nomama wami.”
Isifundo Esitholakele
Yiziphi izifundo esingazifunda kulokhu okuhlangenwe nakho? Abasha bathambekele ekucabangeni ukuthi abazali babo bayakwazi abakucabangayo. Ngokuvamile bazwakala bethi: “Kodwa ngicabange ukuthi uzokwazi.” Bazali, uma umntwana wenu ake washo lokhu lapho kwakunokungaqondi anibona abokuqala abanalenkinga.
Njengoba abantwana besondela ekuthombeni, izinga labo lokuncika kubazali babo liyehla. Lenguquko ingokwemvelo, futhi abazali kudingeka benze ushintsho oluthile ukuze bayilungiselele. Nokho ngisho nalapho ku nokuqeqeshwa okungcono kakhulu, ukungezwani kuyophakama futhi abazali bayokhathazeka. Nokho, uma belandela isibonelo esihle sikaJosefa noMariya, lapho kuphakama usizi, ukuqeqesha abakunikezayo kuyoba usizo kubantwana babo.
Ngokusobala abazali bakaJesu baqhubeka besebenza naye eminyakeni yobusha bakhe. Ngemva kwesehlakalo okusanda kukhulunywa ngaso, “wehla nabo” ngokuzithoba baya endaweni yakubo futhi “wabathobela.” Kwaba namuphi umphumela? “UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.” Ngakho lesisehlakalo saba nesiphetho esihle. (Luka 2:51, 52) Abazali abalandela isibonelo sikaJosefa noMariya, abasiza abantwana babo ukuba bakhule ekuhlakanipheni kwaphezulu, ababenzela isimo esihle sasekhaya futhi bababeke emathonyeni amahle abangane abesaba uNkulunkulu, bandisa amathuba okuba abantwana benze okufanayo enzalweni yabo. Abantwana abanjalo kungenzeka ngokwengeziwe ukuba bajabulele ukuphila okujabulisayo njengoba bekhulela ebudaleni bobuKristu, obunomthwalo wemfanelo.
[Umbhalo waphansi]
a IsiGreki sakuqala lapha siphethe umqondo wokuthi ‘ukugcwala kukaJesu ukuhlakanipha’ kwakuyisenzo esiqhubekayo, esithuthukayo.