Yibani Abakulungele Ukuhoxa Nabalinganiselayo
“Qhubeka ubakhumbuza ukuba . . . babe abakulungele ukuhoxa.” —THITHU 3:1, 2, umbhalo waphansi we-Reference Bible.
1, 2. ImiBhalo ithini ngokuba okulungele ukuhoxa, futhi kungani lokhu kufaneleka?
UJEHOVA, uBaba wethu osezulwini onothando, uhlakaniphe ngokungenamkhawulo. Njengezidalwa zakhe, silindele ukuba kube nguye oqondisa ukuphila kwethu. (IHu. 48:14) Umfundi ongumKristu, uJakobe, usitshela ukuthi “ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela [“kukulungele ukuhoxa,” umbhalo waphansi we-Reference Bible] kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi.”—Jak. 3:17.
2 Umphostoli uPawulu uyanxusa: “Ukucabangela kwenu [“ukulungela kwenu ukuhoxa,” Kingdom Interlinear] makwaziwe yibo bonke abantu.”a (Fil. 4:5) UKristu Jesu uyiNkosi neNhloko yebandla lobuKristu. (Efe. 5:23) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ngamunye wethu enze ngendlela ebonisa ukucabangela, azithobe esiqondisweni sikaKristu futhi akulungele ukuhoxa lapho esebenzelana nabanye!
3, 4. (a) Bonisa izinzuzo eziba khona lapho siba abakulungele ukuhoxa. (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Uma singabantu abakulungele ukuhoxa ngendlela elinganiselayo siyazuza. Ngokwesibonelo: Ngemva kokuba kutholakale uzungu lwamaphekula eBrithani, bonke abantu ababehamba ngezindiza babonakala bezimisele ukulandela iziqondiso ezazenqabela ukuphathwa kwezinto ababevunyelwe ukungena nazo endizeni ngaphambili. Lapho sishayela imoto, siyasibona isidingo sokudedela abanye abashayeli, njengalapho sizongena esiyingini ukuze siqiniseke ukuthi wonke umuntu uphephile futhi izimoto zihambe ngokushelela.
4 Ukuhoxa akuyona into elula ngabaningi bethu. Ukuze sisizakale, ake sixoxe ngezici ezintathu ezihilelekile ekubeni abakulungele ukuhoxa: isisusa sethu, isimo sethu sengqondo ngegunya nezinga okufanele sibathobele ngalo abanye.
Kungani Kumelwe Sikulungele Ukuhoxa?
5. Ngaphansi koMthetho KaMose, yini eyayingashukumisela isigqila ukuba sikhethe ukuhlala nenkosi yaso?
5 Kunesibonelo sezikhathi zangaphambi kobuKristu esibonisa isisusa esihle sokulungela ukuhoxa. Ngaphansi koMthetho KaMose, amaHebheru ayebe izigqila kwakumelwe akhululwe ngonyaka wesikhombisa wobugqila bawo noma ngonyaka weJubili, kuye ngokuthi ikuphi okwakufika kuqala. Kodwa isigqila sasingakhetha ukuqhubeka siyisigqila. (Funda u-Eksodusi 21:5, 6.) Yini eyayingashukumisela isigqila ukuba senze lokhu? Uthando lwalusishukumisela ukuba siqhubeke sikuleso simo, singaphansi kwegunya lenkosi yaso ebonelelayo.
6. Uthando luhlobene kanjani nokuba abakulungele ukuhoxa?
6 Ngendlela efanayo, uthando lwethu ngoJehova lusishukumisela ukuba sinikezele ukuphila kwethu kuye bese senza ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu. (Roma 14:7, 8) Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Joh. 5:3) Lolu thando aluzifuneli izinzuzo zalo siqu. (1 Kor. 13:4, 5) Lapho sisebenzelana nabanye, uthando ngomakhelwane luyosishukumisela ukuba sikulungele ukuhoxa, sicabangele bona kuqala. Esikhundleni sokuvumela ukubuswa ubugovu, sicabangela izithakazelo zabanye.—Fil. 2:2, 3.
7. Ukulungela ukuhoxa kufeza yiphi indima enkonzweni yethu?
7 Amazwi nezenzo zethu akufanele kubakhube abanye. (Efe. 4:29) Ngempela, uthando luyosishukumisela ukuba sigweme noma yini engase ithiye abantu abanesizinda nendlela yokuphila ehlukile ukuba bathuthukele ekukhonzeni uJehova. Ngokuvamile lokhu kuhilela ukuba sibe abakulungele ukuhoxa. Ngokwesibonelo, odade abayizithunywa zevangeli abajwayele ukusebenzisa izimonyo noma amagugu okuhloba abaphikeleli bezisebenzisa lezi zinto ezindaweni lapho lokho kungase kukhube abanye futhi kwenze bazibuze ukuthi banesimilo esinjani.—1 Kor. 10:31-33.
8. Ukuthanda uNkulunkulu kungasisiza kanjani ukuba siziphathe ‘njengabancane’?
8 Uthando lwethu ngoJehova lusisiza ukuba siyeke ukuqhosha. Ngemva kwempikiswano eyaba phakathi kwabafundi ngokuthi ubani owayemkhulu kunabo bonke, uJesu wamisa umntwana phakathi kwabo. Wachaza: “Noma ubani owamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela nami, futhi noma ubani ongamukelayo uyamamukela nalowo ongithumile. Ngoba lowo oziphatha njengomncane phakathi kwenu nonke nguye omkhulu.” (Luka 9:48; Marku 9:36) Singase sikuthole kuyinselele yangempela ngabantu ngabanye ukuziphatha “njengomncane.” Ukungapheleli esikuzuze ngefa nokuthambekela ekuqhosheni kungase kusenze sifune ukuvelela, kodwa ukuthobeka kuyosisiza ukuba sikulungele ukuhoxa.—Roma 12:10.
9. Ukuze sikwazi ukuhoxa, yini okumelwe siyiqaphele?
9 Ukuze sikwazi ukuhoxa, kumelwe siqaphele igunya elimiswe uNkulunkulu. Wonke amaKristu eqiniso ayasiqaphela isimiso esibalulekile sobunhloko. Umphostoli uPawulu wasichaza ngokucacile kwabaseKorinte: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.”—1 Kor. 11:3.
10. Kubonisani ukuzithoba egunyeni likaJehova?
10 Ukuzithoba egunyeni likaNkulunkulu kubonisa ukuthi sithembele kuye nokuthi siyamethemba njengoBaba wethu onothando. Wazi konke okwenzekayo futhi angasivuza ngokufanele. Kuyasiza ukukhumbula lokhu lapho abanye besedelela noma beba nolaka. UPawulu wabhala: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” Wagcizelela leso seluleko ngalesi siqondiso: “Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’”—Roma 12:18, 19.
11. Singabonisa kanjani ukuthi siyazithoba ebunhlokweni bukaKristu?
11 Kufanele sizithobe nasegunyeni elimiswe uNkulunkulu ebandleni lobuKristu. IsAmbulo isahluko 1 sichaza uKristu Jesu njengophethe “izinkanyezi” zebandla esandleni sakhe sokunene. (IsAm. 1:16, 20) Ngomqondo obanzi, lezi “zinkanyezi” zimelela izindikimba zabadala, noma ababonisi emabandleni. Laba babonisi abamisiwe bayazithoba ekuholeni kukaKristu futhi balingisa indlela yakhe yokusebenzelana nabanye ngomusa. Bonke ebandleni bazithoba elungiselelweni uJesu alenza lokuba kube ‘nenceku ethembekileyo neqondayo’ elungiselela ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Math. 24:45-47) Namuhla, ukuzimisela kwethu ukutadisha nokusebenzisa lokho esikufundayo kubonisa ukuthi siyazithoba ngabanye ebunhlokweni bukaKristu, okuyinto ethuthukisa ukuthula nobunye.—Roma 14:13, 19.
Kumelwe Sibathobele Ngezinga Elingakanani Abanye?
12. Kungani ukuthobela abanye kunemingcele?
12 Nokho, ukuthobela abanye akusho ukuthi siyekethise okholweni noma ezimisweni zethu zokwesaba uNkulunkulu. AmaKristu okuqala enzenjani lapho eyalwa abaholi benkolo ukuba ayeke ukufundisa ngesisekelo segama likaJesu? Ngesibindi uPetru nabanye abaphostoli bathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzE. 4:18-20; 5:28, 29) Ngakho namuhla, lapho iziphathimandla zizama ukusiphoqelela ukuba siyeke ukushumayela izindaba ezinhle, asiyeki, nakuba singase sishintshe izindlela zethu ukuze sikwazi ukubhekana nesimo ngobuhlakani. Uma kunemithetho evimbela inkonzo yendlu ngendlu, singase sifune ezinye izindlela zokuxoxa nabaninikhaya futhi siqhubeke silalela umyalo esiwunikwe uNkulunkulu. Ngokufanayo, lapho ‘amagunya aphakeme’ evimbela imihlangano yethu, sihlangana ngobuhlakani ngamaqembu amancane.—Roma 13:1; Heb. 10:24, 25.
13. Yini uJesu ayisho ngokuthobela abasegunyeni?
13 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wabonisa isidingo sokuthobela igunya: “Uma umuntu efuna niye enkantolo akwamuke ingubo yakho yangaphansi, dedela nengubo yakho yangaphandle ayithathe; futhi uma othile osegunyeni ekucindezela ukuba uhambe imayela elilodwa, hamba naye amamayela amabili.” (Math. 5:40, 41)b Ukucabangela abanye nesifiso sokubasiza nakho kusishukumisela ukuba senze okungaphezulu.—1 Kor. 13:5; Thithu 3:1, 2.
14. Kungani kungafanele nanini sivume ukuthobela izihlubuki?
14 Nokho, akufanele nanini isifiso sethu sokuthobela abanye sisiholele ekuvumeleni izihlubuki zisithonye. Kule ndaba kudingeka sibonise ngokucacile nangokuqinile ukuthi simiphi ukuze sigcine iqiniso limsulwa nebandla linobunye. UPawulu wabhala lokhu ngokuqondene ‘nabazalwane bamanga’: “Laba asibavumelanga ngendlela yokuzithoba, cha, hhayi ngisho nehora, ukuze iqiniso lezindaba ezinhle liqhubeke linani.” (Gal. 2:4, 5) Lapho kuqabukela kube nokuhlubuka, amaKristu azinikele ayohlale ekumelela ngokuqinile okulungile.
Ababonisi Kudingeka Babe Abakulungele Ukuhoxa
15. Ababonisi abangamaKristu bangakubonisa kanjani ukulungela ukuhoxa lapho benomhlangano?
15 Enye yezimfanelo ezidingeka kulabo abamiswa njengababonisi ihlanganisa ukukulungela ukuhoxa. UPawulu wabhala: ‘Ngakho-ke umbonisi kufanele abe ocabangelayo’ noma, okulungele ukuhoxa. (1 Thim. 3:2, 3) Lokhu kubalulekile ikakhulu lapho amadoda amisiwe ehlangene ukuze adingide izindaba zebandla. Ngaphambi kokuba kufinyelelwe isinqumo, umdala ngamunye okhona ukhululekile ukuveza umbono wakhe ngokucacile, nakuba kungadingeki ukuba ngamunye aphawule. Phakathi nengxoxo, umbono womuntu ungase ushintshe njengoba ezwa abanye beveza izimiso ezingokomBhalo ezihilelekile. Kunokuba enqabe imibono yabanye futhi abambelele kowakhe, umdala ovuthiwe uyahoxa. Kungenzeka ukuthi ekuqaleni bebenemibono engafani, kodwa ukuzindla ngomthandazo kuthuthukisa ubunye phakathi kwabadala abanesizotha nabakulungele ukuhoxa.—1 Kor. 1:10; Funda eyabase-Efesu 4:1-3.
16. Imuphi umoya okufanele uboniswe umbonisi ongumKristu?
16 Umdala ongumKristu kufanele alwele ukusekela ukuhleleka okungokwasezulwini kukho konke akwenzayo. Lowo moya kufanele ubonakale nalapho elusa umhlambi, umsize ukuba abonise ukucabangela nobumnene kwabanye. UPetru wabhala: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela.”—1 Pet. 5:2.
17. Bonke ebandleni bangawubonisa kanjani umoya wokuthobelana?
17 Amalungu ebandla asekhulile ayalwazisa usizo olukhulu lwalabo abasebasha ngeminyaka futhi abaphatha ngenhlonipho. Intsha nayo iyabahlonipha abantu abadala asebeneminyaka eminingi bekhonza uJehova. (1 Thim. 5:1, 2) Abadala abangamaKristu bafuna amadoda afanelekayo abangawaphathisa imithwalo yemfanelo ethile, bawaqeqeshe ukuze asize ekunakekeleni umhlambi kaNkulunkulu. (2 Thim. 2:1, 2) UmKristu ngamunye kufanele asamukele lesi seluleko sikaPawulu esiphefumulelwe: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.”—Heb. 13:17.
Ukuba Abathobelanayo Njengamalungu Omkhaya
18. Kungani kufaneleka ukuba umkhaya ube nomoya wokuthobelana?
18 Umoya wokuthobelana uyadingeka naselungiselelweni lomkhaya. (Funda eyabaseKolose 3:18-21.) IBhayibheli lichaza izindima zamalungu ahlukahlukene omkhaya wamaKristu. Ubaba uyinhloko yomkakhe futhi ngokuyinhloko nguye onomthwalo wemfanelo wokuqondisa izingane. Inkosikazi kumelwe iqaphele igunya lomyeni wayo, futhi izingane kufanele zilwele ukulalela, okuyinkambo ejabulisa kakhulu eNkosini. Ilungu ngalinye lomkhaya lingaba nengxenye ekuthuthukiseni ubunye nokuthula ekhaya ngokuba lithobele abanye ngendlela efanele nelinganiselayo. IBhayibheli linezibonelo ezithile ezisiza ekucaciseni leli phuzu.
19, 20. (a) Bonisa umahluko esibonelweni sika-Eli nesikaJehova endabeni yokuthobela abanye. (b) Iziphi izifundo abazali abangazifunda kulezi zibonelo?
19 Lapho uSamuweli esengumfanyana nje, u-Eli wayekhonza njengompristi ophakeme kwa-Israyeli. Nokho, amadodana ka-Eli, uHofni noFinehasi, “ayengabantu abangelusizo lwalutho; engamqapheli uJehova.” U-Eli wezwa imibiko emibi ngawo, kuhlanganise nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza emnyango wetende lokuhlangana. Wasabela kanjani? U-Eli wawatshela ukuthi uma one uJehova kwakungekho muntu owayezowathandazela. Kodwa akazange awaqondise noma awayale. Ngenxa yalokho, amadodana akhe aqhubeka nenkambo yawo embi. Ekugcineni, uJehova wanquma kufanele ukuthi ayefanelwe ukufa. Lapho ezwa ngokufa kwawo, u-Eli naye wafa. Yeka umphumela odabukisayo wokuyekethisa! Kusobala ukuthi ukuvumela kuka-Eli izenzo zawo ezimbi kungafanele—ngomqondo wokuthi wawayeka ukuba aqhubeke nalezo zenzo—kwakungalungile.—1 Sam. 2:12-17, 22-25, 34, 35; 4:17, 18.
20 Cabanga ngendlela ehlukile uNkulunkulu asebenzelana ngayo namadodana akhe ayizingelosi. Umprofethi uMikhaya waba nombono omangalisayo womhlangano uJehova aba nawo nezingelosi zaKhe. UJehova wabuza ukuthi iyiphi kuzo eyayingakhohlisa inkosi yakwa-Israyeli, u-Ahabi, iholele ekufeni kwaleyo nkosi embi. UJehova walalela ukusikisela kwamadodana akhe omoya ahlukahlukene. Enye ingelosi yabe isithi yayizokwenza lokho. UJehova wayibuza ukuthi yayizokwenza kanjani. Anelisekile, wayiyala ukuba ikwenze lokho. (1 AmaKh. 22:19-23) Uma sicabanga ngathi njengabantu, amalungu omkhaya awanakukwazi yini ukufunda kule ndaba izifundo eziphathelene nokulungela ukuhoxa? Indoda engumKristu nobaba yenza kahle ngokucabangela imibono nokusikisela komkayo nezingane. Ngakolunye uhlangothi, abafazi nezingane kufanele bazi ukuthi uma beveze umbono noma basho ukuthi yikuphi abakuthandayo, kungase kudingeke bakulungele ukuhoxa, bahloniphe isiqondiso salowo ogunyazwe ngokomBhalo ukuba enze isinqumo.
21. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
21 Yeka indlela esimbonga ngayo uJehova ngezikhumbuzo ezinothando nezihlakaniphile zokuba abakulungele ukuhoxa! (IHu. 119:99) Esihlokweni esilandelayo sizodingida indlela ukuba abakulungele ukuhoxa ngendlela elinganiselayo okungasenza ngayo sithole injabulo emshadweni.
[Imibhalo yaphansi]
a Umphostoli uPawulu wasebenzisa igama okunzima ukulihumusha ngegama elilodwa lesiZulu. Enye incwadi ithi: “[Leli gama] lihlanganisa ukuvuma ukudela amalungelo akho nokubonisa ukucabangela nobumnene kwabanye.” Ngakho linomqondo wokuba okulungele ukuhoxa, ocabangelayo, obonelelayo, ongaphikeleli ukuba kwenziwe ngokuvumelana nomthetho noma ufune ukuba kuhlonishwe amalungelo akho, ukuvumela noma ukudedela abanye, ukubathobela nokuzithoba.
b Bheka isihloko esithi “Uma Ucindezelwa Ukuba Uhambe Imayela Elilodwa” kuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 2005, amakhasi 23-6.
Ungaphendula Kanjani?
• Ukuba okulungele ukuhoxa kungaba namiphi imiphumela?
• Abadala bangawubonisa kanjani umoya wokulungela ukuhoxa?
• Kungani umoya wokuthobelana ubalulekile ekuphileni komkhaya?
[Isithombe ekhasini 4]
Abadala balingisa indlela kaKristu yokusebenzelana nabanye ngomusa
[Isithombe ekhasini 6]
Lapho abadala bebandla beba nomhlangano, ukuzindla ngomthandazo nomoya wokulungela ukuhoxa kuthuthukisa ubunye