Ingokomoya Langempela Ungalifinyelela Kanjani?
UMPHOSTOLI UPAWULU wabhala: “Ukunaka inyama kusho ukufa, kodwa ukunaka umoya kusho ukuphila nokuthula.” (Roma 8:6) Ngalawo mazwi, umphostoli wayebonisa ukuthi ukuba umuntu ongokomoya akuyona nje indaba yokuzikhethela noma ukuthambekela okuthile. Empeleni, kuyindaba yokufa nokuphila. Nokho, umuntu ongokomoya uthola “ukuphila nokuthula” ngamuphi umqondo? NgokweBhayibheli, umuntu onjalo uba nokuthula kwamanje—ukuthula noNkulunkulu nanaye ngokwakhe—futhi esikhathini esizayo uyovuzwa ngokuphila okuphakade. (Roma 6:23; Filipi 4:7) Shono uJesu athi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya”!—Mathewu 5:3.
Ukufunda kwakho lo magazini kubonisa ukuthi unesithakazelo ezintweni ezingokomoya—futhi lokhu kuwukuhlakanipha. Kodwa kunemibono ehlukahlukene ngale ndaba, ngakho ungase uzibuze: ‘Liyini ingokomoya langempela? Futhi umuntu ulifinyelela kanjani?’
“Umqondo KaKristu”
Ngaphezu kokukhuluma ngokubaluleka nangezinzuzo zokuba nomqondo ongokomoya, umphostoli uPawulu washo okuningi ngalokho okushiwo ukuba ongokomoya ngempela. UPawulu wachazela amaKristu omuzi wasendulo waseKorinte umahluko phakathi komuntu wenyama, okungukuthi, umuntu owenza ngokwezifiso zenyama, nomuntu ongokomoya owazisa izinto ezingokomoya. Wabhala: “Umuntu wenyama akazamukeli izinto zomoya kaNkulunkulu, ngoba ziwubuwula kuye.” Ngakolunye uhlangothi, uPawulu wachaza ukuthi umuntu ongokomoya ubonakala ngokuba ‘nomqondo kaKristu.’—1 Korinte 2:14-16.
Ngokuyisisekelo, ukuba ‘nomqondo kaKristu’ kusho ukuba “nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.” (Roma 15:5; Filipi 2:5) Ngamanye amazwi, umuntu ongokomoya yilowo ocabanga njengoJesu futhi ohamba ezinyathelweni zakhe. (1 Petru 2:21; 4:1) Lapho umqondo womuntu uya ufana nokaKristu, ingokomoya lakhe liyaqina futhi uzibeka ethubeni lokuthola “ukuphila nokuthula.”—Roma 13:14.
Indlela Yokwazi “Umqondo KaKristu”
Nokho, ukuze umuntu abe nomqondo kaKristu, kumelwe aqale ngokuwazi. Ngakho, isinyathelo sokuqala sokuhlakulela ingokomoya ukwazi indlela uJesu ayecabanga ngayo. Kodwa ungawazi kanjani umqondo womuntu owaphila emhlabeni eminyakeni engu-2 000 edlule? Cabanga ngalesi sibonelo: Wabazi kanjani abantu bomlando wezwe lakini? Cishe wabazi ngokufunda ngabo. Ngokufanayo, ukufunda umlando obhaliwe kaJesu kuyindlela ebalulekile yokwazi umqondo wakhe.—Johane 17:3.
Kukhona ukulandisa okucacile okune kokuphila kukaJesu—amaVangeli abhalwa uMathewu, uMarku, uLuka noJohane. Ukufunda lokhu kulandisa ngokucophelela kuyokusiza ukuba uqonde indlela uJesu ayecabanga ngayo, ayezizwa ngayo nezizathu zezenzo zakhe. Uma uzinika isikhathi sokuzindla ngalokho okufunda ngoJesu, uqala ukuba nesithombe engqondweni yakho sohlobo lomuntu ayeyilo. Ngisho noma kakade uzibheka njengomlandeli kaKristu, ukufunda nokuzindla ngaye kuzokusiza ukuba ‘uqhubeke ukhula emseni ongafanelwe nasolwazini ngeNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu.’—2 Petru 3:18.
Siselapho, ake sihlole izindinyana ezithile emaVangelini ukuze sibone ukuthi yini eyenza uJesu waba umuntu ongokomoya. Ngemva kwalokho, zibuze ukuthi ungasilingisa kanjani isibonelo sakhe.—Johane 13:15.
Ingokomoya ‘Nezithelo Zomoya’
Umlobi weVangeli uLuka waloba ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu wathululelwa kuJesu lapho ebhapathizwa nokuthi ‘wagcwala umoya ongcwele.’ (Luka 3:21, 22; 4:1) NoJesu wakugcizelela kubalandeli bakhe ukubaluleka kokuqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu, noma ‘amandla akhe asebenzayo.’ (Genesise 1:2; Luka 11:9-13) Kungani kubaluleke kangaka lokhu? Ngenxa yokuthi umoya kaNkulunkulu unamandla okuguqula ingqondo yomuntu ize iqale ukufana nekaKristu. (Roma 12:1, 2) Umoya ongcwele wenza umuntu abe nezimfanelo ‘ezinjengothando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba.’ Umuntu ongokomoya ngempela ubonakala ngalezi zimfanelo iBhayibheli elizibiza ngokuthi “izithelo zomoya.” (Galathiya 5:22, 23) Ngamafuphi nje, umuntu onomqondo ongokomoya ngumuntu oqondiswa umoya kaNkulunkulu.
UJesu wabonisa izithelo zomoya phakathi nayo yonke inkonzo yakhe. Izimfanelo ezinjengothando, umusa nobuhle zabonakala ngokukhethekile endleleni ayephatha ngayo abantu ababebhekwa njengabaphansi emphakathini. (Mathewu 9:36) Ngokwesibonelo, phawula isenzakalo esichazwa umphostoli uJohane. Siyafunda: “Njengoba [uJesu] ayedlula wabona umuntu oyimpumputhe kusukela azalwa.” Nabafundi bakaJesu bambona lo muntu kodwa babembheka njengesoni. Babuza: “Ubani owona, yilo muntu noma ngabazali bakhe?” Nomakhelwane balo muntu bambona kodwa bona babezibonela isinxibi nje. Bathi: “Yilo muntu obevame ukuhlala anxibe, akunjalo?” Kodwa uJesu wabheka lo muntu oyimpumputhe njengomuntu odinga usizo. Wakhuluma naye futhi wamphulukisa.—Johane 9:1-8.
Lesi senzakalo sikutshelani ngomqondo kaKristu? Okokuqala, uJesu wayengabashalazeli abantu abaphansi, kodwa wayebaphatha ngesisa. Okwesibili, wayethatha isinyathelo kuqala sokusiza abanye abantu. Wena uyamlingisa yini uJesu kulokhu? Ingabe ubheka abantu ngendlela ayebabheka ngayo, ubanike usizo abaludingayo ukuze bathuthukise ukuphila kwabo futhi ubenze babe nethemba ngekusasa? Noma ingabe uthambekele ekuthandeni abantu abavelele, ubashalazele abaphansi? Uma ubheka abantu ngendlela kaJesu, ngempela ulingisa isibonelo sakhe.—IHubo 72:12-14.
Ingokomoya Nomthandazo
Ukulandisa kwamaVangeli kubonisa ukuthi uJesu wayethandaza njalo kuNkulunkulu. (Marku 1:35; Luka 5:16; 22:41) Phakathi nenkonzo yakhe emhlabeni, wayebekela eceleni isikhathi sokuthandaza. Umfundi uMathewu wabhala: “Esezimukisile izixuku, [uJesu] wakhuphukela entabeni eyedwa ukuze ayothandaza.” (Mathewu 14:23) UJesu wayethola amandla kulezi zikhathi ayezichitha eyedwa ekhuluma noYise osezulwini. (Mathewu 26:36-44) Namuhla, abantu abangokomoya ngempela nabo bafuna amathuba okukhuluma noNkulunkulu, bazi ukuthi lokhu kuyoqinisa ubuhlobo babo noMdali futhi kubasize bacabange njengoKristu.
UJesu wayevame ukuchitha isikhathi eside ethandaza. (Johane 17:1-26) Ngokwesibonelo, ngaphambi kokukhetha amadoda angu-12 ayezoba abaphostoli bakhe, uJesu “waphuma waya entabeni eyothandaza, futhi wahlala ubusuku bonke ethandaza kuNkulunkulu.” (Luka 6:12) Nakuba bengathandazi ubusuku bonke, abantu abangokomoya ngempela balingisa isibonelo sikaJesu. Ngaphambi kokwenza izinqumo ezinkulu ekuphileni, bazinika isikhathi esiningi sokuthandaza kuNkulunkulu, befuna isiqondiso somoya ongcwele ukuze benze izinqumo eziyoqinisa ingokomoya labo.
Lapho ethandaza, uJesu wayebonisa ubuqotho nathi okumelwe sibubonise lapho sithandaza. Ake uzwe ukuthi uLuka wathini ngendlela uJesu athandaza ngayo ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe. “Eba nomunyu waqhubeka ethandaza ngobuqotho ngokwengeziwe; izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini.” (Luka 22:44) UJesu wayengumuntu othandaza ngobuqotho, kodwa kulokhu wathandaza “ngobuqotho ngokwengeziwe” ngoba wayebhekene novivinyo olunzima kakhulu ekuphileni kwakhe kwasemhlabeni—futhi umthandazo wakhe waphendulwa. (Hebheru 5:7) Abantu abangokomoya balingisa isibonelo sikaJesu. Lapho bebhekene novivinyo olunzima ngempela, bathandaza kuNkulunkulu “ngobuqotho ngokwengeziwe” bacele umoya ongcwele, isiqondiso nokusekelwa nguye.
Njengoba kusobala ukuthi uJesu wayeyindoda eyayikuthanda ukuthandaza, akumangazi ukuthi abafundi bakhe babefuna ukumlingisa kule ndaba. Yingakho bamcela: “Nkosi, sifundise ukuthandaza.” (Luka 11:1) Nanamuhla, labo abazazisayo izinto ezingokomoya futhi abafuna ukuqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu balingisa isibonelo sikaJesu endleleni abathandaza ngayo kuNkulunkulu. Ukuthandaza nokuba ngumuntu ongokomoya ngempela kuhlobene kakhulu.
Ingokomoya Nokushunyayelwa Kwezindaba Ezinhle
EVangelini likaMarku kunendaba ekhuluma ngoJesu ephulukisa abantu abaningi abagulayo, lokhu ekwenza nalapho sekuhlwile impela. Ekuseni kakhulu ngakusasa lapho eyedwa ethandaza, abaphostoli bakhe beza kuye bamtshela ukuthi abantu abaningi bayamfuna, mhlawumbe ngoba befuna ukuphulukiswa. Kodwa uJesu wathi kubo: “Masiye kwenye indawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona.” UJesu wabe esesho isizathu salokho: “Ngoba ngiphumele le njongo.” (Marku 1:32-38; Luka 4:43) Nakuba kwakubalulekile kuJesu ukuphulukisa abantu, ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwakuyiwona msebenzi wakhe oyinhloko.—Marku 1:14, 15.
Nanamuhla, ukutshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu kusewuphawu oluhlukanisa labo abanomqondo kaKristu. UJesu wayala bonke abafuna ukuba abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Ngaphezu kwalokho, uJesu wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Njengoba iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi umsebenzi wokushumayela ufezwa ngamandla omoya ongcwele, ukuhlanganyela kuwo ngentshiseko kuwuphawu lokuthi umuntu ungokomoya ngempela.—IzEnzo 1:8.
Ukushumayela isigijimi soMbuso kubantu emhlabeni wonke kudinga ukuba izigidi zabantu zisebenze ngokubambisana. (Johane 17:20, 21) Abenza lo msebenzi akudingeki nje ukuba babe abantu abangokomoya kuphela, kodwa kudingeka babe abahleleke kahle emhlabeni wonke. Uyabazi yini abantu abalandela ezinyathelweni zikaKristu nabashumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke?
Linjani Elakho Ingokomoya?
Yiqiniso, zikhona nezinye izici ezibonisa ukuthi umuntu ungumuntu ongokomoya ngempela, kodwa kulezi ezidingidiwe, wena unjani? Ukuze uthole impendulo, zibuze: ‘Ingabe ngilifunda njalo iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi ngizindle ngalokho engikufundayo? Ingabe ngiyazibonisa izithelo zomoya ekuphileni kwami? Ingabe ngingowesilisa noma ngingowesifazane ophikelelayo emthandazweni? Ngiyafuna yini ukuzihlanganisa nabantu abashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke?’
Ukuzihlola okuqotho kungase kukusize uthole ukuthi linjani ingokomoya lakho. Sikunxusa ukuba uzithathe manje izinyathelo ezidingekayo ukuze uthole “ukuphila nokuthula.”—Roma 8:6; Mathewu 7:13, 14; 2 Petru 1:5-11.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
IZIMPAWU ZOMUNTU ONGOKOMOYA
◆ Uthanda iZwi likaNkulunkulu
◆ Ubonisa izithelo zomoya
◆ Uthandaza kuNkunkulu njalo nangobuqotho
◆ Utshela abanye izindaba ezinhle zoMbuso
[Isithombe ekhasini 5]
IBhayibheli likusiza ukuba wazi “umqondo kaKristu”