UJehova Uletha Amadodana Amaningi Enkazimulweni
“Kwakufanele [ngoNkulunkulu], lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, ukuba enze uMmeli Oyinhloko wensindiso yawo aphelele ngezinhlupheko.”—HEBERU 2:10.
1. Kungani singaqiniseka ukuthi injongo kaJehova ngesintu izofezeka?
UJEHOVA wadala umhlaba ukuba ube ikhaya elingunaphakade lomkhaya wabantu ophelele nojabulela ukuphila okungenakuphela. (UmShumayeli 1:4; Isaya 45:12, 18) Yiqiniso, ukhokho wethu u-Adamu wona futhi kanjalo wadlulisela isono nokufa enzalweni yakhe. Kodwa injongo kaNkulunkulu ngesintu iyogcwaliseka ngeNzalo yakhe Ethenjisiwe, uJesu Kristu. (Genesise 3:15; 22:18; Roma 5:12-21; Galathiya 3:16) Uthando ngezwe lesintu lwashukumisela uJehova ukuba anikele “ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Futhi uthando lwashukumisela uJesu ukuba ‘anikele ngomphefumulo wakhe ube isihlengo esenana abaningi.’ (Mathewu 20:28) Lesi “sihlengo esihambelanayo” sibuyisa amalungelo namathemba alahlwa u-Adamu futhi senze ukuphila okumi phakade kube nokwenzeka.—1 Thimothewu 2:5, 6; Johane 17:3.
2. Ukusetshenziswa komhlatshelo kaJesu wesihlengo kwakufanekiselwa kanjani ngoSuku Lokubuyisana lwakwa-Israyeli lwaminyaka yonke?
2 NgoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke ukusebenza komhlatshelo kaJesu wesihlengo kwakufanekiselwa. Ngalolo lusuku, umpristi ophakeme wakwa-Israyeli wayeqale enze umhlatshelo wesono ngenkunzi, alethe igazi layo eMphongolweni ongcwele eNgcwelengcwele yetabernakele, futhi kamuva ethempelini. Lokhu wayekwenzela yena uqobo, indlu yakhe nesizwana sakwaLevi. Ngokufanayo, uJesu Kristu waletha kuNkulunkulu inani legazi lakhe ukuba okokuqala limboze izono ‘zabafowabo’ abangokomoya. (Heberu 2:12; 10:19-22; Levitikusi 16:6, 11-14) NgoSuku Lokubuyisana, umpristi ophakeme wayenza umhlatshelo wesono nangembuzi, alethe igazi layo eNgcwelengcwele, kanjalo enze ukubuyisana ngenxa yezono zezizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli ezingezona ezabapristi. Ngokufanayo, umPristi Ophakeme uJesu Kristu uyosebenzisa igazi lokuphila kwakhe ngenxa yalabo esintwini ababonisa ukholo, esule izono zabo.—Levitikusi 16:15.
Alethwa Enkazimulweni
3. NgokwamaHeberu 2:9, 10, yini uNkulunkulu abeyenza iminyaka engu-1 900?
3 Sekuyiminyaka engu-1 900 uNkulunkulu eqhubeka enzela ‘abafowabo’ bakaJesu okuthile okuphawulekayo. Ngokuqondene nalokhu, umphostoli uPawulu wabhala: “Sibona uJesu, owenziwe waba phansi kancane kunezingelosi, ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngoba eye wafa, ukuze ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu. Ngoba kwakufanele ngalowo [uJehova uNkulunkulu] izinto zonke ezikhona ngenxa yakhe nalowo izinto zonke ezikhona ngaye, lapho eletha amadodana amaningi enkazimulweni, ukuba enze uMmeli Oyinhloko wensindiso yawo aphelele ngezinhlupheko.” (Heberu 2:9, 10) UMmeli Oyinhloko wensindiso nguJesu Kristu, owafunda ukulalela okuphelele ngezinto ahlupheka ngazo lapho esaphila njengomuntu emhlabeni. (Heberu 5:7-10) UJesu wayengowokuqala ukuzalwa njengendodana kaNkulunkulu engokomoya.
4. UJesu wazalwa nini futhi kanjani njengeNdodana kaNkulunkulu engokomoya?
4 UJehova wasebenzisa umoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo, lapho ezala uJesu njengeNdodana yakhe engokomoya, ukuze amlethe enkazimulweni yasezulwini. Lapho bebodwa noJohane uMbhapathizi, uJesu wacwiliswa ngokuphelele emanzini ebonisa ukuziletha kwakhe kuNkulunkulu. Ukulandisa kweVangeli likaLuka kuthi: “Lapho bonke abantu sebebhapathiziwe, uJesu naye wabhapathizwa, futhi njengoba ayethandaza, izulu lavuleka nomoya ongcwele usesimweni somzimba esinjengesejuba wehlela phezu kwakhe, futhi kwavela izwi ezulwini lithi: ‘Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.’” (Luka 3:21, 22) UJohane wabona umoya ongcwele wehlela kuJesu futhi wezwa uJehova ekhuluma emamukela obala njengeNdodana yaKhe ethandekayo. Ngaleso sikhathi, ngomoya ongcwele, uJehova wazala uJesu njengezibulo ‘emadodaneni amaningi ayezowaletha enkazimulweni.’
5. Obani abaye baba ngabokuqala ukuzuza emhlatshelweni kaJesu, futhi bangaki?
5 ‘Abafowabo’ bakaJesu baye baba ngabokuqala ukuzuza emhlatshelweni wakhe. (Heberu 2:12-18) Embonweni, umphostoli uJohane wababona sebesenkazimulweni eNtabeni iZiyoni yasezulwini kanye neWundlu, iNkosi evusiwe uJesu Kristu. UJohane wembula nenani labo, ethi: “Ngabona, bheka! iWundlu limi phezu kweNtaba yaseZiyoni, futhi kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo. . . . Laba bathengwa phakathi kwesintu njengolibo kuNkulunkulu neWundlu, futhi akukho manga atholakala emilonyeni yabo; abanasici.” (IsAmbulo 14:1-5) Ngakho ‘amadodana amaningi alethwa enkazimulweni’ ezulwini angu-144 001 kuphela esewonke—uJesu nabafowabo abangokomoya.
‘Bazelwe UNkulunkulu’
6, 7. Obani ‘abazelwe uNkulunkulu,’ futhi kusho ukuthini lokhu ngabo?
6 Labo abazelwe uJehova ‘bazelwe uNkulunkulu.’ Ekhuluma ngabanjalo, umphostoli uJohane wabhala: “Wonke umuntu ozelwe uNkulunkulu akaqhubeki enza isono, ngoba imbewu yaKhe [kaJehova] eveza inzalo ihlala kumuntu onjalo, futhi akakwazi ukusenza umkhuba isono, ngoba uzelwe uNkulunkulu.” (1 Johane 3:9) Le ‘mbewu eveza inzalo’ iwumoya ongcwele kaNkulunkulu. Njengoba usebenzelana nezwi lakhe, uye wenza ukuba ngamunye wabangu-144 000 ‘azalwe ngokusha,’ azalelwe ethembeni lasezulwini.—1 Petru 1:3-5, 23.
7 UJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu kusukela lapho ezalwa njengomuntu, njengoba nje umuntu ophelele u-Adamu ‘ayeyindodana kaNkulunkulu.’ (Luka 1:35; 3:38) Nokho, ngemva kokubhapathizwa kukaJesu kwaba yinto ephawulekayo ukuthi uJehova wathi: “Wena uyiNdodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.” (Marku 1:11) Ngala mazwi ayehambisana nokugeleza komoya ongcwele, kwacaca ukuthi ngaleso sikhathi uNkulunkulu wayezele uJesu njengeNdodana yaKhe engokomoya. Ngomqondo othile, ngaleso sikhathi uJesu ‘wazalwa ngokusha’ wanikwa nelungelo lokuphinda amukele ukuphila njengeNdodana kaNkulunkulu engumoya ezulwini. Njengaye, abafowabo abangokomoya abangu-144 000 ‘baphinde bazalwe.’ (Johane 3:1-8; bheka INqabayokulinda ka-November 15, 1992, amakhasi 3-6.) Futhi njengoJesu, bagcotshwe uNkulunkulu futhi bathunywe ukuba bamemezele izindaba ezinhle.—Isaya 61:1, 2; Luka 4:16-21; 1 Johane 2:20.
UbuFakazi Bokuzalwa
8. Yibuphi ubufakazi bokuzalwa ngomoya obaba khona ngokuphathelene (a) noJesu (b) nabafundi bakhe bokuqala?
8 Kwaba nobufakazi bokuthi uJesu wayezelwe ngomoya. UJohane uMbhapathizi wabona umoya wehlela kuJesu futhi wezwa uNkulunkulu ethi uMesiya owayesanda kugcotshwa wayeseyiNdodana engokomoya. Kodwa abafundi bakaJesu babeyokwazi kanjani ukuthi babezelwe ngomoya? Phela, ngosuku anyukela ngalo ezulwini, uJesu wathi: “UJohane, ngempela, wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizobhapathizwa ngomoya ongcwele ezinsukwini ezingeziningi ngemva kwalokhu.” (IzEnzo 1:5) Abafundi bakaJesu ‘babhapathizwa ngomoya ongcwele’ ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E. Lokho kuthululwa komoya kwakuhambisana ‘nomsindo uvela ezulwini ufana nowesivunguzane esinamandla’ kanye ‘nokunjengamalangabi’ phezu komfundi ngamunye. Okwamangalisa kakhulu ukuthi abafundi bakwazi “ukukhuluma ngezinye izilimi, njengoba nje umoya wawubanika ukuba bakhulume.” Ngakho kwaba nobufakazi obubonakalayo nobuzwakalayo bokuthi abalandeli bakaKristu base bevulelwe indlela eya enkazimulweni yasezulwini njengamadodana kaNkulunkulu.—IzEnzo 2:1-4, 14-21; Joweli 2:28, 29.
9. Yibuphi ubufakazi obaba khona bokuthi amaSamariya, uKorneliyu nabanye bekhulu lokuqala babezelwe ngomoya?
9 Esikhathini esithile kamuva, uFiliphu umvangeli washumayela eSamariya. Nakuba amaSamariya awamukela umyalezo wakhe futhi abhapathizwa, ayengenabo ubufakazi bokuthi uNkulunkulu wayewazele njengamadodana akhe. Lapho abaphostoli uPetru noJohane bethandaza futhi bebeka izandla zabo kulawo makholwa, “aqala ukwamukela umoya ongcwele” ngendlela ethile eyayibonakala kwababebukele. (IzEnzo 8:4-25) Lokhu kwaba ubufakazi bokuthi lawo maSamariya angamakholwa ayesezelwe ngomoya njengamadodana kaNkulunkulu. Ngokufanayo, ngo-36 C.E., uKorneliyu nabanye abeZizwe bamukela iqiniso likaNkulunkulu. UPetru namakholwa angamaJuda ayehamba naye “bamangala, ngoba isipho samahhala somoya ongcwele sasithululelwa naphezu kwabantu bezizwe. Ngoba babezwa bekhuluma ngezilimi futhi bebabaza uNkulunkulu.” (IzEnzo 10:44-48) AmaKristu amaningi ekhulu lokuqala amukela “izipho zomoya,” ezinjengokukhuluma ngezilimi. (1 Korinte 14:12, 32) Ngaleyo ndlela laba bantu babenobufakazi obucacile bokuthi babezelwe ngomoya. Kodwa amaKristu akamuva ayeyokwazi kanjani ukuthi ayezelwe ngomoya noma cha?
Ukufakaza Komoya
10, 11. Ngesisekelo seyabaseRoma 8:15-17, ungakuchaza kanjani ukuthi umoya ufakaza nalabo abayizindlalifa ezikanye noKristu?
10 Wonke amaKristu agcotshiwe angu-144 000 aye aba nobufakazi obuqand’ikhanda bokuthi anomoya kaNkulunkulu. Ngokuqondene nalokhu, uPawulu wabhala: “Namukela umoya wokutholwa njengamadodana, umoya esikhamuluka ngawo sithi: ‘Abha, Baba!’ Umoya ngokwawo ufakazelana nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Khona-ke, uma singabantwana, siyizindlalifa futhi: ngempela izindlalifa zikaNkulunkulu, kodwa izindlalifa ezikanye noKristu, uma kodwa sihlupheka kanye naye ukuze sikhazinyuliswe kanye naye.” (Roma 8:15-17) AmaKristu agcotshiwe anomuzwa wokuba abantwana bakaYise wasezulwini, umuzwa obusayo wokuba amadodana. (Galathiya 4:6, 7) Aqiniseka ngokugcwele ukuthi azelwe uNkulunkulu aba amadodana angokomoya njengezindlalifa ezikanye noKristu eMbusweni wasezulwini. Kulokhu, umoya ongcwele kaJehova ufeza indima eqinisekile.
11 Bengaphansi kwethonya lomoya ongcwele kaNkulunkulu, umoya, noma isimo sengqondo esibusayo, sabagcotshiwe sibaqhubezela ukuba basabele ngokuqiniseka kulokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngethemba lasezulwini. Ngokwesibonelo, lapho befunda lokho imiBhalo ekushoyo ngabantwana bakaJehova abangokomoya, bavuma ngokuzenzakalelayo ukuthi amazwi anjalo asebenza kubo. (1 Johane 3:2) Bayazi ukuthi baye ‘babhapathizelwa kuKristu Jesu’ nasekufeni kwakhe. (Roma 6:3) Baqiniseka ngokugcwele ukuthi bangamadodana kaNkulunkulu angokomoya, lawo ayokufa futhi avuselwe enkazimulweni yasezulwini, njengoJesu.
12. Yini umoya kaNkulunkulu oye wayakha kumaKristu agcotshiwe?
12 Ukuzalwa ube indodana engokomoya akusona isifiso esihlakulelwayo. Akukhona ukuthi abazelwe ngomoya bafuna ukuya ezulwini ngenxa yokukhathazwa izinkinga zanamuhla emhlabeni. (Jobe 14:1) Kunalokho, kulabo abagcotshwe ngempela, umoya kaJehova uye wakha ithemba nesifiso okungekho kwabanye abantu. Abazelwe kanjalo bayazi ukuthi ukuphila okumi phakade njengomuntu ophelele emhlabeni oyipharadesi ukanye nomkhaya nabangane abajabulayo kungaba mnandi kakhulu. Nokho, ukuphila okunjalo akuyona into abayifisa kakhulu ezinhliziyweni zabo. Abagcotshiwe banethemba lasezulwini elinamandla kangangokuthi badela wonke amathuba nezibopho zasemhlabeni ngokuzithandela.—2 Petru 1:13, 14.
13. Ngokweyesi-2 Korinte 5:1-5, sasiyini ‘isifiso esiqotho’ sikaPawulu, futhi lokhu kubonisani ngabazelwe ngomoya?
13 Ithemba lokuphila kwasezulwini elivela kuNkulunkulu linamandla kwabanjalo kangangokuthi imizwa yabo injengekaPawulu, owabhala: “Siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni, lelitende, ingase idilizwe, sizoba nesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, emi phakade emazulwini. Ngoba kulendlu yokuhlala siyabubula impela, sifisa ngobuqotho ukugqoka leyo engeyethu evela ezulwini, ukuze kuthi, lapho sesiyigqoké ngempela, singatholakali sihamba-ze. Eqinisweni, thina esikulelitende siyabubula, njengoba sisindwa; ngenxa yokuthi esikufunayo akukhona ukulikhumula, kodwa ukugqoka lelo elinye, ukuze lokho okufayo kugwinywe ukuphila. Manje lowo owasiveza ngenxa yayo kanye lento uNkulunkulu, owasinika uphawu lwalokho okuzayo, okuwukuthi, umoya.” (2 Korinte 5:1-5) ‘Isifiso esiqotho’ sikaPawulu sasiwukuba avuselwe ezulwini njengesidalwa somoya esingenakufa. Ekhuluma ngomzimba wobuntu, wasebenzisa isingathekiso setende elisongwayo, indawo yokuhlala engaqinile nengeyesikhashana uma iqhathaniswa nendlu. Nakuba ephila emhlabeni emzimbeni ofayo, wenyama, amaKristu anomoya owuphawu lokuphila kwasezulwini okuzayo, abheka phambili ‘esakhiweni esivela kuNkulunkulu,’ umzimba womoya ongenakufa nakonakala. (1 Korinte 15:50-53) NjengoPawulu, angasho ngobuqotho ukuthi: “Sinesibindi futhi sikujabulela kakhulu ukuba kunalokho singabibikho emzimbeni [wobuntu] nokuba sakhe ikhaya lethu [ezulwini] eNkosini.”—2 Korinte 5:8.
Bangeniswa Ezivumelwaneni Ezikhethekile
14. Lapho emisa umkhosi weSikhumbuzo, yisiphi isivumelwano uJesu asiphawula kuqala, futhi iyiphi indima esiyifezayo mayelana nama-Israyeli angokomoya?
14 AmaKristu azelwe ngomoya ayaqiniseka ukuthi aye angeniswa ezivumelwaneni ezimbili ezikhethekile. UJesu waphawula esinye sazo lapho esebenzisa isinkwa esingavutshelwe newayini ukuze amise iSikhumbuzo sokufa kwakhe okwakuza futhi wathi ngendebe: “Lendebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami, elizothululwa ngenxa yenu.” (Luka 22:20; 1 Korinte 11:25) Obani abangabahlanganyeli esivumelwaneni esisha? UJehova uNkulunkulu namalungu ka-Israyeli ongokomoya—labo uJehova anenjongo yokubaletha enkazimulweni yasezulwini. (Jeremiya 31:31-34; Galathiya 6:15, 16; Heberu 12:22-24) Njengoba senziwe sasebenza ngegazi likaJesu elachitheka, isivumelwano esisha sithatha ezizweni isizwe segama likaJehova futhi senze lawa maKristu azelwe ngomoya abe ingxenye ‘yenzalo’ ka-Abrahama. (Galathiya 3:26-29; IzEnzo 15:14) Isivumelwano esisha senza ukuba wonke ama-Israyeli angokomoya alethwe enkazimulweni ngokuvuselwa ekuphileni okungenakufa ezulwini. Njengoba ‘siyisivumelwano esimi phakade,’ izinzuzo zaso ziyohlala phakade. Kuyokwembulwa ngokuhamba kwesikhathi ukuthi lesi sivumelwano siyoba nendima yini nangezinye izindlela phakathi neMinyaka Eyinkulungwane nangemva kwayo.—Heberu 13:20.
15. Ngokuvumelana noLuka 22:28-30, abalandeli bakaJesu abagcotshiwe baqala ukungeniswa kusiphi esinye isivumelwano, futhi nini?
15 “Amadodana amaningi” uJehova anenjongo ‘yokuwaletha enkazimulweni’ nawo aye angeniswa ngayinye esivumelwaneni soMbuso wasezulwini. Ngokuqondene nalesi sivumelwano phakathi kwakhe nabalandeli bezinyathelo zakhe, uJesu wathi: “Nina ningabanamathele kimi ekulingweni kwami; futhi ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano nami, sombuso, sokuba nidle futhi niphuze etafuleni lami embusweni wami, futhi nihlale ezihlalweni zobukhosi ukuze nahlulele izizwana eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.” (Luka 22:28-30) Isivumelwano soMbuso samiswa ngokusemthethweni lapho abafundi bakaJesu begcotshwa ngomoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E. Leso sivumelwano siqhubeka sisebenza phakade phakathi kukaKristu namakhosi akanye naye. (IsAmbulo 22:5) Ngakho-ke, amaKristu azelwe ngomoya ayaqiniseka ukuthi asesivumelwaneni esisha nasesivumelwaneni soMbuso. Ngakho-ke, emikhosini yeSidlo SeNkosi Sakusihlwa, yilabo abambalwa abasele abagcotshiwe abasesemhlabeni kuphela abahlanganyela ekudleni isinkwa, esimelela umzimba kaJesu wobuntu ongenasono, nasekuphuzeni iwayini, elifanekisela igazi lakhe eliphelele elathululwa ekufeni nelenza isivumelwano esisha sisebenze.—1 Korinte 11:23-26; bheka INqabayokulinda ka-February 1, 1989, amakhasi 17-20.
Babiziwe, Bakhethiwe Futhi Bakholekile
16, 17. (a) Ukuze balethwe enkazimulweni, yini okumelwe bonke abangu-144 000 bayenze? (b) Angobani “amakhosi ayishumi,” futhi ayiphatha kanjani insali ‘yabafowabo’ bakaKristu abasemhlabeni?
16 Ukusetshenziswa kokuqala komhlatshelo kaJesu wesihlengo kwenza kwenzeke ngabangu-144 000 ukuba babizelwe ekuphileni kwasezulwini futhi bakhethwe ngokuzalwa uNkulunkulu ngomoya. Yebo, ukuze balethwe enkazimulweni kudingeka ‘benze konke okusemandleni abo ukuze baqinisekise ukubizwa nokukhethwa kwabo,’ futhi kumelwe bazibonakalise bekholekile kuze kube sekufeni. (2 Petru 1:10; Efesu 1:3-7; IsAmbulo 2:10) Insali encane yabagcotshiwe abasesemhlabeni ilondoloza ubuqotho bayo naphezu kokuphikiswa “amakhosi ayishumi” amelela yonke imibuso yezombangazwe. “Lawa ayokulwa neWundlu,” kusho ingelosi, “kodwa, ngenxa yokuthi liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, iWundlu liyowanqoba. Labo ababiziweyo nabakhethiweyo nabakholekileyo abakanye nalo, nabo bayowanqoba.”—IsAmbulo 17:12-14.
17 Ababusi abangabantu abanakumenza lutho uJesu, “iNkosi yamakhosi,” ngoba usezulwini. Kodwa babonisa inzondo ensalini ‘yabafowabo’ abasesemhlabeni. (IsAmbulo 12:17) Leyo nzondo iyophelela empini kaNkulunkulu ye-Armagedoni, lapho kuqinisekiswa ukunqoba ‘kweNkosi yamakhosi’ ‘nabafowabo’—“labo ababiziweyo nabakhethiweyo nabakholekileyo.” (IsAmbulo 16:14, 16) Okwamanje, amaKristu azelwe ngomoya amatasa kakhulu. Enzani njengamanje, ngaphambi kokuba uJehova awalethe enkazimulweni?
Ungaphendula Uthini?
◻ Obani uNkulunkulu ‘abaletha enkazimulweni yasezulwini’?
◻ Kusho ukuthini ‘ukuzalwa uNkulunkulu’?
◻ ‘Umoya ufakazelana’ kanjani namanye amaKristu?
◻ Yiziphi izivumelwano abazelwe ngomoya abaye bangeniswa kuzo?
[Isithombe ekhasini 15]
NgePhentekoste lika-33 C.E., kwanikezwa ubufakazi bokuthi kwakuvulwe indlela yokungena enkazimulweni yasezulwini