-
Ukuguqulwa Isimo—Ukubona UKristu EsenkazimulweniUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
Ngesikhathi uJesu efundisa abantu esifundeni saseKhesariya Filiphi, esiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-25 ukusuka eNtabeni iHermoni, wenza isaziso esimangalisayo kubaphostoli bakhe, uthi: “Ngiqinisile ngithi kini kukhona abanye kulaba abami lapha abangeke bakunambithe nhlobo ukufa bengakayiboni iNdodana yomuntu iza eMbusweni wayo.”—Mathewu 16:28.
Kumelwe ukuba abafundi bayazibuza ukuthi uJesu usho ukuthini. Esikhathini esingaba yisonto kamuva, uthatha abaphostoli abathathu—uPetru, uJakobe noJohane—aye nabo entabeni ephakeme. Kungenzeka sekusebusuku ngoba la madoda amathathu ayozela. Njengoba uJesu ethandaza, isimo sakhe siyaguqulwa phambi kwabo. Abaphostoli babona ubuso bakhe bukhanya njengelanga, babone nezingubo zakhe zikhazimula njengokukhanya, zimhlophe zicwebezela.
-
-
Ukuguqulwa Isimo—Ukubona UKristu EsenkazimulweniUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
Lo mbono umqinisa ngempela uJesu nabaphostoli bakhe! Ubonisa ukuthi iyoba njani inkazimulo yoMbuso kaKristu. Ngale ndlela abafundi bayibona “iNdodana yomuntu iza eMbusweni wayo,” njengoba nje uJesu ayethembisile. (Mathewu 16:28) Lapho besentabeni, ‘bazibonela mathupha ubukhazikhazi bakhe.’ Nakuba abaFarisi babefuna isibonakaliso esifakazela ukuthi uJesu wayezoba yiNkosi ekhethwe uNkulunkulu, akazange abanikeze. Kodwa abalandeli bakaJesu ababesondelene naye bavunyelwa ukubona ukuguqulwa kukaJesu isimo, okuqinisekisa ukugcwaliseka kweziprofetho zoMbuso. Ngakho uPetru wayengabhala kamuva: “Sinezwi lesiprofetho eliqinisekiswe ngokwengeziwe.”—2 Petru 1:16-19.
-