ISIFUNDO 15
Ungubani UJesu?
UJesu ungomunye wabantu abadume kakhulu emlandweni. Abantu abaningi bayalazi igama lakhe, kodwa akukuningi abakwaziyo ngaye futhi abanye banemibono eminingi ngokuthi ungubani ngempela uJesu. IBhayibheli lithini ngaye?
1. Ungubani uJesu?
UJesu uyingelosi enamandla ehlala ezulwini. Wadalwa uJehova uNkulunkulu ngaphambi kokuba adale noma yini enye. Ngenxa yalokho, ubizwa ngokuthi “izibulo layo yonke indalo.” (Kolose 1:15) IBhayibheli libiza uJesu ngokuthi ‘iNdodana’ kaNkulunkulu “ezelwe yodwa” ngoba nguJesu kuphela owadalwa uJehova ngokuqondile. (Johane 3:16) UJesu wasebenzelana eduze noYise uJehova, emsiza ekudaleni zonke ezinye izinto. (Funda izAga 8:30.) Namanje uJesu usasondelene kakhulu noJehova. Ngokwethembeka usebenza njengomkhulumeli kaNkulunkulu, “uLizwi,” udlulisela kubantu imiyalezo neziqondiso zikaNkulunkulu.—Johane 1:14.
2. Kungani uJesu eza emhlabeni?
Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, uJehova wenza isimangaliso, esebenzisa umoya wakhe ongcwele wadlulisela ukuphila kukaJesu kusuka ezulwini kwaya esibelethweni sentombi okuthiwa uMariya. Ngaleyo ndlela, uJesu wazalwa waba umuntu. (Funda uLuka 1:34, 35.) UJesu weza emhlabeni ukuze abe uMesiya noma uKristu owayethenjisiwe futhi asindise abantu.a Zonke izithembiso zeBhayibheli mayelana noMesiya zagcwaliseka kuye, okwenza abantu bakwazi ukubona ukuthi uJesu “unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”—Mathewu 16:16.
3. Ukuphi uJesu manje?
Ngemva kokufa kukaJesu, uNkulunkulu wamvusa eseyingelosi waphindela ezulwini. Eselapho, “uNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphezulu.” (Filipi 2:9) Manje, uJesu uyingelosi enamandla kakhulu—nguJehova kuphela onamandla ngaphezu kukaJesu.
FUNDA OKWENGEZIWE
Thola okwengeziwe ngokuthi ungubani ngempela uJesu nokuthi kungani ukufunda ngaye kubalulekile.
4. UJesu akayena uNkulunkulu uMninimandla Onke
IBhayibheli lifundisa ukuthi nakuba uJesu eyingelosi enamandla emazulwini, uyazithoba kuNkulunkulu onguYise, uJehova. Kungani sisho kanjalo? Dlalani IVIDIYO ukuze nithole lokho iBhayibheli elikufundisayo ngokuthi uJesu uhluke kanjani kuNkulunkulu.
ImiBhalo elandelayo iyasisiza siqonde umehluko phakathi kukaJehova noJesu. Fundani umBhalo ngamunye, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Fundani uLuka 1:30-32.
Ingelosi yathi uJesu noJehova uNkulunkulu “oPhezukonke” bahlobene kanjani?
Fundani uMathewu 3:16, 17.
Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, izwi elavela ezulwini lathini?
Ucabanga ukuthi kwakuyizwi likabani?
Fundani uJohane 14:28.
Ubani omdala nonegunya, ubaba noma indodana?
Wayesho ukuthini uJesu lapho ebiza uJehova ngokuthi Baba?
Fundani uJohane 12:49.
Ingabe uJesu ucabanga ukuthi yena noYise bangumuntu oyedwa? Wena ucabangani?
5. UJesu wafakazela ukuthi unguMesiya
IBhayibheli lineziprofetho eziningi ezaziyosiza abantu babone ukuthi uMesiya ungubani—lowo uNkulunkulu amkhetha ukuze asindise abantu. Dlalani IVIDIYO ukuze nifunde ngezinye zeziprofetho uJesu azigcwalisa lapho efika emhlabeni.
Fundani ngalezi ziprofetho zeBhayibheli, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo:
Fundani uMika 5:2 ukuze ubone ukuthi uMesiya wayezozalelwa kuphi.b
Ingabe ukuzalwa kukaJesu kwasigcwalisa lesi siprofetho?—Mathewu 2:1.
Fundani iHubo 34:20 noZakariya 12:10 nithole izinto okwabikezelwa ukuthi zaziyokwenzeka lapho uMesiya efa.
Ingabe kwenzeka njengoba kwakubikezelwe?—Johane 19:33-37.
Ucabanga ukuthi uJesu wayengazenzela yena ukuthi lezi ziprofetho zivele zigcwaliseke?
Lokhu kukutshelani ngoJesu?
6. Siyazuza ngokufunda ngoJesu
IBhayibheli lithi kubaluleke kakhulu ukufunda ngoJesu nalokho uNkulunkulu afuna akwenze. Fundani uJohane 14:6 nesahluko 17:3, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani kubalulekile ukufunda ngoJesu?
ABANYE ABANTU BATHI: “OFakazi BakaJehova abakholelwa kuJesu.”
Ungabaphendula uthini abantu abasho kanjalo?
UKUBUYEKEZA
UJesu uyingelosi enamandla. UyiNdodana kaNkulunkulu futhi unguMesiya.
Ufundeni?
Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “izibulo layo yonke indalo”?
Yini uJesu ayeyenza ngaphambi kokuba eze emhlabeni?
Sazi kanjani ukuthi uJesu unguMesiya?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda okwengeziwe ngokuthi sazi kanjani ukuthi uJesu unguMesiya.
Thola ukuthi iBhayibheli liyakufundisa yini ukuthi uNkulunkulu waba uBaba kaJesu ngendlela efanayo abantu abathola ngayo izingane.
“Kungani UJesu Ebizwa Ngokuthi INdodana KaNkulunkulu?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Thola ukuthi kungani uZiqu-zintathu engeyona imfundiso yeBhayibheli.
“Ingabe UJesu UnguNkulunkulu?” (INqabayokulinda, Ephreli 1, 2009)
Funda ukuthi ukuphila kwentokazi ethile kwashintsha kanjani ngemva kokuba ifunde lokho iBhayibheli elikushoyo ngoJesu.
“Intokazi EngumJuda Ichaza Ngokwayenza Yaphinde Yahlola Izinkolelo Zayo” (Phaphama!, Meyi 2013)
a ESifundweni 26 no-27 kuzoxoxwa ngokuthi kungani abantu bedinga ukusindiswa, nokuthi uJesu usisindisa kanjani.
b Bheka uMbhalo Osekugcineni 2 ukuze ufunde ngesiprofetho esabikezela ngokuthe ngqo ukuthi uJesu wayeyofika nini emhlabeni.