Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 34 k. 82-k. 83 isig. 6
  • UJesu Ukhetha Abaphostoli Abayishumi Nambili

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ukhetha Abaphostoli Abayishumi Nambili
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhetha Abaphostoli Bakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukhetha Abaphostoli Bakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Abantu Ababa Abafundi BakaJesu
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Ufundisa ENtabeni
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 34 k. 82-k. 83 isig. 6
UJesu uya entabeni

ISAHLUKO 34

UJesu Ukhetha Abaphostoli Abayishumi Nambili

MARKU 3:13-19 LUKA 6:12-16

  • ABAPHOSTOLI ABANGU-12

Sekuphele unyaka nohhafu kusukela esikhathini uJohane uMbhapathizi ethula ngaso uJesu njengeWundlu likaNkulunkulu. Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe, idlanzana lamadoda aqotho laba abafundi bakhe, njengo-Andreya, uSimoni Petru, uJohane, mhlawumbe noJakobe (umfowabo kaJohane), uFiliphu noNathanayeli (obizwa nangokuthi uBartolomewu). Ngokuhamba kwesikhathi, nabanye abaningi baba abalandeli bakaKristu.—Johane 1:45-47.

Manje uJesu usekulungele ukukhetha abaphostoli bakhe. Laba bazohlala beseduze naye, bathole nokuqeqeshwa okukhethekile. Kodwa ngaphambi kokuba abakhethe, uJesu uyahamba aye entabeni, mhlawumbe eseduze koLwandle LwaseGalile, engekude neKapernawume. Uchitha ubusuku bonke ethandaza, cishe ecela ukuhlakanipha nesibusiso sikaNkulunkulu. Ngosuku olulandelayo, ubizela abafundi bakhe kuye, bese ekhetha abangu-12 kubo ukuba babe abaphostoli.

UJesu ukhetha abayisithupha okukhulunywe ngabo ekuqaleni kanye noMathewu, lowo uJesu ambiza ehhovisi lentela. Abanye abahlanu abakhethwayo uJuda (obizwa nangokuthi uThadewu nangokuthi “indodana kaJakobe”), uSimoni umKhanana, uTomase, uJakobe indodana ka-Alfewu noJuda Iskariyothe.—Mathewu 10:2-4; Luka 6:16.

UJesu uyathandaza ngaphambi kokuba akhethe abaphostoli bakhe abayishumi nambili

Laba abangu-12 bebelokhu behamba noJesu futhi ubazi kahle. Abambalwa kubo bayizihlobo zakhe. Ngokusobala izelamani uJakobe noJohane bangabafowabo bakaJesu. Kanti uma kuwukuthi u-Alfewu wayengumfowabo kaJosefa, uyise kaJesu, njengoba abanye becabanga, lokho kuyosho ukuthi indodana ka-Alfewu, umphostoli uJakobe, ungumfowabo kaJesu.

UJesu akanayo neze inkinga yokukhumbula amagama abaphostoli bakhe. Kodwa ingabe wena ungawakhumbula? Enye into engasiza, ukukhumbula ukuthi kunababili ababizwa ngokuthi oSimoni, ababili ababizwa ngokuthi oJakobe nababili ababizwa ngokuthi oJuda. USimoni (uPetru) unomfowabo u-Andreya, kanti uJakobe (indodana kaZebedewu) unomfowabo uJohane. Yilokho okungakusiza ukhumbule amagama abaphostoli abangu-8. Abanye abane bahlanganisa (uMathewu) umqoqi wentela, (uTomase) lowo kamuva owangabaza, (uNathanayeli) lowo owabizwa ehlezi ngaphansi kwesihlahla (noFiliphu) umngane kaNathanayeli.

Abayishumi nanye kulaba baphostoli abaseGalile, indawo yakubo kaJesu. UNathanayeli ungowaseKhana. UFiliphu, uPetru no-Andreya badabuka eBhetsayida. Ngokuhamba kwesikhathi uPetru no-Andreya bathuthela eKapernawume, lapho kubonakala sengathi uMathewu wayehlala khona. UJakobe noJohane nabo bahlala eKapernawume noma eduze kwakhona, futhi babenebhizinisi lokudoba eduze kwalapho. UJuda Iskariyothe, kamuva owakhaphela uJesu, kubonakala sengathi nguye kuphela umphostoli owayevela eJudiya.

  • Yisiphi isinqumo esibalulekile uJesu asenzayo ngemva kokuchitha ubusuku bonke ethandaza?

  • Bangobani abaphostoli bakaJesu, futhi yini engakusiza ukwazi ukukhumbula amagama abo?

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela