Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukukhetha Abaphostoli Bakhe
SEKUDLULE unyaka nengxenye kusukela uJohane uMbhapathizi amemezela uJesu njengeWundlu likaNkulunkulu, noJesu aqala inkonzo yakhe yasobala. Ngaleso sikhathi uAndreya, uSimoni Petru, uJohane mhlawumbe noJakobe (umfowabo kaJohane), kanye noFiliphu noNathanayeli (owayebizwa futhi ngokuthi uBartolomewu), baba ngabafundi bakhe bokuqala. Ngokuhamba kwesikhathi, abaningi bahlanganyela nabo ekulandeleni uKristu.
Manje uJesu usekulungele ukukhetha abaphostoli bakhe. Laba bayoba abangane bakhe abaseduze abayonikezwa ukuqeqeshwa okukhethekile. Kodwa ngaphambi kokuba abakhethe, uJesu ukhuphukela entabeni futhi uhlala khona ubusuku bonke ethandaza, kungenzeka ukuthi wayecela ukuhlakanipha nesibusiso sikaNkulunkulu. Lapho kusa, ubiza abafundi bakhe futhi phakathi kwabo ukhetha abayi-12. Nokho, njengoba beqhubeka bengabafundi bakaJesu, basalokhu bebizwa ngokuthi abafundi.
Abayisithupha balabo uJesu abakhetha, abathintwe ngenhla, bayilabo ababa ngabafundi bakhe bokuqala. UMathewu, owabizwa uJesu endaweni yokuthelisa, naye uyakhethwa. Abanye abahlanu abakhethwa babengoJuda (obizwa futhi ngokuthi uThadewu), uJuda Iskariyothe, uSimoni umKhanani, noThomase, noJakobe indodana ka-Alfewu. LoJakobe ubizwa futhi ngokuthi uJakobe oMncane, mhlawumbe ukuze ahlukaniswe komunye umphostoli uJakobe.
Manje laba abayi-12 sebeye baba noJesu isikhathi esithile, futhi ubazi kahle. Eqinisweni, abaningi balaba bayizihlobo zakhe. Ngokusobala uJakobe nomfowabo uJohane bangabazala bokuqala bakaJesu. Futhi kungenzeka ukuthi uAlfewu wayengumfowabo kaJosefa, usingayise kaJesu. Ngakho-ke indodana ka-Alfewu, umphostoli uJakobe, wayeyoba futhi umzala kaJesu.
Yebo, uJesu akanayo inkinga ekukhumbuleni amagama abaphostoli bakhe. Kodwa ingabe ungawakhumbula? Nokho, khumbula nje ukuthi kunoSimoni ababili, oJakobe ababili, noJuda ababili, nokuthi umfowabo kaSimoni uAndreya, nokuthi uJakobe unomfowabo uJohane. Leso isihluthulelo sokukhumbula abaphostoli abayisishiyagalombili. Abanye abane bahlanganisa umthelisi (uMathewu), lowo owangabaza kamuva (uThomase), owabizwa ngaphansi komuthi (uNathanayeli), nomngane wakhe uFiliphu.
Abayishumi nanye kubaphostoli bavela eGalile, indawo yakubo kaJesu. UNathaniyeli uvela eKhana. UFiliphu, uPetru, noAndreya ngokudabuka bavela eBetsayida. Nokho, uPetru noAndreya kamuva bathuthela eKapernawume lapho kwakuhlala khona uMathewu. UJakobe noJohane babesemsebenzini wokudoba futhi kungenzeka ukuthi nabo babehlala eKapernawume noma eduze kwakhona. Kubonakala sengathi uJuda Iskariyothe, kamuva owakhaphela uJesu, nguye kuphela umphostoli ovela eJudiya. Marku 3:13-19; Luka 6:12-16.
◆ Yibaphi abaphostoli okungenzeka ukuthi babeyizihlobo zikaJesu?
◆ Bangobani abaphostoli bakaJesu, futhi ungawakhumbula kanjani amagama abo?
◆ Babevela kuziphi izindawo abaphostoli?
[Isithombe ekhasini 9]
Ngaphambi kokukhetha abaphostoli bakhe abayi-12, uJesu wathandaza kuJehova ubusuku bonke