Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Kuphakama Impikiswano
KUNGAKABI sebusuku kakhulu, uJesu ufundise isifundo esihle enkonzweni yokuthobeka ngokugeza izinyawo zabaphostoli bakhe. Kamuva, wethula iSikhumbuzo sokufa kwakhe okusondelayo. Manje, ikakhulukazi ngenxa yalokho okusanda kwenzeka, kwenzeka into emangalisayo. Abaphostoli bakhe bahileleka empikiswaneni enkulu yokuthi umuphi kubo ongathiwa omkhulu! Ngokusobala, lena ingxenye yempikiswano eqhubekayo.
Khumbula ukuthi ngemva kokuba uJesu eguqulwe isimo entabeni, abaphostoli baphikisana ngokuthi ubani owayemkhulu phakathi kwabo. Ngaphezu kwalokho, uJakobe noJohane bacela izikhundla ezivelele eMbusweni, okwaphumela kwenye ingxabano futhi phakathi kwabaphostoli. Manje, ngobusuku bakhe bokugcina enabo, yeka indlela okumelwe ukuba uJesu udabuke ngayo ngokubabona bephinda bexabana! Wenzani?
Kunokuba athethise abaphostoli ngenxa yokuziphatha kwabo, uJesu uphinda ubonisana nabo ngesineke: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle. Kepha nina aninjalo; . . . Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na?” Khona-ke, ebakhumbuza ngesibonelo sakhe, uthi: “Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.”
Naphezu kokungapheleli kwabo, abaphostoli bebekhuthazela noJesu phakathi nokulingwa kwakhe. Ngakho uthi: “Ngenza isivumelwano nani, njengoba noBaba enze isivumelwano nami, sombuso.” Lesivumelwano somuntu siqu phakathi kukaJesu nabalandeli bakhe abathembekile sibahlanganisa naye ukuze bahlanganyele umbuso wakhe wasebukhosini. Yinani elilinganiselwe kuphela labangu-144 000 ekugcineni abangeniswa kulesivumelwano soMbuso.
Nakuba abaphostoli benikwa lelithemba elimangalisayo lokuhlanganyela noKristu ekubuseni koMbuso, okwamanje babuthakathaka ngokomoya. “Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobobusuku,” kusho uJesu. Etshela uPetru ukuthi umthandazele, uJesu uyanxusa: “Nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”
“Bantwanyana,” kuchaza uJesu, “ngisekhona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje. Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
“Nkosi, uyangaphi na?” kubuza uPetru.
“Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu,” kuphendula uJesu, “kepha uyakungilandela kamuva.”
“Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na?” uPetru ufuna ukwazi. “Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”
“Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na?” kubuza uJesu. “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhla nje ngalobubusuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”
“Noma ngingaze ngife nawe,” kuphikisa uPetru, “angisoze ngakuphika.” Futhi lapho abanye abaphostoli behlanganyela besho okufanayo, uPetru uyazigabisa: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.”
Ebhekisela esikhathini lapho ethuma abaphostoli ohambweni lokushumayela lwaseGalile bengenasikhwama nayika, uJesu uyabuza: “Naswela utho na?”
“Lutho,” bephendula.
“Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi,” esho, “oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba. Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: Wabalwa kanye nezelelesi; ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”
UJesu ukhomba esikhathini lapho eyobethelwa khona nabenzi bobubi, noma izelelesi. Futhi ubonisa ukuthi ngemva kwalokho abalandeli bakhe babeyobhekana noshushiso olunzima. Bathi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”
“Kwanele,” ephendula. Njengoba sizobona, ukuba kwabo nezinkemba ngokushesha kuzonika uJesu ithuba lokufundisa esinye isifundo esibalulekile. Mathewu 26:31-35; Marku 14:27-31; Luka 22:24-38, qhathanisa neNW; Johane 13:31-38; IsAmbulo 14:1-3.
◆ Kungani impikiswano yabaphostoli imangalisa kangaka?
◆ UJesu uyisingatha kanjani lempikiswano?
◆ Yini efezwa yisivumelwano uJesu asenza nabaphostoli bakhe?
◆ Yimuphi umyalo omusha uJesu awunikayo, futhi ubaluleke kangakanani?
◆ UPetru ubonisa kuphi ukuzethemba ngokweqile, futhi uJesu uthini?
◆ Kungani iziyalezo zikaJesu ezimayelana nokuphatha isikhwama neyika zihlukile kulezo azinika ngaphambidlana?