Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Umfundi Oyinqaba
YEKA umbukwane othusayo njengoba uJesu efika ogwlni! Amadoda amabili ayizidlwangudlwangu ngokungavamile aphuma emathuneni aseduze futhi agijimela kuye. Akhwelwe amademoni. Njengoba kungenzeka ukuthi omunye wabo unobudlova ngokwengeziwe futhi usenesikhathi eside engaphansi kokulawulwa amademoni kunomunye, kugxilwa kakhulu kuye.
Sekuyisikhathi eside lendoda edabukisayo ihlalaze emathuneni. Njalo nje, ubusuku nemini, iyakhala futhi izilimaze ngamatshe. Inobudlova kangangokuthi akekho onesibindi sokudlula ngaleyondlela. Seyenziwe Imizamo yokuyibopha, kodwa igqashula amaketanga nawozankosi abasezinyaweni zayo. Akekho onamandla oku yi nqoba.
Njengoba lendoda isondela kuJesu futhi lwa ngasezinyaweni zakhe, amademoni ayilawulayo ayenza imemeze: “Nginamsebenzi muni nawe-Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
UJesu uthi: “Phuma kulomuntu, moya ongcolileyo.” Khona-ke uJesu uyabuza: “Ngubani igama lakho?”
Impendulo ithi: “NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.” Amademoni ayaneliseka ngokubona ukuhlupheka kwalabo akwazi ukubalawula, ngokusobala ayajabula ngokubahlasela ngomoya wobugwala. Kodwa njengoba ebhekene noJesu, acela ukungayiswa kwalasha. Futhi sibona amandla amakhulu uJesu ayenawo okunqoba ngisho namademoni ayizidlwangudlwangu. Lokhu kwembula futhi ukuthi amademoni ayaqaphela ukuthi ukuboshwa kwabo kwalasha kanye nomholi wawo, uSathane uDeveli, kuyisahlulelo sikaNkulunkulu sokugcina ngawo.
Umhlambi wezingulube ezingaba yizi-2 000 uklabile entabeni eseduze. Ngakho amademoni athi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.” Ngokusobala amademoni athola uhlobo oluthile lwenjabulo engavamile, yonya ekuhlaseleni imizimba yezidalwa zenyama. Lapho uJesu ewavumela ukuba angene ezingulubeni, zonke eziyizi-2 000 zigulukudela eweni futhi ziminze olwandle.
Lapho abelusa izingulube bebona lokhu, bagijimela emzini nasemaphandieni aseduze beyobika lezindaba. Khona-ke, abantu bayaphuma beyobona okwenzekile. Lapho befika, bheka, nansiya Indoda okuphume kuyo amademoni, yembethe Inengqondo ehluzekile, Ihlezi ngasezinyaweni zikaJesu!
Ofakazi bokuzibonela babikela abantu indlela lendoda esindiswe ngayo. Baxoxa futhi nangokufa kwezingulube okuyinqaba. Lapho bezwa lokhu, abantu bafikelwa ukwesaba okukhuiu, futhi banxusa ngobuqotho uJesu ukuba amuke ezweni lakubo. Ngakho uyavuma futhi akhwele emkhunjinI. Owayekhwelwe amademoni uncenga uJesu ukuba amvumele ahambe naye. Kodwa uJesu uyamtshela: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani INkosi [uJehova] ekwenzele khona, yakuhawukela.”
Ngokuvamile uJesu uyala labo abaphulukisayo ukuba bangatsheli muntu, njengoba engafuni ukuba abantu benze iziphetho ngesisekelo semibiko ehambisana nozwela. Kodwa lokhu kwamanje kufanelekile ngoba owayekhwelwe amademoni uzobe efakaza kubantu mhlawumbe uJesu angeke esaba nethuba loku bafinyelela. Ngaphezu kwalokho, ukuba khona kwalendoda kuzonikeza ubufakazi ngamandla kaJesu okwenza okuhle, kuphikise noma yimuphi umbiko omubi okungenzeka usakazeke ngokulahleka kwezingulube.
Ngokuvumelana nomyalo kaJesu, owayekhwelwe amademoni uyahamba. Uqala ukumemezela kulo lonke elaseDekapholi zonke izinto uJesu amenzele zona, futhi abantu bayamangala. Mathewu 8:28-34; Marku 5:1-20; Luka 8:26-39; IsAmbulo 20:1-3.
◆ Siyini mhlawumbe Isizathu sokuba ukunakekela kugxiliswe koyedwa onamademoni kulapho bebabili abakhona?
◆ Yini ebonisa ukuthi amademoni ayazi ngokuboshwa kwawo kwalasha kwesikhathi esizayo?
◆ Ngokusobala, kungani amademoni ethanda ukukhwela abantu nezilwane?
◆ Kungani uJesu enza okwehlukile kowayekhwele amademoni, emyala ukuba atshele abanye ngalokho amenzele khona?